Ingabe Umculo Ungakulimaza Ngempela?
CABANGA ngalokhu: Umuntu ojwayelene naye emsebenzini ukumemela ukudla kwakusihlwa ekhaya lakhe. Uyavuma. Njengoba ubusuku buqhubeka, ubona izinto eziningi ezishaqisayo eziphathelene nomuntu okumemile. Ungumuntu ononya, unezimpawu zokuba ingozi ekuphileni, usebenzisa inhlamba, futhi uthuthukisa ukukhulekelwa kukaDeveli. Manje, ingabe ubungavuma ukuchitha obunye ubusuku unaye? Uphendula ngokuthi, “Cha!”
Okunye, kuthiwani uma ngalobobusuku lomuntu ojwayelene naye ubeqophe izinkolelo zakhe ezisontekile kanye nezimo zakhe zengqondo wabe esekunikeza ikhasethi? Ingabe ubungazifaka engozini yokulilalela ngokuphindaphindiwe? Akunjalo neze.
Nokho, iqiniso liwukuthi izigidi namuhla zizifaka engozini ngalendlela. Ngenxa yalokho, abaningi abalalela lomculo bamukela ukucabanga kanye nendlela yokuziphatha ewukhuthazayo.
Imuphi umculo esikhuluma ngawo? Amathonya onakalisayo angatholwa cishe kunoma isiphi isitayela somculo. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukhetha umculo we-classic, i-jazz, noma olunye uhlobo lomculo, kunesidingo sokuqapha nokukhetha.
Nokho, kunezinye izinhlobo zomculo okuqokonyiswa kuzo izindaba eziningi ezingakhi. Lokhu kubeka inselele ekhethekile. I-U.S.News & World Report ichaza isihloko esiyinhloko somculo onesigqi esinamandla ngokuthi “ukungakholelwa ezimisweni zokuziphatha kwentsha, okugcwele ubulili obunobudlova kanye nemicabango yokuzibulala ngezikhathi ezithile.” UDkt. David Elkind ukhuluma ngamanye amaqembu e-rock “onakele kakhulu ngokuphathelene nenhlamba kanye nokuziphatha kangangokuba enza ukuba wonke umkhakha womculo we-rock ube ongafaneleki.” Kwezinye izindawo amanye ama-albhamu aze ngisho anamalebula axwayisa ngenhlamba ayiqukethe.
Ingabe abantu bamane nje basabela ngokweqile emculweni bona abangawuthandi, noma ingabe sikhona yini isizathu sangempela sokukhathazeka? Ake sihlolisise omunye womculo we-rock manje ofinyelela izingxenye ezinkulu zomphakathi ngama-albhamu, ama-video omculo kumathelevishini, kanye namakhonsathi adlalwa bukhoma. Ake uhlole indlela abantu abathinteka ngayo. Bese uyazinqumela ngokwakho ukuthi lokhu kuzijabulisa kuwukuzijabulisa okungenangozi yini noma kuwushevu wengqondo. Ingabe ungokuthile wena noma umkhaya wakho okufanele nibe nobuhlobo obuseduze nakho noma ngisho nizibeke engozini yakho?