Isibindi Sokubeka UNkulunkulu Kuqala
UKUKHALA kocingo lwakithi kwakunomsindo owethusayo ngehora lesithathu ekuseni. Kwakuwumuntu oqhuba ibhizinisi noBaba owayesanda kuba semhlanganweni we-American Legion. Wayesovalweni. Wamemeza ubaba: “Wally, uma ungashayeli i-Philadelphia Inquirer ucingo njengamanje kusenesikhathi uyazise ukuthi uzolikhulekela ifulege ukuze kufakwe ephephandabeni lasekuseni, isixuku sizohlasela isitolo nomkhaya wakho namuhla, futhi ngeke ngibe necala ngokwenzekayo!” UBaba noMama babeke babhekana nobudlova besixuku ngaphambili. Sebephapheme ngokuphelele manje, baqala ukuthandaza.
Ngokuntwela kokusa basivusa sonke thina zingane eziyisithupha. UBaba watshela umfowethu uBill ukuba ahambise abancane ekhaya likamkhulu nogogo. Khona-ke mina noBill sasiza ngomsebenzi wasendlini nasesitolo njengokuvamile. UBaba waya kumphathi wamaphoyisa waseMinersville futhi wamtshela ngalolusongo. Ngokuphazima kweso imoto ye-Pennsylvania State Police yafike yapaka ngaphambi kwesitolo sakithi futhi yahlala lapho usuku lonke. Saqhubeka nemisebenzi yethu esitolo futhi sathengisela amakhasimende, kodwa amehlo ethu ayelokhu egqolozele endaweni engaphambi kwesitolo. Izinhliziyo zethu zazishaya ngamandla njalo lapho iqembu labantu lima kancane. Kodwa lesixuku asizange size. Mhlawumbe intukuthelo yaso yehliswa ukuthi kwakusemini—nangokubona imoto yamaphoyisa!
Sithola Iqiniso
Kodwa yini eyayiholele kulesimo esishubile? Kwakuphathelene nenkolo yethu. Phela, emuva ngo-1931, lapho ngineminyaka eyisikhombisa, uGogo noMkhulu beza ukuzohlala nathi okwesikhashana. BabengabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngalesosikhathi.
UMkhulu akazange afakaze kuBaba, kodwa lapho uGogo noMkhulu besaphumile, uBaba wayengena ekamelweni labo ukuze abone ukuthi lezincwadi zabo zazikhuluma ngani. Wayezifunda ngomdlandla! Ngisalikhumbula kahle izwi lakhe eligcwele injabulo: “Bheka lokho iBhayibheli elikushoyo!” Iqiniso lalimjabulisa ngempela. Umama naye wayezifunda lezincwadi, futhi ngo-1932 wayeselishiyile iSonto LamaWeseli, futhi sase sinesifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngangichichima injabulo njengabo ukuzwa ngomhlaba omangalisayo oyiPharadesi ozayo. Zisuka nje iqiniso ngalenza laba elami.
Ngasekupheleni kuka-1932, uMama wabuza ukuthi ngangikulungele yini ukuya emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Ngalezozinsuku, kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala, wawuhamba wedwa endlini ngendlu. Futhi sasisebenzisa ikhadi lobufakazi. Ngangimane ngithi: “Sawubona, nginesigijimi esibalulekile. Ungasiza ufunde lokhu?” Uma ekuqaleni umninikhaya engenaso ngisho nesithakazelo esincane, ngangimane ngithi, “Kulungile, sala kahle,” lapho eqeda ukufunda.
Ngokushesha, kwafika ukuphikiswa. Entwasahlobo ka-1935, safakaza edolobheni laseNew Philadelphia. Ngikhumbula ngimi emnyango komunye umuzi ngikhuluma nendoda ethile lapho kufika amaphoyisa ezongithatha kanye nabanye ababefakaza. Umninikhaya wabonakala eshaqekile ngokuthi babezobopha lentombazane eneminyaka engu-11. Basiyisa endlini yezicisha-mlilo enezitezi ezimbili. Ngaphandle kwakuphithizela isixuku esiklabalasayo sabantu ababengaba inkulungwane. Ngokusobala amasonto ayesheshe aphuma ngaleloSonto ukuze kukhuthazwe wonke umuntu ukuba ahlanganyele. Njengoba sasidluliswa phakathi kwalesixuku, enye intombazane yangishaya engalweni. Kodwa sangena ngaphakathi ngokulondeka, futhi onogada abahlomile bavimbela lesixuku ukuba singephuli umnyango.
Sasingu-44 esasiminyene kulendlu yezicisha-mlilo, futhi kwadingeka ukuba sihlale ezitebhisini. Sasinganyukubele neze; sasijabulele ukuhlangana nabanye oFakazi abavela eBandleni laseShenandoah ababesisiza ekushumayeleni kulelidolobha. Lapho ngahlangana no-Eleanor Walaitis, futhi saba abangane abakhulu. Ngemva kwamahora ambalwa, amaphoyisa asikhulula.
Kuphakama Impikiswano Yokukhulekelwa Kwefulege
Emhlanganweni ophawulekayo woFakazi BakaJehova wango-1935 owawuseWashington D.C., othile wabuza uMzalwan’ uRutherford, umongameli we-Watch Tower Society, ukuthi kwakufanele yini ukuba izingane zesikole zikhulekele ifulege. Waphendula ngokuthi kwakuwukungathembeki kuNkulunkulu ukufuna insindiso ngokukhulekela isifanekiselo sasemhlabeni; wathi wayengenakukwenza. Lokhu kwasihlaba umxhwele thina noBill. Sakhuluma ngakho nabazali bethu futhi sahlola u-Eksodusi 20:4-6, 1 Johane 5:21, noMathewu 22:21. UMama noBaba abazange basicindezele noma basenze ukuba sizizwe sinecala. Lapho kuvulwa izikole ngo-September, sasikuqaphela kakhulu lokho okwakumelwe sikwenze. Kodwa ngaso sonke isikhathi lapho othisha bethu beqalazela ngakithi, sasiphakamisa izingalo zethu futhi sinyakazise izindebe zethu ngokukhohlisa. Enye inkinga enganginayo ukuthi ngangesaba ukuthi abangane bami bezwe basesikoleni babezongilahla uma ngithatha ukuma kwami.
Kodwa lapho amaphayona athile esivakashele, ngawatshela lokho esasikwenza. Angisoze ngakukhohlwa lokho omunye udade akusho: “Lillian, uJehova uyamzonda umzenzisi.” Khona-ke, ngo-October 6, uMzalwan’ uRutherford wakhipha emsakazweni uhlelo olwaluzofinyelela kulelozwekazi lonke olwalunesihloko esithi “Ukukhulekela Ifulege.” Wachaza ukuthi siyalihlonipha ifulege kodwa ukwenza imicikilisho engokwenkolo phambi kwesithombe noma isifanekiselo eqinisweni kuwukukhonza izithombe. Ubuhlobo bethu noJehova babukulahla ngokuphelele lokhu.
Ngo-October 22, uBill, eneminyaka eyishumi nje kuphela, wafika ekhaya ejabule kakhulu evela esikoleni. “Ngiyekile ukukhulekela ifulege!” washo ngomuzwa wokunqoba. “Uthisha uzamile ukuphakamisa ingalo yami, kodwa ngayibamba yaqina ekhukhwini.”
Ngosuku olulandelayo ekuseni, ngithukile, ngaya kuthisha wami ngaphambi kwekilasi ukuze ngithole isibindi. “Thishelakazi uShofstal,” ngangingiza, “Ngeke ngisalikhulekela ifulege. IBhayibheli ku-Eksodusi isahluko 20 lithi asinakuba nabanye onkulunkulu phambi kukaJehova uNkulunkulu.” Ngingalindele wamane nje wanganga futhi wathi ngiyintombazane ethandeka ngempela. Nokho, lapho kufika isikhathi somkhosi wokukhulekelwa kwefulege, angizange ngihlanganyele ekukhulekeleni.a Ngokushesha wonke umuntu wayengigqolozele. Kodwa ngazizwa ngizigqaja. KwakunguJehova owanginikeza isibindi sokungalikhulekeli!
Amantombazane ayengabangane bami ayethukile. Yinye noma mabili eza kimi ezobuza ukuthi kungani, futhi kwaqalisa izingxoxo ezinhle. Kodwa izingane eziningi zaqala ukunganginaki. Lapho ngifika esikoleni usuku ngalunye ekuseni, abafana abambalwa babememeza, “Nangu uJehova eza!” futhi bangijikijele ngamatshe amancane. Sasiwumbukwane wesikole amasonto amabili. Khona-ke ikomiti ephethe isikole yanquma ukuthatha isinyathelo. Ngo-November 6 yahlangana noBaba noMama nabazali bomunye umfana onguFakazi. Umphathi wesikole, uProfesa Charles Roudabush, waphikelela ngokuthi ukuma kwethu kwakufana nokumelana negunya; abanye abasekomitini bavumelana naye ngokushesha. Basixosha esikoleni.
Isikole Sasekhaya Siyaqalisa
Basivumela ukuba sigcine izincwadi zethu zesikole, ngakho ngokushesha samisa isikole sasekhaya ekamelweni elingaphansi kophahla endlini yakithi eyisitezi, esasiqondiswa intombazane esentsha eyayisiza uMama ekhaya. Kodwa ngokushesha kwafika incwadi eyayithi uma singenaye uthisha owufundele lomsebenzi, sasiyothunyelwa esikoleni sokuqondisa izigwegwe.
UPaul noVerna Jones, ababenepulazi endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-50, basishayela ucingo phakathi nezinsuku ezimbalwa. “Sizwile ukuthi izingane zenu zixoshiwe,” uPaul etshela uBaba. Babedilize udonga phakathi kwekamelo labo lokuphumula nelokudlela ukuze benze ikamelo lokufunda. Basimema ukuba size. Uthisha osemusha wase-Allentown owayenesithakazelo eqinisweni wawamukela ngentshiseko lomsebenzi, nakuba kwakusho ukuhola imali encane kakhulu kunaleyo eyayiholwa ezikoleni zomphakathi. Kwaqala ukuvela izikole ezifanayo zoFakazi kulo lonke izwe.
AbakwaJones babenezingane zabo ezine; kodwa bathatha okungenani ezinye eziyishumi. Sasilala ngabathathu embhedeni owodwa futhi siphenduka ngokutshelana nangokuvumelana! Omunye umkhaya woFakazi owawuseduze wathatha cishe abaningi ngokufanayo, futhi ngokushesha inani lababebakhona esikoleni lenyuka laba ngaphezu kuka-40. Kwakugcwele ukuncokola nokuhleka, kodwa kwakunemisebenzi esasiyenza futhi. Sasivuka ngehora lesithupha ekuseni. Abafana babesiza ngaphandle, futhi amantombazane ayenomsebenzi wasekhishini. Abazali bethu babefika ngoLwesihlanu ngemva kwesikole bezosilanda ukuze sibe sekhaya ngempelasonto. Ngolunye usuku izingane zakwaWalaitis zafika, kanye nomngane wami u-Eleanor.
Izinkinga zokufunda zazilokhu zivela. UMzalwan’ uJones othandekayo wafa, ngakho uBaba wasebenzisa iloli lakithi elincane njengebhasi lesikole ukuze asiyise esikoleni esiqhele ngamakhilomitha angu-50. Khona-ke abanye bethu bafinyelela eminyakeni yesikole esiphakeme futhi bedinga uthisha ofanelekele ukufundisa leloqembu lobudala. Kuzo zonke izithiyo, kwakubonakala sengathi uJehova wayelungiselela ikhambi.
Ukuya Enkantolo
Phakathi nalesosikhathi iNhlangano yayifuna ukuletha ezinkantolo ukuhlukunyezwa okuphathelene nempikiswano yokukhulekelwa kwefulege. Amakhulu ethu ayethathe ukuma manje ayesebe izinkulungwane. Kwakukhethwa imikhaya ngokulandelana, kodwa izinkantolo zombuso zenqaba ukuba amacala ayo athethwe. Kwabizwa umkhaya wakithi, futhi ummeli weNhlangano nommeli we-American Civil Liberties Union bavula icala kuyi-Federal District Court yasePhiladelphia ngo-May 1937. Usuku lokuthethwa kwecala lwamiselwa u-February 1938.
Mina noBill kwakuyofanele sifakaze enkantolo. Ngisalikhumbula itwetwe enganginalo lapho ngisalindele lokho! Ummeli weNhlangano wasihlomisa ngokuphindaphindiwe ngemibuzo esasingase siyibuzwe. Enkantolo, uBill wabizwa kuqala. Bambuza ukuthi kungani ayengenakulikhulekela ifulege, futhi waphendula ecaphuna u-Eksodusi 20:4-6. Kwase kuba ithuba lami. Kwabuzwa umbuzo ofanayo. Lapho ngiphendula, “Eyoku-1 Johane 5:21,” ummeli ophikisayo wamemeza: “Ngiyala!” Wayenomuzwa wokuthi umbhalo owodwa wawanele! UProfesa Roudabush wasukuma, ethi sasifundiswe izimfundiso eziphambene futhi sisakaza “ukungalihloniphi . . . ifulege nezwe.” Kodwa uMahluleli u-Albert Maris wasikhipha phambili ecaleni.
Isigijimi esasivela ekomitini yesikole sasiwukuthi ‘ningalokothi nizame nokuzama ukubuyela esikoleni!’ ‘Sizolidlulisa lelicala.’ Ngakho labuyela ePhiladelphia, manje lidluliselwa Enkantolo Yokudluliswa Kwamacala yase-U.S. Ngo-November 1939 inkantolo eyakhiwe amadoda amathathu yasikhipha phambili ecaleni. Ikomiti yesikole yayinengiwe. Icala ladluliselwa eNkantolo Ephakeme yase-U.S.!
INkantolo Ephakeme
Savukwa amadlingozi lapho sizwa ukuthi uMzalwan’ uRutherford ngokwakhe owayezokhuluma ecaleni lethu! Isigejane sethu sahlangana naye e-Union Station eWashington D.C., ngobusuku bangaphambi kokuthethwa kwecala. Yeka lesosikhathi! Kwakungu-April 1940 futhi kusapholile. Ngosuku olulandelayo inkantolo yayigcwele oFakazi BakaJehova. Ekugcineni kwase kuyithuba lethu, futhi uMzalwan’ uRutherford wasukuma ukuze akhulume. Angisoze ngayikhohlwa indlela asifanisa ngayo thina zingane zoFakazi nomprofethi othembekile uDaniyeli, abangane bakaDaniyeli abathathu abangamaHeberu, nabanye abantu eBhayibhelini. Yayivusa ilukuluku, futhi izilaleli zalalela ngokucophelela okukhulu.
Asizange sicabange ngempela ukuthi inkantolo yayizosilahla ngecala. Kwakulindelekile, ngoba sasiphumelele emacaleni amabili adlule. Kodwa ekuseni ngo-June 3, 1940, mina noMama sasisebenza ekhishini sivulele umsakazo. Ngokungazelele kwangena izindaba. Abahluleli babesilahle ngecala—hhayi nje ngomehluko ongatheni, kodwa ngamaphuzu angu-8 kwelilodwa! Mina nomama sahlala siqhathe umunyu, sithukile ngokungakholwa. Sase sehlela ngezansi ukuze sitshele uBaba noBill.
Lesinqumo sadedela igagasi elalicishe lingakholeki lobudlova. Ezweni lonke, kwakuyisikhathi sokushushisa oFakazi BakaJehova ngokungenakuvinjelwa. Abantu babecabanga ukuthi benza umsebenzi wokushisekela izwe lakubo ngokusihlasela. Phakathi nezinsuku ezimbalwa iHholo LoMbuso eKennebunk, eMaine, lashiswa. E-Illinois isixuku sahlasela oFakazi abangu-60 beshumayela, begumbuqela izimoto zabo futhi bedabula nezincwadi zabo. Endaweni yaseShenandoah, ePennsylvania, imayini yamalahle, izimboni zezimpahla zokugqoka, nezikole konke kwaqhuba imikhosi yokukhulekelwa kwefulege ngokulandelana okusheshayo. Ngakho, izingane zoFakazi zaxoshwa esikoleni, nabazali bazo balahlekelwa imisebenzi yabo konke kwenzeka phakathi nosuku olulodwa.
Ukubhekana Noshushiso
Kwakungalesikhathi lapho umkhaya wakithi wathola usongo lobudlova besixuku engiluchaze ekuqaleni. Ngokushesha ngemva kokuba lokho kuhlulekile, isonto laseMinersville lamemezela ukuba kutelekelwe isitolo sakithi. Ibhizinisi lehla ngokushesha okukhulu. Laliwukuphila kwethu konke, futhi manje kwase kunezingane eziyisithupha emkhayeni. UBaba kwadingeka aboleke imali ukuze siqhubeke siphila. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lesiteleka saphela; abantu baqala ukuzothenga futhi. Abanye baze ngisho banengwa bethi kwase “kuwukweqisa” ngompristi wabo ukubatshela ukuthi bakuthenge kuphi ukudla. Nokho, imikhaya eminingi yoFakazi yalahlekelwa amabhizinisi namakhaya phakathi naleyominyaka.
Ngobunye ubusuku ngangihambisa umkhaya wakithi ngemoto ubuya ezifundweni zeBhayibheli ezithile. Ngemva nje kokuba uMama noBaba bengene ngokushesha emotweni, iqembu lentsha laphuma lapho belicashe khona futhi lazungeza imoto. Laqala ukuphantshisa amathayi. Ngokungazelele ngabona isikhala ngaphambi kwethu. Ngafaka amafutha, futhi sabaleka! “Lillian, ungaphinde ukwenze lokho,” uBaba wangiluleka. “Ubungase ulimaze othile.” Nalapho, safika ekhaya silondekile futhi siphilile.
Phakathi nabo bonke lobudlova bokushisekela izwe okungenangqondo, imithombo yezindaba yayisisekela kakhulu. Okungenani amaphephandaba aphambili angu-171 asilahla isinqumo sokukhulekelwa kwefulege sango-1940. Idlanzana kuphela elalikusekela. Ohlwini lwakhe lwephephandaba olwaluthi “Usuku Lwami,” u-Eleanor Roosevelt, inkosikazi kamongameli, wabhala esilwela. Nalapho, akubonakalanga lushintsho.
Ushintsho Ekugcineni
Nokho, ngo-1942, abathile babahluleli beNkantolo Ephakeme baba nomuzwa wokuthi babengenzanga isinqumo esifanele ecaleni lethu. Ngakho iNhlangano yavula icala labakwaBarnett, abakwaStull, nabakwaMcClure, elalihilela iqembu lezingane zoFakazi ezazixoshwe esikoleni eNtshonalanga Virginia. INkantolo Yesifunda yase-U.S. yaseNtshonalanga Virginia yanquma ngazwi linye ukukhipha phambili oFakazi BakaJehova ecaleni! Manje, lapho i-State Board of Education idlulisa icala, icala ladlulela eNkantolo Ephakeme yase-U.S. Umkhaya wakithi wawulapho eWashington, D.C., lapho ummeli weNhlangano, uHayden C. Covington, ekhuluma ngamandla phambi kweNkantolo Ephakeme. NgoSuku Lokuhlonishwa KweFulege lase-U.S., ngo-June 14, 1943, kwakhishwa isinqumo. OFakazi BakaJehova baphuma phambili ngamaphuzu ayisithupha kwamathathu!
Kulo lonke izwe, izinto zaqala ukudamba ngemva kwalokhu. Yiqiniso, babesekhona abanye ontamo-lukhuni ababesathola izindlela zokwenza ukuphila kube nzima kodadewethu abancane lapho bebuyela esikoleni, kodwa mina noBill sasingasezona manje izingane zesikole. Kwase kuphele iminyaka eyisishiyagalombili selokhu sathatha ukuma kwethu.
Umsebenzi Wokukhonza uJehova
Kodwa lokho kwakuwukuqala nje kwemisebenzi yethu yokukhonza uJehova. UBill waba yiphayona eneminyaka engu-16. Mina no-Eleanor Walaitis (manje osenguMiller) saphayona sobabili futhi sakhonza eBronx, eDolobheni laseNew York. Ngemva konyaka, kwangivusa amadlingozi ukuqala ukukhonza eBethel yaseBrooklyn, indlunkulu yomhlaba wonke ye-Watch Tower Society. Nalapho futhi ngakha ubungane obuye bahlala ukuphila konke.
Ehlobo lango-1951, ngangisemhlanganweni eYurophu lapho ngihlangana no-Erwin Klose. Embuthanweni othile eJalimane, yena nabanye abazalwane baseJalimane basiculela kamnandi besijabulisa. Ngamtshela ngentshiseko ukuthi wayenephimbo elihle kangakanani. Wanqekuzisa ikhanda ngomusa, futhi ngaqhubeka ngikhuluma. Wayengaqondi ngisho nokukodwa engangikusho! Ezinyangeni ezimbalwa kamuva ngabona u-Erwin eBrooklyn, eNew York, eBethel, njengoba ayebhaliswe kuyi-Watchtower Bible School of Gilead ukuze aqeqeshelwe umsebenzi wezithunywa zevangeli. Ngaphinde ngakhuluma naye isikhathi eside, ngimamukela eBrooklyn, futhi waphinde wamomotheka ngomusa. Wakuthola kusenzinyana ukungiqonda! Nokho, ekugcineni saqondana. Akuthathanga isikhathi eside sathembisana umshado.
Ngaba isithunywa sevangeli futhi ngajoyina u-Erwin emsebenzini wakhe e-Austria. Kodwa impilo ka-Erwin yawohloka ngenxa yokuphathwa ngonya ayekuthole ezandleni zamaNazi ngenxa yokuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ngixoshwa esikoleni, wayesemajele nasemakamu okuhlushwa.b Ngasekupheleni kuka-1954 sabuyela e-United States.
Kusukela ngalesosikhathi siye saba nenjabulo yokukhonza lapho indingeko inkulu khona nokukhulisa izingane ezinhle ezimbili ezindleleni zikaJehova. Njengoba izingane zethu zaziya esikoleni, ngabona ukuthi izinto azikashintshi ngokuphelele. Bobabili uJudith noStephen bahlaselwa ngenxa yezinkolelo zabo, futhi mina no-Erwin sazizwa sichichima injabulo njengoba nabo ngokufanayo bebonisa isibindi sokumelela lokho okulungile. Futhi njalo ngathola ukuthi ekupheleni konyaka wesikole, othisha babo baqaphela ukuthi oFakazi abalona iqembu labashisekeli abangenangqondo, futhi siye sakha ubuhlobo obuhle kakhulu nabo.
Lapho ngibheka emuva eminyakeni eminingi, manje ngibona ngokuqinisekile ukuthi uJehova uye wawubusisa umkhaya wethu. Okwamanje siwumkhaya onamalungu angu-52 akhonza uJehova. Kunabayisishiyagalombili abaye bamukela umvuzo wabo wasezulwini noma abalindele uvuko lwasemhlabeni, kuhlanganise nabazali bami abathandekayo, abashiya ifa elimangalisa kangaka lokubeka uJehova kuqala ekuphileni. Eminyakeni yamuva nje siye sacabanga kakhulu ngalesosibonelo. Ngemva kokuphila ukuphila okumatasa nokuzuzisa kangaka, u-Erwin uye wahlushwa isifo sezinzwa nemisipha esimgcina elinganiselwe kakhulu.
Naphezu kokuvivinywa okunjalo, sibheke phambili esikhathini esizayo ngenjabulo nethemba langempela. Akukho namunye wethu owake wazisola ngesinqumo sethu sokukhonza uJehova uNkulunkulu ngokuphelele.—Njengoba ilandiswa uLillian Gobitas Klose.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuvamile, oFakazi BakaJehova bazimisele ukubonisa inhlonipho ngezifungo namahubo ngezindlela ezingabonisi ukuhlanganyela ezenzweni zokukhulekela okungokwenkolo.
b Bheka i-Phaphama! ka-November 22, 1992, ethi “AmaNazi Ayengenakusivimbela!”
[Ibhokisi ekhasini 17]
Kungani OFakazi BakaJehova Bengalikhulekeli Ifulege?
KUNESIMISO sokukhulekela oFakazi BakaJehova abasigcizelela ngaphezu kokuba kwenza amanye amaqembu angokwenkolo: ukuzinikela ngokuphelele. UJesu waphawula lesosimiso kuLuka 4:8: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” Ngakho oFakazi bakhetha ukugwema ukuqondisa ukukhulekela kunoma ubani omunye noma kunoma yini enye endaweni yonke ngaphandle kukaJehova. Kubo ukuhlanganyela ekukhulekeleni ifulege lanoma yisiphi isizwe kuyisenzo sokukhulekela esingaphazamisa futhi sonakalise ukukhulekela kwabo uJehova okuphelele.
Kokubili ama-Israyeli namaKristu okuqala axwayiswa ngokuphindaphindiwe ngokumelene nokukhulekela noma yini eyenziwe ngabantu. Lomkhuba walahlwa njengokukhulekela izithombe. (Eksodusi 20:4-6; Mathewu 22:21; 1 Johane 5:21) Ingabe ifulege lingabhekwa njengesithombe ngempela? Abambalwa bangagomela ngokuthi limane liyisiqeshana sendwangu. Libhekwa emhlabeni wonke njengophawu olungcwele, ngisho nangaphezu kwalokho. Isazi-mlando esingumKatolika uCarlton Hayes sikubeka ngalendlela: “Uphawu oluyinhloko lokholo nento ekhulekelwayo ebalulekile yobuzwe ifulege.”
Lokhu akusho ukuthi oFakazi BakaJehova abalihloniphi ifulege noma labo abalikhulekelayo. Ngokuvamile bayosukuma ngenhlonipho emikhosini enjalo uma nje kuphela kungalindelekile ukuba bahlanganyele. Kuyinkolelo yabo ukuthi umuntu ubonisa inhlonipho yangempela ngefulege ngokulalela imithetho yezwe elilimelele.
Abantu abaningi bangavuma ukuthi ukukhulekela ifulege akuqinisekisi ukuthi uyalihlonipha. Ukuthi lokhu kuyiqiniso kwaboniswa kwelinye icala eCanada. Uthisha kanye nothisha-nhloko batshela intombazanyana ethile eyayikhulekela ifulege ukuba ilifele ngamathe; yenza kanjalo. Base betshela intombazane enguFakazi osemusha ekilasini ukuba yenze okufanayo, kodwa yenqaba ngokuqinile. KoFakazi BakaJehova, kuyindaba yesimiso esijulile ukuhlonipha ifulege. Nokho, ukukhulekela kwabo kuya kuJehova kuphela.
[Isithombe ekhasini 16]
U-Erwin noLillian eVienna, e-Austria, ngo-1954
[Isithombe ekhasini 17]
ULillian namuhla
[Umthomboe]
Dennis Marsico