Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 12/22 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuphila Eyingozi
  • Izandla Ezingcolile
  • Isibalo Esiphakeme Sabanesifo Senhliziyo
  • Ukuvuza Ezintweni Ezithunyelwayo
  • Ukuzibulala EArgentina
  • Izingane Ezimpofu EMelika
  • Ingabe Uyakudinga Ngempela Ukuvivinya Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuzibulala—Umqedazwe Ofihlekile
    I-Phaphama!—2000
  • Isimo Sezwe Sezempilo—Igebe Elandayo
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 12/22 k. 29

Ukubuka Okwezwe

Indlela Yokuphila Eyingozi

Inhlangano yeAHA (American Heart Association) iye yabala izici eziningi ezinezela esifweni senhliziyo nemithambo yegazi. Kukhona futhi nohlu lwezici eziyingozi ezingathi sína kakhulu. Kuze kube muva nje, ukunganyakazisi umzimba umthothongo kwakubalwe phakathi ‘kwezici ezinezelayo’ ezingenangozi kakhulu. Nokho, ngokweUniversity of California at Berkeley Wellness Letter, iAHA iye “yasusa ukunganyakazisi umzimba umthothongo ohlwini lwayo ‘lwezici ezinezelayo’ zesifo senhliziyo nemithambo yegazi yakunyusela emkhakheni onamandla kakhulu ‘wesici esiyingozi.’” IWellness Letter yenezela ukuthi lokhu “kubeka indlela yokuphila yokunganyakazisi umzimba ezingeni elifanayo nomfutho wegazi ophakeme, ukubhema, necholesterol ephakeme egazini.”

Izandla Ezingcolile

Ukuhlola kwamuva nje kuye kwembula ukuthi iningi lezisebenzi zezempilo eUnited States alikunaki ukugeza izandla ngaphambi kokuhlola iziguli. Futhi, ngokweWashington Post, “okunye ukuhlola kuye kwasikisela ukuthi odokotela abawashintshi amagilavu abo lapho kufanele benze kanjalo.” Ngokungangabazeki lenkinga iye yanezela ekusakazekeni kwezifo. IPost ibika ukuthi ngokweNew England Journal of Medicine, izandla ezingageziwe zodokotela nabahlengikazi “zingase zisize ekuchazeni ukuthi kungani iziguli zasesibhedlela zingenwa izifo ezibiza [amaRandi angafinyelela ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-28] ngonyaka ukuzelapha.”

Isibalo Esiphakeme Sabanesifo Senhliziyo

Izifo zenhliziyo nemithambo yegazi (CVD) zingababulali abakhulu besintu, zibangela cishe ingxenye yesine yabo bonke abantu abafa emhlabeni wonke. Isho kanjalo i-1991 World Health Statistics Annual, eyakhishwa yiWHO (World Health Organization) ngo-1992. Emazweni athuthukile, anjengeAustralia, iCanada, iJapan, neUnited States, iCVD ibangela cishe ingxenye yabo bonke abantu abafa, nakuba kwaba nokwehla okuphawulekayo ngawo-1980. Emazweni asathuthuka, amaphesenti angu-16 kuphela abo bonke abantu abafayo abangelwa iCVD. Nokho, ngokweWHO, “kunezimpawu zobhadane olusondelayo . . . iCVD ikuzo zonke izingxenye zamazwe asathuthuka.”

Ukuvuza Ezintweni Ezithunyelwayo

Izindawo zokucwaninga emhlabeni wonke zisebenzisa izimiso zeposi ukuze zithumele izilwanyana ezincane kakhulu eziphilayo. Kunokukhathazeka okwandayo ngalomkhuba ngoba “amabacterium okungenzeka abe yingozi athunyelwa njalo esuswa kwenye indawo yokuhlola eyiswa kwenye,” ngokukamagazini iNew Scientist. Abacwaningi baseHolland baxwayisa ngokuthi amaphasela alimele angase akhiphele lezilwanyana ezincane endaweni ezungezile. Muva nje, iqembu lososayensi lahlola amaphasela amaningana avela ezindaweni zokucwaninga eAustralia, eNetherlands, eSingapore, naseUnited States. Lathola ukuthi akukho nelilodwa lalamaphakethe elalivumelana nemithetho eyamiswa iCommittee of Experts on the Transport of Dangerous Goods YeUN. Enye indawo yokuhlola yaseHolland, eyamukela amasampula ayinkulungwane minyaka yonke, iye yathatha izinyathelo eziqatha ukuze ivimbele izingozi ezinjalo. Nokho, “isamukela eposini izitsha eziphukile zokuphatha lezilwanyana ezicishe zibe nhlanu unyaka ngamunye,” kusho iNew Scientist.

Ukuzibulala EArgentina

IArgentina inesilinganiso esiphakeme kakhulu sokuzibulala eNingizimu naseNyakatho Melika. Iphephandaba iNación liphawula ukuthi ‘ngokwemibiko engokomthetho, amaphesenti acishe abe yishumi akho konke ukuzibulala okubikiwe kulelizwe ahilela intsha nabantu abadala abasebasha abaphakathi kweminyaka eyishumi nengu-22 ubudala, futhi iningi labo ngabesilisa.’ IMinistry of Health ithi njalo ngamahora angu-30 umuntu osemusha oyedwa uyazibulala eArgentina.

Izingane Ezimpofu EMelika

IUnited States, elinye lamazwe acebe kakhulu emhlabeni, iyikhaya futhi lezingane ezimpofu kakhulu. NgokweNew York Times, ukuhlola okwenziwa iChildren’s Defense Fund kwathola ukuthi “inani lezingane zaseMelika ezimpofu landa ngenani elingaphezu kwesigidi esisodwa phakathi nawo-1980, ngamanani anyukayo ezifundazweni ezingu-33.” Ngo-1989, amaphesenti angaphezu kuka-25 ezingane ezifundazweni zaseArkansas, eLouisiana, eNew Mexico, naseWest Virginia ayehlala emikhayeni ethola iholo elingaphansi kwesilinganiso sobumpofu esimiswe uhulumeni. Isifundazwe saseMississippi sasinesilinganiso esiphakeme kunazo zonke, ngamaphesenti angu-33,5 azo zonke izingane eziphila ngobumpofu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela