Izidakamizwa, Ukusebenzisa Imimoya, NeBhayibheli
UPawulu waxwayisa amaKristu ekhulu lokuqala ‘ngokusebenzisa imimoya.’ (Galathiya 5:20, NW) Igama lesiGreki uPawulu alisebenzisa lapha, elithi phar·ma·kiʹa, ngokwezwi nezwi lisho “ukusetshenziswa kwezidakamizwa.” “Njengoba abathakathi nabalumbi babesebenzisa izidakamizwa,” kuchaza i-Interpreter’s Bible, “leligama labe selichaza ubuthakathi, ukulutheka, ukulumba, nomlingo.”
Akumangalisi ukuthi izidakamizwa zinengxenye ekusetshenzisweni kwemimoya namuhla. Ngokwesibonelo, uphuzo oludakayo nezidakamizwa kubikwa ukuthi kuye kwasetshenziswa ukuze kungeniswe amalungu amasha emaqenjini okukhulekelwa kukaSathane. Kuthiwa futhi izidakamizwa zingase zisetshenziswe ekwenzeni izisulu zithambele ukwenza imisebenzi ethile phakathi nemikhosi yokukhulekelwa kukaSathane. Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, uPetru waloba ukuthi uDeveli ‘uyahamba njengebhubesi elibhodlayo efuna angamgwinya.’ (1 Petru 5:8) Igama lesiGreki elithi ka·ta·piʹno, elihunyushwe ngokuthi “gwinya,” ngokomfanekiso lisho “ukudla,” noma “ukuqeda amandla.” Izidakamizwa nokusebenzisa imimoya kwenza lokho kanye. Lokhu kunikeza amaKristu isizathu esinamandla sokugwema noma yiluphi uhlobo lokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:4.