Indlela Izwe Eliyoba Nobunye Ngayo
IMIZAMO yabantu yokuzibusa ngokuphumelelayo iye yahluleka ngokungaguquki. Ngokungangabazeki uzovumelana nokulinganisela okuphefumlelwe: “Umuntu [ubusa] omunye kube-ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) Kungani abantu beye bahluleka ukuzibusa ngendlela edabukisa kangaka?
IBhayibheli linikeza isizathu, lichaza: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Cha, akulona igunya, noma ilungelo lomuntu ukuzibusa yena noma abantu aphila nabo. Kuyilungelo elikhethekile likaJehova uNkulunkulu, uMdali wethu, esitshelwa lokhu ngokuphathelene naye: “UJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu.”—Isaya 33:22.
Izwe liyoba nobunye kuphela lapho bonke abantu bamukela uJehova uNkulunkulu njengoMbusi. Kodwa ingabe lokho kuyoke kwenzeke? Esikhathini eside esidlule umprofethi kaNkulunkulu wakhuluma “ngezinsuku ezizayo,” lapho abantu abaningi babeyoqala ukubheka kuJehova ukuze bathole umyalo.
Ukuthula Kwezwe Lonke Okwabikezelwa
“Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo,” kubhala umprofethi u-Isaya, “intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba . . . nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe.” Lapho sifunda siqhubeka, sibona umphumela wokubheka kuJehova ukuze sithole umyalo. Lesiprofetho siyaqhubeka: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:2-4.
Yebo, umphumela wokulalela lokhu kufundisa kwaphezulu uyoba ukuphela kokulwa, ukuphela kodlame lobuhlanga, ukuphela kwempi. Ababusi abangabantu bazisholo ukuthi bangasigcwalisa lesiprofetho seBhayibheli futhi baze ngisho babhala ingxenye yaso yokugcina odongeni lwe-United Nations Plaza eDolobheni laseNew York. Nokho, impi nenzondo phakathi kwezizwe nezinhlanga imane yakhula kwaze kwafinyelela ekupheleni kuka-1993. Ngakho ubungasho yini ukuthi isiprofetho sikaNkulunkulu sihlulekile?
Cha, asihlulekanga—ngoba abantu abavela kuzo zonke izizwe njengamanje bagobhozela endlini kaJehova ukuze bathole ukufundisa kwaphezulu. Ngempela, yeka ukuthi iMihlangano yesigodi yoFakazi BakaJehova ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ yalelihlobo iye yaba ubufakazi obuhle kangakanani ekugcwalisekeni kwalesiprofetho! Ubuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova abuvumeli lutho—uhlanga, ubuzwe, noma isizinda sendabuko—lubabangele ukuba bazondane noma babulalane. Ngokomfanekiso baye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba nemikhonto yabo yaba ngocelemba.
Omunye angase aphikise, ‘Kodwa awunakulindela abantu bonke ukuba balalele umyalo kaNkulunkulu wokuba bathandane.’ Nakuba lokhu kuyiqiniso, uNkulunkulu unamandla okususa bonke abaphikisa intando yakhe yaphezulu.
Lokho UNkulunkulu Ayokwenza
Ingabe uthandaza njengoba uJesu afundisa abalandeli bakhe, okungukuthi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini”? (Mathewu 6:9, 10) Uma ukwenza, ungaqiniseka ngokuthi uBaba wethu wasezulwini onothando uyowuphendula lowomthandazo. Uyokwenza kanjani lokho?
UNkulunkulu useyimisile kakade iNdodana yakhe, “iNkosi yokuthula,” njengombusi okhethiwe ‘wombuso’ wakhe, uMbuso esafundiswa ukuwuthandazela. (Isaya 9:6) Sidinga umbusi onjalo womoya onamandla angaphezu kwawomuntu, ngoba nguye kuphela ongasusa ithonya elibi likaSathane namademoni akhe esintwini. Ababusi abangabantu, kungakhathaliseki ukuthi banezinhloso ezinhle kangakanani, abanakwenza kanjalo.—1 Johane 3:8; IsAmbulo 12:7-12.
Nokho, kuyokwenzekani kohulumeni bosuku lwanamuhla abahlulekayo ukuzithoba ekubuseni kwaphezulu? Esinye isiprofetho seBhayibheli esichaza uMbuso uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele sithi: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . [UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini] uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” Ngakho, ukuthandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba ufike kusho ukuthi sithandazela uhulumeni owodwa womhlaba wonke ngaphansi kokubusa ‘kweNkosi yokuthula.’—Daniyeli 2:44; Isaya 9:6.
Khona-ke, lapho umkhaya wesintu usuhlanganiswe ngokuthula ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bonke bayothandana kungakhathaliseki ukuthi bangolwaluphi uhlanga noma isizinda sendabuko. Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esikhazimula kangakanani! (IsAmbulo 21:3, 4) Sikumema ukuba ujabulele ukuboniswa kusengaphambili kwalesosimo esinokuthula ngisho kwamanje phakathi koFakazi BakaJehova futhi ubheke phambili kanye nabo esikhathini lapho izwe lonke liyohlanganiswa ngokuthula.
[Isithombe ekhasini 15]
UMbuso kaNkulunkulu uyohlanganisa bonke abantu ngokuthula