“Umsebenzi Owenziwe Kahle!”
SASIFUNDEKA kanjalo isihloko esikhulu se-St. Helena News. OFakazi BakaJehova babekuphindile futhi. Babakhe iHholo LoMbuso lesibili esiqhingini esincane saseSt. Helena, esiqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-1 600 entshonalanga ye-Afrika. Lesakhiwo sisesizeni esiphakeme endaweni ebizwa ngokuthi iHalf Tree Hollow, okubonakala kuyona ubuhle obumangalisayo be-Atlantic Ocean.
Umhloli wezakhiwo nesikhulu sezomlilo bancoma laboFakazi. “Nenze into emangalisayo,” kwasho umbusi osathatha umhlalaphansi. “Lona umbukwane!” kwanezela umhloli wezikagesi.
Kwamiswa uMgqibelo, January 9, 1993 njengosuku lokunikezela isakhiwo. Ngezaziso ezenziwa emsakazweni, kwamenywa sonke isiqhingi sabantu abangaba ngu-6 000. Kodwa ingabe leliqenjana loFakazi bakulendawo, abantu abangaba ngu-150, laliyokwazi ukuqeda lesisakhiwo ngesikhathi? USarel Hart, umbonisi ojikelezayo ovela eNingizimu Afrika, uyachaza: “Izinhliziyo zethu zakhathazeka kakhulu lapho ntambama mhla ziyisishiyagalombili, indledlana engena egcekeni yayisadinga inhlabathi eningi ukuze ihlelenjwe.” Babengawathola kanjani amaloli, amathuluzi, nenhlabathi eyanele yokuhlelemba lendawo sekwephuze kangaka? UHart uyaqhubeka: “UJehova wayizwa imithandazo eyenziwa buthule. Umakhi owaletha lenhlabathi wathi kubazalwane: ‘Nicele amaloli amahlanu. Ngiyazi ukuthi nidinga engeziwe. Angisabali—amaloli mawaqhubeke ethutha kuze kube yilapho seninokwanele.’ Kwakungu-4:00 ntambama lapho umshayeli kagandaganda olungisa phansi edlula elibangise ekhaya. Omunye walaboFakazi wammisa futhi wamchazela inkinga yethu. Wathi, ‘Uma nje ningakhokhela isikhathi esengeziwe engizosisebenza,’ wabe esefaka umshini wakhe kulendledlana futhi wandlala inhlabathi ngokushesha lapho amaloli eyithulula. Phakathi namahora amathathu indlela emahhadla eya eHholo LoMbuso yashintshwa yenziwa indledlana endlalekile.”
Ngosuku olulandelayo ingqikithi yabangu-328—amaphesenti angaphezu kwamahlanu ezakhamuzi zakulesiqhingi—yaba khona enkulumweni yokunikezela. Phakathi kwezilaleli kwakunonobhala kahulumeni nelinye ilungu lomkhandlu, futhi umbhishobhi waseSheshi naye wathumela umyalezo ebafisela okuhle.
[Ibalazwe ekhasini 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-Afrika
ISt. Helena
[Isithombe ekhasini 31]
IHholo LoMbuso Elisha