Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 9/8 k. 13-k. 15 isig. 3
  • Ngingakugwema Kanjani Ukuthola Ingculaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakugwema Kanjani Ukuthola Ingculaza?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingculaza—Ukuhlukanisa Iqiniso Nenganekwane
  • “Ubulili Obulondekile”?
  • Ukucindezela
  • Ukuthi Cha
  • Ingculaza—Ingabe Ngisengozini?
    I-Phaphama!—1993
  • Indlela Yokulwa Nengculaza
    I-Phaphama!—1998
  • Ingculaza—Inhlekelele Yentsha
    I-Phaphama!—1991
  • Ukusiza Abanengculaza
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 9/8 k. 13-k. 15 isig. 3

Intsha Iyabuza . . .

Ngingakugwema Kanjani Ukuthola Ingculaza?

“KUYANGICASULA ukuthi ngakuvumela ukuba kwenzeke lokhu,” kusho uKaye. “Ukukhetha engakwenza kuye kwangephuca amathuba engangingase ngibe nawo esikhathini esizayo.” (Umagazini i-Newsweek, ka-August 3, 1992) Eneminyaka engu-18 ubudala, uKaye wathola igciwane lengculaza.

UKaye umane nje ungomunye wabantu abangaphezu kwesigidi e-United States abangenwe igciwane eliyingozi i-HIV (Human Immunodeficiency Virus)—igciwane odokotela abathi libangela lesifo esisabekayo sengculaza.a Akekho ngempela owazi ngokuthe ngqó ukuthi bangaki abasha abanaleligciwane, kodwa ngokusobala intsha ikhathazekile. Ukuhlola kwabonisa ukuthi, ingculaza iyinto intsha yaseBrithani ekhathazeke ngayo kakhulu. Naphezu kokukhathazeka okunjalo, i-U.S. Centers for Disease Control ithi: “Kubikwa ukuthi intsha eningi iyaqhubeka ihlanganyela ekuziphatheni okuyibeka engozini yokungenwa yi-HIV.”

Ingculaza njalo iyabulala, futhi ibhebhetheka ngamazinga aphakeme ezweni lonke. Ungazivikela kanjani?

Ingculaza—Ukuhlukanisa Iqiniso Nenganekwane

Incwajana eyalungiselelwa yi-U.S. Centers for Disease Control iyachaza: “Ukungenwa igciwane i-HIV ‘akumane nje kwenzeke.’ Ngeke ‘ulithole’ njengomkhuhlane.” Ngakho-ke, ukuthintana nsuku zonke okuvamile nezisulu zengculaza akubonakali kuyingozi. Akudingekile ukhathazeke ngokuthi uzothola ingculaza kumuntu onayo ofunda naye ngoba nje uhlala eduze kwakhe. Njengoba i-HIV ingelona igciwane elithwalwa umoya, akudingeki ukhathazeke uma isisulu sengculaza sikhwehlela noma sithimula. Eqinisweni, imikhaya yabanengculaza iye yahlanganyela nabo amathawula, izitsha zokudlela, ngisho nezixubho ngaphandle kokusakaza leligciwane.b

Lokhu kungenxa yokuthi leligciwane eliyingozi lihlala egazini lomuntu, esidodeni, noma emcucuzweni ophuma esithweni sobulili sowesifazane. Ngakho, ezimweni eziningi, ingculaza ithathelwana ngokuhlangana ngokobulili—kungaba ngobungqingili noma ngokuhlanganyela ubulili nomuntu wobulili obuhlukile.c Izisulu eziningi futhi ziye zangenwa yileligciwane ngokuhlanganyela izinalithi noma imijovo, ngokuvamile ekusebenziseni kabi izidakamizwa, nomuntu onegciwane i-HIV.d Futhi nakuba odokotela bethi ingozi “isiye yasuswa ngokuphelele” ngokuhlola ngokucophelela, ingculaza isengathathelwana futhi ngokumpontshelwa igazi.

Ngakho noma ubani ohileleka ebulilini bangaphambi komshado noma osebenzisa izidakamizwa ezijovwayo ezingekho emthethweni usengozini enkulu yokungenwa ingculaza. Yiqiniso, umuntu ohlanganyela naye ubulili angase angabukeki egula. Kodwa incwajana ethi Voluntary HIV Counseling and Testing: Facts, Issues, and Answers iyakhumbuza: “Ngeke wazi ngokumbuka nje umuntu ukuthi unegciwane i-HIV. Omunye angabukeka futhi azizwe engumqemane kodwa naphezu kwalokho abenalo leligciwane. Ngenxa yalesizathu, abantu abaningi abanaleligciwane i-HIV abazi ukuthi banalo.”

“Ubulili Obulondekile”?

Ngakho-ke izisebenzi eziningi zezempilo nabafundisi bakhuthaza ukusetshenziswa kwama-condom.e Izikhangiso ze-TV, amabhodi okukhangisa, nezifundo zasesikoleni ziye zasakaza isigijimi sokuthi ukusetshenziswa kwalento yokuvimbela ukukhulelwa kwenza ubulili bube “obulondekile”—noma okungenani “obulondeke kakhudlwana.” Ezinye izikole ziye ngisho zanikeza abafundi ama-condom. Ikhuthazwé inkulumo-ze enjalo, intsha eningi kunanini ngaphambili iyawasebenzisa.

Noma kunjalo, kulondeke kangakanani khona lokhu okuthiwa “ubulili obulondekile”? Incwajana ye-American Red Cross ithi: “Ama-condom angathuthukisa amathuba okugwema ukungenwa yizifo.” Kodwa ubungazizwa ulondekile yini uma uye wamane nje ‘wathuthukisa amathuba akho’ okugwema isifo esiba esibulalayo njalo? I-U.S. Centers for Disease Control iyavuma: “Ama-condom e-latex abelokhu eboniswa ewusizo ekuvimbeleni ukungenwa igciwane i-HIV nezinye izifo ezithathelwana ngobulili . . . Kodwa awasona isivikelo esingenaphutha.” Ngempela, angaqhuma, adabuke noma aphume phakathi nobuhlobo bobulili. Ngokwe-Time, ama-condom “angaba nezinga lokuhluleka eliphakathi kwamaphesenti ayishumi nangu-15”! Ingabe ungabeka ukuphila kwakho engozini enjalo? Futhi okwenza isimo sibe sibi kakhulu ukuthi, intsha ehlanganyela njalo ebulilini engaphansi kwengxenye e-United States isebenzisa ama-condom.

Ngakho iseluleko sezAga 22:3 siyafaneleka: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” Enye yezindlela ezingcono kunazo zonke yokugwema ukuthola ingculaza ukugwema ngokuphelele ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokuziphatha okubi ngokobulili. Ingabe uthi kulula ukusho kunokwenza? Abaningi bazizwa ngaleyondlela, ikakhulukazi uma kubhekwa ukucindezela okunamandla intsha ebhekana nakho.

Ukucindezela

Phakathi “nokuqhuma kobusha,” izifiso zobulili zinamandla. (1 Korinte 7:36, NW) Ngaphezu kwalokho, kunethonya lethelevishini nelamabhayisikobho. Ngokokuhlola okuthile, abevé eshumini nambili babukela ithelevishini amahora angaphezu kwamahlanu usuku ngalunye—ingxenye enkulu yawo kuboniswa ingcaca ngobulili. Kodwa ezweni lamaphupho le-TV, ubulili abunayo imiphumela obuyivezayo. Okunye ukuhlola kwembula ukuthi kuthelevishini yase-U.S. “imibhangqwana yobulili obuhlukile engashadile ngokuvamile ihlanganyela ebuhlotsheni bobulili izikhathi ezine kuya kweziyisishiyagalombili ngaphezu kwabesilisa nabesifazane abashadile. Cishe akubhekiselwa nakancane noma akusetshenziswa nhlobo okokuvimbela ukukhulelwa, kodwa akuvamile ukuba abesifazane bakhulelwe; kuyivela kancane ukuba abesilisa nabesifazane bangenwe izifo ezithathelwana ngokobulili ngaphandle uma beyizifebe noma ongqingili.”—Center for Population Options.

Ingabe ukubuka kakhulu izinhlelo ezinjalo zethelelevishini ngempela kungathinta ukuziphatha kwakho? Yebo, ngokwesimiso seBhayibheli esikweyabaseGalathiya 6:7, 8: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama.” Okunye ukuhlola okwenziwa entsheni engu-400 kwathola ukuthi “leyo eyayibuka kakhulu izinhlelo zethelevishini ‘ezinobulili’ yayithambekele ngokwengeziwe ekubeni ngehlanganyela njalo ebulilini kunaleyo ezibuka kancane.”

Elinye ithonya elinamandla ukucindezela kontanga. “Ngangifuna iqembu engangizoba mdibi munye nalo, futhi lokho kunzima,” kuvuma owevé eshumini nambili ogama lakhe linguDavid. “Ezikhathini eziningi ngazibeka esimweni esingenampilo ngempela. . . . Ngatholakala nginengculaza.” Ngokufanayo, intsha ezikhathini zeBhayibheli kaningi yayivulekele ekucindezeleni kontanga. Siyini iseluleko seBhayibheli? “Ndodana yami,” kusho umbhali wezAga, “uma izoni zikuyenga, ungavumi.”—IzAga 1:10.

Ukuthi Cha

Abakhuthaza “ubulili obulondekile” baphikisa ngokuthi akunakwenzeka ukugwema ukuhlanganyela ebulilini. Kodwa ekugcineni, ingabe kuyasiza ngempela ukukhuthaza ukuziphatha okubi? Omunye owevé eshumini nambili uyavuma ukuthi lokhu kumane nje kuyidide intsha, lapho ethi: “Basitshela ukuthi simane nje sithi cha ebulilini nokuthi kulungile ukuba msulwa. Ngesikhathi esifanayo, basinikeza [ama-condom] futhi basitshele indlela esingahlanganyela ngayo ebulilini ngaphandle kokuvuna imiphumela.”

Ungabi yisisulu sokudideka okunjalo ngokokuziphatha. IBhayibheli—nakuba lingase libukeke liyisidala—likukhuthaza ukuba ugweme ukuziphatha okungase kukubeke engozini yokungenwa ingculaza. Uma ulalela umyalo weBhayibheli ‘wokuyeka igazi,’ ngeke ungenwe yingculaza ngokumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:29) Lalela umthetho weBhayibheli onqabela “ukusetshenziswa kwezidakamizwa” futhi ngeke kudingeke wesabe ukuthi uzongenwa igciwane ngenalithi yomjovo engcolile. (Galathiya 5:20; IsAmbulo 21:8; The Kingdom Interlinear) Isimiso seBhayibheli sokuziphatha okuhle ngokobulili siyokuvikela ngokukhethekile. “Balekelani ubufebe,” kuyala iBhayibheli. “Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.” (1 Korinte 6:18) Ubucayi bengculaza bugcizelela ubuhlakani balawomazwi.

Umuntu omusha ‘angakubalekela’ kanjani ukuziphatha okubi? Iminyaka eminingi izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ziye zanikeza ukusikisela okuningi okuwusizo, njengokuphola ningamaqembu, ukugwema izimo ezingakufaka engozini (njengokuba wedwa nomuntu wobulili obuhlukile endlini noma emotweni epakiwe), ukuzibekela imingcele ngokuphathelene nokubonakalisa uthando, ukugwema ukusebenzisa uphuzo oludakayo (ngokuvamile oluthikameza ukwahlulela okuhle), nokuthi cha ngokuqinile uma kwenzeka isimo siba esivusa inkanuko yobulili.f Kunoma isiphi isimo ungavumeli noma ubani akucindezele ukuba uhlanganyele ekuziphatheni okungeyona ingozi ngokomzimba kuphela kodwa futhi okubhubhisayo ngokomoya. (IzAga 5:9-14) “Ingabe ufuna ukubeka ukuphila kwakho ezandleni zomunye umuntu?” kubuza owesifazane othile osemusha ogama lakhe lingu-Amy owacashunwa esihlokweni se-Newsweek. Wathola igciwane i-HIV esokeni lakhe engakaphothuli esikoleni esiphakeme. Uyabuza ngokuqondile: “Ingabe lowomfana noma leyontombazane bayakufanelekela ukuba ubafele? Ngiyangabaza.”

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingculaza—Ingabe Ngisengozini?” esitholakala ku-Phaphama! ka-August 22, 1993.

b Owayengudokotela-jikelele ohlinzayo wase-United States uDkt. C. Everett Koop waphendula abantu abangabazayo ngokuthi: “Abantu bokuqala abanengculaza babikwa kulelizwe ngo-1981. Manje ngabe sesiyazi uma ingculaza yayidluliselwa ngokuthintana okuvamile, okungekhona okobulili.”

c Lokhu kuhlanganisa ubulili bomlomo nobendunu.

d I-U.S. Centers for Disease Control ixwayisa ngokuqhubekayo: “Uma ucabanga ukubhoboza izindlebe . . . , qiniseka ukuthi uya kumuntu ofanelekayo osebenzisa izinto ezintsha shá noma ezihlanzwe ngezibulali-magciwane. Ungabi namahloni ukubuza imibuzo.”

e Umagazini i-FDA Consumer uyachaza: “I-condom iyisikhwama esimboza sonke isitho sowesilisa. Sivikela kuma-STD [sexually transmitted diseases (izifo ezithathelwana ngokobulili)] ngokusebenza njengomgoqo, noma udonga, ukuze sivimbele isidoda, igazi, nomcucuzo ophuma esithweni sobulili sowesifazane ukuba kungasuki komunye umuntu kudlulele komunye.”

f Ngokwesibonelo, bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ku-Phaphama! ka-May 8, 1986; May 8, 1989; neka-April 22, 1992.

[Isithombe ekhasini 15]

Ukuvumela ukucindezelwa ukuba uhlanganyele ebulilini kungaholela ekutholeni ingculaza

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela