Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 10/22 k. 23
  • Ingabe Ukuvivinya Umzimba Kuyabazuzisa Asebekhulile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuvivinya Umzimba Kuyabazuzisa Asebekhulile?
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uwuvivinya Ngokwanele Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Isinyathelo 3—Vivinya Umzimba
    I-Phaphama!—2011
  • Singaphila Isikhathi Eside Kangakanani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Imisipha—Umklamo Wobunyoninco
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 10/22 k. 23

Ingabe Ukuvivinya Umzimba Kuyabazuzisa Asebekhulile?

“Ingabe Ukuvivinya Umzimba Kungayiguqula Inqubo Yokuguga?” Leso kwakuyisihloko esikhulu kuyi-New York Times cishe eminyakeni emihlanu edlule. Lesihloko sabika: “Ososayensi bezokwelapha baseYunivesithi yaseTufts [eBoston] baye bathole ukuthi abantu abagugile abaseminyakeni yawo-90 bangaba namandla ngokwengeziwe futhi baze bandise ngisho nobukhulu bezicubu zabo uma benziwa balandele isimiso esinzima sokuvivinya umzimba ngokuphakamisa izinsimbi.”

Ubufakazi bokuthi asebekhulile ngempela bangazuza ekuvivinyeni umzimba buye baqhubeka bukhula. I-Harvard Health Letter ka-February 1991 yabika ngokuhlola kwango-1990, yathi: “Abayisishiyagalolunye [abahlala ekhaya labagugile] abaphakathi kweminyaka engu-87 nengu-96 baqeda izinyanga ezimbili zokuzivivinya ukuze baqinise izicubu besebenzisa izinsimbi.” Ngokuphathelene nalokhu kuhlola, i-Mayo Clinic Nutrition Letter yachaza: “Ababezivivinya bacishe baphinda kabili amandla ezicubu zabo zemilenze, bakhulisa ubukhulu bezicubu zamathanga ngamaphesenti angu-9 futhi benza kangcono lapho bevivinya umzimba ngokuhamba.”

Abacwaningi babika: “Ukusabela okuhle ekuzivivinyeni kokuthola amandla kubantu esibahlolayo kungokuphawulekayo uma kucatshangelwa iminyaka yabo yobudala eminingi kakhulu, imikhuba edlulele yokuhlala ndawonye, izifo ezihlukahlukene ezingamahlalakhona nokukhubazeka nokuntula ukudla okunomsoco.” Inzuzo yokuvivinya umzimba iye yabonakala iyiqiniso ngokuphindaphindiwe.

Ngokwesibonelo, cabanga ngoJack Siebert oneminyaka engu-90 ubudala, owahlaselwa isifo sohlangothi ngo-1979 esakhubaza uhlangothi lwakhe lwangakwesokudla futhi samshiya engakwazi ukuhamba ngaphandle kodondolo. Cishe njalo ekuseni iminyaka engaphezu kweyishumi, uye alale embhedeni futhi aphakamise umlenze wakhe ongakhubazekile wangakwesobunxele, awunyakazise cishe imizuzu engu-20 ngendlela efana neyomuntu oshova ibhayisikili. Ngezinye izikhathi usekela lomlenze okhubazekile ongakwesokudla ngomlenze wangakwesobunxele (njengoba kuboniswe emfanekisweni) bese eyishwila ndawonye. Lokhu kuvivinya umzimba kwasikhathi sonke akuzange kunikeze izicubu zakhe zomlenze amandla nje kuphela ukuze akwazi ukuqhubeka ehamba ngodondolo kodwa futhi kuye kwamsiza ukuba alondoloze isimiso sakhe semithambo yegazi nenhliziyo futhi kwamgcina ephapheme engqondweni.

Ngakho, khumbula, akukephuzi kakhulu ukuba ungaqala ukuvivinya umzimba. Yiqiniso, ungase ungagijimi emncintiswaneni iBoston Marathon—owumjaho webanga lamakhilomitha angu-42—ngamahora amahlanu nemizuzu emihlanu, njengoba kwenza uJohn Kelley oneminyaka engu-82 ubudala ngo-1990. Futhi ungase ungakwazi ngisho nokuqeda lelobanga ngamahora ayisikhombisa nemizuzu eyisishiyagalolunye, njengoba kwenza ukhokho uMavis Lindgren oneminyaka engu-84 ubudala ngo-1991. Nakuba kunjalo, i-Circulation, iphephabhuku le-American Heart Association, ngonyaka odlule lakhuthaza: “Kubalulekile ukuba uzijwayeze ukufuna izindlela zokuba umqemane.”

Leliphephabhuku lachaza: “Ngisho nemisebenzi emincane eyenziwa zonke izinsuku ingaba nezinzuzo zempilo ezihlala njalo futhi inciphise nengozi yesifo semithambo yegazi nenhliziyo. Imisebenzi enjalo ihlanganisa ukuhamba kokushaywa umoya, ukusebenza engadini, umsebenzi wasegcekeni, umsebenzi wasendlini, ukudansa nokuvivinya umzimba okutusiwe okwenzelwa ekhaya.”

[Isithombe ekhasini 23]

Umuntu osekhulile okhubazekile angazuza ngokuvivinya umzimba, njengalesisulu sesifo sohlangothi esineminyaka engu-90 ubudala

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela