Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amaholide Ngemva kokuqeda uchungechunge oluthi “Amaholide—Isizathu Sokuba Ezinye Izingane Zingawagubhi” ku-Phaphama! ka-November 22, 1993, kwageleza izinyembezi zenjabulo ebusweni bami. Ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova futhi nganginemizwa efanayo neyezingane eziningi ezicashuniwe. Ngifisa ukuncoma intsha yethu ngokuba izibonelo ezinhle kangaka! Njengomzali, kuyangikhuthaza ukwazi ukuthi izingane eziningi zifuna ukujabulisa uJehova zisezincane kangaka.
T. K., United States
Ngineminyaka eyisishiyagalolunye, futhi ngangingazi ukuthi i-Halloween inyanyeka kangaka. Anginawo umuzwa wokuthi ngiyaphuthelwa.
A. C., United States
Lapho ngiseyingane, ngangivame ukulangazelela uKhisimusi nama-Ista. Kodwa manje ngiyaqonda ukuthi lena imikhosi yobuqaba nokuthi kungaba yize ukumane ulandele isiko. Incazelo eyanikezwa iphelele futhi iyaqondakala.
S. L. P., Germany
Ngakhuliswa njengoFakazi kusukela lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala, futhi manje ngineminyaka esanda kweva kwengu-30. Abantu abaningi babecabanga ukuthi mina, nomfowethu, nawodadewethu, sasincishwa okuthile. Ngabachazela ukuthi sasithola izipho unyaka wonke nokuthi abazali bethu babephana ngokukhululekile ngesikhathi sabo nangobuqu babo. Sasenza izinto eziningi ndawonye. Ubaba naye wayethembekile ekuqhubeni isifundo seBhayibheli somkhaya wakithi masonto onke. Leso kwakuyisipho esingokomoya esihle kunazo zonke! Akukaze kungicasule ukuthi angiwagubhi amaholide.
D. Y., United States
Ngineminyaka engu-14 ubudala futhi ngingakufakazela lokho okwashiwo. Ngiyabonga ngokunyatheliswa kwalesisihloko. Kwangiqinisa ukwazi ukuthi enye intsha iyalimelela iqiniso.
C. A., United States
Anginawo umuzwa wokuthi ngiphuthelwa okuthile ngokungawagubhi amaholide. Umkhaya wakithi ungipha izipho nemali engiyidingayo. Nginamanye amathoyizi ezinye izingane ezingontanga yami [12] ezinawo.
L. C., United States
Lesisihloko sasiyimpendulo yemithandazo eminingi. Umuntu akayiqondi injabulo nokwesaba kokukhulisa ingane kuze kube yilapho egqolozelwe amehlo agcwele izinyembezi abonakala ebuza isizathu sokuthi kungani othile eye wamgcona. Indodakazi yethu iqale enkulisa kulonyaka, futhi nakuba sakubheka ukwaziswa okuphathelene namaholide, yayilokhu ingaqondi. Njalo ebusuku sasiyithandazela ukuba iqine futhi ibe nesibindi esikoleni. Khona-ke kwafika lezizihloko ze-Phaphama! Njengoba isebangeni lesihlanu isiyakwazi ukufunda, ngakho okwakumelwe ngikwenze nje kwakuwukuyinikeza wona iwufunde. Yaba nesibindi njengoba yayifunda amazwi ezinye izingane futhi ibona nezithombe zazo. Ngosuku olulandelayo yahambisela uthisha wayo ikhophi yawo.
G. M., United States
Ezinye izingane esikoleni zazingigcona ngoba ngangingawagubhi amaholide, ngakho ngathola amakhophi alomagazini futhi ngazinikeza. Ngiyaqiniseka ukuthi ngeke zisangigcona ngoba manje seziyazi ukuthi angincishwa lutho.
K. H., United States
Uhambo Lwebhasi Lapho ngidumele, ngezinye izikhathi ngiyathunga futhi ngilalele amakhasethi ami e-Phaphama! Yangimangalisa ngempela indlela esangijabulisa ngayo isihloko esithi “Uhambo Lwebhasi Lokuya Enkabeni Ye-Australia.” (June 8, 1993) Kwaba sengathi ngilapho, ngihlanganyela injabulo nokwesasa okwakujatshulelwa yilezizihambi. Ngibonga ngiyanconcoza.
A. W., United States