Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 9/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izifo Ezibhubhisayo
  • UPapa Uthi “UYahweh” Uwukuphela KukaNkulunkulu
  • Izibalo Zokudlwengula ZaseU.S.
  • Asikho Isizathu Sokucwasana Ngokobuhlanga
  • Ukuvukela Buthule Kushiya Amasonto AseQuebec Engenamuntu
  • “Iso Ngeso”
  • Ubuhle Nokondleka
  • Uzibuthe Wezinhlanya
  • Igolide Emfucumfucwini
  • Ngombono Ofanele
  • Abafundi Ababa Nobuhlobo Bobulili
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1993
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 9/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Izifo Ezibhubhisayo

“Ezigidini ezingu-50 zabantu abafayo [emhlabeni wonke] unyaka ngamunye, abayizigidi ezingu-46,5 babulawa izifo,” kuphawula umagazini iNewsweek. “Izifo ezithathelwanayo nezibangelwa amagciwane zingababulali abayinhloko (izigidi ezingu-17,5), zilandelwa isifo senhliziyo, ukufa uhlangothi nezinye izifo zomjikelezo wegazi (izigidi ezingu-11) nomdlavuza (izigidi ezingu-5,1).” Eqinisweni, umbiko ovela kuyiWorld Health Organization uthi abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emhlabeni wonke—noma oyedwa kwabahlanu—baphathwa yizifo nganoma yisiphi isikhathi. Abaningi ngokwengeziwe, nakuba bengaguli njengamanje, bangenwa amagciwane angabangela izifo. Laba bahlanganisa abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezimbili abanegciwane lesifo sokusha kwesibindi sohlobo B, abayizigidi ezingu-30 kuya kwezingu-40 abaneHIV, nabayizigidi ezingu-1,7 abanamagciwane esifo sofuba.

UPapa Uthi “UYahweh” Uwukuphela KukaNkulunkulu

“UNkulunkulu Wembulela Isintu Igama Lakhe.” Sasifundeka kanjalo isihloko esikhulu esibhalwe ngokugqamile engxenyeni ephezulu yekhasi lephephabhuku laseVatican iL’Osservatore Romano. Ngaphansi kwaso kwakunamazwi entshumayelo eyanikezwa uPapa John Paul II lapho evakashele iSifunda sikaSt. Leonard Murialdo eRoma. “Ekulandiseni kukaEksodusi, uNkulunkulu usazisa igama lakhe,” kuqala upapa. Khona-ke, ngemva kokucaphuna uEksodusi isahluko 3, amavesi 13 no-14, lapho uNkulunkulu atshela khona uMose ukuba atshele amaIsrayeli ukuthi, “UNgikhona ungithumile,” upapa wanezela: “Leligama, elithi ‘Ngikhona,’ elivezwayo futhi egameni elithi Yahweh, lisho ukuthi uNkulunkulu uyiLowo okhona nobabazekayo . . . Kulokhu sisizwa ukuba siqonde ukuthi uYahweh akayena omunye ngaphandle koyedwa, ukuphela kukaNkulunkulu.”

Izibalo Zokudlwengula ZaseU.S.

INational Women’s Study esanda kukhishwa iye yathola ukuthi eUnited States, kwadlwengulwa abesifazane abangu-683 000 ngo-1990. Lokhu kulinganisela, okusekelwe ekuxoxeni nabesifazane abangu-4 000, kukhulu ngokuphindwe kahlanu kunesibalo sezenzakalo zokuzama ukudlwengula noma zokudlwengula ngokoqobo ezingu-130-000 esinikezwe ngalowonyaka iNational Crime Survey. Kwatholakala nokuthi amaphesenti angu-16 kuphela ezisulu zokudlwengula abika lobugebengu emaphoyiseni, okwenza kube ukudlwengulwa okungu-102 560 kuphela okwabikwa ngo-1990. Izisulu eziningi zadlwengulwa abantu ezibaziyo—izihlobo, omakhelwane, noma abangane. Lokhu kuhlola kwathola futhi ukuthi abesifazane baseMelika abayizigidi ezingu-12,1 baye baba izisulu zokudlwengula okungenani kanye ekuphileni kwabo. Iningi labo, amaphesenti angu-62, bathi kwenzeka lapho bebancane, amaphesenti angu-29 abo engaphansi kweminyaka engu-11 yobudala.

Asikho Isizathu Sokucwasana Ngokobuhlanga

Ngosizo lwentuthuko yamuva nje ezifundweni zezici zofuzo, ososayensi sebeqalile ukwembula ukwaziswa osekukudala kufihlekile ezicini zomuntu zofuzo. Lokho abaye bakuthola kuye kwaphebeza imibono engokwesiko ngobuhlanga, kuphawula iphephandaba laseFrance iFigaro. Naphezu kokuhlukahluka okubonakala kungapheli phakathi kwesintu nokwehluka kwaso okubonakalayo kwangaphandle njengobude, ibala lesikhumba, nezinye izici, izazi zezici zofuzo ziyavuma manje ukuthi bonke abantu basemhlabeni ngokungangabazeki baye bavela kubazali abafanayo nasendaweni eyodwa esikhathini esingeside kakhulu esidlule. “Zonke izincazelo eziqanjiwe zokusekela ubandlululo lobuzwe ziye zenziwa ize,” kuphawula iFigaro.

Ukuvukela Buthule Kushiya Amasonto AseQuebec Engenamuntu

Amagama elithi “Umuntu waseCanada ongumFulentshi” nelithi “umKatolika” sekuyisikhathi eside efana eQuebec. Ngesinye isikhathi isonto laliwukuphela kwendikimba emisiwe emphakathini wabantu baseCanada abangamaFulentshi, bemelelwa umpristi ophethe isifunda. Cishe wonke umuntu wayeya esontweni. Kodwa “ngokuVukela Buthule, izakhamuzi zaseQuebec ziye zahlakulela ukucabanga okugxekayo ngesonto,” kusho iJournal de Montréal. “Eminyakeni engaphansi kwengu-15, isonto laseQuebec liye lalahlekelwa yilokho okwalithatha cishe iminyaka engu-400 ukukwakha.” Nakuba lelisonto lisashadisa amaphesenti angu-80 omphakathi futhi libhapathiza amaphesenti angu-89 ezinsana, cishe amaphesenti angu-30 kuphela omphakathi aya esontweni. “Abantu abazizwa bebophekile ukuqhuba [inkolo yabo] njalo,” kuvuma umpristi uAndré Lamoureux wesigungu sababhishobhi abaphethe saseMontreal. Indima entsha yesonto, kubika iJournal de Montréal, eyobudlelwane.

“Iso Ngeso”

Ngenxa yokuthi izigwebo zasejele ngokuvamile azisho lutho ezigebengwini ezinenkani, uMahluleli uJoe B. Brown waseMemphis, eTennessee, uye wathatha inkambiso ehlukile lapho abagqekezi belethwa phambi kwakhe ukuze bagwetshwe. Njengoba kwabikwa kuyiWall Street Journal, “umema izisulu ukuba zivakashele indlu yesigebengu ‘zebe’ okuthile futhi. Emacaleni amaningana amuva nje, . . . umahluleli weCriminal Court uye wahumusha inkulumo yeBhayibheli ethi iso ngeso yaba izinto ezinjengokuthi kuthathwe amajazi amabili asebusika esikhundleni seRolex yegolide, nemibhobho yestereo esikhundleni samabhayisekili amabili. Uma isigebengu sisebenzisa imoto yaso siqu ukuze sibaleke, nayo iyatholakala futhi, kanye nezimpahla, okokuhloba okwenziwe ngamatshe ayigugu nezinye izinto eziyigugu.” Imithetho yakhe ivumela isisulu ukuba siye ekhaya lesigebengu kaningi kuye ngokuthi ukukhokha isikweletu kuthatha isikhathi esingakanani futhi nganoma yisiphi isikhathi, emini noma ebusuku. Nokho, kuneziqondiso ezikhethekile. Futhi umsizi wamaphoyisa uhamba naye ukuze aqiniseke ukuthi izimpahla ezithathwayo azebiwe yini zona kwabanye.

Ubuhle Nokondleka

“Ukondleka nokuthamba kwesikhumba kuxhomeke ezingeni lalokho abantu abakudlayo. Isimonyo esiyinhloko kuseyileso sokudla ngokufanelekile,” kusho uIda Caramico, uprofesa wesayensi yezokuthakwa kwemithi eYunivesithi yaseSão Paulo, eBrazil. Ngokukamagazini waseBrazil iGlobo Ciência, ukungcola, ukudla okunoshevu, izinkinga ezingokomzwelo, ukushisa kwelanga okweqile, futhi ngokuhlekisayo, ukusetshenziswa okungafanele kwezimonyo kubangela ukuguga kwesikhumba. Ukuze kuthanjiswe futhi kuvuselelwe isikhumba, lomagazini usikisela ukuphuza okungenani izingilazi eziyisishiyagalombili zamanzi nsuku zonke, kanye nokudla okuhlanganisa izilinganiso ezanele zezithelo, imifino, nokusanhlamvana. Uyanezela: “Konke ukunakekela kwangaphandle kungasetshenziswa ukuze kuthuthukiswe ukubukeka, kodwa awukho umkhiqizo—ongokwemvelo noma wokuzenzela—owedlula imiphumela yokondleka kahle.”

Uzibuthe Wezinhlanya

Umuzi omdala waseJerusalema awukhangi kuphela izinkulungwane zezivakashi kodwa namashumi abantu abaphazamiseke ngokwengqondo abakholelwa ukuthi bangabantu baseBhayibhelini noma abaqinisekayo ngokuthi yibona kuphela abanesihluthulelo sokuthula kwezwe futhi kufanele basembule ezindongeni zaseJerusalema. “AmaKristu athambekele ekuzichazeni ngokuthi anguJesu noma iNcasakazi noma, ngokuvame kakhulu, ngokuthi uJohane uMbhapathizi, ngokuvamile ahluleke ukulawula imizwelo yawo ezindaweni ezihlobene noJesu njengeVia Dolorosa neGarden Tomb,” kusho iNew York Times. “AmaJuda athambekele ekuzichazeni njengoMose, iNkosi uDavide nabanye abantu beTestamente Elidala, futhi ahluleka ukuzithiba eNtabeni Yeminqumo noma oDongeni Lwasentshonalanga.” Esinye isivakashi muva nje savukwa iqungo eSontweni leHoly Sepulcher, sawisa isiphambano, saphula izibani, sazama ukuphahlaza isithombe esithile kuyilapho simemeza ukuthi kungakhulekelwa izithombe. Unyaka ngamunye abantu abasukela kwabangu-50 kuya kwabangu-200 abaphethwe yilokho izazi zengqondo ezikubiza ngokuthi isifo saseJerusalema bayiswa eKfar Shaul, isibhedlela sezifo zengqondo. Labo ababenomlando wokugula ngengqondo bedlula labo ababengenakho ngabane koyedwa, futhi abesilisa bedlula abesifazane ngababili koyedwa.

Igolide Emfucumfucwini

Ngenxa yobuchwepheshe besimanje, ifemu ethile yaseItaly manje ikhipha izinsimbi eziyigugu emfucumfucwini yefemu. NgokweMessaggero, imboni ethile edolobheni laseArezzo, eItaly, yamukela imfucumfucu evela ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe bese ikhipha kuyo igolide, isiliva, nezinye izakhi zemvelo eziyigugu. Izinto ezikhipha lezinsimbi eziyigugu zihlanganisa iphepha elithwebulekayo, iphepha lokusonga eliyisiliva, amamicrochip, amakhamera alahliwe, amacomputer, neminye imishini yamaelectronics. IMessaggero ibika ukuthi lemboni eArezzo iyodwa ithola isilinganiso saminyaka yonke samathani angaba ngu-120 egolide, amathani angu-200 esiliva, amathani amane epalladium, ithani elilodwa leplatinum, amakhilogremu ayikhulu erhodium, nezilinganiso ezincane zeiridium neruthenium.

Ngombono Ofanele

Abantu abasemazweni lapho iholo liphansi khona akukhona ngempela ukuthi baphila kabuhlungu. INew York Times ibika ukuthi eChina iholo lomuntu ngamunye amaRandi angu-960 kuphela ngonyaka. Ngokwesibonelo, umbhangqwana oseminyakeni yawo-40 kuya ku-60 eGuiyang, uneholo elihlanganisiwe elingaphansi kwamaRandi angu-116 ngenyanga—owesifazane enguthishelakazi futhi owesilisa enguchwepheshe embonini. Nokho, imali abayitholayo eqinisweni iphinda leyo izikhathi ezingaphezu kwezimbili, cishe amaRandi angu-234 ngenyanga, ngenxa yamabhonasi kanye nemali yokuxhasa neholo ngenxa yokuba nomntwana oyedwa kuphela. Nakuba isephansi imali abayitholayo, nezindleko zabo zinjalo. Abakhokhi ntela noma izindleko zokwelashwa. Intela yendawo abahlala kuyona ingaphansi kwamaRandi amathathu ngenyanga, futhi ukushisa nogesi kunikezwa mahhala. Intengo yokudla iphansi ngokuqhathaniswa, ngenyanga idla amaRandi angu-102 emali yabo yezindleko. Izidingo zezingubo zidinga amanye amaRandi angu-52. Lokhu kubenza bakwazi ukulondoloza cishe amaRandi angu-28 ngenyanga—imali esesilinganisweni ebekelwa iminyaka ezayo. Kodwa abesabi ukuphelelwa umsebenzi futhi bayazi ukuthi izindleko zabo zokwelashwa ziyokhokhelwa futhi nomhlala-phansi bawunikezwe lapho sebegugile.

Abafundi Ababa Nobuhlobo Bobulili

Ikhathazeke ngokwanda kwezifo ezithathelwana ngobulili nangengozi yengculaza entsheni, iCDC (Centers for Disease Control yaseU.S) yenza ukuhlola kwayo kokuqala kwemikhuba yempilo yabafundi abasesikoleni esiphakeme emabangeni 7 kuya ku-10 (abaneminyaka engu-14 kuya kwengu-18) kuwo wonke amazwe angu-50, kuhlanganise nePuerto Rico neVirgin Islands. Imiphumela, ekhishwe kulonyaka, ibonisa ukuthi amaphesenti angu-54 awasenabo ubumsulwa. “Sikhathazeke ngokukhethekile ngokwanda okwenzeka ebangeni ngalinye,” kusho uDkt. Lloyd Kolbe, umqondisi weDivision of Adolescent and School Health eCDC. Ngokwalokhu kuhlola, amaphesenti angu-40 abafundi abasebangeni lesi-7 baye baba nobuhlobo bobulili, amaphesenti angu-48 ebangeni lesi-8, amaphesenti angu-57 ebangeni lesi-9, namaphesenti angu-72 ebangeni leshumi. Umfundi oyedwa kulabo nalabo abangu-25 wavuma ukuthi unesifo esithathelwana ngobulili.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela