Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 5/8 k. 3-k. 4 isig. 2
  • Lapho Ubuntwana Buyiphupho Elisabisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ubuntwana Buyiphupho Elisabisayo
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imizamo Yokusindisa Izingane
    I-Phaphama!—1994
  • Izingane Zisosizini
    I-Phaphama!—1992
  • Kungani Izingane Zingamasosha Akahle
    I-Phaphama!—1997
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 5/8 k. 3-k. 4 isig. 2

Lapho Ubuntwana Buyiphupho Elisabisayo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

Namuhla—usuku oluvamile eminyakeni yawo-1990—izingane eziyizinkulungwane ezingu-200 zizolwa ezimpini zabashokobezi, izingane ezifundayo eziyizigidi eziyikhulu ngeke ziye esikoleni, izingane eziyizigidi ezingu-150 zizolala zingadlile, izingane eziyizigidi ezingu-30 zizolala emigwaqweni, futhi izingane eziyizinkulungwane ezingu-40 zizofa.

UMA lezizibalo ezingenhla zibonakala zithusa, abantu ezibamelelayo bayadabukisa. Ngezansi ukulandisa okufushane kwezingane ezinhlanu usizi lwazo olusisiza ukuba siqonde okushiwo yilezibalo ezidabukisayo.

Ingane eyisosha. UMohammad uneminyaka engu-13 nje kuphela ubudala, kodwa useyisosha elinokuhlangenwe nakho eningizimu-ntshonalanga Asia, umakadebona oselwe izimpi eziyisikhombisa. Wayelusa izimbuzi ngaphambi kokuba aye empini—lapho eneminyaka eyishumi. Manje, uMohammad uphatha isibhamu esiwuntuluntulu i-AK-47, anganqikazi ukusisebenzisa. Komunye umzukuzuku wabulala bukhoma amasosha amabili ayizitha. Lapho ebuzwa ukuthi wazizwa kanjani ngokubulala, waphendula: “Ngangijabulile ngoba ngawabulala.” Umphathi wakhe uchaza ukuthi izingane ziba amasosha amahle “ngoba azesabi.”

Ingane eyisisebenzi. UWoodcaby oneminyaka emine ubudala uhlala endlini eyakhiwe ngamalahle nosimende esiqhingini saseCaribbean. Uvuka ngo-6:00 ekuseni ukuze enze imisebenzi yakhe yasendlini yansuku zonke: ukupheka, ukukha amanzi, nokuhlanza indlu yomqashi wakhe. Akaholi futhi cishe akasoze alubhada esikoleni. UWoodcaby uthi ukhumbula abazali bakhe, kodwa akazi ukuthi bakuphi. Usuku lwakhe luphela ngo-9:30 ebusuku, futhi uma enenhlanhla, uzolala edlile.

Ingane elambile. Edolobhaneni lase-Afrika iComosawha, intombazane eneminyaka engu-11 ubudala ichitha usuku ngalunye olunzima ihlakula ukhula. Izigaxa zika-anyanisi—cishe okuwukuphela kwento engakhula kulenhlabathi eyomile—ziyigcina iphila nomkhaya wakubo. Lezizigaxa ziyabiliswa noma zigaywe bese zithoswa. Ukugadla okubhubhisayo kwesomiso nempi yombango kuye kwenza izakhamuzi zakulelidolobhana zabulawa indlala.

Ingane yasemgwaqweni. U-Edison ungenye yezinkulungwane zezingane zasemgwaqweni edolobheni elikhulu laseNingizimu Melika. Uthola imadlana encane ngokupholisha izicathulo, futhi ulala eduze komgwaqo oseduze nesiteshi samabhasi, kanye nezinye izingane eziziqoqa ndawonye phakathi nobusuku obubandayo. Ngezinye izikhathi uphendukela ekwebeni izinto ezincane ukuze andise imali ayitholayo njengomfana opholisha izicathulo. Useshaywe amaphoyisa kabili, futhi useye wachitha izinyanga ezintathu ejele. U-Edison ugcizelela ukuthi manje “cishe” useziyekile izidakamizwa nokubhema i-glue. Ufisa ukuba umakhenikha wezimoto, afunde umsebenzi wezandla.

Ukufa kwengane. Kusekuseni okubandayo, okunemvula entabeni yaseDugen eMpumalanga Ephakathi. Usana, lusongwe ngendwangu yokungcwaba, lubekwa ethuneni elingajulile kakhulu. Lomntwana ubulewe isifo sohudo—imbangela evamile yokufa kwezinsana. Unina ungumbaleki futhi ubisi lwakhe lwaphela phakathi nohambo lwabo olukhathazayo bebaleka. Ephelelwe ithemba wafunza umntanakhe ushukela namanzi, kodwa lamanzi ayenamagciwane, futhi umntwana wafa. Njengabanye abantwana abangu-25 000 abangcwatshwa ngalolosuku, lomntwana akazange aqede nonyaka wokuqala ephila.

Uma ziphindaphindwa izikhathi eziyizinkulungwane, lezizenzakalo ezidabukisayo zibonisa indlela izingane eziningi eziphila ngayo emhlabeni. Ubuntwana, isikhathi sokufunda nokuvuthwa ngaphansi kwesivikelo somkhaya onothando, buye baba iphupho elisabisayo kulezingane iningi lazo elingeke liphaphame kulo.

UPeter Adamson, umhleli wombiko i-State of the World’s Children, wamemezela ngo-1990: “Ukufa nokuhlupheka ngalelizinga akusadingekile ngempela; ngakho-ke akusamukeleki. Ubuntu kumelwe buhambisane nekhono lokusiza.”

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Photo: Godo-Foto

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela