Lapho Zonke Izinhlanga Zihlala Ndawonye Ngokuthula
UNKULUNKULU “wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Lawo amazwi eBhayibheli aqondakalayo ngokuphathelene nomsuka womkhaya wabantu.
Elikushoyo ukuthi sonke isintu, kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi noma sinaziphi izici ezingokomzimba, savela ohlwini olulodwa lozalo. Lisho futhi ukuthi naphezu kwawo wonke umehluko ophawulekayo, “izizwe zonke” zinamandla afanayo okusebenzisa amakhono nokuhlakanipha. Yebo, emehlweni kaNkulunkulu, abantu bazo zonke izinhlanga noma izizwe bayalingana.—IzEnzo 10:34, 35.
Uma umbono weBhayibheli unembile, kunethemba lokuthi lonke ubandlululo nokungabi nabulungisa okusekelwe ekungqubuzaneni kobuhlanga kungase kuqedwe. Ngaphezu kwalokho, uma iBhayibheli linembile ngokuphathelene nomsuka womkhaya wabantu, khona-ke ngokunengqondo leyoncwadi efanayo ingasinikeza futhi ukwazisa okwembula indlela uhlanga lwesintu olungaphila ngayo ndawonye ngokuthula.
Nokho, amaqiniso abonisani? Ingabe isayensi iyakusekela ukulandisa kweBhayibheli ngokuphathelene nemisuka yabantu?
Ubufakazi Obungokwesayensi
Incwadi ethi The Races of Mankind, eyalotshwa izazi zendabuko yabantu ezinguR. Benedict noG. Weltfish, iyaphawula: “Indaba yeBhayibheli ka-Adamu no-Eva, ubaba nomama balo lonke uhlanga lwesintu, emakhulwini amaningi adlule yakhuluma iqiniso elifanayo eliye laboniswa isayensi namuhla: ukuthi bonke abantu basemhlabeni bawumkhaya owodwa futhi banomsuka ofanayo.” Labalobi babonisa futhi ukuthi “ukwakheka okuyinkimbinkimbi komzimba womuntu . . . kwakungenakwenzeka ukuba ‘kuzenzakalele nje’ kufane kubo bonke abantu ukube babengenamsuka ofanayo.”
Ipheshana elithi Race and Biology, elalotshwa uL. C. Dunn, uprofesa we-sayensi ephathelene nezilwane eYunivesithi yaseColumbia, lithi: “Ngokusobala bonke abantu bangabohlobo olulodwa, njengoba befana kuzo zonke izici eziyisisekelo ezingokomzimba. Amalungu azo zonke izinhlanga angaganana futhi eqinisweni ayakwenza.” Khona-ke liyaqhubeka lichaza: “Nokho wonke umuntu uyingqayizivele futhi uhluke ngezindledlana ezincane kuwo wonke omunye umuntu. Lokhu ngokwengxenye kubangelwa izindawo ezihlukahlukene abantu abahlala kuzo futhi ngokwengxenye kubangelwa umehluko ezicini zofuzo abazizuze njengefa.”
Ubufakazi obungokwesayensi buyagculisa. Uma sikubheka ngomqondo ongokwesayensi yezinto eziphilayo, ayikho into okuthiwa uhlanga oluphakeme noma oluphansi, uhlanga oluhlanzekile noma olungcolile. Izici ezinjengebala lesikhumba somuntu, izinwele, noma amehlo—izinto abanye abangase bazibheke njengezibalulekile ngokohlanga—azibona ubufakazi bokuhlakanipha noma amakhono omuntu. Kunalokho, ziwumphumela wezici zofuzo.
Ngempela, ukwehluka kwezinhlanga kuncane kakhulu, njengoba kubhala uHampton L. Carson kwethi Heredity and Human Life: “Indida esibhekene nayo iwukuthi iqembu ngalinye labantu libonakala lihlukile ngaphandle kuyilapho ngaphansi kwalomehluko kunokufana okuyisisekelo.”
Uma ngempela bonke abantu bakha umkhaya owodwa kuphela, kungani-ke kukhona izinkinga ezisabekayo zobuhlanga?
Isizathu Salenkinga
Isizathu esiyinhloko esenza kube khona ubandlululo lobuhlanga isiqalo esibi abazali bokuqala abangabantu abasinikeza inzalo yabo. U-Adamu no-Eva bahlubuka kuNkulunkulu ngamabomu futhi kanjalo baba abangaphelele, abanesono. Ngenxa yalokho, ukungapheleli kuka-Adamu—lokhu kuthambekela ngasebubini—kwadlulela enzalweni yakhe. (Roma 5:12) Ngakho kusukela esikhathini sokuzalwa kuqhubeke, bonke abantu bathambekele ebugovwini nasekuzaziseni, okuye kwaholela ezingxabanweni nasosizini lwezinhlanga.
Kunesinye isizathu esenza ukuba kube nobandlululo lobuhlanga. Lapho u-Adamu no-Eva behlubuka ekubusweni uNkulunkulu, baba ngaphansi kokubusa kwesidalwa esibi esingokomoya iBhayibheli elisibiza ngokuthi uSathane, noma uDeveli. Ngaphansi kwethonya lalesidalwa, ‘esidukisa izwe lonke,’ ngokuvamile kuye kwenziwa imizamo yangamabomu yokukhohlisa abantu ngendaba yobuhlanga. (IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4) Ukuzigqaja ngobuhlanga—umbono wokuthi uhlanga lomuntu luphakeme—kuye kwabhebhethekiswa kwaba umlilo owubuhanguhangu, futhi ngenhloso noma ngokungenhloso, izigidi ziye zathonyeka ngokunamandla, kwaba nemiphumela eyinhlekelele.
Uma sikubeka ngembaba, abantu abanobugovu, abangaphelele ngaphansi kokulawula kukaSathane baye basakaza zonke izimfundiso zamanga ngohlanga eziye zabangela izinkinga zobuhlanga.
Ngakho-ke, ukuze uhlanga lwesintu luhlangane, sonke kumelwe sikukholelwe ukuthi siwumkhaya owodwa wesintu ngempela nokuthi uNkulunkulu wazenza “izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Ngaphezu kwalokho, ukuze zonke izinhlanga zihlale ndawonye ngokuthula, kumelwe kususwe ithonya likaSathane ezindabeni zesintu. Ingabe lezinto ziyoke zenzeke? Ingabe sikhona yini isisekelo sokukholelwa ukuthi ziyokwenzeka?
Ukuqeda Ubandlululo Lobuhlanga
UJesu Kristu wembula indlela ubandlululo lobuhlanga olwalungase luqedwe ngayo lapho eyala abafundi bakhe ukuba ‘bathandane’ njengoba nje abathanda. (Johane 13:34, 35) Loluthando kwakungamelwe lubonakaliswe nje kuphela emalungwini ohlanga noma ezinhlanga ezithile. Lutho neze! Omunye wabafundi bakhe wakhuthaza: “Nithande abazalwane.”—1 Petru 2:17.
Lubonakaliswa kanjani loluthando lobuKristu? IBhayibheli liyachaza lapho linxusa: “Ekwazisaneni nandulelane.” (Roma 12:10) Ake ucabange ukuthi kusho ukuthini lapho lokhu kwenziwa! Umuntu ngamunye uphatha abanye, ngokwazisa nangenhlonipho yangempela, kungakhathaliseki uhlanga noma ubuzwe babo, engababukeli phansi, kodwa eqinisweni ‘eshaya sengathi bakhulu kunaye.’ (Filipi 2:3) Lapho lomoya onjalo wothando lwangempela lobuKristu ukhona, inkinga yobandlululo lobuhlanga iyaxazululeka.
Yiqiniso, kulabo abaye bafundiswa ubandlululo lobuhlanga, kudinga umzamo ongavamile ukususa kubona imibono enjalo ephefumlelwe uSathane. Kodwa kungenziwa! Ekhulwini lokuqala, bonke labo abangeniswa ebandleni lobuKristu bakwazi ukujabulela ubunye obungenakuqhathaniswa. Umphostoli uPawulu wabhala lokhu ngabo: “Akakho umJuda nomGreki‚ akakho oboshiweyo nokhululekileyo‚ akakho owesilisa nowesifazane‚ ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.” (Galathiya 3:28) Ngempela, abalandeli bakaKristu beqiniso babejabulela ubuzalwane bangempela.
Kodwa abanye bangase baphikise: ‘Lokhu akusoze kwenzeka namuhla.’ Nokho, sekwenzekile kakade phakathi koFakazi BakaJehova—inhlangano yabantu abangaphezu kwezigidi ezine nengxenye! Kuyavunywa ukuthi, akubona bonke oFakazi abaye bakhululeka ngokuphelele obandlululweni olufundwe kulesimiso esingamesabi uNkulunkulu. Omunye umMelika onsundu waphawula isimo esingokoqobo ngoFakazi abamhlophe abakanye naye: “Phakathi kwabathile babo ngithola isimo sengqondo esiyinsila sokuziphakamisa ngokohlanga, futhi ngezinye izikhathi ngiye ngabona ukungakhululeki okuthile kwabanye babo lapho besondelene nabantu bolunye uhlanga.”
Nokho, lomuntu waphawula: “Ngokwezinga elingenakufinyelelwa abanye abantu emhlabeni, oFakazi BakaJehova baye baluqeda ubandlululo lobuhlanga kubo. Bayakuphishekela ukuthandana kungakhathaliseki uhlanga . . . Ngezinye izikhathi inhliziyo yami iye yafudumala kwaze kwaba seqophelweni lokuhluleka ukubamba izinyembezi lapho ngiphawula uthando loqobo loFakazi abamhlophe.”
Ingabe ubunye bezinhlanga obujatshulelwa abambalwa—ngisho nakuba laba bebalelwa ezigidini—buyawenza yini ngempela umehluko ongako lapho izigidi zabanye zithonywa imibono yobuSathane yokuvelela kobuhlanga? Cha, siyavuma ukuthi lokhu akuyixazululi inkinga yobuhlanga. Kungaphezu kwemizamo yabantu ukwenza kanjalo. UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu kuphela, ongakwenza lokho.
Ngokujabulisayo, maduzane nje, uJehova, esebenzisa uMbuso wakhe osezandleni zeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uzoqeda konke ukungabi nabulungisa emhlabeni nabo bonke labo abakhuthaza ngobugovu ubandlululo nenzondo, kobuhlanga noma kolunye uhlobo. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Khona-ke, ngesimiso semfundo esiphelele ngaphansi kokuqondisa kukaKristu, zonke izinhlanga ziyohlangana ngempela. Njengoba leyomfundo iqhubeka, ziyophila ngobunye obuphelele ngaphandle kwanoma iziphi izinsalela zobandlululo lobuhlanga. Ekugcineni lesithembiso sikaNkulunkulu siyogcwaliseka: “Okokuqala kudlulile. . . . Bheka, ngenza konke kube-kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.
Ingabe ungumuntu ofisela isikhathi lapho kubusa ubuzalwane beqiniso, lapho zonke izinhlanga ziphila ndawonye ngokuthula? Uma kunjalo, siyakwamukela ukuba ube khona eHholo LoMbuso eliseduze nawe, lapho oFakazi BakaJehova behlangana khona njalo ukuze batadishe iBhayibheli. Zibonele ngokwakho ukuthi abalubonakalisi yini uthando lwangempela lobuKristu—kubantu bazo zonke izinhlanga.
[Isithombe ekhasini 10]
Ngokushesha zonke izinhlanga kuyo yonke indawo ziyohlala ndawonye ngokuthula