Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 9/8 k. 10-k. 12 isig. 6
  • Isimo Esibucayi Esingokwenkolo ENetherlands

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimo Esibucayi Esingokwenkolo ENetherlands
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushiya Ubupristi
  • “Inkathi Yeqhwa” Ngokuphathelene NeSonto
  • Isizathu Sokuba Bashiye ISonto
  • Ingabe UbuKristu Buyophela?
  • Ingabe Inkolo Iyaphela?
    I-Phaphama!—1988
  • ISonto—Izinguquko Nokudideka
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe AmaLuthela AseJalimane Ayihlelo Elisengozini?
    I-Phaphama!—1987
  • Amathemba Esikhathi Esizayo ObuProthestani—Nawakho!
    I-Phaphama!—1987
I-Phaphama!—1993
g93 9/8 k. 10-k. 12 isig. 6

Isimo Esibucayi Esingokwenkolo ENetherlands

Ngumlobeli we-Phaphama! eNetherlands

“SICELA ufata wokugcina asize acishe izibani.” Lelihlaya elingahlekisi lisakazekile emizini yezindela eNetherlands. Libikezela isikhathi lapho indela yokugcina noma umpristi kulelozwe eyophuma emzini wokugcina wezindela oyobe usebenza awushiye ukhala ibhungane. Futhi limcela ukuba aqiniseke ukuba angashiyi izibani zikhanya esakhiweni esishiywe dengwane! Ingabe into enjalo ingenzeka ngempela? Ingabe abefundisi kanye nemihlambi yabo basengozini yokunyamalala eNetherlands?

Ukushiya Ubupristi

Ngokuphathelene neSonto LamaKatolika, unyaka ngamunye inani labefundisi liyancipha. Kusukela ngo-1968 kuya ku-1978, inani labefundisi abaqashiwe okungebona abalelisonto lehla ngamaphesenti angu-27,2, futhi lesimo siye saqhubeka kusukela ngalesosikhathi. Ngani? Esinye isizathu esinikezwayo ubumpohlo obuphoqelelwe. Ngo-1970 i-National Pastoral Council yanquma ukuthi “isibopho sobumpohlo esiyimfuneko ukuze umuntu akwazi ukwenza imisebenzi yakhe njengomfundisi kufanele siqedwe.” Ababhishobhi abangamaDashi baba nomuzwa wokuthi ngisho namakholwa angazuza uma engase akhonzwe abapristi abashadile. Nokho, uPapa Paul VI, wawenqaba ngokunamandla lombono. Ngokungangabazeki lesi esinye isizathu esabangela ukuba ekuqaleni kuka-1980 abapristi abangaphezu kuka-2 000 ngemva kwalokho bashiye ubupristi futhi inani lalabo abangenela ubupristi lehle.

Lapho ekhuluma ngokuncipha kwabefundisi eNetherlands, umufi uKhadinali Alfrink wakhumbula isikhathi lapho inxusa likapapa, libuka isikole sokufundela ubufundisi esingaphambi kwendlu kakhadinali, lizibuza lisho ngokuzwakalayo isizathu esenza ababhishobhi bavale izakhiwo ezinhle kangaka. Lokhadinali waphendula: “Kusobala ukuthi awuqondi. Ababhishobhi abazange bavale izikole zobufundisi; bamane nje bavala iminyango ngemva kokuba abafundi sebehambile.”

Akubona abefundisi kuphela kodwa futhi nemihlambi yabo iyalishiya isonto eNetherlands. Futhi lesi akusona isenzakalo esisha. Emuva ngo-1879 ukubalwa kwabantu kwabonisa ukuthi inani labantu elingaphansi kwephesenti elilodwa laliyizwe, okungukuthi, lalingewona amalungu esonto. Ngo-1920, amaphesenti acishe abe ngu-8 enani labantu ayethi awawona awenkolo ethile. Ngo-1930 lesibalo senyuka saba amaphesenti angu-14,4. Ngo-1982 kwakungamaphesenti ashaqisayo angu-42, futhi ukuhlola kwamuva nje kwabonisa ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-51 amaDashi awasonti.

“Inkathi Yeqhwa” Ngokuphathelene NeSonto

Okwaba namandla ngisho nangokwengeziwe ngaphezu kokuncipha kwabantu abangamalungu esonto kuye kwaba ukuncipha kwenani labantu abaya esontweni. Ngo-1988 iphephandaba i-Telegraaf lalinesihloko esikhulu esithi “ISonto Lingena Enkathini Yeqhwa.” Leliphephandaba lathi: “Akusekho muntu oshaqekayo lapho isonto libhidlizwa. Inani labantu abaya esontweni lehla ngokwesabekayo. Lokhu akwenzeki emasontweni obuKatolika kuphela kodwa nasemasontweni eziNguquko nawabaLandeli BakaCalvin. Uma lesimo sokushiya inkolo siqhubeka, phakathi nezizukulwane ezimbalwa nje, akekho umuntu ozobe esaya esontweni.”

Leliphephandaba laqhubeka laphawula ukuthi ukuncipha kobuRoma Katolika kubi kunakho konke. Laphawula ukuthi ngo-1965 amaphesenti angaba ngu-60 awo wonke amaKatolika angamaDashi ayesaya eMiseni. Ngo-1975 lelinani laba ngamaphesenti angu-28. Eminyakeni yamuva nje liye lehla laba ngaphansi kwamaphesenti angu-16.

Ukuncipha kwenani labantu abaya esontweni kuye kwathinta izakhiwo zesonto, ezivalwayo lapho amabandla anciphayo engasakwazi ukuhlangabezana nezindleko eziphakeme zokunakekela lezizakhiwo nokuzigcina zisebenza. Ngakho, izakhiwo eziningi zenkolo ziye zabhidlizwa noma zadayiswa ukuze zisetshenziselwe enye injongo. Namuhla bambalwa abashaqekayo lapho bengena esakhiweni sesonto futhi bathole ukuthi sisetshenziswa njengomnyuziyamu, isitolo samabhayisekili, ihholo lezemidlalo, ihholo lekhonsathi, isitolo sezimbali, indawo yokudlela, noma izindlu zokuhlala.

Khona-ke, akumangalisi ukuthi izikhulu zenkolo azinalo ithemba ngesikhathi esizayo. Ngemva kokuba uPapa John Paul II evakashele elaseNetherlands, umbhishobhi othile wathi: “Upapa wavakashela isidumbu, noma okungenani isiguli esigulela ukufa esicabanga ukuthi sisaphila.”

Isizathu Sokuba Bashiye ISonto

Ukuncipha kwamalungu esonto kuye kwabhebhethekiswa izici ezintsha. Phakathi kwalezi ukuwohloka kokuhlonishwa kwegunya. Abantu abasazimisele ukwamukela izinto ngoba nje othile onegunya ebatshela ukuba benze kanjalo. Okuhlobene nalokhu ukugcizelelwa kwenkululeko yomuntu ngamunye. Namuhla, abantu bafuna ukuzinqumela ngokwabo lokho abazokukholelwa nendlela abazokwenza ngayo.

Ezinye izici ezimbili ezinengxenye kuthiwa ithonya labezindaba nokuthambekela kwanamuhla kokungazethembi izinhlangano. Futhi kukhona nomuzwa wokuthi izinhlangano ezimisiwe ziphuca umuntu inkululeko nokuphishekela lokho okuthandwa nguye siqu. Ngaphezu kwalokho, ngisho nalapho abantu besathambekele enkolweni, izimo zingase zibashukumisele ukuba balishiye isonto labo. Ngokwesibonelo, amalungu esonto asabambelele esikweni awazizwa ekhululekile esontweni elinomfundisi noma umpristi osekela ushintsho. Futhi abantu abasontayo abacabanga ngendlela yanamuhla bazizwa bengafaneleki emabandleni asadla ngoludala.

Ohlangothini lobuProthestani, sekuyisikhathi eside iSonto LabaLandeli BakaCalvin linedumela lokunamathela emikhubeni yokuziphatha yakudala. Ngakho, abaningi bashaqeka ngo-1979 lapho iNetherlands Calvinistic Synod ikhuthaza amasonto endawo ukuba amukele ongqingili esidlweni nasenkonzweni. Ngo-1988 iCalvinistic Ecumenical Synod yezizwe zonke yacela abalandeli bakaCalvin eNetherlands ukuba babuye bayicabangele lendaba, kodwa lomkhandlu wathumela izwi lokuthi lesinqumo sasingenakuhlehliswa. Ngo-1989 umkhandlu WeSonto LaseDashi nawo wavotela ukumelana nanoma yiziphi izinyathelo zokuqondisa izigwegwe ezithathelwa ongqingili. Cabanga nje indlela okumelwe ukuba amaProthestani azizwa “eqhuba isidala” ngayo lapho umfundisi wesonto labaLandeli BakaCalvin, ongungqingili, esho esontweni ukuthi “ubungqingili buyisipho sikaNkulunkulu; uNkulunkulu naye uyabuthanda ubungqingili”!

Ingabe UbuKristu Buyophela?

Uma kucatshangelwa lezici eseziphawuliwe nezinye eziningi, ingabe kuyamangaza yini ukuthi abantu abaningi eNetherlands nakwamanye amazwe baye bawashiya amasonto? Ngempela, abantu abacabangayo baye bafinyelela ngisho nasesiphethweni sokuthi mhlawumbe ubuKristu beqiniso abunakutholakala ndawo. Ingabe ekugcineni ubuKristu buyophela?

IBhayibheli labikezela ukuthi osukwini lwethu kuyophela ukusekelwa kweLobukholwa, kanye nezinye izinkolo. (IsAmbulo 16:12; 17:15) Kodwa futhi labikezela ukuthi abanye bayoshiya inkolo yamanga hhayi nje ngenxa yokunganeliseki noma ukudukiswa kodwa ngenxa yenjongo eqondile. IBhayibheli ngokwesiprofetho liyanxusa: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo.” (IsAmbulo 18:4) ‘Owesifazane’ okubhekiselwe kuye uyisifebe esingokwenkolo esingokomfanekiso, “iBabiloni Elikhulu,” elihlanganisa zonke izinkolo zomhlaba, kuhlanganise nezeLobukholwa lanamuhla. Okushiwo kubo ukuthi “bantu bami” yilabo abafuna iqiniso ngobuqotho futhi abashiya iBabiloni Elikhulu ngoba befuna ukukhonza uNkulunkulu ngendlela uJesu ayifundisa. ELobukholwa seliphambuke kakhulu ebuKristwini beqiniso kangangokuba abantu abaqotho kumelwe balishiye ukuze bakhonze uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo.

UbuKristu beqiniso buyaphila futhi buyachuma eNetherlands kanye nasembulungeni yonke. Naphezu kokungapheleli kwabo, oFakazi BakaJehova balandela izimfundiso zikaKristu nalokho akwenza. Akukhona ukuthi kulindeleke ukuba umane ukwamukele kalula nje lokho kugomela. Kungani ungahloli izimfundiso zoFakazi ngokukhanyiselwa iBhayibheli, futhi uzibonele ngokwakho. Funda eZwini likaNkulunkulu ngobuKristu babaphostoli bakaJesu, ubuqhathanise nalokho amasonto eLobukholwa aye akufundisa futhi akwenza emakhulwini amaningi eminyaka. Njengoba umphostoli uPawulu achaza, lokhu kuyokulethela izinzuzo ‘kulokhu kuphila nakokuzayo.’—1 Thimothewu 4:8.

[Izithombe ekhasini 10, 11]

Amasonto amaningi eYurophu manje asetshenziselwa izinjongo ezingaphathelene nenkolo. Ikhasi 10: Igalaji eNetherlands. Ikhasi 11: Ihholo labahola impesheni, ishabhu, ihholo leqembu lentsha, nesonto elisele dengwane ePenygraig, eWales

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela