Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 2/22 k. 10-k. 12 isig. 9
  • Abahloli Benhlanzeko Abandiza Esibhakabhakeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abahloli Benhlanzeko Abandiza Esibhakabhakeni
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlola Ukuhlanzeka
  • Ukulinda Isibhakabhaka
  • Iso Elibukhali Nokubambisana
  • Ukubuya Kwe-condor
  • Ukubuka Izinyoni—Ingabe Kuwukuzilibazisa Okuthandwa Yibo Bonke Abantu?
    I-Phaphama!—1998
  • Ingabe Izinkozi Noma Amanqe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • I-marabou—Inyoni Ecatshangelwa Kabi
    I-Phaphama!—2001
  • I-Lammergeier Enamandla
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 2/22 k. 10-k. 12 isig. 9

Abahloli Benhlanzeko Abandiza Esibhakabhakeni

Uma bengabuzwa ukuthi iyiphi inyoni abangeke bathande ukuhlangana nayo, abaningi bangathi yinqe.

Zimbalwa izinyoni eziye zakhulunyelwa kabi njengenqe. Lena inyoni engathandwa esithunzi sayo esibikezela okubi sizungeza phezu kokufile nokufayo. Kuthiwa ukubonakala kwalo kubikezela ukuchitheka kwegazi okukhulu, incithakalo, nokuphelelwa yithemba. Kodwa lena indlela aye achazwa ngayo ezincwadini.

Amaqiniso awukuthi: Abaningi baye bakhangwa ubunyoninco benqe lapho lindiza nendlela emnene elinakekela ngayo amachwane alo. Baye baqonda futhi nendima yalo ebalulekile ebuhlotsheni balo nendawo ezungezile. Kulabobantu inqe lihle kakhulu futhi libalulekile.

Kuyavunywa, amanqe anezici ezimbalwa ezingathandeki, ngaphandle kwemikhuba yawo emibi yokudla. Ngokuqinisekile ebengenakuphumelela kunoma yimuphi umncintiswano wonobuhle, nokumemeza kwawo kuye kwachazwa ngezindlela ezihlukahlukene njengokunswininiza, ukukekela, ukubhodla, ukukhala njengesele, nokuhewula. Nokho, anezimfanelo ezithile ezithandekayo.

Inqe liyinyoni engawuthathi neze kalula umthwalo wemfanelo wokuba umzali. Unyaka ngamunye “ichwane elilodwa” elizalwayo lithola ukunakekela okuphelele kwabo bobabili abazali kuze kube yilapho selikwazi ukuzinakekela ngokwalo. Ichwane lenqe elincane elibekwe ngokungenakuzisiza esidlekeni esingenakufinyelelwa izinyanga ezimbalwa ngokuqinisekile lidinga ukunakekela kozwela kwabo bobabili abazali. Eqinisweni, i-condor encane yaseAndes kumelwe yondliwe izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba ishiye isidleke, okuyisikhathi lapho ‘lelichwane’ selicishe likhule ngokuphelele.

Futhi amanqe anemfanelo enhle yokuba usizo olukhulu. Nakuba izinyoni eziningi zizuzisa isintu ngezindlela ezihlukahlukene, amanqe afeza inkonzo eyingqayizivele. Angabahloli bokuhlanzeka abandiza esibhakabhakeni.

Ukuhlola Ukuhlanzeka

Ukuhlanza izidumbu akuwona umsebenzi wansuku zonke othandwa abantu abaningi, kodwa kungumsebenzi obalulekile. Ukuhlanza okufanelekile kudinga ukususwa ngokushesha kwezidumbu, ezingaba imithombo eyingozi yezifo ezithathelwanayo zakho kokubili umuntu nesilwane.

Lapha amanqe kufanele athulelwe isigqoko. Ngisho nenyama enombendeni (anthrax) noma i-botulin igwinywa ngaphandle kokulimala, kuze kungasali lutho ngaphandle kwamathambo.

Amanye amanqe adla amathambo ngokukhethekile. Inqe i-lammergeier lase-Eurasia naseAfrika lilahlela amathambo endaweni enamadwala liphezulu. Lapho amathambo eqhekeka, i-lammergeier idla umkantsha nezimvave ezincane zamathambo.

Ngenhlanhla, ngokungafani nabantu abenza umsebenzi ofanayo, labahloli bokuhlanzeka abakaze bateleke. Uma umsebenzi wamanqe ubungashiywa ungenziwe, kwakuyoba yinto evamile ukubona amathafa ashisayo angcoliswe izidumbu ezigcwele izifo.

Kodwa ake sibukele ngesineke iqembu lamanqe osukwini oluvamile lomsebenzi.

Ukulinda Isibhakabhaka

Ngokushesha ngemva kokuphuma kwelanga, andizela phezulu, ngalinye kumelwe lihlanganise indawo ethile. Usuku lonke leliqembu esiligqolozele lamanqe lindiza esibhakabhakeni lifuna izilwane ezifile. Lapho ekugcineni elinye lalamanqe selibone isidumbu, lehlela phansi ngejubane. Lokhu kudonsa ukunaka kwezinye izinyoni, nazo eziphuthuma esidunjini. Ngemizuzwana nje, amashumi ezinyoni atheleka kuleyondawo.

Ngaphambi kokudla, lezinyoni zigxumagxuma eceleni kwesidumbu ngokungabaza. Naphezu kwedumela lazo, ziyizidalwa ezinamahloni kakhulu. Ekugcineni, enye yazo iqala ukudwengula isidumbu, futhi lokhu kuwuphawu lokuthi lonke iqembu selingaqala ukudla. Kukhona ukuhilizisana nokuhewula, ukusunduza nokudonsa, okufana ncamashí nokududulana kwabadlali bebhola lombhoxo. Elambe kakhulu kunazo zonke, ebanga umsindo omkhulu kakhulu, ngokuvamile idla kuqala. Uma kuyisidumbu esikhulu, kuyoba nokudla okwanele zonke.

Emizuzwini embalwa, ukudla sekuphelile, futhi ushiya amathambo kuphela, lomhlambi undizela phezulu ukuze uqhubeke nokufuna. Ukuphila kwenqe akulula. Kungase kudlule izinsuku ezimbili noma ezintathu ngaphambi kokuba athole okunye ukudla.

Iso Elibukhali Nokubambisana

Amanqe ahlonyiselwe ukuba ahlolisise esemoyeni ngokumangalisayo. Izimpiko zawo ezinkulu ziklanyelwe ukuntaza nokundizela phezulu kakhulu, okwenza akwazi ukundiza amahora amaningi engabhakuzisi izimpiko. Akulungele ukusebenzisa ngokunenzuzo amaza omoya oshisayo okhuphukayo, osiza ukuwagcina emoyeni ngomzamo omncane. UDean Amadon, isazi sezinyoni esaziwayo saseMelika, uwachaza njengesinye ‘sezibonakaliso zemvelo ezinobungcweti kakhulu zokundiza.’

Umbuzo owawudida izazi zezinyoni iminyaka eminingi wawungukuthi, Amanqe azithola kanjani izidumbu ngokushesha kangaka?

Impendulo kwaba ukuthi inhlanganisela yamehlo abukhali nokubambisana. Kuye kwabalwa ukuthi inqe elindiza phezulu ekuphakameni okungaba ngamamitha angu-750 lingabona into esemhlabathini enobude obungaphansi kwamasentimitha angu-13. Kodwa ngisho nakuba linamehlo abukhali kanjalo, kwakuyoba nzima ngenqe elilodwa ukuba lithole ukudla.

Ngakho, ukubambisana kubalulekile. Kuye kwaqashelwa ukuthi amanqe ayahlukana ukuze ahlole izindawo ezihlukahlukene. Uma elinye inqe lehlela esidunjini, ukwehla kwalo okusheshayo kuwuphawu ezinyonini eziseduze ukuthi ukudla sekunuka santungwana, futhi ngokushesha zindizela kulolohlangothi. Ukushintsha kwazo indlela nakho kubonwa izinyoni ezikude kakhulu, nazo eziphuthuma kuleyondawo. Lesimiso sokuxhumana emoyeni siphumelela ngokumangalisayo, kakhulu kangangokuthi kobukele kungase kubonakale sengathi zonke lezinyoni zifika cishe ngesikhathi esifanayo.

Ngokudabukisayo, ukuphumelela okunjalo nokuba usizo okusobala akwanele ukuze kuqinisekise ukuvikeleka nokusinda kwamanqe.

Ukubuya Kwe-condor

Naphezu kokubalwa phakathi kwezinyoni ezidla inyama ezinkulu kunazo zonke nezihlaba umxhwele kakhulu, amanqe asengozini yokuqothulwa ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ukudla kwawo okungokwemvelo kuye kwanyamalala emathafeni, futhi ngokuvamile izidumbu azitholayo zinoshevu. Izinga lawo eliphansi lokuzala nalo likwenza kube nzima ngamanani awo anciphe kakhulu ukuba asimame.

Nokho, kunezindaba ezithile zempumelelo ezijabulisayo. Isimiso sokuzalanisa ama-condor aseCalifornia ngendlela okungeyona eyemvelo sibonakala siphumelela, futhi kwethenjwa ukuthi ngokushesha izinyoni ezengeziwe zingabuyiselwa endle. Ngenxa yemizamo yabalondolozi bemvelo baseFrance, inqe i-griffon seliyatholakala futhi eMassif Ephakathi, eFrance, ngemva kokunyamalala iminyaka eminingi.

Ngakho, lenyoni abantu abake bayizonda kakhulu iye yaba isibonakaliso semizamo yomuntu yokulondoloza lezozinhlobo aye wazisongela. Ngokungangabazeki, ukundiza okuhle kwe-condor phezu kwezintaba zaseNyakatho naseNingizimu Melika kuwumbono oyigugu kakhulu ongenakuyekwa ukuba unyamalale.

Okwamanje, eAfrika naseAsia, amanqe asaqhubeka enza umsebenzi wawo ongaziswa, lowo wokuba abahloli bokuhlanzeka abandiza esibhakabhakeni.

[Ibhokisi ekhasini 12]

Vkwaziwayo Ngamanqe

AMANQE abalwa phakathi kwezinyoni zomhlaba ezingavamile nezinkulu kunazo zonke. Futhi aqopha umlando wokundizela ebangeni eliphakeme ngokufanayo.

I-condor yaseCalifornia ingolunye lwezinhlobo ezisengozini kakhulu emhlabeni. Ukuze kulondolozwe lelinqe ekuqothulweni, kwenziwa imizamo emikhulu kusetshenziswa isimiso sokuzalanisa phakathi kwezinyoni ezingamashumi amabili nane ezivalelwe. Ngo-1986 kwakusele ama-condor aseCalifornia amathathu kuphela endle.

I-condor yaseAndes, kanye ne-marabou stork yaseAfrika, inezimpiko ezinkulu ukwedlula zonke izinyoni ezikhona emhlabeni, ezingaphezu kwamamitha amathathu. Futhi iyinyoni edla inyama esinda kunazo zonke, ngezinye izikhathi inesisindo esingaphezu kwamakhilogremu angu-14.

Amanqe futhi ayizinyoni ezindizela phezulu. Ngo-1973 inqe laseAfrika (Gyps rueppellii) lashayisana nendiza eyayindiza phezu kweCôte d’Ivoire, eNtshonalanga Afrika, ekuphakameni okungamamitha angu-11 300.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]

Photo: Courtesy of Madrid Zoo, Madrid, Spain

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela