Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isehlukaniso Ngemva nje konyaka wethu wesibili sishadile, umyeni wami wathandana nomngane wami oseduze. Eminyakeni emibili kamuva wangishiya. Ngakho lapho ngibona ikhasi elingaphandle le-Phaphama! ka-July 8, 1993 elalinesihloko esithi “Isehlukaniso—Ingabe Siholela Ekuphileni Okujabulisayo?,” angizange ngijabule. Ngezinye izikhathi kunzima kimi ukufunda ukwaziswa okugxile ekuphileni komkhaya. Nokho, ngakuthola kukhuthaza ukufunda ukuthi ekugcineni “umngane womshado ongenacala angase aphume kokuhlangenwe nakho okubuhlungu engumuntu onamandla, onobungqabavu ngokwengeziwe, nophelele.” Anginakusho ukuthi sengikuleloqophelo, kodwa ngiyathuthuka. Bengicindezeleke ngokujule kakhulu. Kodwa ukwaziswa okuningi eniye nakulungiselela kwabanye omagazini okuphathelene nokucindezeleka kuye kwasiza abadala bebandla lakithi ukuba bangisekele phakathi nezikhathi ezibucayi kakhulu. Ngiyanibonga ngalo lonke usizo enilunikeza ngalabomagazini.
D. P., United States
Osingamzali Lapho ngifunda isihloko senu esithi “Amacebiso Kosingamzali” (July 8, 1993), ngashukumiseleka ukuba nginibhalele. Ngineminyaka eyishumi, futhi ngihlala nomama. Ubaba waphinde washada, ngakho manje nginosingamama. Lapho ngifunda ngendlela ezinye izingane ezizizwa ngayo ngosingamzali, ngacabanga, ‘Yiyo kanye indlela engizizwa ngayo!’ Ngiyajabula ngokuthi elinye lamacebiso enu kwakuwukuqaphela isikhwele. Ezikhathini eziningi, ngibheka usingamama njengembangi. Ngezinye izikhathi ubaba ungenza ngibe nomuzwa wokuthi umthanda kakhulu usingamama wami ukwedlula indlela ake wangithanda ngayo. Nginethemba lokuthi ubaba nosingamama bayosifunda lesisihloko esihle futhi babonise ukungiqonda ngokwengeziwe.
V. N., United States
Ukumba Ithusi Ngezinye izikhathi omagazini benu ngibafunda ngesithakazelo esikhulu. Nokho, ngazibuza ngesihloko esithi “Umgodi Ombiwe Umuntu Omkhulu Kunayo Yonke Emhlabeni.” (March 8, 1993) Ningayitusa kanjani ngendlela enhle kangaka lemayini yethusi? Alisho yini iBhayibheli ukuthi uNkulunkulu uyobhubhisa labo ababhubhisa umhlaba?
H. Y., England
Siyaliqaphela kakhulu ithonya lokumbiwa kwemigodi evulekile endaweni ezungezile. Nokho, isihloko sethu sasimane sibika ngalemayini yethusi njengento ethakazelisayo, hhayi njengokuthuthukiswa kwebhizinisi lokumba imigodi. Nokho, ngokwethembeka okuphelele, kumelwe kuvunywe ukuthi imboni ekhiqiza ugesi—eqinisweni, umphakathi uwonke—usuncike ethusini. Futhi ithusi eliningi elisetshenziswa e-United States limbiwa ezimayini eziyimigodi evulekile. Khona-ke, bekuyoba okungalungile ukusola kuphela imboni yethusi ngenxa yomphumela oba khona womonakalo wendawo ezungezile. Lesisimo esiyinkinga sisebenza njengesinye isibonelo sesidingo sokuba uMbuso kaNkulunkulu uthathe ukuqondiswa kwezindaba zomhlaba.—ED.
Ukwakha Amaphupho Ngineminyaka engu-11, futhi ngifuna ukunibonga ngezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” eziphathelene nokwakha amaphupho. (July 8 no-July 22, 1993) Bengiphupha njalo ngokuba umuntu othile, futhi niye nangisiza ngaqonda ukuthi kunokuba ngakhe amaphupho ngokuba othandekayo, kufanele ngisebenzele ukuzenza ngithandeke.
J. K., United States
Lapho ngifunda lezizihloko, ngakhala. Ngangichitha isikhathi sami esiningi ngakha amaphupho—ngokuvamile ngokuba odumile noma ngabafana noma ubulili. Lokhu kwakwenzeka ngisho nasemihlanganweni yobuKristu. Amaphupho ayeseqala ukulawula ukuphila kwami. Ngangizihlukanisa nomkhaya wakithi nabangane futhi ngibe ngedwa ekamelweni lami. Ngangilusizi futhi nginamahloni. Manje ngiye ngasamukela iseluleko senu futhi ngasisebenzisa. Ngezinye izikhathi lemicabango iyabuya, kodwa manje ngigcwalisa ingqondo yami ngeminye imicabango noma ngenze omunye wemisebenzi yami yokuzilibazisa, futhi lemicabango iyahamba. Ngiyabonga kakhulu.
T. P., United States