Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
NGANGINGENASO isithakazelo enkolweni. Yonke inkolo ehleliwe yayibonakala inobuzenzisi kimi. Ngangiyibona ingabenzeli lutho abantu, ngaphandle kokubenza ukuba bangababekezeleli abanye. Kwakungasekupheleni kweminyaka yawo-1960. Umongameli wase-U.S. wayebulewe, futhi izinkulungwane zazifa empini yaseVietnam. Izwe laliyincithakalo. Ukuphila kwami uqobo kwakuwohloka. Kungenzeka kanjani ukuba kube noNkulunkulu ongikhathalelayo noma okhathalela isintu?
Ngangineminyaka engu-27 ubudala, ngishadile futhi nginabantwana ababili abancane, futhi ngisebenzela inhlangano yabagula ngengqondo isikhathi esigcwele lapho umakhelwane eqala ukukhuluma nami ngeBhayibheli. Ngokumangalisayo, ngazithola ngilalele. Wakhuluma ngalokho akubiza ngokuthi izinsuku zokugcina. Wayezwakala ehlukile, futhi ngangifuna izimpendulo. Wangishiyela incwadi eyayinesihloko esithi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade. Ngayifunda ngobusuku obubodwa, ngabheka yonke imibhalo, futhi ngazithola ngizibuza, ‘Ingabe sengithole iqiniso ngempela?’
Uma ngilitholile, kwakuletha inkinga. Ngazalelwa emkhayeni wamaJuda, ngaba nomyeni ongumJuda nabantwana abancane ababili, nezihlobo ezingamaJuda. Ngangazi ukuthi babengeke bajabule uma ngiba omunye woFakazi BakaJehova. Ngangingafuni ukulimaza umkhaya wami ngokungadingekile; kwakumelwe ngiqiniseke. Ngaqala ukufunda izincwadi zeBhayibheli ngentshiseko. Phakathi nesikhathi esingangesonto ngaqiniseka ukuthi leli kwakuyiqiniso. Ukulifunda kwakungokuthile okwakumelwe ngikwenze. Ngakho ngaqala ukufunda noFakazi BakaJehova. Phakathi namasonto ambalwa ngangishumayela kuwo wonke umuntu. Kwangivusa amadlingozi ukwazi ukuthi igama likaNkulunkulu kwakunguJehova, ukuthi wayengikhathalela kanye naso sonke isintu, nokuthi ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi kwakungenzeka. Ngabhapathizwa ngo-June 12, 1970.
Njengoba ngangisolile, umkhaya wakithi kanye nabasemzini babethukuthele kakhulu, futhi abanye bangilahla. Umyeni wami wayefunda izikhawu iminyaka eminingi kodwa akazange akholwe. Nokho, abantwana bami baba oFakazi bakaJehova. Zibekwa nje, ngangifuna ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele, ngishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu endlini ngendlu. Kodwa nganginomkhaya okhulayo nomyeni ongakholwa. Ngisho nakuba nami ngangisebenza isikhathi esigcwele, salahlekelwa amakhaya amabili, futhi izikhathi eziningana sasingenayo indawo yokuhlala. Ukuphila kwakunzima kakhulu.
Ngesinye isikhathi indlu yethu yayisizovalwa. Kwakumelwe siphume kuleyondlu emini ngeSonto, futhi sasingenayo indawo esasizoya kuyo. Ngenza konke engangingakwenza, futhi ekugcineni ngoMgqibelo ekuseni, sekusele usuku, nganquma ukuthi ngangizokwenza njengoba uJesu asho kuMathewu 6:33—ukufuna uMbuso kuqala futhi ngilindele uJehova ukuba anginikeze izinto engangizidinga. Ngaphuma ngaya enkonzweni yami yasobala. Ngikhumbula ngikhala ngenxa yokucindezeleka okwakubangelwe yilesimo, kodwa phakathi nemizuzu emihlanu ngazizwa ngingcono. Ngaso sonke isikhathi ngiye ngathola ukuthi ukushumayela kunomphumela omuhle kakhulu kimi; kungenza ngibe namandla ngaphezu kwezinkinga zami, futhi umoya kaJehova ungigcina ngijabule futhi nginezithelo futhi wenza ukuphila kwami kube nenjongo. Nokho, lapho ngifika ekhaya ngalolosuku, sasingakabi nayo indawo esasizoya kuyo, kodwa ngazizwa ngingcono.
Ngalolosuku kusihlwa sathola ucingo olwaluvela enkampanini ethengisa izindlu eyayisingatha izidingo zethu. Kwakungu-11:30 ebusuku, futhi umthengisi wezindlu wayekhathazeke kakhulu ngokuthi sasingenayo indawo esasizoya kuyo kangangoba wasitholela indawo yokuhlala okwesikhashana kuze kube yilapho indlu okwakumelwe siyithole isilungile. Ngakho oFakazi abakanye nami basithuthisa sayongena kuleyondlu ngeSonto. Sahlala lapho amasonto amathathu izimpahla zethu zivalelwe emabhokisini, futhi ekugcineni sathuthela endlini yethu lapho isilungile. Kwakungelula, kodwa uJehova wanakekela izidingo zethu. Lokhu kwangiqinisa kakhulu futhi kwakha ukholo lwami. Kwakunjengoba iNkosi uDavide yasho kumaHubo 37:25: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.”
Kwakunezinkinga ekuphathweni kwezimali zomkhaya. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka ukuba nginakekele ukuphathwa kwezimali futhi ngilungise yonke into. Ngazama ngokusemandleni ukugcina umshado uhlangene phakathi naleminyaka, ngokuyinhloko ngenxa yothando lwami ngoJehova nangendlela abheka ngayo ilungiselelo lomshado, futhi ekujuleni ngaphakathi ngaba nethemba lokuthi umyeni wami uyoshintsha futhi eze eqinisweni.
Ngangithandaza ngingaphezi ngokuphathelene nobuphayona obuvamile, futhi ngangenela ubuphayona obusizayo ngawo wonke amathuba ayevela.a Ngangazi ukuthi ukushumayela kwakuyindlela engcono nebaluleke ukuzedlula zonke engangingasebenzisa ngayo ukuphila kwami. Ngangimthanda uJehova futhi ngifuna ukumkhonza ngomphefumulo wonke. Ngangibathanda futhi nabantu futhi ngifuna ukubasiza. Ngafunda ekuphileni kwami okunzima indlela izimiso zeBhayibheli ezazizuzisa ngayo futhi ngazi ukuthi abantu babedinga ithemba elalinikezwa uMbuso. Kodwa nganginovalo lokuthi umkhaya wami wawuzolamba uma ngangingasebenzi. Ngalesosikhathi sasiphila kanzima.
Ngamemeza, Umdlwenguli Wabaleka
Khona-ke kwenzeka okuthile ekuphileni kwami okwanginikeza ukholo lokuthi uJehova ngaso sonke isikhathi uyongondla futhi anginakekele. Umuntu othile wagqekeza endlini yami futhi wazama ukungidlwengula. Wangihlasela ngilele, futhi lapho ngiphaphama, wasongela ukungibulala uma ngangimemeza noma nginyakaza. Nakuba ngangithukile, uJehova wangisiza ukuba ngizole futhi ngilondoloze ukuzithiba ngaphansi kwesimo esiphuthumayo ukuze ngithandaze futhi ngicabangele inkambo engcono kakhulu okwakumelwe ngiyithathe. Ngangikwazi lokho iBhayibheli elikushoyo ngokumemeza, kodwa futhi ngaba nomuzwa wokuthi cishe uyongibulala uma ngingamemeza, nezingane zami zaziyovuka, futhi azibulale. Ngabona igama lami livela ezazisweni zabantu abafile futhi ngathandazela ukuba uJehova avikele izingane zami uma ngifa. Ngisho nakuba kunjalo, ngenza lokho iBhayibheli elalibhekisela kukho—ngamemeza. (Duteronomi 22:26, 27) Umdlwenguli wabaleka. Ngangikholelwa ukuthi ngangizofa ngempela ngalobobusuku. Ngasondela eduze kakhulu kuJehova.
Ngawuyeka umsebenzi wami futhi ngaqala ukukhonza njengephayona elivamile ngo-1975. Ngaphayona iminyaka eyisithupha, futhi umyeni wami wakhokha izikweleti. Ngokudabukisayo, ngaqala ukuba ne-diabetes ngisemncane. Futhi ngesinye isikhathi ngangigula ngibangwe nezibi. Ukuze ngibhekane nakho, ngaqhubeka ngencike kuJehova ngisho nangaphezulu. Naphezu kwezimo zami, leyo kwakuyiminyaka eyayijabulisa futhi inezithelo kakhulu engake ngaba nayo kuze kube ngalesosikhathi. UJehova wangibusisa ngezifundo eziningi zeBhayibheli ezathuthukela ekubhapathizweni. Ezinye zathuthukela ekubeni ngamaphayona ngokwazo.
Khona-ke, ngo-1980, ukuphila kwethu kwahlukana phakathi. Mina nomyeni wami saqala ukungezwani. Izingane zami zazikhathazeke kakhulu, ngakho ngenxa yazo ngazama ukulondoloza umshado, kodwa umyeni wami akazange asabele emizamweni yami. Kuleliqophelo, ngangazi ukuthi kwakuyisikhathi sokuthola isehlukaniso esingokomBhalo. Wawukhungathekisa umphumela wokuhamba kwakhe kubantwana bami.
Ngangizama ngokusemandleni ukuqhubeka ngiphayona ngalesikhathi futhi ngakwazi ukubambelela isikhathi esingangonyaka. Nokho, indodakazi yami, ingakwazi ukubhekana nalesimo, yaqala ukumelana nayo yonke into, kuhlanganise nami kanye neqiniso. Ngayeka ukuphayona phakathi nalesikhathi ngenxa yokuziphatha kwayo. Lokhu kwangenyelisa kakhulu; umzila wami wokuphila wawunqanyuliwe. Ngazizwa ngisele ngedwa, njengokungathi konke kwakungishiyile ngisele noJehova.
Cishe kwakungalesikhathi lapho uJehova alungiselela khona abazalwane ababili abathandekayo abangisiza ngaphezu kokuba bangase bacabange. Omunye wayengumbonisi wesifunda, futhi omunye wayengumdala kwelinye ibandla owayezazi izimo zethu, njengoba ayefunde nomyeni wami. Ngiswele amazwi okubonga uJehova ngokwanele ngalezipho ezingabantu. Bayohlala bethandeka ngaso sonke isikhathi kimi.
Ngokushesha kamuva, isencane kakhulu, indodakazi yami yashada ezweni. Lokhu kwawohloza umkhaya futhi saphelelwa yithemba ngokuphelele. Ngokushesha kakhulu kamuva indodana yami yaqala ukuzihlukanisa yahlala kwenye indawo. Ngathandaza ngokungaphezi ukuba uJehova asize umkhaya wami uhlale eqinisweni. Babeyigugu kakhulu kimi, futhi okuwukuphela kwento engangiyifuna ngokusemandleni kwakuwukuba bahlale noJehova. Lona kwakuwumthandazo wami njalo phakathi nokuphila kwami eqinisweni. Lesosikhathi sasisibi kakhulu kimi kunayo yonke iminyaka engu-20 yomshado—futhi leyominyaka yayimibi. Nokho, ngangazi ukuthi ngandlela thile uJehova uyosisiza sidlule kuyo, futhi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, kwakumelwe ngenze intando yakhe.
Kunesinye isenzakalo engisikhumbula kahle kakhulu. Ngangisaphayona, futhi sasingenamali kodwa sidinga cishe amaRandi angu-200 ukuze sithole izidingo zokuphila zangalelosonto nemali yokuya emsebenzini ngesonto elilandelayo. Ngangisebenze izinsuku ezimbili njengesisebenzi sesikhashana. Ngokuvamile, kwakumelwe ngilinde cishe isonto ukuze ngithole iholo engilisebenzele—amaRandi angaba ngu-114. Ngangingenayo imali yokudla, ingasaphathwa eyokugibela. Ngobusuku obulandelayo nganginesifundo seBhayibheli nowesifazane owakwazi ukungisiza ngemali yesitimela esihamba ngaphansi komhlaba.
Ngosuku olulandelayo ekuseni kwakungoLwesihlanu. Ngahamba ngayolanda iposi, futhi kwakunezincwadi ezimbili. Enye kwakuyisheke engangililindele ngesonto elilandelayo. Babeyithumele ebhange futhi ibhange layifaka kuyi-akhawunti yami esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezintathu. Ngamangala. Ngangisadinga amaRandi angu-86 noma angu-87 ukuze ngithenge esasikudinga. Emvilophini yesibili kwakunesheke lamaRandi angu-86, lokho kanye engangikudinga. Into eyayimangalisa ngempela ngalokhu kwakuwukuthi ngo-February walowonyaka, uhulumeni wayenginikeze isipho semali kawoyela ukuze ngifudumeze indlu yami. Manje kwase kungu-August, futhi ihhovisi likahulumeni lanquma ukuthi lalingikweleta amaRandi angu-86—ngo-August, ukuze ngifudumeze indlu? Kungani babengacabanga ukuthi bangikweleta okuthile, nowoyela ngo-August okwakumangalisa ngisho nangokwengeziwe? Yeka umphumela oqinisa ukholo lokhu okwaba nawo kimi!
Izinto Ezibonakalayo Azilona Ikhambi
Ngaqala ukusebenza isikhathi esigcwele futhi ngafunda ukusebenzisa ama-computer emisebenzini engangiyithatha. Iminyaka engangingaphayoni ngayo yayinzima kakhulu. Ngisho nakuba nganginomsebenzi omuhle kakhulu futhi ngilondekile ngokwezimali nangokwezinto ezibonakalayo, ngangingajabule. Izingane zami zaziziphilela ngokwazo futhi zinezinkinga ezinzima kakhulu. Indodakazi yami yayibuyela eqinisweni kodwa yayisenezinkinga. Nendodana yami yayinezinkinga zayo ngokufanayo. Ngemva kwesikhathi esithile, ngezwa ukuthi ngangilahlekelwa yilobobuhlobo obuseduze kakhulu noJehova engangibazisa kakhulu kangaka. Ngazizwa ukuthi ngangidedela kude noJehova ngisho nakuba kwakungekho omunye umuntu owayekubona. Ngangiba khona kuyo yonke imihlangano, ngitadisha, ngiphuma insimu, kodwa kwakungenele. Ngazama ukuzihlanganisa ngokwengeziwe nabangane, kodwa nalokho akuzange kusize.
Ngaqala ukuzidabukela. Ngaqala ukuzibuza nokucabanga ngami. Ingabe bekungangifanele ukuba nokuthile okwengeziwe? Ngokusobala, yilokho kanye uSathane ayekufuna. Ngokokuqala ngqá ngazizwa ngiqala ukukhangwa abantu engangisebenza nabo. Ngacabanga, ‘Phela ngizoshumayela kubo.’ Futhi ngakwenza. Kodwa ngaphakathi ekujuleni ngangizwa ukuthi inhliziyo yami yayiqala ukungazinaki izinto okwakungafanele ingazinaki. Kwakungezona izinkinga ezazingaphandle kwami. Kwakuyimina nje. Ngangingenakuwubalekela unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngathandaza kuJehova.
Ngangisebenza isikhathi esigcwele. Ngangifuna ukudela izinto ezibonakalayo engangiziqongelele. Ngangihamba amahora amathathu ngosuku ukusuka esiQhingini iLong kuya eWall Street. Yeka isikhathi esiningi kangaka! Futhi, ukusebenzelana nabantu bezwe abaningi ezitimeleni akuzange kusize. Ngaqala ukukhulumisana nabadala nokuya emihlanganweni emikhulu ngezimpelasonto ukuze kungisize ngigxile ezintweni ezibalulekile. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, kwakungadingekile ukuba ngikhathazeke ngezinto ezibonakalayo, ngakho kungani manje ngangifuna ukukhandleka futhi? Ngemva konyaka ngithandaza, ngicabangela ngokucophelela ukuthi kufanele ngilwenze yini ushintsho esimweni sami, ngalwenza.
Ngathuthela endaweni yaseBrooklyn Heights. Ngangivakashele ibandla futhi ngazi ukuthi ingokomoya lapho laliyilokho kanye engangikudinga. OFakazi abaningi kangaka abathembekile, abakhonza isikhathi esigcwele iminyaka eminingi kangaka—kwangenza ngazizwa ngikhululekile. Phakathi nezinyanga eziyisithupha ngase ngikulungele ukudela umsebenzi wami futhi ngiphayone. Ngabamba itoho, futhi ngo-1984, ngaphinde ngamiswa njengephayona elivamile.
Kuyo yonke leminyaka, uJehova uye wanginikeza izibusiso ezimangalisayo, kanye nezifundo eziningi kakhulu eziwusizo. Ngiye ngazama ukuhlala nginombono oqondile nokuthola isifundo kulo lonke uvivinyo. Akudabukisi ukuba nezinkinga; isono silethwa ukungazisebenzisi izimiso zeBhayibheli ukuze zixazululwe. Lapha eBrooklyn, anginazo izinkinga enganginazo eminyakeni yami yokuqala eqinisweni. Imali akuseyona inkinga. Umyeni ongakholwa akaseyona inkinga. Inhliziyo yami iye yelashwa. Ngiye ngabusiswa ngezingane eziningi ezingokomoya.
Kodwa kunezinkinga nezinselele ezintsha ngaso sonke isikhathi. Ngo-1987, indodana yami uMarc, yahlaselwa ukuphazamiseka kwemizwa futhi yaphathwa ukucindezeleka okungathi sína, kodwa uJehova uye wasisiza ukuba sibhekane nalokho. UMarc manje useyathuthuka futhi wenza kahle kakhulu ebandleni. Indodakazi yami u-Andrea, yabuyela eqinisweni futhi yabhapathizwa futhi ikhulisela izingane zayo eqinisweni. Njengoba sisondela ngokushesha osizini olukhulu, ngilindele ukuba izinkinga ziqhubeke futhi mhlawumbe zibe nkulu ngisho nangaphezulu, kodwa uJehova uyohlala ekhona ukuze asisize sibhekane nanoma yiziphi izithiyo noma izinselele ezingase zivele.
Ngempela, uJehova uye wangisiza ukuba ngibe nokuphila okujabulisayo nokuthela kakhulu. Ngibheke phambili ekukusebenziseni konke ukuze ngizigcine ngisondelene naye futhi ngenza intando yakhe.—Njengoba ilandiswa uMarlene Pavlow.
[Umbhalo waphansi]
a “Ukuphayona” igama elisetshenziselwa ukubonisa umsebenzi wokushumayela owenziwa isikhathi esigcwele.
[Isithombe ekhasini 23]
UMarlene Pavlow, umshumayeli wesikhathi esigcwele wezindaba ezinhle zoMbuso