Kungani Iziqophamithi Zingazephuli Izintamo?
WAKE wasizwa yini isiqophamithi sibhola isihlahla? Njengoba kunezinhlobo ezingaba ngu-200 zeziqophamithi emhlabeni wonke, kungenzeka uye wakuzwa ukungqofa kwaso okuphikelelayo okuzwakala njengesibhamu esiwuntuluntulu. Lapho ngisibona esinye, umlomo waso ungqofa isiqu sesihlahla, kwangenza ngazibuza, ‘Kungani singazephuli intamo noma silimaze ubuchopho baso?’ Uma thina njengabantu senza isenzo samawala esifanayo, besingadinga ukuhlolwa udokotela obuyisela izitho endaweni yazo noma udokotela wobuchopho! Ngakho, iyini imfihlo?
Njengesibonelo, cabangela isiqophamithi esinesisu esibomvu, esitholakala engxenyeni esempumalanga ye-United States. I-Book of North American Birds ithi: “Ngomlomo waso omkhulu, omise okweshizolo, singqofa izinambuzane ngaphansi kwegxolo lesihlahla, singqofe sivule izimbobo ukuze sifinyelele izimpehla ezidla ukhuni, sikhiphele ngaphandle izimvuthu zokhuni lapho simba umgodi wesidleke.” Sizivikela kanjani othulini lokhuni? “Izimbobo zamakhala aso zivalwe kahle isembozo esihle esinezimpaphe ezivokomele.”
Futhi kuthiwani ngekhanda elilokhu ligqulwa? “Ukuze kuvikelwe ukulimala kobuchopho, . . . intamo eqinile, ugebhezi olunohlonze, nesikhala esintofontofo phakathi kolwelwesi lwangaphandle oluwugqinsi kanye nobuchopho ngokwabo kusebenza njengezivikelo ezikhethekile.”
Esinye isiqophamithi okuthiwa yi-sapsucker esinesisu esiphuzi, senza imigqa emihle yemigodi egxolweni, esimunca kulo inkovu. Ngokungafani nesiqophamithi esinesisu esibomvu, esinolimi olude ngendlela emangalisayo, eliwumbhoxo elinendawo ecijile ngaphambili yokuhlaba izinambuzane, i-sapsucker inolimi oluthe ukuba lufushane oluneziboyana zokuyisiza lapho ikhotha inkovu.
Ngokuqinisekile izinhlobonhlobo ezinhle kangaka zemiklamo zibonisa uMklami, uJehova uNkulunkulu. Ngokuzithoba kufanele senanele amazwi kaJobe: “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.” Futhi uDavide wabhala: “Imisebenzi yakho iyamangalisa umphefumulo wami uyakwazi kahle.”—Jobe 42:2; IHubo 139:14.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 31]
Leonard Lee Rue, 111/ H. Armstrong Roberts
Ngakwesobunxele: H. Armstrong Roberts