Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 8/22 k. 11-k. 15 isig. 2
  • Ukubhekana Nenselele YeCFS

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nenselele YeCFS
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqonda Nothando Kuyadingeka
  • Izibikezelo Zesifo Eziqondile—Kodwa Eziyingozi
  • Lokho Iziguli Ezingakwenza
  • Kuthiwani Ngokwelapha?
  • Ingabe ICFS Iyisifo Esingokoqobo?
    I-Phaphama!—1992
  • Isifo Esiyimfihlakalo Sesiyaqashelwa
    I-Phaphama!—1992
  • Ukufuna Imbangela
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 8/22 k. 11-k. 15 isig. 2

Ukubhekana Nenselele YeCFS

ODOKOTELA engxoxweni ethile babexoxa ngendlela yokwelapha iCFS (isifo sokukhathala esingamahlalakhona) phakathi nohlelo lwethelevishini lapho omunye wabo ethi: “Leziguli zonke zibukeka ziphile njengawo wonke umuntu okuleliqembu.” Ngenxa yokuthi iziguli ezinjalo azibukeki zigula, ngokuvamile ziphathwa ngendlela eyandisa usizi lwazo.

UPatricia, ophethwe yiCFS waseTexas, waphawula: “Ngezinye izikhathi ngiye ngazizwa njengoJobe, obangane bakhe babengasizi ngaso sonke isikhathi.” Ngokwesibonelo, isivakashi esithile sake sathi kuye: “Ubukeka uphilile kimi! Bengicabanga ukuthi ugula ngempela. Wena nomamezala wami niyafana. Naye ungumuntu okhathazekayo ngokugula okungokomzimba okucatshangelwayo.”

Izinkulumo ezinjalo zingase zilimaze, futhi zakha inselele enkulu yeCFS. “Ubuhlungu obungokomzwelo bokusolwa ngokuthi ‘awenzi mzamo’ abuchazeki,” kuchaza uBetty, isiguli esineCFS eUtah, “futhi buyingxenye enzima kakhulu yobuhlungu obulethwa yiCFS.”

Ukuqonda Nothando Kuyadingeka

UBetty wazwakalisa imizwa cishe yabo bonke abaphethwe yiCFS lapho ethi: “Asifuni ukudatshukelwa. Asiludingi uzwela. Kodwa, yeka indlela esingasizakala ngayo uma abantu besiqonda! UNkulunkulu uyabazi ubunzima nosizi lwethu, futhi lokho kubaluleke kakhulu. Kodwa kubalulekile fu-thi ukuba sithole ukusekela okungokomzwelo okuvela kubafowethu nodadewethu abangamaKristu.”

Nokho, kubantu abaningi, iCFS kusalokhu kunzima ukuyiqonda, njengoba isiguli esisesisha saseZweni laseWashington saphawula muva nje. “Into eyodwa engifisa ukuthi abantu ngabe babenayo kakhulu ububele,” sisho, “hhayi uzwela, kodwa ububele. Futhi lokho akunakwenzeka ngoba ababaningi abantu abake babhekana nesifo esinjengalesi.”

Nokho, akufanele kube yinto engenakwenzeka ukuqonda abantu abaphethwe yiCFS. Kuyavunywa, isimo sabo esingokomzimba kungenzeka singabi nokuhlangenwe nakho kwaso. Kodwa singafunda ngokugula kwabo kuze kube yilapho siyiqonda kahle indlela abagula ngayo ngempela. Ngokungafani nengculaza, ebulalayo, esinye isiguli sachaza, iCFS “imane ikwenze ufise sengathi ngabe ufile.” UDeborah, owagula ngo-1986, wavuma: “Isikhathi eside, ngangithandaza njalo ebusuku kuNkulunkulu ukuba angivumele ngife.”—Qhathanisa noJobe 14:13.

Yebo, sifuna ukuba ngabakhuthazayo, ukusiza iziguli ukuba zibhekane nenselele yeCFS, kodwa ngeshwa izinkulumo zethu zingase zenze okuphambene nalokho. Ngokwesibonelo, isivakashi esinezinhloso ezinhle sasikisela kumuntu ophethwe yiCFS: “Okudingayo ukuba uphuze ubisi olufudumele ebusuku. Luzokusiza ukuba ukwazi ukulala, futhi uyolulama ngezinsuku ezimbalwa.” Leyonkulumo yembula ukungayiqondi ngokuphelele iCFS. Yasilimaza kakhulu isiguli kunokuba isisize.

Abagulayo ngokuvamile bangase bazizwe bengakwazi ukwenza izinto ezinjengokuya emihlanganweni yobuKristu. Lapho kwenzeka beza, umzamo ohilelekile ungase ube ngaphezu kakhulu kwalokho esikuqondayo. Ngakho kunokuba sidonsele ukunakekela ekungabini khona kwabo okudlule, singase nje sithi: “Kuyajabulisa ukukubona. Ngiyazi ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ngawe ukuba uze lapha, kodwa siyajabula ngokukubona ngalobusuku.”—Bheka ibhokisi elikulesihloko.

Ngokuvamile isimiso semizwa sabantu abaphethwe yiCFS siyathinteka, senze ngisho nokusebenzelana okuvamile nabantu kube nzima. “Kudingeka sibe isivikelo phakathi kwabo nabanye,” kuchaza uJennifer, omyeni wakhe uneCFS. “Kumelwe sibasize ngokubanika isikhathi sokuba bodwa, ngokungabacasukeli, nangokubasiza uku-ba bagweme ukubhekana nanoma yini engathokozisi.”

UJennifer wavuma ukuthi isifo saleziguli singaba umthwalo emalungwini omkhaya, okungenzeka akhathale ukuzenzela yonke into. Kodwa njengoba aphawula, uma iziguli zinganikwa isikhathi sokuphumula, cishe zingephuza ukululama, futhi ngaleyondlela wonke umuntu uyohlupheka ekugcineni. Ngokujabulisayo, lesisifo ngokusobala asivamile ukuthathelwana uma kuke kwenzeke, nakuba kubonakala sengathi lesisifo sithambekele ekubeni nezici zofuzo zangaphambili.

UTottie, ophethwe yiCFS futhi oyinkosikazi yombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova, wathi eminyakeni eminingi umyeni wakhe uye wamsiza ukuba abhekane nenselele yalesifo. UTottie uyamtshela ngokwazisa kwakhe kodwa waphawula: “Ngokuvamile abangane bayabuza ngami nangenhlalakahle yami, kodwa noKen uyasidinga isikhuthazo.”

Izibikezelo Zesifo Eziqondile—Kodwa Eziyingozi

ICFS ayivamile ukuba ibulale uma yake yakwenza. Lololwazi lungakusiza ukuba ubhekane nenselele. Abaningi baba ngcono ngokuhamba kwesikhathi, futhi abaningi bayalulama. UDkt. Anthony Komaroff waphawula: “Akukho nesisodwa isiguli esiye sasibona kwezingamakhulukhulu esike sazihlola esiye saya siwohloka ngokunganqamuki, isimo siba nzima nangokwengeziwe njalo nje. Akukho noyedwa oke waba nalokho. Ngakho ngokungafani nezinye izifo eziqhubeka ngokunganqamuki, lesisifo sihluke kakhulu.”

Eqinisekisa, uDkt. Andrew Lloyd, umcwaningi ophambili weCFS eAustralia, wathi: “Lapho kuba khona ukululama, futhi sikholelwa ukuthi lokho kuyenzeka ngokuvamile, lokho kululama kuba okuphelele. . . . Ngakho-ke, lokho kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi iyiphi lenqubo ebangela lesimo sokukhathala ingalungiswa ngokuphelele.” Ngokusobala iziguli azibi nakho ukulimala okutholakalayo ezithweni zomzimba ngemva kokululama.

UDeborah, owayethandazela njalo ukuba afe ngenxa yokuzizwa egula kakhulu, ekugcineni walulama. Uzizwa enguye njengakuqala futhi muva nje wathi uhlela ukuhlanganyela nomyeni wakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele. Abanye baye bajabulela ukululama okufanayo. Nokho, kunesidingo sokuqaphela. Ngani?

UKeith, owabhekana nokubuya kwesifo, waxwayisa: “Kubaluleke kakhulu ukuba ungayeyi lenkinga, ungasheshi ucabange ukuthi isidlulile.” Lapho ezizwa esephinde waba ngcono, uKeith waphindela enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi waphinda waqalisa umsebenzi wakhe wokusubatha, egijima njalo futhi ephakamisa izinsimbi. Kodwa, ngokwethusayo, ukugula kwabuya, futhi waphinda wabuyela embhedeni!

Lesi isimo esiyengayo salesifo; ukubuya kwaso kuvamile. Nokho, kunzima ukukugwema. Njengoba uElizabeth achaza: “Kunzima kakhulu ukungazami ukukhokha isikhathi esilahlekile lapho uqala ukuzizwa ungcono. Ufuna kakhulu ukukhohlwa ukugula—ufuna ukwenza izinto.”

Ngenxa yalesosizathu kudinga umzamo omkhulu nesineke ukubhekana nenselele yeCFS.

Lokho Iziguli Ezingakwenza

Kubalulekile ukuba iziguli zizivumelanise ngokwengqondo nokugula okungamahlalakhona okunembangela engabonakali kusengaphambili. UBeverly, osegule isikhathi eside, wachaza: “Uma ngiqala ukukholwa ukuthi ngiye ngaba ngcono ngempela phakathi namasonto noma izinyanga ezingiphathe kahle, ngivame ukubambeka kanzima kakhulu kunanini emzimbeni. Ngakho njalo ngisebenzela ukwamukela ukulinganiselwa kwami.” UKeith wathi: “Isineke cishe siyisici esibaluleke kakhulu.”

Abantu abaphethwe yiCFS kudingeka balondoloze amandla abo futhi bavumele imizimba yabo ukuba izelaphe. Kanjalo, labo ababhekana ngokuphumelelayo neCFS bagcizelela ukubaluleka kwalokho okuthiwa ukwelapha ngokuphumula kakhulu. Lokhu kusho ukulungiselela kakhulu izenzakalo ezizayo ngokuthola ukuphumula okwengeziwe kusengaphambili. Ngenxa yalokho, abantu abaphethwe yiCFS bangase bakwazi ukuba khona emihlanganweni yesifunda yamaKristu noma kwezinye izenzakalo ezikhethekile ngaphandle kokuhlushwa imiphumela yakamuva engadingekile ngenxa yokuzikhandla.

Okubalulekile futhi, ukulondoloza umoya ozolile, omnene, ngoba ukucindezeleka kwengqondo noma kwemizwelo kungabangela ukubuya kwesifo kalula nje njengoba kungabangelwa ukuzikhandla okweqile okungokomzimba. Ngakho iseluleko esihle siwukuthi: “Musa ukuqeda amandla akho ngokuzivikela.” Yebo, gwema ukuzama ukuchaza isimo sakho kubantu abangabazayo abangaqondi.

Uma uphethwe yiCFS, kudingeka ukhumbule ukuthi akukhona lokho abanye abangase bakucabange ngawe okubalulekile kodwa yilokho uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, akucabangayo. Futhi uyasiqonda isimo sakho futhi ukuthanda ngempela ngenxa yanoma yini oyenzayo ukuze umkhonze. Ungathembela ekutheni uJehova nezingelosi bayabona, hhayi ukukhiqiza kwakho, kodwa, njengakuJobe, isimo sakho sengqondo, ukukhuthazela, nokwethembeka kwakho.

USusan, oye walaliswa yiCFS ingxenye enkulu yeminyaka emibili, waphawula ukuthi esinye sezici ezilimaza kakhulu zeCFS siwukuthi umuntu angaba nomuzwa wokuthi yayingekho injongo ekuphileni. Ngakho utusa ukuthi: “Thola izinto ezikulethela injabulo noma ukwaneliseka. Mina nginezimbali ezintathu ama-African violet, futhi ngiyazibuka nsuku zonke ukuze ngibone imiqumbe emisha.” Kodwa okubaluleke kakhulu, uthi, “ukuthembela kuJehova ngomthandazo nokwenza ingokomoya lakho libe yinto eza kuqala.”

Iziguli eziningi zithi zikuthola kusiza ukulalela amakhasethi arekhodiwe eBhayibheli nawomagazini beNqabayokulinda nePhaphama! Ngokuphawulekayo, uPriscilla, okukhulunywe ngaye esihlokweni sesibili, waphawula ukuthi uma nje umuntu efinyelela eqophelweni lapho eyeka khona ukucabanga ngalokho okuye kwamlahlekela, “iCFS ayiqhubeki iqeda amandla kangako.” Wathi: “Ukuze ngingacabangi ukuthi lesisimo siyoqhubeka kuze kube phakade, ngiye ngabeka imibhalo ekhuthazayo ezindaweni ezisobala ekameleni lami.”

Kuthiwani Ngokwelapha?

Okwamanje akukho okwengeziwe okungenziwa ngezokwelapha kunokuba kwelashwe izimpawu. Kwakunamathemba amakhulu ngesidakamizwa iAmpligen esasihlolwa. Abaningi ababesebenzisa lesidakamizwa babonakala sengathi bayathuthuka, kodwa imiphumela yaso eseceleni engemihle abanye abayithola yabangela ukuba iFood and Drug Administration yaseU.S. ikumise ukusetshenziswa kwaso okuqhubekayo.

Ukuphazamiseka kobuthongo, kuhlanganise nesifo sokuqwasha, kuvamile kwabaneCFS. Ngokuthakazelisayo, umuthi olwa nokucindezeleka—ngezinye izikhathi ukuthatha intwana encane kakhulu esetshenziselwa ukuthiba ukucindezeleka—uyabasiza abanye, kodwa hhayi bonke, iziguli zilala kangcono futhi kanjalo zithuthuke. UBeverly wagwema izidakamizwa ezinjalo iminyaka eminingi kodwa kamuva wazama esisodwa sazo. “Ngasizakala kakhulu,” esho, “ngamane ngafisa sengathi ngabe ngangisheshe ngaqala ukusisebenzisa.”

“Ezinye izindlela eziningi [kuhlanganise “nezinye izindlela ezingase zisetshenziswe” zokwelapha lezo iziguli ezithile ezizithola zikhanga lapho imizamo esetshenziswayo ihluleka] ziye zazanywa ekwelapheni iCFS,” kuphawula iFemale Patient. “Lezi zihlanganisa izinhlobonhlobo zemithi, ukwelapha ngokomzimba, . . . ukutshopa, ihomeopathy, ukwelapha ngezinto ezingokwemvelo, ukwelapha ngezinto ezilwa nokukhunta, neayurvedism, phakathi kwezinye.”

Leliphephabhuku lezokwelapha lathi: “Kungakhathaliseki ukuthi izinkolelo zakhe siqu ziyini, udokotela kufanele abe nolwazi oluthile lwalokhu [kwelapha] ukuze akwazi kangcono ukuqonda nokweluleka isiguli. Iziguli eziningi zikwazisa kakhulu ukuthola nje udokotela ozilalelayo futhi azithathe ngokungathi sína izikhalo zazo. . . . Iziguli eziningi ezineCFS zingasizwa ukuba zizizwe zingcono—ngisho nakuba ziqinisekiswa nje kuphela ngokuthi zinomsizi wezokwelapha—futhi eziningi zingathuthuka kakhulu.”

Njengoba lingekho ikhambi, abanye bayakungabaza ukubaluleka kokuya kudokotela. Inzuzo ebalulekile yokufuna usizo olunjalo iwukuthi ukuhlola kungazishiya ngaphandle ezinye izifo ezingase zibe nezimpawu ezifanayo, njengomdlavuza, imultiple sclerosis, isifo sesikhumba, nesifo seLyme. Uma lezi ezinye izifo zitholakala zisaqala, kunganikezwa ukwelapha okuwusizo. IEmergency Medicine itusa lokhu kodokotela: “Uma nje senikwenzile ukuhlola kokuthi yiso lesisifo [iCFS], isinyathelo esingcono kakhulu eningasithatha kuyoba ukuthumela isiguli esikhungweni esihlola isifo sokukhathala okungamahlalakhona.”

Ukuphumula kuqashelwa njengokuyikhambi elingcono kakhulu, kodwa kumelwe kube nokulinganisela kokucophelela, njengoba ukuphumula ngokweqile kungase kube ingozi. Ngakho iselulelo esingcono kakhulu siwukuthi: Funda ukuzilinganisela. Kwazi ukulinganiselwa kwakho, futhi usebenze ngokuvumelana nakho, usuku nosuku, isonto nesonto, inyanga nenyanga. Ukuvivinya umzimba kancane, njengokuhamba noma ukubhukuda edanyini elinamanzi afudumele, kungaba inzuzo uma nje kungeke kwenziwe kuze kube sezingeni lokukhathaza umzimba noma ingqondo. Ukudla okunempilo okusiza ekuqiniseni isimiso somzimba sokuzivikela nakho kubalulekile.

Ukungabi nathemba kungase kuhambisane nalesifo, njengoba kwaboniswa kabuhlungu esinye isiguli okuthiwa uTracy esadangala sase siyazibulala. Kodwa ukufa akulona ikhambi. Njengoba umngane wakhe athi: “Ngiyazi ukuthi yini uTracy ayeyifuna ngempela. Wayengakufuni ukufa. Wayefuna ukuphila—kodwa ukuphila engahlushwa ukugula. Futhi lokho kumelwe kube umgomo wethu.” Yebo, kuwumgomo omuhle kakhulu. Ngakho ungagxilisi amathemba akho ekufeni, kodwa ekuphileni ufinyelele lowomgomo, kungakhathaliseki ukuthi ufezeka nini.

ICFS ingesinye sezifo eziningi eziyinqaba ezinezela ohlwini lwezinhlupheko ezehlela isintu sanamuhla. Kungakhathaliseki ukuthi isayensi yezokwelapha ingase yenze yiphi intuthuko, kuyodinga okungaphezu kwekhono lezokwelapha ukuzelapha zonke. UDokotela Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, yilokho kanye anakho engqondweni—ukwelapha zonke izifo emhlabeni wonke—ngokusebenzisa ukuphatha kothando kukahulumeni woMbuso wakhe. Ngalesosikhathi “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” Leso isithembiso esiqinisekile sikaNkulunkulu!—Isaya 33:24.

[Ibhokisi ekhasini 12, 13]

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Lokho Okungamelwe Ukusho Futhi Ukwenze

◆ “Ubukeka uphile kahle ngempela” noma, “Awubonakali ukuthi uyagula.” Ukusho izinto ezinjalo kwenza lowo ogulayo abe nomuzwa wokuthi awukholelwa ukuthi izimpawu zokugula kwakhe zinzima ngempela.

◆ “Nami ngizizwa ngikhathele.” Lamazwi alulaza ukugula. ICFS ihlanganisa okuningi kakhulu kunokukhathala nje kuphela. Iyisifo esibuhlungu, esikwenza ube buthakathaka.

◆ “Ngikhathele. Ngicabanga ukuthi nami ngineCFS.” Kungenzeka lokhu kushiwo ngokuntela, kodwa akukho okuhlekisayo ngeCFS.

◆ “Ngifisa sengathi nami bengingathatha iholide lezinsuku ezimbalwa ukuze ngenze okunye okusalele emuva ngesikhathi ngisaphumulile.” Iziguli ezineCFS azikho eholidini.

◆ “Ubuzikhandla kakhulu. Yingakho ugula.” Lokhu kungasho ukuthi kufanele kusolwe isiguli ngalokho okwenzekile.

◆ “Kunjani?” Ungabuzi ngaphandle kokuba ngempela ufuna ukwazi. Ngokusobala, isiguli ngokuvamile sizizwa kabuhlungu kodwa singase singafuni ukukhononda.

◆ “Us’banibani wayenayo iCFS, futhi wagula unyaka nje kuphela.” Isiguli ngasinye esineCFS siyehluka ngobude besikhathi sesifo kanye nobuhlungu baso, futhi ukukhuluma ngokululama ngokushesha komunye kungadumaza kulowo ogula isikhathi eside.

◆ Ungasinikezi iseluleko esingokwezokwelapha ngaphandle kokuba siceliwe futhi ukufanelekela ukusinikeza.

◆ Ungasikiseli ezigulini ezineCFS ukuthi uma zehluleka, kumelwe ukuthi kungenxa yokuthile ezakwenza.

Lokho Omelwe Ukusho Futhi Ukwenze

◆ Bonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi bayagula ngempela.

◆ Shaya ucingo, noma uyobavakashela. Ukushaya ucingo kuqala ngokuvamile kuwumqondo omuhle.

◆ Hlonipha noma imiphi imingcele ngokuphathelene nezivakashi noma ukushaya izingcingo.

◆ Uma umuntu engeke akwazi ukuba nezivakashi, thumela ikhadi noma incwadi. Ngokuvamile iziguli zibheka phambili ekwamukeleni incwadi usuku ngalunye.

◆ Yiba nozwela. Ngezinye izikhathi lokhu kusho nje ukuvuma lokho umuntu ogulayo abhekene nakho.

◆ Sikisela ukuthunywa, ukuyobathengela ukudla, ukubasa kudokotela, nokunye.

◆ Ungamane nje uthi: “Kuyajabulisa ukukubona. UJehova ngempela uyakwazisa ukukhuthazela kwakho kokwethembeka.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela