Ukugcina Imfundo Isendaweni Yayo
UMDWEBI onekhono uyazi ukuthi angayidweba kanjani indawo ejulile. Imininingwane eseduze uyenza igqame kunemininingwane ebuqamama nekude. Kungokufanayo nangezinto eziza kuqala ekuphileni kwethu. Ezinye kufanele sizinakekele kakhulu kunezinye.
UJesu Kristu wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.” (Mathewu 5:3) Ngakho, amagugu angokomoya kufanele eze kuqala. Ngokuphambene, izinto ezibonakalayo kufanele zize kamuva.
Imfundo ingenaphi kulezizinto? Ngokuqinisekile ayisona isici esingabalulekile kumKristu. Ngokuvamile kudingeka isilinganiso esithile semfundo yezwe ukuze sifeze isibopho esingokomBhalo esinikezwa umphostoli uPawulu: “Uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” (1 Thimothewu 5:8) Ngaphezu kwalokho, ukuthunywa uJesu akunika abalandeli bakhe, kokuba benze abafundi, ‘babafundise ukugcina konke abayale ngakho,’ kudinga ukuba umuntu ‘angenise ulwazi’ bese efundisa abanye ngokuphumelelayo.—Mathewu 28:19, 20; Johane 17:3; IzEnzo 17:11; 1 Thimothewu 4:13.
Nokho, imfundo kumelwe igcinwe isendaweni yayo. Akufanele nje iphishekelwe ngenjongo yokuvelela kwezemfundo noma ukuthola iziqu ezikhangayo. Kuyakhungathekisa ukuphishekela imfundo ngokungafanele. Kuyavunywa, ingase inikeze izinzuzo ezithile zezinto ezibonakalayo okwesikhashana. Kodwa njengoba iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphawula: “Usebenzela okuthile ngakho konke ukuhlakanipha kwakho, ulwazi, nekhono, bese kudingeka ukuba konke ukushiyele umuntu ongazange akusebenzele.”—UmShumayeli 2:21, Today’s English Version.
OFakazi BakaJehova banesithakazelo emfundweni, kungenganjongo yokuba nayo, kodwa ukuze basetshenziswe kakhudlwana enkonzweni kaNkulunkulu futhi bazondle. Njengoba inkonzo yabo iwumsebenzi ongangenisi nzuzo, abaningi kudingeka bathembele emsebenzini wokuziphilisa ukuze baphile. Lokho kungaba inselele ikakhulukazi ezikhonzini zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova, ezibizwa ngokuthi amaphayona. Kumelwe zilondoloze isimiso esizigcina zimatasa enkonzweni kuyilapho zizondla ngokufanele nemikhaya yazo uma zishadile.a—IzAga 10:4.
Ngemva kokuhlaziya izici ezihlukahlukene ezihilelekile, abanye boFakazi BakaJehova baye bakhetha ukuthatha imfundo yokwenezela. Yiqiniso, kuye kwadingeka baqaphe ukuze bayigcine isendaweni yayo. Yini eye yabasiza ekwenzeni lokhu? “Ngasizwa izici eziningana,” kusho osemusha waseBrazil okuthiwa uJohn. “Ngisho noma kwakudingeka ngitadishe ebusuku, angizange ngiphuthelwe imihlangano yobuKristu. Futhi ngakwenza kwacaca zisuka nje kwengangifunda nabo ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova.”
U-Eric, naye ongowaseBrazil, wasebenzisa amathuba okukhuluma nabanye ngezinkolelo zakhe ngesikhathi enezela imfundo yakhe. Uthi: “Isikole ngangisibheka njengensimu yami ekhethekile. Ngakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nothisha nabafundi abaningana, manje abahlanu babo sebebhapathiziwe, ababili bakhonza njengabadala.”
URichard waphindela esikoleni engafundi isikhathi esigcwele ukuze athole iziqu zokudweba amapulani. Uthi: “Ukufunda kwami kwangisiza ukuba ngithole umsebenzi wokondla mina nomkami, kodwa futhi kwangivulela amathuba. Njengoba ngangiya emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso ngendlela esheshayo futhi ngikhuluma nabaqondisayo, ngathola ukuthi kwakunesidingo sabadwebi bamapulani.b Manje imfundo yami isetshenziswa kahle kulemisebenzi. Ngaphezu kwalokho, mina nomkami sinethemba lokuthi ekugcineni siyokhonza endlunkulu yomhlaba wonke noma emsebenzini wokwakha owenziwa emhlabeni wonke woFakazi BakaJehova.”
Ngesikhathi esifanayo, abaningi boFakazi BakaJehova baye bahlangabezana nenselele yokuzinakekela bona nemikhaya yabo ngaphandle kwemfundo eyengeziwe. UMary uyachaza: “Ngizondla ngokwenza umsebenzi wasendlini izinsuku ezimbili ngesonto. Ngokuhlekisayo, ngehora ngithola imali eningi kuneyabanye babantu engibasebenzelayo. Kodwa ngibheka umsebenzi wami njengendlela yokuziphilisa. Ungigcina ngisemsebenzini wamaphayona, futhi angizisoli.”
USteve uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Lapho ngiqala ukuphayona abanye bathi kimi: ‘Uyokwenzenjani uma ushada futhi uba nomkhaya? Ingabe uyokwazi ukuthola imali yokuziphilisa?’ Umphumela ube ukuthi, sengenze imisebenzi eminingi enhlobonhlobo kangangokuba senginokuhlangenwe nakho cishe kuyo yonke imisebenzi ongayicabanga. Njengoba senginomfazi okumelwe ngimondle, ngiqaphela ukuthi ngithola imali eningi kunabanye abaphothula ekolishi abasebenza enkampanini engikuyo.”
Obaba abangakholwa bangase bafune ukuthi izingane zabo ezisakhula zithathe imfundo yokwenezela, futhi banegunya elingokomBhalo lokwenza lokhu. Nokho, ezimweni ezinjalo, futhi ngokuvumelana noMathewu 6:33, intsha ingase ithathe izifundo eziyoyisiza ukuba ibe usizo kakhudlwana enkonzweni kaJehova noma ziyivumele ngisho nokuba ihlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele ngesikhathi ifunda esikoleni.
Imfundo Ephakeme Kakhulu
Bonke oFakazi BakaJehova, kungakhathaliseki imfundo abanayo, banokuthile okufanayo. Bayaqaphela ukuthi imfundo ebaluleke kakhulu etholakalayo namuhla ivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. UJohane 17:3 uthi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” Kungakhathaliseki ukuthi umKristu uthola yiphi imfundo yezwe, ukungenisa ulwazi ngoJehova neNdodana yakhe, uJesu, kumelwe kuze kuqala.
Lesisibonelo sabekwa amaKristu ekhulu lokuqala. UManayeni ‘wayefundiswe noHerode umbusi wesifunda’ kodwa wayekhona futhi eshiseka phakathi kwabaprofethi nabafundisi basebandleni lase-Antiyokiya. (IzEnzo 13:1, qhathanisa ne-NW.) Ngokufanayo, uPawulu wathola lokho namuhla okungafaniswa nemfundo yaseyunivesithi. Nakuba kunjalo, ngemva kokuba umKristu, wagcina imfundo yakhe isendaweni yayo. Kunokuba ayisebenzisele ukusabisa abanye, wasebenzisa ulwazi lwakhe lwezenhlalo, umthetho, nomlando ukuze ashumayele kubantu abahlukahlukene.—IzEnzo 16:37-40; 22:3; 25:11, 12; 1 Korinte 9:19-23; Filipi 1:7.
AmaKristu ekhulu lokuqala ayengaziwa ngokuyinhloko ngemfundo yawo. Amaningi ‘ayengafundile, eyimifunda nje,’ engazange aqeqeshwe ezikoleni zorabi. Kodwa lokhu akusho ukuthi ayengafundile. Ngokuphambene, lamadoda nabesifazane babehlonyiselwe ukuvikela ukholo lwabo—ikhono elanikeza ubufakazi bemfundo enesisekelo esiqinile.—IzEnzo 4:13.
Ngakho-ke, wonke amaKristu anesithakazelo esikhulu emfundweni. Ngesikhathi esifanayo, azama ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu,’ egcina imfundo—nanoma yikuphi okunye angakuphishekela—isendaweni yayo efanele.—Filipi 1:9, 10, qhathanisa ne-NW.
[Imibhalo yaphansi]
a Kuyaphawuleka ukuthi umphostoli uPawulu owayefundile wakhetha ukuzisekela enkonzweni ngokuthunga amatende, umsebenzi cishe awufundiswa uyise. Ukuthunga amatende kwakungewona umsebenzi olula. Indwangu yoboya bembuzi eyayisetshenziswa, ebizwa ngokuthi i-cilicium, yayiqinile futhi imaholo, kunzima ukuyisika nokuyithunga.—IzEnzo 18:1-3; 22:3; Filipi 3:7, 8.
b Amagama athi “ukwakha ngendlela esheshayo” abhekisela endleleni yokwakha yezinga eliphezulu eyasungulwa oFakazi BakaJehova. Izisebenzi zokuzithandela ezisebenza kulemisebenzi aziholelwa; zinikela ngokuzithandela ngesikhathi nangamandla azo. Unyaka ngamunye e-United States kwakhiwa amaHholo OMbuso angaba ngu-200, futhi amanye angu-200 ayavuselelwa kusetshenziswa lendlela.
[Ibhokisi ekhasini 7] Ukutuswa Okufanelekile
Onyakeni ongaphambi kokuphothula kwakhe esikoleni esiphakeme, uMatthew wacabanga ngokungathi sína ngendlela ayengazondla ngayo ngesikhathi ephishekela ukukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Ngemva kokucabangela lendaba ngomthandazo, uMatthew nabazali bakhe bacabanga ukuthi imfundo eyengeziwe yayingamsiza ekufinyeleleni umgomo wakhe. Ngakho, wenza isicelo somfundaze. Umeluleki kaMatthew wasesikoleni wanezela incwadi yokutusa, ethi:
“Phakathi neminyaka emibili nengxenye edlule, ngiye ngajabulela ukuba umeluleki nomngane kaMatt. UMatt ungumuntu ongaguquguquki . . . Unokholo olujulile futhi uyaqiniseka ngakukholelwayo, lokho okubusa ubuhlobo bakhe nezenzo.
“Phakathi neminyaka edlule, uMatthew ubeziqeqeshela inkonzo. Isikhonzi esisenkolweni yakhe asiyitholi imali eyimbuyiselo. Inkonzo yokuzithandela ngempela. Njengoba eyinsizwa engenabugovu, uMatt ungumuntu okhathalelayo nocabangelayo. Lomfundaze unganikeza lensizwa enokholo indlela yokuzondla ukuze iqhubeke nokuziqeqesha nomsebenzi wayo wokuzithandela.
“Ngokuqondene nomsebenzi wokuzithandela nokusebenzela umphakathi, uMatt uye wasebenzisa amahora amaningi eshumayela endlini ngendlu ngezimpelasonto nangemva kwesikole naphakathi namaholide asehlobo. Usebenzela umphakathi futhi usebenzela abantu abahlukahlukene. UMatt uye wabonakalisa amandla akhe obuholi nekhono ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abancane nabadala. . . . Uyakwazi ukukhuthaza abantu nokubasiza ukuba baveze amakhono abo ngokugcwele. Ekilasini, othisha baye bathi unethonya elihle ngaso sonke isikhathi. Uyahola ezingxoxweni zasekilasini futhi unekhono ezinkulumweni-mpikiswano. . . .
“UMatt ungomunye wezinsizwa ezikahle kakhulu engiye ngajabulela ukuzeluleka. Ontanga yakhe nothisha bayamthanda futhi bayamhlonipha. Uqotho ngendlela ebabazekayo.”
[Izithombe ekhasini 9]
OFakazi BakaJehova banesithakazelo emfundweni, ngokuyinhloko ukuze babe izikhonzi zikaNkulunkulu eziphumelela kakhudlwana