Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nothando Olungaphumelelanga?
“WANGENZA ngazizwa ngikhetheke kakhulu. Nganginemizwa engangingakaze ngiyizwe ngaphambili. Kodwa wabe esethi ucabanga ukuthi kwakungeke kulunge. Ngacabanga ukuthi ukuphila kwami kwase kuphelile. Ngakhala usuku lonke nobusuku bonke. Angizange ngidle, angizange ngilale, isisindo sami sehla [ngamakhilogremu angu-15] ezinyangeni ezimbalwa, futhi ngaphathwa ngisho nayisifo sokucinana kwemithambo yomoya. Ukuphila kwami kwakungenanjongo.”—URenee.
Uma uye walinyazwa ubuhlobo bothando obungaphumelelanga, lokukhala kungase kuzwakale kujwayelekile. Wazi kahle ukuthi kusho ukuthini ukuba nomuzwa ojulile ngomuntu othile, kodwa uthole ukuthi amathemba akho ayashatshalaliswa. Umuzwa wokwaliwa unamandla, uyalulaza. Njengoba ulwela ukunqoba lobuhlungu, ungase uzibuze, ‘Kungani nje ngingamane ngikhohlwe—ngikhohlwe yilomuntu futhi ngiqhubekele phambili nokuphila kwami?’ Akulula kangako.
Kungani Kunzima Kangaka?
Okunye ukuhlola kwabonisa ukuthi isibopho sothando singaba namandla. Siye safaniswa ngisho nesibopho somzali nomntwana. Nakuba ngokungangabazeki kuyothatha isikhathi eside ngothando lomzwelo ukuba luqine kangako, nokho, umuntu angase abe nemizwelo ejulile zisuka nje. Awunakumane nje uyiveze futhi uyivimbele kalula njengoba ungase uchifichifize inkinobho yesibani. Futhi uma ukulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘ukuqhuma kwenkanuko yobusha,’ cishe ukuvuka kwenkanuko yobulili kungaba namandla kakhulu. (1 Korinte 7:36) Lokho kwenza kube nzima kakhulu ukubekezelela ukulahlekelwa isoka noma intombi.
Ukuthambekela emaphusheni kungase kube nendima yakho ngokufanayo. Okunye ukuhlola okwenziwa abacwaningi kubonisa ukuthi intsha ‘ilimala kakhulu uma ilahlekelwa ngoba lapho ingenela ubuhlobo bothando, ithambekele ekuphupheni ngesikhathi esizayo inomngane wayo. Lemicabango ingase ihlanganise amaphupho okushada, ukuba nezingane, nokuba ndawonye ukuphila kwabo konke.’ Kungase kube nzima ukulahla amaphupho anjalo, ngisho nalapho eqinisweni engenasisekelo.
Usathandwa
Ngakho ukuhlola okufanayo kubonisa ukuthi “ukulahlekelwa umngane enithandana naye . . . kungaholela emizweni yokwehluleka komuntu siqu nokuzenyeza.” UJeanette uyakhumbula: “Uzizwa ucindezelekile, njengokungathi akukho muntu ongakusekela ngokomzwelo. Awusenandaba. Uzizwa ulahliwe.” Njengaye, abaningi bazizwa becindezelekile, benecala, bengenalusizo, bengakwazi ukuzinzisa ingqondo. Abanye baye ngisho bazibulala.
Ngakho lesi kungaba yisikhathi esiyingozi kakhulu kuwe. Nokho, khumbula umyalo kaJesu ‘wokuthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ (Marku 12:31) Isilinganiso esithile sokuzithanda siyadingeka futhi sifanelekile. Iqiniso lokuthi omunye umuntu uhlulekile ukukubonisa uthando lomzwelo ombonise lona alisho ukuthi awuthandeki, akunjalo? Ngeke ngempela uphethe ngokuthi akekho omunye umuntu oyoke akuthole ufiseleka noma ukhanga, akunjalo? Awekho yini amalungu omkhaya nabangane abakuthandayo?
Okubaluleke kakhulu, uNkulunkulu uzizwa kanjani ngawe? Kungenzeka ukuthi uLeya, owesifazane owaphila ngezikhathi zeBhayibheli, wazizwa enganakiwe ngempela. Wayazi kahle ukuthi umyeni wakhe, uJakobe, wenziwa ukuba amshade ngobuqili, futhi wayethanda kakhulu udadewabo uRaheli. Akumangalisi ukuthi wazizwa njengokungathi “uyazondwa,” futhi elusizi. Nokho, uNkulunkulu wayemthanda uLeya. Wambusisa ngezingane eziningi, futhi kokubili uhlu lobupristi nolobukhosi lwakwa-Israyeli—olwaveza uMesiya—lwavela ngaye, hhayi ngoRaheli.—Genesise 29:30-35.
Ngisho nokungathandwa okungakanani akunakuliguqula iqiniso lesibusiso nothando lukaNkulunkulu. Khumbula, uMdali wendawo yonke ukuthanda kakhulu kangangoba wavumela iNdodana yakhe ukuba ihlupheke futhi ife ngenxa yakho. (Johane 3:16) Awuyena umuntu ongathandeki, futhi ngokuqinisekile awuyena ongabalulekile.
Lapho Ukwehlukana Kuyisibusiso Ngempela
Ungase ube nomuzwa wokuthi lokhu kwehlukana kungenye yezinto ezimbi kunazo zonke ezake zenzeka kuwe, kodwa kungase kube okuphambene nje nalokho. Nakuba kungase kube nzima ukukukholelwa, kungenzeka kakhulu ukuthi ukuphela kothando lwenu kuyisibusiso. Kanjani? Ubuhlobo bothando obuningi bentsha abuthembisi impumelelo yangempela. Intsha isakhula futhi iyashintsha; ayivikelekile ezinkanukweni ezidlulayo nothando oluyiphutha. Nokho, minyaka yonke izinkulungwane zabeve eshumini nambili ziyashada, kodwa zithola sekwephuze kakhulu ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyiphutha. Omunye umqondisi wezamaphephandaba waphawula lokhu ngemva kwesehlukaniso sakhe: “Kwakuyiphutha ngempela ukushada ngisemncane kangako. Angizange ngiqonde ngempela ukuthi sasinezindinganiso nezizinda ezihluke kakhulu.”
Imishado yabeve eshumini nambili inesilinganiso esiphakeme kakhulu sokwehluleka. Ngakho nakuba ungase uphatheke kabi njengamanje, qiniseka ngento eyodwa—ubuyophatheka kabi kakhulu uma ububanjwe ogibeni lomshado ongajabulisi. Zibuze ukuthi ubusuwulungele ngempela yini umshado wokuphila konke, kanye nayo yonke imithwalo yawo yemfanelo, kuhlanganise nokukhulisa abantwana. Futhi ingabe umuntu owawumthanda wayekulungele futhi evuthiwe ngempela? Khumbula, ukunqamuka kokuqomisana akubuhlungu phakade njengokunqamuka komshado.
Ukuhlukana kwakuyisibusiso kakhulu uma wawenze iphutha lokuthandana nomuntu ongazihloniphi izimiso nezindinganiso zokuziphatha zokwesaba uNkulunkulu. (2 Korinte 6:14) UShana ukhumbula izingozi zokuziphatha zokuthandana nomfana wezwe: “Ngaso sonke isikhathi wayethi uyangithanda. Kodwa wayengicela ukuba sihlanganyele ubulili. Ngangenqaba. Ngaqaphela ukuthi kwakungalungile. Ngemva kwesikhathi esithile, wayeka ukungishayela ucingo. Ngangikhala nsuku zonke ebusuku—kwakunzima ukulahlekelwa nguye!” Nokho, ngokusobala, lokhu kwehlukana kwasindisa uShana enhlekeleleni engokomoya.
Ngakho ungase ukwazi ukubheka lokhu kwehlukana njengokuhlangenwe nakho okufundisayo. Njengoba izAga 22:3 zisho, “oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” Ingabe lokhu okuhlangenwe nakho kuzokwenza uhlakaniphe ngokwengeziwe, ukuze ugweme inkinga esikhathini esizayo?
Ukubhekana Nemizwa
Nokho, ngisho nakuba ukwehlukana kwakuyinto engcono kakhulu kuwe, nalokho akukwenzi kungabi buhlungu. Ungabhekana kanjani nemizwa ebonakala ingapheli? Phakathi kokunye, akunakukusiza ukuzenzisa sengathi awuzwa lutho. Njengoba muva nje umagazini i-’Teen washo ngokuphathelene nalendaba, “imizwa ayiyona into ongayibalekela noma uyifihle. Ekugcineni, izokuthola.”
Kungokwemvelo ngawe ukuba uzizwe ucasukile, uphazanyiswe ngokujulile yilokhu. Kodwa musa ukucindezela imizwa yakho, ulale ukhathazekile njalo ebusuku. Landela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.” (Efesu 4:26) Veza imizwa yakho kumngane omethembayo noma umuntu ongathululela kuye isifuba. “Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka,” kusho izAga 15:22. Abazali bakho noma abadala abangamaKristu bangaba usizo kakhulu kulezimo. Ungase uthole ukuthi nabo badlula kokuhlangenwe nakho okubuhlungu okufanayo lapho besebasha.
Olunye usizo ekubhekaneni nemizwa yakho ukuzigcina umatasa. Ungase uthambekele ekuhoxeni, ukuzehlukanisa, ukuphupha, nokulahlekelwa isithakazelo ekuphileni. UJeanette uyakhumbula: “Uzizwa ungafuni ukwenza lutho. Umane nje ulale kakhulu.” Kodwa njengoba izAga 18:1 zixwayisa, “ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” Ngakho kunalokho, zigcine umatasa. Zihlanganise futhi neqembu lalabo abazokukhuthaza enkambweni elungile.
Indlela engcono kakhulu yokusebenzisa amandla akho ukuzigcina umatasa enkonzweni yobuKristu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.” (1 Korinte 15:58) Akudingekile ukuba uzwe ukuphila kwakho kuyize noma kungenanjongo. Ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye kuletha injabulo nokwaneliseka.—IzEnzo 20:35.
Khumbula futhi ukuthi okwamanje uzoba nezinsuku ezinhle nezinsuku ezimbi. Ezinsukwini ezimbi ungase ube nomuzwa wokuthi awusoze wakunqoba. Kodwa iqiniso liwukuthi, uzoba ngcono. Ukwelapha isilonda—noma yisiphi isilonda—kuthatha isikhathi. Musa ukubambezela lenqubo ngokugxila emculweni wothando noma ovusa imizwa nokuphupha ngesithandwa sakho esikulahlekele. Thembela kuJehova ukuze uthole amandla. Ukwazi kahle kamhlophe obhekene nakho nendlela ozizwa ngayo. “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.”—IHubo 34:18.
Izikhathi Ezikhazimulayo Ngaphambili
Njengomusha, esinye sezibusiso zakho ezinkulu yisikhathi. Kunesikhathi esiningi ngaphambi kwakho sokufunda nokuzuza okuhlangenwe nakho. Ngakho sebenzisa lengcebo eyigugu ngokuhlakanipha; yakha izimfanelo eziyokusiza ukuba ube umuntu omdala onokwethenjelwa nolondekile. Ngaleyondlela uyokwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ngokuqomisana nomshado esikhathini esizayo.
Ngisho nakuba inzima, lenkathi ebuhlungu izodlula, futhi ungase uzuze ukuhlakanipha okwengeziwe kokuyinqoba. URenee, ocashunwe ngaphambili, uthi: “Manje ngiyakwazi ukubhekana nemizwa yami kangcono kakhulu. Ngifunde okuningi kakhulu. Ngifunde ukuthi ukwenza izinto ngendlela kaJehova kuphela okuyokwenza izinto zihambe kahle.”
[Isithombe ekhasini 23]
Kuyalimaza ngempela ukubona umuntu omthandayo ethandana nomunye umuntu