Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 6/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 6/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Asebekhulile Ngifuna ukunibonga ngesihloko se-Phaphama! ka-August 8, 1993, esithi “Ukukhula Okuhambisana Nokuqonda.” Lesihloko sangihlengezelisa izinyembezi. Phela, umama uneminyaka ecishe ibe ngu-90. Muva nje wanquma ukuphuma azihambele ngaphandle yedwa, nakuba kungafanele enze kanjalo, futhi wawa waphuka ingalo. Useluleme manje kodwa akanakushiywa yedwa. Bengingakwazi ukuya kweminye imihlangano yobuKristu, futhi ngezinye izikhathi ngizizwa sengathi ngidumaza uJehova. Kodwa niye nangisekela kakhulu. Lapho ngicindezeleka, ngicabanga ngalesihloko.

B. T., United States

Ukuthethelela Ngisanda kuqeda nje ukufunda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli . . . UNkulunkulu Uthethelela Ngokuphelele Kangakanani?” (December 8, 1993) Besiyilokho engikudinga ngempela. Lesihloko singisize ukuba ngibone ukuthi lapho uNkulunkulu esusa izono, ziyaphela, ziqothulwe, zingabe zisaba khona. Njengoba ngibhala lencwadi, nginokuthula kwengqondo kwangempela.

J. W., United States

Bekungokududuzayo ukwazi ukuthi uJehova ubona inhliziyo nokuthi uzimisele ukususa izono zethu. Ngangivame ukuzizwa ngingakufanelekele neze ukuthethelelwa uJehova kangangokuthi ngangicindezeleka. Ngaze ngacabanga ngisho nangokuzibulala. Abangane abaseduze ebandleni baye bangisiza. Kodwa namanje ngisadinga okunye ukuqinisekiswa, futhi lesihloko singisizile.

K. H., United States

Izibuko Zamehlo Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ukubheka Izibuko Zamehlo.” (July 8, 1993) Bengazi ukuthi nginenkinga ngamehlo ami nokuthi kufanele ngiye kudokotela wamehlo, kodwa bengilokhu ngingakunaki lokhu. Ngemva kokufunda isihloko senu, ngamisa isikhathi sokuyombona. Ngiyajabula ukuthi ngiye ngenza kanjalo. Lesihloko sifike ngesikhathi kimi.

J. W., England

Ubaba Nendodana Abathembekile Ngayifunda ngaphandle kokuhlaba ikhefu indaba enesihloko esithi “Isibonelo SikaBaba Sokwethembeka.” (December 22, 1993) Lesihloko siye sangikhuthaza ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu. Ukuzimisela okuqinile kwabakwaDavey (bobabili ubaba nendodana), ukuba bakhonze uJehova kuze kube sekufeni, kuye kwavuselela ukuzimisela kwami enganginakho lapho ngibhapathizwa eminyakeni emibili edlule lapho ngineminyaka engu-18. Ngithemba ukuthi izihloko ezifana nalesi zingathinta izinhliziyo zabasha abaningi emhlabeni wonke.

C. M., Italy

Izivemvane Ngifisa ukusebenzisa lelithuba ukuba nginibonge ngesihloko esithi “Usuku Ekuphileni Kovemvane.” (October 8, 1993) Mina nomkami sasijabulela ukuphumula eZion National Park ngenyanga edlule. Sasifunda lesihloko ndawonye lapho ngokungazelele kuhlala uvemvane phansi futhi lwelula zonke izimpiko zalo. Ngaphambili sasingazi ukuthi kungani izivemvane zenza lokhu! Lesihloko sasisiza ngempela ukuba sazise izimangaliso zendalo kaJehova.

C. B., United States

Abazali Abanemizwa Eguquguqukayo Ngasazisa kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Abazali Bami Benemizwa Eguquguquka Kangaka?” (November 8, 1993) Muva nje umama ubenemizwa eguquguqukayo. Lesihloko siye sangisiza ngempela ukuba ngiqonde ukuthi izinkinga ezingokomnotho, kanye neminye imithwalo yemfanelo, kuyimbangela enkulu emenza abe nemizwa eguquguqukayo. Manje sengizosiza kakhudlwana lapho ngingase ngikwazi khona futhi ngimange bese ngimtshela ukuthi ngiyamthanda.

T. B., United States

Singabazali abanabafana ababili, omunye uneminyaka engu-7 kanti omunye ingu-12. Okuningi eniye nakhuluma ngakho kulesihloko kuye kwaphakama emkhayeni wethu muva nje, futhi besilokhu sizama—singaphumeleli—ukuchaza izinto kubafana bethu. Lesihloko siye saba yimpendulo ngempela emithandazweni yethu. Kakade sesiye sasisiza esimweni esikuso.

R. P. no-A. P., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela