Igazi Elinezifo Linikezwa Abantu Abanesifo Sokopha Okunganqamuki
IGAZI seliyibhizinisi elingenisa amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha ngonyaka. Ukuphishekelwa kwenzuzo etholakala ngalo kuphumele enhlekeleleni enkulu eFrance. Igazi eline-HIV labangela ukufa kwabangu-250 abanesifo sokopha okunganqamuki bebulawa izifo ezihlobene nengculaza, namakhulu amaningi asengenwe yiso.—The Boston Globe, ka-October 28, 1992, ikhasi 4.
“Isivumelwano esingahlanzekile” sokunganaki kwabezokwelapha nezentengiselwano ezinobugovu kuholele ekufeni kwabanesifo sokopha okunganqamuki abangu-400 abangamaJalimane, kusenabanye abengeziwe abacishe babe ngu-2 000 abafakwe igazi eline-HIV.—I-Guardian Weekly, ka-August 22, 1993, ikhasi 7.
ICanada inawayo amahlazo aphathelene negazi. Kulinganiselwa ukuthi abanesifo sokopha okunganqamuki abangu-700 eCanada belashwa ngegazi eline-HIV. Ngo-July 1984 uhulumeni waxwayiswa ngokuthi i-Red Cross inikeza abantu baseCanada abanesifo sokopha okunganqamuki igazi elinengculaza, kodwa imikhiqizo yegazi elinezifo ayizange ihoxiswe ekuthengisweni kwaze kwaba unyaka kamuva, ngo-August 1985.—The Globe and Mail, ka-July 22, 1993, ikhasi A21, ne-Medical Post, ka-March 30, 1993, ikhasi 26.
Umbiko wezindaba wakwa-Reuter ovela eMadrid, eSpain, ngo-April 21, 1993, wathi iSpain yayizokhokhela abantu abangu-1 147 abanesifo sokopha okunganqamuki izinxephezelo ngokungenwa igciwane lengculaza ngokumpontshelwa igazi ne-plasma ngawo-1980, ngokusho kwe-Health Ministry. Abangaphezu kuka-400 kakade sebengenwe yingculaza futhi bafa.—The New York Times, ka-April 22, 1993, ikhasi A13.
Ngasekupheleni kuka-1982, i-Centers for Disease Control yaqala ukuxwayisa i-NHF (National Hemophilia Foundation) ngezingozi ze-factor VIII eyakha amahlule egazini—umjovo wayo owodwa ungaba umthamo oshubile ovela kubantu abathekelisa ngegazi abangu-20 000, okungathi uma lesosilinganiso esisodwa sinengculaza siwonakalise wonke lowomjovo. Kwakhishwa isixwayiso esiqine kakhudlwana ngo-March 1983, kodwa ngo-May ngalowonyaka, i-NHF yakhipha umbiko wezindaba owawunesihloko esithi “I-NHF Inxusa Ukuba Ukusetshenziswa Kwesakhi Esakha Amahlule Egazini Kungayekwa.” Ngalesosikhathi inani labafayo lalenyuka, futhi izinkulungwane zazifakwa engozini. Lesisakhi esakha amahlule sasingabalulekile kangako kubantu abanesifo sokopha okunganqamuki; zazikhona ezinye izindlela zokwelapha ezingasetshenziswa. Izinkulungwane zokuphila ngabe zasindiswa. Ngo-1985 izinkampane zezidakamizwa zase zithole ukuthi ngokusishisisa lesisakhi, sasiba ngesiphephile. Ngisho nangalesosikhathi, isitokwe esibaliwe salesisakhi esingashisisiwe sasisathengiswa.—Dateline NBC, ka-December 14, 1993.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
CDC, Atlanta, Ga.