Umbono Olinganiselayo Ngokuzijabulisa
“UKUSEBENZA njalo singabibikho isikhathi sokudlala kwenza uJack abe umfana oyisinamba.” Leyonkulumo yesiNgisi ivame kakhulu namuhla kangangokuba kulula ukukhohlwa ukuthi kuyiqiniso kangakanani lokho. Kuyiqiniso, “ukusebenza njalo singabibikho isikhathi sokudlala” kungenza izinto ezimbi kakhulu kuJack, kunokumenza abe isinamba. Kungamenza abe umlutha womsebenzi azehlukanise nabanye.
Ngokwesibonelo, cabangela inkinga eye yaphakama eJapane, izwe elaziwa ngezimiso zalo eziqinile zokusebenza. Ngokuvamile izisebenzi kulindeleke ukuba zisebenze amahora eqile njalo ebusuku nangezimpela-sonto. Umagazini wezindaba waseCanada iMaclean’s, waphawula ukuthi isisebenzi esivamile saseJapane sichitha amahora angu-2 088 emsebenzini unyaka ngamunye, uma kuqhathaniswa nangu-1 654 ngesisebenzi esivamile saseCanada. Nokho, umagazini waphawula: “Amafemu aseJapane kwadingeka abhekane nenkinga ehlukile: izisebenzi ezinekaroshi, noma ukufa ngenxa yokusebenza ngokweqile. Amaphephandaba abika izigigaba zamadoda aseminyakeni yawo-40 ayephethwe isifo senhliziyo noma sokufa uhlangothi ngemva kokusebenza izinsuku eziyikhulu ngaphandle kokuba nosuku lokuphumula.” Uphiko lwezisebenzi zaseJapane kwadingeka luqalise umkhankaso wezimemezelo zokukhangisa, ezazigcwele imisindo ekhangayo, ukuze kunxuswe abantu ukuba bangasebenzi ngezimpela-sonto futhi baphumule. Yeka indlela okuhluke ngayo kwamanye amazwe aseNtshonalanga, lapho abantu okufanele banxenxwe ukuba basebenze isonto lonke!
Izinzuzo Zokudlala
Nokho, ngokufanelekile ochwepheshe babheka ukuba umlutha womsebenzi njengokuyisifo, hhayi ubuqotho. UJack uyakudinga ukudlala—futhi hhayi nje lapho esengumfana; abantu abadala kanye nezingane banaso lesidingo esifanayo. Ngani? Yini abantu abayizuzayo ngokuphumula, noma ukudlala? Enye incwadi ekhuluma ngalesihloko yenza loluhlu: “Ukubonakalisa ubuntu bakho, ubungane, ukubambisana kwengqondo nomzimba, impilo engokomzimba, ushintsho oludingekayo lokwenza okwehlukile esimisweni esibophayo somsebenzi, ukuphumula, ithuba lokuzama okuthile okusha kanye nokwazi abantu abehlukile, ukwakha ubuhlobo, ukuhlanganisa umkhaya, ukwazi nokuqonda indalo, . . . kanye nje nokuzizwa ujabulile ngaphandle kokuhlaziya isizathu. Konke lokhu kuphakathi kwezinzuzo abantu abazitholayo esikhathini sabo sokuphumula.”
Izazi zezenhlalo ziye zenza izincwadi eziningi ezikhuluma ngalesihloko sesikhathi sokuphumula nokudlala, futhi ziyavuma ukuthi isikhathi sokuphumula sibalulekile kokubili kumuntu ngamunye nasemphakathini. Nokho, ngokuqinisekile akukho noyedwa oqonda isimo sabantu kangcono kunoMdali wesintu. Uzizwa kanjani ngalendaba?
Ngokuphambene nalokho abanye ababonakala bekucabanga, iBhayibheli alimelene nokujabula kanye nokuzilibazisa. Lisitshela ukuthi uJehova unguNkulunkulu ojabulayo nanokuthi ulindele ukuba izinceku zakhe nazo zijabule. (IHubo 144:15b; 1 Thimothewu 1:11) KumShumayeli 3:1-4, sifunda ukuthi “kukhona isikhathi . . . sokuhleka” “nesikhathi sokusina.” Igama lesiHeberu elisho ‘ukuhleka’ lapha lihlobene namagama abonisa “ukudlala.” Incwadi efanayo yeBhayibheli isitshela ukuthi “akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe.”—UmShumayeli 2:24.
Namuhla, enye yezindlela ezithandwa kakhulu zokujabulela isikhathi sokuphumula iwukujatshuliswa, ukuhlala ngokunethezeka bese ujabulela ukuboniswa kwamakhono abanye. Nalokho futhi akukusha ngokuphelele. IBhayibheli libonisa ukuthi izinkulungwane zeminyaka abantu baye bathola injabulo ekubukeleni abanye bedansa, behlabelela, beshaya izimfijoli zomculo, noma beqhudelana emidlalweni.
Njengendlela yokuzilibazisa, ukuzijabulisa kungasizuzisa kakhulu. Ubani ongayitholi injabulo ebucikweni bomdlali onekhono, ukuphiqilika ngobuciko komdansi weballet, ukulindela ngokulangazelela isithombe sebhayisikobho esihle, nesakhayo, noma umculo ozwibazwibekayo onkeneneza njalo engqondweni ngemva kwesikhathi eside umculo uthulile? Futhi ngokungangabazeki iningi lethu liye lakujabulela ukuphumula ngencwadi emnandi, siphenya amakhasi ngokushesha njengoba sase sithathekile ngendaba elandiswa kamnandi.
Ukuzijabulisa okunjalo kungasiphumuza, futhi kwenze nokwengeziwe. Kungase kusishukumise, kusiqabule, kuthinte inhliziyo yethu, kusenze sihleke—kuze ngisho kusifundise okuthile. Ngokwesibonelo, izincwadi zingasifundisa okuthile ngesimo somuntu. Izincwadi zikaShakespeare ziyisibonelo esicacile salokhu.
Izingozi Zokuzijabulisa
Nokho, ukuze sibe nombono olinganiselayo ngokuzijabulisa kwanamuhla, kufanele siqaphele izingozi zako kanye nezinzuzo zako. Kuningi okushiwoyo ngethonya elonakalisayo lokuzijabulisa, kodwa ngokuvamile izingozi zingahlukaniswa zibe izigaba ezimbili ezibanzi: isilinganiso kanye nohlobo, isilinganiso esikhulu ukuzijabulisa okutholakala ngaso kanye nalokho okukuqukethe. Ake siqale ngokucabangela uhlobo lokuzijabulisa.
Siphila ezikhathini ezimnyama, lezo iBhayibheli elizibiza ngokuthi “izikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1) Ngokungamangalisi, ukuzijabulisa kwanamuhla kubonakalisa inkathi yethu, ngokuvamile ezicini zayo ezimbi kakhulu. Ubudlova bonya, ukuziphatha okubi okunyanyekayo, kanye nokusabela komuntu okubi kakhulu—njengokucwasana kwezinhlanga—konke kuyafakwa ezintweni zokuzijabulisa ezithandwayo, ezingcoliswe ngamazinga ahlukahlukene. Ohlangothini olubi kakhulu lwalendaba, lokho okufanele kube ukuzijabulisa kuyizinto ezingcolile kanye namanyala. Cabangela ezinye izibonelo.
Izithombe Zamabhayisikobho: Ekunikezweni kweziqu eziphakeme kakhulu zaseHollywood, amaOscar, amadoda amathathu akhethwa ohlwini “lwabadlali abangcono kakhulu” kulonyaka babedlale njengababulali abanequngo, bonke ababulala ngokusobala bebukwa esihenqweni. Kubikwa ukuthi omunye umdlali uluma asuse isicubu ebusweni bowesifazane amdlwengulayo. Ngokwezimali, enye yezimpumelelo ezinkulu zonyaka kwakuyisithombe sebhayisikobho esibizwa ngokuthi iBasic Instinct. Uma kwahlulelwa ngokokucusumbula, lesihloko sikubeka kahle. Lefilimu iqalisa ngomfanekiso wobulili obenziwa obala kakhulu lapho phakathi nalesosenzo owesifazane ugwaza ngokuphindaphindiwe isithandwa sakhe ngensimbi ecijile yokuhlakaza iqhwa, ezifafaza ngegazi wonke umzimba.
Umculo: Kokubili irap kanye nomculo wezinsimbi ezinesigqi esinamandla muva nje kuye kwagxekwa kakhulu ngenxa yezinkinga zalokho okukuqukethe. Izingoma ezidumisa ukuwohloka kobulili kanye nokuxhashazwa kwabesifazane, ubudlova kanye nenzondo eboniswa ezinhlangeni ezihlukahlukene namaphoyisa, futhi ngisho nobuSathane konke kuye kwatholakala kumarekhodi erap kanye nawezinsimbi ezinesigqi esinamandla. Kwezinye izindawo, amarekhodi aqukethe ukwaziswa okusobala njengalokhu kufanele abe nezigqebhezana ezixwayisayo. Kodwa njengoba umculi werap uIce-T kubikwa ukuthi wavuma, ufaka izosha ezishaqisayo ezingomeni zakhe ukuze nje athole lesosigqebhezana; siqinisekisa ukuthi sizovusa ilukuluku lokufuna ukwazi. Isilomo serock uPrince sacula amazwi adumisa ubuhlobo bobulili phakathi komuntu nodadewabo. Ngokuvamile, umculo wamavideo umane wenze ukuziphatha okubi kobuwula ngaleyondlela kubonwe kabanzi ngokwengeziwe. Ivideo yesilomo sepop uMadonna ethi Justify My Love yazuza udumo ngenxa yokubukisa ngobulili obuzwisa ubuhlungu kanye nesenzo sobungqingili. Ngisho neMTV, isiteshi saseU.S. seTV ngezinye izikhathi esaziwa ngokusakaza amavideo okuziphatha okubi ngaphandle kokukhathazeka, yenqaba ukuyisakaza lena.
Izincwadi: Cabangela izibonelo ezimbalwa ezitonyulwe ekucusumbulweni kwezincwadi kwamuva. Ethi American Psycho ilandisa ngokwemininingwane izenzo ezishaqisayo zombulali ongayeki owenza izinto ezisulwini zakhe ezenyanyeka ngendlela engachazeki, kuhlanganise nokudla izidumbu zazo. Ethi Vox igxile engxoxweni ende yocingo lapho phakathi nayo indoda ethile nowesifazane abangakaze babonane ngaphambili bevusa inkanuko yobulili komunye nomunye ngengxoxo yothando. Ethi Raptor ilandisa ngezenzo eziyingozi zobulili obuphendukezelwe zabantu ababili abangoncukumbili, abantu abanezici zobulili zabo bobubili ubulili, bekhulu lesithupha leminyaka. Amanoveli othando ngokuvamile avumela futhi adumise ukuphinga kanye nobufebe. Izincwadi zamahlaya, ezake zangaba nangozi ezinganeni, ngokuvamile manje ziqokomisa ubulili obudwetshiwe, ubudlova, kanye nezihloko ezikhuluma ngokulumba.
Imidlalo: Ukunxusa kokuba isibhakela sivalwe kuyaqhubeka. Naphezu kobufakazi obengeziwe bokuthi njalo ngomngqimuzo womlalisa phansi kulinyazwa ubuchopho ngokungenakulungiseka, inzuzo enkulu yemali kanye nezigidi zezibukeli kuyaqhubeka kuhehela abashayi besibhakela enkundleni. Amakhulu angokoqobo abashayi besibhakela aye abulawa ngenxa yokushaywa ngalendlela.
Nokho, eminye imidlalo, inesilinganiso esiphakeme ngisho nangokwengeziwe sabantu abafayo. Akuyona into engavamile ukufunda ngobudlova obuqubuke ezinkundleni zemidlalo noma phakathi kwezibukeli. Udlame oluthungelwe ubuzwe noma “umoya wokwethembeka eqenjini” oqondiswe kabi kuye kwabulala amakhulu ezinkundleni zemidlalo kuwo wonke umhlaba. Ukulwa nezinkunzi, lokho iZeit ephuma masonto onke yaseJalimane ekubiza ngokuthi “mhlawumbe umqhudelwano wezemidlalo onyanyeka kakhulu oye waba khona kuze kube izikhathi zanamuhla,” muva nje kuye kwazuza ukuthandwa kakhulu eSpain naseningizimu France. Ngemva kokuba inkunzi ibhovuze enhliziyweni umuntu odumile olwa nezinkunzi oneminyaka engu-21 ubudala uJosé Cubero, leliqhawe elifile kamuva lathwalwa lisebhokisini lalo lomngcwabo kwazungezwa nalo enkundleni yokulwa nezinkunzi eMadrid lihalaliselwa abalandeli abalikhonzile abangu-15 000. Ukufa kwalo kwavezwa ngokuphindaphindiwe kuTV yaseSpain.
Kuyavunywa, lezi izimo ezimbi kakhulu, futhi azibonisi ukuthi konke ukuzijabulisa okukwesinye salezigaba ezihlukahlukene kubi. Kodwa umbono olinganiselayo ngezinto zokuzijabulisa ufanele uqaphele ukuthi kukhona ukweqisa okunjengalokhu nanokuthi kuyathandwa. Ngani? Ingabe uke waqaphela ukuthi lokho eminyakeni ethile edlule okwakubonakala kuwukweqisa manje kubantu kubonakala kungathakazelisi? Ukweqisa okubonakala ngokunyenya kuya kwemukeleka kancane kancane kubantu abaningi; abantu bayakujwayela. Yini ozoyijwayela?
Indaba Yesilinganiso
Nokho, ngisho noma ngabe konke ukuzijabulisa bekuhlanzeke ngokuphelele, kusenendaba yesilinganiso esikhulu. Imboni yezinto zokuzijabulisa ikhiqiza insada yakho. Ngokwesibonelo, ngo-1991 kuphela eUnited States kwanyatheliswa izincwadi ezihlukahlukene ezingaphezu kwe-110 000. Uma ubungafunda incwadi eyodwa njalo ngosuku, bekungakuthatha iminyaka engu-300 ukufunda nje izincwadi zonyaka owodwa! Imboni yamafilimu yaseU.S. ikhiqiza izithombe zebhayisikobho ezingaphezu kwe-400 ngonyaka, futhi amazwe amaningi ayazithenga futhi nawo akhiqize ezawo. Imboni yaseNdiya ikhiqiza amakhulu amafilimu esiHindi unyaka ngamunye. Futhi ubani ongakwazi ukubala amarekhodi omculo, amacompact disc, kanye namakhasethi okukhishwa unyaka ngamunye? Bese kuba khona iTV.
Kwamanye amazwe athuthukile, kuneziteshi eziningi ezikhona kuTV—izinhlelo zeTV ezikhokhelwayo, iziteshi zeTV zaphesheya ezithunyelwa ngemisebe yesatellite, kanye nezinhlelo ezivamile ezisakazwayo. Lokhu kusho ukuthi izinto zokuzijabulisa zingagelezela ekhaya ngokunganqamuki amahora angu-24 ngosuku. Imidlalo, umculo, amadrama, amahlaya, izinganekwane zesayensi, imidlalo yezingxoxo, izithombe zamabhayisikobho, konke kungatholakala ngokuthinta nje inkinobho. Njengoba kuneVCR izinkulungwane zezithombe zamabhayisikobho nazo seziyatholakala, kanye namavideo amaningi achaza indlela yokwenza izinto, amavideo omculo, futhi ngisho namakhasethi akhuluma ngendalo, umlando, kanye nesayensi.
Kodwa sikuphi isikhathi sazo zonke lezinto zokuzijabulisa? Ubuchwepheshe bungase bukwazi ukusilethela isimangaliso sezinto zokuzijabulisa ezitholakala ngokuphazima kweso—cabanga indlela uMozart abengamangala ngayo ukuzwa omunye womculo wakhe wezimfijoli ukhala kustereo esiphathwayo! Nokho, ubuchwepheshe ngeke busakhe isikhathi sokuzitika ngazo zonke lezozinjabulo. Empeleni, kwamanye amazwe lapho ubuchwepheshe buthuthuke kakhulu khona kuye kwaba nokuthambekela kokuba nesikhathi esincane sokuphumula, kunokuba kube nesengeziwe.
Ngakho uma sizivumela, izinto zokuzijabulisa kalula zingasidla sonke isikhathi sethu. Futhi kufanele sikhumbule ukuthi izinto zokuzijabulisa zimane nje zingolunye uhlobo lokuzilibazisa, ngokuvamile ziwuhlobo olusenza singenzi lutho. Iningi lethu lidinga futhi ukuphumela ngaphandle futhi senze okuthile okusisebenzisa ngokwengeziwe, esihlanganyela kukho kunokuba simane nje sihlale futhi sijatshuliswe. Singahambahamba, sijabulele abangane abahle, sidlale imidlalo.
Uma kuyiphutha ukuvumela ukuzijabulisa ukuba kudle sonke isikhathi sethu sokuphumula, yeka ukuthi kubi kangakanani ukukuvumela ukuba kudle isikhathi okufanele sinikelwe ezibophweni eziphakeme, njengakuMdali wethu, imikhaya yethu, umsebenzi wethu, abangane bethu! Khona-ke, kubaluleke ngempela ukuba nombono olinganiselayo ngokuzijabulisa! Sinquma kanjani ukuthi ikuphi ukuzijabulisa okubi kithi, futhi okungakanani kukho okuningi kakhulu?
[Izithombe ekhasini 7]
Okunye ukuzijabulisa kungathinta izinhliziyo zethu futhi kusifundise okuthile