Intsha Iyabuza . . .
Kungani Kumelwe Ngehluke?
“KUNZIMA ukuba ohlukile.” Washo kanjalo othile osemusha ongumKristu. Uma nawe ungumKristu, ngokungangabazeki uyiqonda kahle indlela azizwa ngayo. Njengentsha eningi, ufuna ukuthandwa nokwamukelwa abanye. Inkinga iwukuthi, ukwamukeleka ngokuvamile kusho ukuzivumelanisa—ukukhuluma, ukugqoka, nokwenza njengontanga yakho. Osemusha oqunga isibindi sokwehluka usengozini yokubandlululwa iqembu neyokugconwa.
Ngakho-ke abasebasha phakathi koFakazi BakaJehova babhekene nesimo esinzima. Kalula nje, njengamaKristu, bahlukile kwenye intsha. Lokhu akwenziwa ukuthi banesimo sengqondo esiphakeme noma bacabanga ukuthi bangcono kunabanye abantu. Kunalokho, ngenxa yokuqeqeshwa kwabo yiBhayibheli, ngokuvamile ababoni ngaso linye ontanga yabo endabeni yokuziphatha. Imibono yabo ngemikhosi yokushisekela izwe, ukugujwa kwamaholide angokwenkolo, kanye nokuphola ingase ngokufanayo ibenze baphawuleke kakhulu futhi babe abacasula abanye phakathi kontanga yabo.a
Othile osemusha onguFakazi uthi ukuba ngohlukile “ingxenye enzima kakhulu ekubeni umKristu.” Omunye uthi: “Abantwana bakubukela phansi. Izikhathi eziningi ngiye ngabizwa ngesinothongwane nesinokwe.” Abazali bakho abangamaKristu bangase baphikelele ngokuthi ungabi ngohlukile emikhubeni yokuziphatha kuphela kodwa futhi nasezindabeni zokugqoka, ukuzilungisa, nomculo owuthandayo.
Abantu BakaNkulunkulu Bahlukile!
‘Yini engalungile kangaka ngokuba njengabanye abantwana?’ ungase uzibuze. Nokho, ukwehluka kuye kwaphawula abantu bakaNkulunkulu kusukela ekuqaleni. Ngesinye isikhathi, uNkulunkulu wakhetha uIsrayeli wasendulo ukuba abe “yigugu” kuye. (Eksodusi 19:5) Lokho kwakusho ukwehluka kubo bonke abanye abantu. KuLevitikusi 18:3, uNkulunkulu wayala: “Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.”
AbaseGibithe basendulo babegxile kakhulu ekukhulekelweni kwezilwane okuhlazisayo. Ukukholelwa ekungafini komphefumulo kwakugcwele ekuphileni kwabo. Ukuganana kwezihlobo kwakuvamile. Ngokufanayo, iKhanani kwakuyizwe eligcwele ukukhonza izithombe, ukuphendukezelwa kobulili, ukuchitha igazi, ukwenza umhlatshelo ngezingane, kanye nobufebe. Ngakho-ke uNkulunkulu waxwayisa: “Ningazingcolisi nangeyodwa yalezozinto . . . ningenzi nesisodwa salezozinengiso.”—Levitikusi 18:24-26.
UJehova wasekela lokhu kunxusa ngoMthetho owawubusa cishe zonke izici zokuphila kwabo: ukudla kwabo (Levitikusi 11), imikhuba yabo yenhlanzeko (Duteronomi 23:12, 13), izenzo zobulili (Levitikusi 18:6-23). UMthetho wawuqondisa ngisho nokugqoka kanye nokuzilungisa kwabo! “Bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo,” kusho uJehova, “futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke.” (Numeri 15:38) Amadoda kwakufanele abe nentshebe futhi ayenqatshelwe ukuba agunde ‘amakhanda awo emaceleni.’ (Levitikusi 19:27; 21:5) Lomthetho kwakumelwe ulalelwe ngisho noma umJuda ayengazithandi izingubo ezinensephe noma ekhetha ukuphuca isilevu.
Manje, cabanga nje ukuthi kwakungaba njani ukutshelwa ukuthi kumelwe ube nentshebe futhi ugqoke izingubo ezithile. Ingabe lokhu bekungeke kukucasule njengokunganakwa kwamalungelo akho siqu? Nokho, imithetho kaNkulunkulu yayinenjongo ebalulekile futhi ezuzisayo. UJehova wachaza: “[Injongo, NW] ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe-ngcwele kuNkulunkulu wenu.” (Numeri 15:38-41) Umthetho wokugqoka wawuyisikhumbuzo esinamandla esibonakalayo sokuthi amaJuda ayehlukile—abantu abahlukaniswe njengabangcwele kuJehova. Imingcele yokudla ayigcinanga ngokuvikela impilo yawo kuphela kodwa yasiza ekuwavimbeleni ukuba ahlangane ngokwezenhlalo noma ngokwenkolo nabangewona amaJuda. Phela, cishe kwakungenakwenzeka ukuba ujwayelane nomuntu oyiqaba ngaphandle kokuba wephule izici ezithile zoMthetho kaNkulunkulu. Ngakho uMthetho kaMose ‘wawunjengodonga’ olwalugcina abantu baKhe behlukile kwezinye izizwe.—Qhathanisa neyabase-Efesu 2:14.
AmaKristu Kumelwe Ehluke
AmaKristu namuhla ‘akhululiwe emthethweni’ kaMose futhi ajabulela inkululeko enkulu ezindabeni zokuzikhethela komuntu siqu. (Roma 7:6) Nokho, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, [futhi] kungalokho izwe linizonda.” (Johane 15:19) UJesu wayengasho ukuthi amaKristu kumelwe ahambe kuleplanethi enguMhlaba. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 5:10.) Wayemane esho ukuthi kumelwe behluke “ezweni”—ingxenye yesintu edediselwe kude noNkulunkulu. Ngani? Njengoba umphostoli uJohane asho kamuva, ngoba “izwe lonke limi ebubini.”—1 Johane 5:19.
Manje cabanga ngabanye abasebasha obaziyo esikoleni. Kuthiwani ngemicabango yabo, ukuziphatha kwabo, inkulumo yabo, umculo noma ukugqoka abakuthandayo? Ingabe wena ubona sengathi abasebasha abanjalo baqondiswa izindinganiso zokwesaba uNkulunkulu—noma baqondiswa imithetho ebekwe “unkulunkulu walelizwe,” uSathane uDeveli? (2 Korinte 4:4) Uma lokhu okugcinwe ngakho kuyiqiniso, yeka ukuthi uzibeka esimweni esibucayi kanjani uma wenza, ukhuluma, noma uze ngisho ubukeke budlabha njengabo! Okungenani, uphikisa ukusho kwakho ukuthi unguFakazi kaJehova. Okubi nakakhulu ukuthi ungase uzithole ukuvumela ukunqotshwa amathonya amabi.
“Abangane bakho bayakuthonya ngempela ukuziphatha kwakho,” kuvuma owesifazane osemusha othiwa nguKim. “Lapho ngisesikoleni, ngangingaqinile kakhulu eqinisweni [lobuKristu], ngakho nganginabangane abaningi bezwe. Kodwa lokho kwakungekuhle ngoba ngahileleka ezintweni eziningi ezimbi.” Nokho akudingeki ukuba uze uhileleke ekoneni okungathi sína ukuze wonakalise ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Phawula ngokucophelela lokho iBhayibheli elikushoyo kuJakobe 4:4: “Anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.”
Ingabe uyakufuna ngempela ukuzifaka engozini yokuba isitha sikaNkulunkulu? Ngokuqinisekile awukufuni! Ngakho kwenze kucace ukuthi awuyona ingxenye yezwe. Nokho, lokhu kusho okungaphezu kokumane nje ugweme izidakamizwa nokuziphatha kabi ngokobulili.
Indlela Ongehluka Ngayo
Ngokwesibonelo, cabangela izingubo zokugqoka ozithandayo. Lokho okugqokayo kudlulisela isigijimi sokuthi ungubani, umelelani, yini oyikholelwayo. Nokho, ngokungafani nelungiselelo lobuJuda, ubuKristu bukunikeza amathuba amaningi okubonisa ubuntu bakho kanye nezinto ozithandayo wena siqu. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthathwa yiyo yonke imfashini engenayo?
Intombazane ethile engumKristu yayifuna ukulandela imfashini eyayithandwa ngalesosikhathi yokugqoka amabhogadi adabukile esikoleni. Ngokuvamile, akekho ofuna ukubukeka eyisidala. Nokho, abazali bakho babonisa ukuhlakanipha ngokukubekela imingcele ekuvimbela ukuba ugqoke izitayela eziwubudlabha, ezingenasizotha, ezingavamile, noma ezicasulayo. Uma ubungagqoka ngalendlela, yimuphi umqondo owawuyowunika abanye? Intombazanyana ethiwa nguJeffie yathola lokhu lapho igunde izinwele zayo isitayela esasisemfashinini. “Ngangicabanga ukuthi sasimane sibukeka ‘sehlukile,’” ekhumbula. “Kodwa abantu baqala ukungibuza, ‘Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova ngempela?’ futhi lokho kwakungibangela amahloni.”
Iseluleko esinokulinganisela sinikezwe kweyoku-1 Thimothewu 2:9 (NW), lapho amaKristu enxuswa ukuba agqoke “ngesizotha nokuhluzeka kwengqondo.” Ungaba nesizotha ngaphandle kokubukeka njengoyisidala ngokuphawulekayo. Yiqiniso, ukugqoka ngokulinganisela cishe kungase kungakwenzi umuntu othandwa kakhulu, kodwa kuyokusiza ukuba uhluke—futhi lokho kungokuthile okungakuzuzela ukwamukelwa uNkulunkulu!
Kuthiwani ngomculo owuthandayo? Intsha eningi ihlala ilalele umculo ngaso sonke isikhathi lapho ingalele. Uma ugcinwa usesilinganisweni, umculo ungaba ojabulisayo nowakhayo. Nokho, uEksodusi 32:17-22 ubonisa ukuthi umculo ungase uvuse imizwelo eyonakalisayo nezinkanuko. Futhi umculo omningi wanamuhla umane nje awukufanelekeli ukulalelwa amaKristu. Ngokwesibonelo, umculo werap kanye nonesigqi esinamandla uyathandwa kodwa omningi wawo—uma kungewona wonke—ugxile ekuziphatheni okubi ngokobulili, ekuhlubukeni, ebudloveni, ngisho nasekusebenziseni imimoya. Ingabe wenza lokho abanye abeve eshumini elinambili abakwenzayo ekukhetheni umculo, noma ingabe unesibindi sokuwukhetha?
Yebo, kudinga isibindi ukuba ohlukile. Uma wenqaba ukuba abangane bakho nofunda nabo ekilasini bakunqumele uhlobo lokuzijabulisa, ukukhuluma, noma ukugqoka, ngokuqinisekile kuyokubangela ukuphikiswa. UJesu waxwayisa: “Lokhu ningesibo abezwe, . . . izwe li[ya]nizonda.” (Johane 15:19) Ngakho-ke ukuba ngohlukile kungase kube enye yezinto ezinzima okwake kwadingeka ukuba uzenze—kodwa akuyona into engenakwenzeka. Kuyinkambo esekela izindinganiso zikaNkulunkulu. Kubangela ukuba uzihloniphe futhi ube nonembeza ohluzekile. Umbuzo uwukuthi, ungasithola kanjani isibindi sokuhluka? Umagazini wethu olandelayo uyowuphendula lowombuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane ngalezizihloko, bheka incwajana ethi Isikole NoFakazi BakaJehova, ekhishwa yiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
[Izithombe ekhasini 18]
Osemusha owehluleka ukuhluka kubangane bakhe uphikisa ukusho kwakhe ukuthi ungumKristu