Ukuphila Okungenabo Ubuhlungu Kuseduze!
IZIMISO zomzimba eziyinkimbinkimbi ezisivikela ekulimaleni ziyisimangaliso ngempela. Ukucwaninga ngazo kufanele kusishukumisele ekubeni sidumise uMdali, njengoba kwenza umhubi waseBhayibhelini owabhala: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” (IHubo 139:14) Ngempela, uNkulunkulu yedwa ongaletha ukuphila okungenabuhlungu! Kodwa kuyokwenzeka kanjani lokhu?
Phawula ukuthi ngaphambidlana nje kwesithembiso esiphathelene nokuqedwa kobuhlungu nezinyembezi, iBhayibheli likhuluma ‘ngezulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile.’ (IsAmbulo 21:1, 4) Yebo, iBhayibheli alikhulumi ngokudlula kwezulu nomhlaba okungokoqobo. Kunalokho, ngamafuphi nje, lithi isimiso sezinto esisha ngokuphelele siyothatha indawo yalesi esikhona. Yebo, uhulumeni omusha ongaphezu kowabantu uyokwenza kube nokwenzeka ukujabulela ukuphila okungenabuhlungu khona lapha emhlabeni.
Lapho lichaza lohulumeni, iBhayibheli lithi ‘uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [noma, uhulumeni] oyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.’ (Daniyeli 2:44) Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, wasifundisa ukuba siwukhulekele loMbuso lapho ethi: “Anokhuleka kanje‚ nithi: Baba wethu osezulwini‚ malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Nokho, ukugcwaliseka kwalowomkhuleko kungakusho kanjani ukuphila okungenabuhlungu ngawe?
UMbusi Onamandla Angaphezu Kwawabantu
Isihluthulelo sisenhlakaniphweni nasemandleni alowo uNkulunkulu amkhethele ukuba inhloko kuhulumeni waKhe. Lowo uJesu Kristu ngokwakhe. Ngaye, isiprofetho seBhayibheli sithi: “Umbuso uyakuba-semahlombe akhe, . . . Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6, 7.
Ukuhlakanipha kukaJesu, manje osezulwini, kukhulu kakhulu kunokodokotela basemhlabeni. Ukuqonda ngokugcwele ukusebenza komzimba wethu wenyama, kuhlanganise nezimiso zawo zokuzivikela ekulimaleni. Ngesikhathi engumuntu emhlabeni eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule, asikho isifo noma ubuhlungu ayengakwazi ukukwelapha. Ngaleyondlela wabonisa lokho ayokwenza ngesilinganiso esikhulu njengoMbusi woMbuso kaNkulunkulu. Ngokuphathelene nesinye isenzakalo, iBhayibheli lithi:
“Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga‚ nezimpumputhe‚ nezimungulu‚ nezilima‚ nabanye abaningi‚ zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma‚ izilima zisindile, izinyonga zihamba‚ izimpumputhe zibona.” (Mathewu 15:30, 31) Phakathi kwezinkinga uJesu ayozelapha phakathi nokubusa koMbuso wakhe yileyo esabeka kakhulu, ubuhlungu obungapheli.
Ngempela, yeka ukuthi lokho kuyoba isibusiso esimangalisa kanjani! Futhi ngeke sifezeke ngenxa yabambalwa nje kuphela. Isithembiso soMdali siwukuthi: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Khona-ke, ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, lesithembiso siyogcwaliseka, ‘ubuhlungu abusayikuba-khona.’—IsAmbulo 21:4.
Ngaphansi kokubusa okukhazimulayo koMbuso kaKristu, izimiso eziningi zemizimba yethu, kuhlanganise nalezo ezisivikela ekulimaleni, ziyosebenza kahle kakhulu ngenxa yokuthi isono esizuzwe njengefa siyobe sesisusiwe. Isimiso semizimba yethu esisixwayisa ngengozi ngeke siphinde sibe uhlupho. Ngokujabulisayo, ngokweziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekayo manje, sisonqenqemeni lwalelozwe elisha, lapho ubuhlungu bungeke busabangela inhlupheko khona.—Mathewu 24:3-14, 36-39; 2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:11-13.
Ungakujabulela ukuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu lapho uhlobo lobuhlungu obukhungethe izigidi manje lungeke lusaba khona. Kodwa kudingeka wenze okuthile. UJesu Kristu wakhuluma ngenye imfuneko ebalulekile lapho ekhuleka kuNkulunkulu ethi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo‚ nomthumileyo‚ uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole lolulwazi olubalulekile. Cela omunye wabo nje endaweni yakini, noma ubhalele abanyathelisi balomagazini, usho isifiso sakho sokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli ekhaya lakho noma kwenye indawo efanelekayo. Uyobe sewenzelwa amalungiselelo okuba ufunde okwengeziwe ngezinjongo zikaNkulunkulu zokuba abantu bajabulele ukuphila okungenabuhlungu.