Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 1/8 k. 22-k. 24 isig. 5
  • Ingabe Ukuphuza Kungangilutha Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuphuza Kungangilutha Ngempela?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Utshwala Nokuluthwa Yibo
  • Isizathu Esenza Ukuba Baphuze
  • Utshwala—Buyingozi Entsheni!
  • Kungani Uqala?
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 1/8 k. 22-k. 24 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ukuphuza Kungangilutha Ngempela?

KWAQALA lapho uJerome eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela ubudala. Uyachaza: “Ngaphuza iziphuzo ezithile ezazisele emcimbini owawubanjelwe ekhaya, ngadakwa, futhi ngayithanda indlela engazizwa ngayo.” Ukuthenga, ukufihla, nokuphuza utshwala ngokushesha kwaba indlela kaJerome yansuku zonke. Nokho, uyavuma: “Ngangingazi ukuthi nginenkinga kwaze kwaba yilapho sengineminyaka engu-17 ubudala. Lapho abanye bedla ukudla kwasekuseni, ngangiphuza [ingxenye eyodwa kwezine zelitha] le-vodka!”

Ukuphuza nokusebenzisa kabi utshwala kwanda ngezinga elishaqisayo phakathi kwentsha emhlabeni wonke. EUnited States iyodwa, abangaphezu kwezigidi eziyishumi—ingxenye eyodwa— yabafundi baseMelika abaphakathi kweminyaka engu-13 kuya kwengu-18 ubudala baye baphuza okungenani kanye ngonyaka odlule. Abangaba yizigidi eziyisishiyagalombili baphuza masonto onke. Eqinisweni, intsha yaseU.S. eyevé eshumini nambili leminyaka iphuza amakani kabhiya angaphezu kwezinkulungwane eziyisigidi namabhodlela angaphezu kwezigidi ezingu-300 esiphuzo sewayini esifakwe i-carbon, ngonyaka!

IBhayibheli lithi ngokuqondene nophuzo oludakayo: “Bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.” (IzAga 20:1) Nokho, izigidi zentsha, njengoJerome, zidukiswa utshwala. Ziyini izingozi zokusebenzisa kabi utshwala? Ungabona kanjani uma ulutheka?

Utshwala Nokuluthwa Yibo

Lapho bugcinwe njengewayini elinombala ogqamile noma ubhiya onegwebu, utshwala bubonakala bungenangozi nakancane. Nokho, ukunambitheka nokubonakala kungase kukhohlise. Utshwala buyisidakamizwa—esinamandla.

Odokotela bathi utshwala buyisidakamizwa esicindezelayo esithinta ubuchopho, silimaze isimiso esiyinhloko sokusebenza kwezinzwa. Uma buphuzwa umuntu omdala ngokusesilinganisweni, bungaba nomphumela ongalimazi, ojabulisayo. ‘Iwayini lijabulisa inhliziyo yomuntu,’ kusho iHubo 104:15. Nokho, isilinganiso esikhulu kakhulu sotshwala singabangela ukudakwa—isimo lapho ukulawula okungokomzimba nokungokwengqondo kuphazamiseke khona ngokuphawulekayo. NjengoJerome, umuntu angase alutheke, eqela esimweni esibucayi kusukela ekufuneni isiphuzo kuya ekusidingeni noma ekusinxaneleni. Kungani lokhu kwenzeka? Umzimba ungabubekezelela utshwala uma busetshenziswe ngokweqile. Khona-ke obusebenzisayo kumelwe aphuze obuningi kakhulu ukuze ezwe imiphumela yabo. Nokho, ngaphambi kokuba aqaphele, useluthekile. Lapho umuntu eseluthekile, ukuphila kwakhe kushintsha kalusizi. Intsha yaseU.S. ecishe ibe yizigidi ezinhlanu inenkinga yokuphuza.

Isizathu Esenza Ukuba Baphuze

Ngawo-1930 osemusha ovamile waseU.S. owevé eshumini nambili leminyaka wayephuza isiphuzo sakhe sokuqala esidakayo lapho eneminyaka ecishe ibe ngu-18 ubudala. Namuhla, wenza kanjalo ngaphambi kokuba neminyaka engu-13 ubudala. Abanye baqala ngisho bebancane kunalokho. “Ngangineminyaka eyisithupha ubudala, . . . futhi ngaphuza kancane ubhiya engilazini kamkhulu. . . . Ngaba nesiyezi!” Ukhumbula kanjalo uCarlotta—umlutha wotshwala olulamayo. Lapho uqala usemusha, kulapho kunokwenzeka khona kakhulu ukuba ulutheke.

Yiqiniso, ontanga ngokuvamile baletha ukucindezela okuphawulekayo kulokhu. Kodwa ngezinye izikhathi abazali nabo banecala elithile. Abanye bazitika ngokweqile, basebenzisa utshwala ukuze bubasekele ngokomzwelo, noma baqhoshe ngesilinganiso sotshwala abangakwazi ukubuphuza. Incwajana ethile ekhuluma ngokuluthwa utshwala ithi: “Izingane eziba abantu abadala abaphuzayo abanengqondo ngokuvamile zivela emikhayeni lapho utshwala buphathwa khona ngendlela efanele nangokungalawulwa yimizwelo . . . , lapho ukuphuza kunendawo yako efanele.”a

Ithelevishini ingelinye ithonya elinamandla entsheni. Lapho eneminyaka engu-18 ubudala osemusha ovamile waseMelika usuke esebone izenzakalo ezingu-75 000 zokuphuza kuTV—ezingu-11 ngosuku. Ukukhangisa kobuciko, okuklanywe ngokunakekela ukuze kwenze ukuphuza kubonakale njengendlela eya enjabulweni nasothandweni oluvusa inkanuko, kuveza onobuhle abakhangayo ngokobulili bephuza emicimbini yokuxokozela. Iziphuzo ezidakayo zinikezwa ukunambitheka kwezithelo namagama emikhiqizo akhangayo. Lokhu kukhangisa kuyaphumelela. Njalo ngempela-sonto, abasha abangu-454 000 eUnited States baya emikhosini yokuphuza, bebangela udokotela omkhulu wokuhlinza waseU.S. ukuba athi abaningi babo “sebeyimilutha yotshwala kakade, futhi laba abanye kungenzeka bayalandela.”

Nokho, enye intsha iphoqelelwa usizi lwangaphakathi ukuba iphuze. UKim waveza isizathu esenza ukuba aphuze ubhiya ngokweqile: “Ngangisebenzisa [utshwala] ukuze ngishintshe indlela engizizwa ngayo futhi ngizenze ngizizwe kangcono ngami.” Uma osemusha enamahloni noma ezinyeza, ukuphuza kungabonakala kuyikhambi elikhangayo. Nokho, abanye baphuza ukuze bavimbele amaqiniso athile okuphila abuhlungu, njengokuxhashazwa noma ukunganakwa abazali. Kungani uAna aqala ukuphuza? “Angizange ngiluthole uthando engangiludinga.”

Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isizathu sokuqala ukuphuza, ngokuhamba kwesikhathi osemusha angase akuthole kunzima ngokwandayo ukulawula ukuphuza kwakhe. Ngalesosikhathi angase azithole ebhekene nokuluthwa utshwala. Ingabe usuqalile ukuphuza? Khona-ke bheka imibuzo yokuzihlola enesihloko esithi “Selokhu Waqala Ukuphuza.” Ungase uthole lemiphumela ikhanyisela ngempela.

Utshwala—Buyingozi Entsheni!

‘Labo abalibala ngasewayinini’ baxwayiswa yiBhayibheli ukuthi ‘ngasekugcineni . . . lihlaba njengebululu.’ (IzAga 23:29-32) Ushevu okhishwa yinyoka enobuthi ungalimaza noma ubulale umuntu kancane kancane futhi kabuhlungu. (Qhathanisa nezEnzo 28:3, 6.) Ngokufanayo, ukusetshenziswa kabi isikhathi eside nakakhulu kotshwala kungakubulala kancane kancane. Kungalimaza noma kubhubhise izitho ezibalulekile, njengesibindi sakho, amanyikwe, ubuchopho, nenhliziyo. Imizimba nezingqondo ezincane ezisakhula zisengozini yalomonakalo ngokukhethekile, ngezinye izikhathi ongalungiseki.

Ukusebenzisa kabi utshwala kungalimaza imizwelo yakho kakhulu ngisho nangaphezu komzimba wakho. Isiphuzo singase sandise ukuzethemba kwakho okwesikhashana. Kodwa ukuzethemba esikunikeza kona kuyakhohlisa—futhi ngaso sonke isikhathi imiphumela iyaphela. Ngalesikhathi uphazamisa ukukhula kwakho okungokomzwelo nokungokwengqondo. Kunokuba usanguluke futhi ubhekane neqiniso, ufuna esinye isiphuzo. Kodwa ngemva kokusanguluka izinyanga ezingu-11, uPeter oneminyaka engu-18 ubudala uthi: “Kumelwe ngifunde ukubhekana nemizwa yami futhi ngithole izindlela ezintsha zokubhekana nezimo utshwala obuye bangisiza kuzo ngaphambili. Ngiyaqaphela ukuthi ngokomzwelo nangokwenhlalo nabanye abantu cishe ngifana noneminyaka engu-13 ubudala.”

Bese kuba khona izingozi zokuphuza nokushayela. Ukufa kwasemigwaqweni emikhulu okuhlobene notshwala kungumbulali ophambili wentsha eUnited States. Ukuphuza futhi kuhlangene nokubulala, ukuzibulala, nokugwiliza—ezinye izimbangela eziphambili zokufa kwentsha.

Ngaphezu kwalokho, ukusebenzisa kabi utshwala kungaba nemiphumela ebhubhisayo ekuphileni komkhaya wakini, ubungane, umsebenzi wesikole, nengokomoya. Nansi indlela iBhayibheli elikubeka ngayo: “Ngibonise othile ophuza kakhulu, . . . nami ngizokubonisa othile onosizi nozidabukelayo, obanga inkathazo nokhononda njalo. Amehlo akhe ayaklwela, futhi unezibazi ebezingagwenywa. . . . Uyozizwa sengathi wawungaphandle olwandle, uhlanza, uphonseka phezulu ensikeni yomkhumbi oyaluzayo.” (IzAga 23:29-34, Today’s English Version) Lolu uhlangothi lokuphuza olungaboniswa nakancane ekukhangiseni okuhehayo kweTV.

Kungani Uqala?

Ngakho-ke amazwe amaningi anqabela intsha ekuphuzeni utshwala. Uma ungumKristu, unesizathu esikuphoqayo ukuba ulalele lemithetho, njengoba uNkulunkulu ekuyala ukuba ‘uzithobe phansi kwamandla ombuso.’ (Roma 13:1, 2) Ngisho noma ukusetshenziswa kotshwala phakathi kwentsha kuvumelekile ngenxa yesiko lendawo, ingabe kungenxa yezithakazelo zakho ezingcono kakhulu ngempela ukuba uqalise ukuphuza ngalesikhathi ekuphileni kwakho? Njengoba eyoku-1 Korinte 6:12 isho, “konke kuvunyelwe . . . ; kepha akusizi konke.” Ingabe ukulungele ngempela ukuthwala umthwalo wemfanelo ohilela uphuzo oludakayo?

Yiqiniso, lapho ontanga bekunikeza iwayini elikhangayo, kungase kulinge ukuzwa indlela elinambitheka ngayo. Nokho, qaphela ukuthi unikezwa isidakamizwa esinamandla okulutha. Intsha eyesaba uNkulunkulu ngezikhathi zeBhayibheli, njengoDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, noAbedi-Nego, yaba nesibindi sokubhekana ngokungesabi neziphathimandla zaseBabiloni futhi yenqaba ukudla newayini okungcolisayo eyayikwabelwe yinkosi eyiqaba yaseBabiloni. Nawe futhi ungaba naso isibindi sokwenqaba!—Daniyeli 1:3-17.

Ngokuhamba kwesikhathi uyobe usukhule ngokwanele—ngokomthetho, ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomzimba—ukuba uphuze utshwala uma uzikhethela. Ngisho nakuba kunjalo, uyobe uhlakaniphile uma ulinganisela futhi ugwema ukulutheka. Intsha eningi isiye yalutheka kakade, futhi isihloko sangesikhathi esizayo siyoxoxa ngalokho engakwenza ukuze ilulame.

[Umbhalo waphansi]

a Kwamanye amazwe intsha ngokuvamile iyavunyelwa ukuba iphuze uphuzo oludakayo ngezikhathi zokudla. Ngisho nakuba kunjalo, abazali bayobe benza kahle ngokucabangela ngokungathi sína ukuthi yikuphi okungcono kakhulu ngezingane zabo futhi bangavumeli isiko elithandwayo ukuba liqondise zonke izinqumo zabo.

[Ibhokisi ekhasini 24]

SELOKHU WAQALA UKUPHUZA:

◻ Ingabe unabangane abahlukile noma abambalwa?

◻ Ingabe ukuphila ekhaya kunzima ngokwengeziwe?

◻ Ingabe unenkinga yokulala, noma ingabe uzizwa ucindezelekile noma ukhathazekile?

◻ Ingabe udinga isiphuzo ukuze ukhululeke lapho uphakathi kwabanye?

◻ Ingabe uzizwa ungajabule noma udumele ngemva kokuphuza?

◻ Ingabe uqamba amanga noma ufihle iqiniso lokuthi uyaphuza?

◻ Ingabe uyaphoxeka noma uthukuthele lapho othile eveza imikhuba yakho yokuphuza?

◻ Ingabe ukhona othile owake wakweluleka noma wenza ihlaya ngokusebenzisa kwakho utshwala?

◻ Ingabe ukholelwa ukuthi iwayini nobhiya kukulungele ukuba ukuphuze ngoba akubona utshwala obunamandla?

◻ Ingabe uye waphelelwa isithakazelo noma wayeka imisebenzi yokuzilibazisa nezemidlalo owake wakujabulela?

Uma uye waphendula ngoyebo emibuzweni engaphezu kwemibili, kungase kubonise ukuthi unenkinga engathi sína yokuphuza. Uma kunjalo, uyobe uhlakaniphile ngokufuna usizo ngokushesha.

Umthombo: ISIBHEDLELA SASEREGENT, eNew York, NY.

[Isithombe ekhasini 23]

Imilutha eminingi yotshwala yaqala ukuba nezinkinga zokuphuza ebuntwaneni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela