Intsha Iyabuza . . .
Ngingasehlisa Kanjani Isisindo?
“UKUKHULUPHALA kuyinto embi kunazo zonke engenzeka ekuphileni komfana oweve eshumini nambili.” Wabubula kanjalo umfana osemusha othiwa uJudd. Uma ukhuluphele kakhulu, ungase wazi kahle ukuthi uzizwa kanjani.
Nokho, amafutha amaningi kakhulu emzimbeni angakulimaza kakhulu ngaphezu nje kokukwenza ungabukeki kahle. Ukukhuluphala kungakufaka ezingozini eziningi zempilo—izinkinga zamalungu, ukuphazamiseka kwesimiso sokuphefumula, nesifo sikashukela, kanye nezifo ezibulalayo njengesifo senhliziyo nomdlavuza kupopopo ezingakungena lapho usukhulile.a
Yiqiniso, uma uthé ukuba nesiqu, akusho ukuthi sekudingeka unciphise isisindo. Abanye bethu bamane nje bakuzuze njengefa ukuba nemizimba eyondlekile; sibonakala sibakhulu kunalokho ebesingakukhetha ngisho nakuba singadluli ezisindweni zethu ezifanele.b Kodwa uma udokotela wakho ethole ukuthi emzimbeni unamafutha amaningi ngendlela engenampilo, kungase kuhileleke ezinye izici eziningi. Incwadi ethi The Healthy Adolescent ithi: “Ukungasebenzi kahle kwezindlala ze-endocrine njengobende, idlala elisemphinjeni, nezindlala ze-adrenal . . . kwabanye abantu kuye kwahlotshaniswa nokukhuluphala.”
Ukudla Kakhulu, Nokungavivinyi Umzimba Ngokwanele
Ezimweni eziningi, ukukhuluphala kumane kubangelwa imikhuba yokudla engawondli umzimba nokungawuvivinyi umzimba. UJudd osemusha uyakhumbula: “Njengoba umama kwakudingeka aye emsebenzini ukuze asondle, mina nomfowethu . . . sasizibonela ukuthi sidlani. Sasidla amaphakethe agcwele oswidi, bese sehlisa ngamalitha amabili eziphuzo.” Kuzwakala kujwayelekile lokhu?
Nokho, enye intsha ayidli ngoba ilambile njengoba nje ingadleli ukwanelisa isidingo sokondleka nokwaneliseka. Intsha enjalo ingase idle kakhulu izama ukukhohlwa yizinto ezicindezelayo, njengokuhlukana kwabazali, ukufa kothandekayo, noma obunye ubuhlungu.
Inkinga yokudla kakhulu ngokuvamile yandiswa ukungawuvivinyi umzimba. I-Parent’s Guide to Eating Disorders and Obesity iyaphawula: “Akukhona nje ukuthi ithelevishini ayidingi ukunyakaziswa komzimba, kodwa okuqukethwe izinhlelo nezikhangiso zayo kukhuthaza ukuba ulokhu udla . . . udle . . . uqhubeke udla.”
Ugibe Lwendlela Yokunciphisa Isisindo Ngokuzilambisa
Abanye bathi umuntu oyedwa kwabane eMelika ulandela indlela ethile yokudla. Nakuba kunjalo, amaphesenti angaphezu kwangu-90 abantu abaye bancipha abuye akhuluphale futhi. Konakalaphi?
Umzimba wakho unjengesithando somlilo; ubuchopho bakho buyi-thermostat. Lapho udla, isimiso sakho sokusebenzisa ukudla osekugayiwe sishisa ukudla ukuze kukhiphe amandla akukho. Lapho udla ukudla okungaphezu kokudingwa umzimba, kulondolozwa kungamafutha. Manje, uma uzilambisa ukuze wehle ngamakhilogremu athile, uzoncipha—ekuqaleni. Kodwa umzimba wakho ngokushesha uyashintsha ‘ulungele isimo esibucayi’ bese unciphisa izinga le-thermostat yakho ngokwenza isimiso sakho sokusebenzisa ukudla osekugayiwe singasebenzi ngokushesha. Ubuye ukhuluphale futhi, ngisho nakuba ulandela leyondlela yokunciphisa isisindo ngokuzilambisa, futhi okuningi kwalokho okudlayo kulondolozwa njengamafutha. Uphinde ukhuphuke ube nesisindo salawomakhilogremu okade sewehle ngawo namanye ngaphezulu. Ngenxa yokukhungatheka, uqala ukulandela indlela ethile yokudla ehlukile. Kodwa lapho uncipha—yilapho uya ukhuluphala.
Ngakho ungabona ukuthi kungani izimiso zobuhlakani zokunciphisa ukudla zingasebenzi. Amaphilisi okunciphisa isisindo angase acindezele isifiso sakho sokudla okwesikhashana, kodwa ngokushesha umzimba uyawajwayela bese siyabuya isifiso sakho sokudla. Noma isimiso sakho sokusebenzisa ukudla osekugayiwe silibale bese ukhuluphala noma kunjalo. Ayiphathwa nokuphathwa eyemiphumela engemihle abanye abaye bayithola, njengokuba nenzululwane, umfutho ophakeme wegazi, ukushaya ngamandla kwenhliziyo, nokulutheka. Kungashiwo okufanayo nangamaphilisi akhipha amanzi noma asheshisa isimiso sakho sokusebenzisa ukudla osekugayiwe. UDkt. Lawrence Lamb ngokungagunci uthi: “Ayikho nje into okuthiwa iphilisi eliphephile neliphumelelayo elinciphisa amafutha emzimbeni.”
Njengomuntu osemusha, umzimba wakho udinga isilinganiso esanele sama-kilojoule nezinto ezinomsoco nsuku zonke. Indlela yokunciphisa isisindo ngokuzilambisa ingase ibhashise ukukhula kwakho. Futhi cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngeNkosi uSawule kweyoku-1 Samuweli 28:20: “Akwabakho-mandla kuye, ngokuba akadlanga-lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.” Ngokufanayo, ngokusho kukadokotela othile, intsha ezama ukuzilambisa ingase ihlushwe “ukukhathala, . . . ukucindezeleka, ukugodola, ukungenzi kahle esikoleni, ukuqunjelwa isisu, ukukhathazeka, i-amenorrhea [ukunqamuka kokuya esikhathini noma ukweqiwa inyanga ngendlela engavamile], nengqondo engaphapheme.”
Indlela Ephephile Yokwehlisa Isisindo
Indlela ephephile yokuncipha iqala ngokuba uhlolisiswe udokotela womkhaya wakini. Angahlola noma yiziphi izinkinga zempilo ezingase zilwenze lungaphumeleli uhlelo olulula lwendlela yokunciphisa isisindo. Futhi angakusiza ukuba uzibekele umgomo ofinyelelekayo wokuncipha futhi ahlele nendlela yokufinyelela lowomgomo ngesikhathi esifanelekile.
IBhayibheli lithi: “Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe.” (UmShumayeli 2:24) Ngakho indlela yokuncipha ekuncisha injabulo yokudla cishe ngeke isebenze ngokuhamba kwesikhathi. Ngaphandle kwalokho, iBhayibheli lilahla ukudla kakhulu. (IzAga 23:20‚ 21) Khona-ke, nakhu ukusikisela okumbalwa okuzokusiza ukuba ‘uzithibe’ lapho udla.—1 Thimothewu 3:11.
Ungalokothi ungadli ekuseni! “Indlala nomuzwa wokuncishwa uyokunqoba,” kuxwayisa i-New Teenage Body Book. “Uyothambekela ekudleni kakhulu ukudla—nama-calorie [ama-kilojoule]—phakathi nosuku.”
Phuza ingilazi enkulu yamanzi isikhathi ngasinye ngaphambi kokudla. Lokhu kuyokwenza isisu sakho sigcwale. Futhi ukuphuza amanzi enele kubonakala kunendima ebalulekile ekunciphiseni amafutha emzimbeni. Ngakho-ke odokotela batusa ukuba uphuze izingilazi eziyisishiyagalombili zamanzi ngosuku.
Ungadli ngenkathi ubuka i-TV. UDkt. Seymour Isenberg uthi: “Uma ubuka i-TV . . . , u[nga]qala ukudla njengomshini.”
Thandaza ngaphambi kokuba udle. Khumbula: “UNkulunkulu [wadala ukudla] ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalazi iqiniso.” (1 Thimothewu 4:3) Ngokuhlala ekhumbula ubuhlobo bakhe obuseduze noMdali, umuntu osemusha owesaba uNkulunkulu ngeke afune ukudla kakhulu aze abe ongaphapheme ekucabangeni nasekwenzeni izinto. Umthandazo ungaqinisa ukuzimisela kwakho ukudla ngokulinganiselwe.
Ungasheshi lapho udla. Kuthatha imizuzu engaba ngu-20 ukuba isisu sitshele ubuchopho ukuthi sigcwele. Ngakho ukungasheshi lapho udla kungakusiza ukuba ‘udle usuthe,’ kodwa ungadluli lapho!—Levitikusi 25:19.
Thola izinto ezinempilo ongazenza esikhundleni sokudla—ikakhulukazi uma ubunomkhuba wokudla noma nini lapho unesithukuthezi, ukhathazekile, unesizungu, noma ucindezelekile. Khuluma nothile omethembayo. Hambahamba, noma uvivinye umzimba. Yenza okuthile kokuzilibazisa. Lalela umculo. Okungcono nakakhulu, zama ukwanelisa isifiso sakho esingokomoya. (1 Petru 2:2) Kakade, ukudla akulwakhi ukholo. (Qhathanisa namaHeberu 13:9.) Kodwa ukufunda iBhayibheli yikhona okulwakhayo, futhi lokhu kungase kususe ingqondo yakho esifisweni sokudla.
Ukushintsha Uhlobo Lokudla Nendlela Yakho Yokuphila
Futhi kungase kudingeke ushintshe lokho obulokhu ukudla. UMthetho kaMose wawukwenqabela ukudla amafutha. (Levitikusi 3:16‚ 17) Nakuba lokhu kwakungenxa yezizathu ezingokwenkolo, ukugwema ukudla okunamafutha—njengama-cheeseburger (amabhanisi anoshizi) noma ukudla okuthoswe emafutheni—kunengqondo. Iziphuzo ezinoshukela nezicificifi azinawo umsoco futhi zinama-kilojoule amaningi. Futhi nakuba usawoti omningi eqatheni lenyama yenkomo ungaba mnandi kakhulu, wenza umzimba wakho ugcine amanzi.
Izazi eziningi zezokudla ziyavuma ukuthi ukukujabulela ngankathi ukudla okuthanda kakhulu akunakukulimaza. Kodwa uma ukufuna ngempela ukuncipha, kumelwe ufunde ukuthanda ukudla okunempilo njengezithelo, amantongomane, ukudla okusanhlamvu, nemifino. “Yidla ukudla okunhlobonhlobo ukuze ungacikeki,” kutusa isazi esithile sezokudla. Ingabe akuwena ophekayo ekhaya? Khona-ke khuluma nonyoko uzwe ukuthi akanakukusiza yini. Empeleni, umkhaya wonke uyozuza uma kwenziwa izingunquko ezinempilo ekudleni kwansuku zonke.
Nakuba ukudla ngendlela efanele kubalulekile, ngeke wehla ngamakhilogremu athile uma ungalenyusi izinga le-“thermostat” yobuchopho bakho. Kanjani? Ngokuvivinya umzimba ngendlela ethuthukisa ukusebenza komgudu womoya imizuzu engaba ngu-20, okungenani kathathu ngesonto. (1 Thimothewu 4:8) Okuthile okulula njengokuhamba ngamandla noma ukwehla wenyuka ezitebhisini kungase kwanele. Ukuvivinya umzimba kukusiza ukuba ubukeke unomzimba omncane futhi wakheke kahle kungakhathaliseki ukuthi ungakanani futhi unaluhlobo luni lomzimba. Njengoba kokhela isithando somlilo esiyisimiso sakho sokusebenzisa ukudla osekugayiwe, kushisa ama-kilojoule, kushise namafutha. Ngokuvivinya umzimba ungashintsha nenqubo yamakhemikhali emzimbeni wakho. Ungandisa imisipha yakho, futhi imisipha ishisa ama-kilojoule ngisho nalapho ulele!
Ngokuphikelela nangokuzimisela, ungayinqoba impi yokulwa nesisindo esikhulu kakhulu.c Kuyavunywa, ukwehla ngamakhilogremu ambalwa ngeke kuzixazulule zonke izinkinga zakho, kodwa ungase ubukeke futhi uzizwe kangcono. Ungase uqale ngisho nokuzithanda kakhudlwana.
[Imibhalo yaphansi]
a Amaphesenti angaba ngu-80 entsha ekhuluphele ahlala enjalo nalapho esengabantu abadala.
b Bheka esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngikhuluphele Kangaka?” ku-Phaphama! ka-April 22, 1994.
c Abantu abanokuphazamiseka okungathi sína kwemikhuba yokudla bangase badinge usizo lochwepheshe ukuze bakwazi ukubhekana nokucindezeleka kwabo.
[Isithombe ekhasini 21]
Ukuvivinya umzimba nokudla okusesilinganisweni, nokunomsoco kuyisihluthulelo sokwehlisa isisindo ngokuphepha