Izimangaliso ZoLwandle Olubomvu Ngaphansi Kwamaza
Abantu bathi ubuhle busemehlweni. Kodwa ngokuvamile ubuhle bangempela bufihlekile—futhi lokhu akusebenzi kubantu kuphela. Ngakuthola kuyiqiniso lokhu ngoLwandle Olubomvu. Ugu oluwugwadule aluzange lungivezele ubuhle obumangalisayo obulindele inhlambi esenhlanhleni yokungena ekujuleni kwamanzi alo.
ULWANDLE Olubomvu lwaziwa njengenye yezindawo ezithakazelisa kakhulu emhlabeni zokubona izimangaliso zamadwala ama-coral. Ngakho ngangilangazelela ukuzibonela mathupha ukuthi udumo lwalo lwalufaneleka yini.
Lapho sengizibonele indawo engaphansi kwamanzi, ngangifuna ukuyiqonda kangcono. Isazi sezinto eziphila emanzini u-Aaron Miroz, uchwepheshe wezinto eziphila emanzini oLwandle Olubomvu, saphendula imibuzo yami.
Kungani amanzi oLwandle Olubomvu ekhiqiza kangaka?
“ULwandle Olubomvu lubukeka futhi lusebenze njengomzila omkhulu ominyene, oqoqa izinhlanzi eziningi zase-Indian Ocean. Ngaphezu kwalokho, sinama-coral ayindathane ngokungavamile lapha. Emadwaleni angaphansi kwamanzi ngokuvamile ungathola izinhlobo ezingaba ngu-20 zama-coral ahlukahlukene amila edwaleni eliyi-square yard [imitha-skwele] esisodwa kuphela. Okukhuthaza ukumila kwama-coral izinga lokushisa lamanzi elithokomele, elishintsha kancane nje phakathi nawo wonke unyaka. Ngaphezu kwalokho, izimvula ezincane kulendawo zinciphisa izinto ezikhukhulelwa olwandle. Nalokhu kunciphisa izinto ezingcolisayo, nakuba ngidabuka ukusho ukuthi phakathi neminyaka engu-15 edlule, isimo siye saba sibi kakhudlwana.”
Ziyini izinkinga ekulondolozeni leligugu lasolwandle?
“Lapho sisebenza endaweni engonakalisiwe kakhulu, ukungcola kuyinkinga enkulu kunazo zonke. OLwandle Olubomvu, ukungcola kuvela emithonjeni emithathu eyinhloko: ama-phosphate, izindawo zokufuya izinhlanzi ezidliwayo, nendle evela emadolobhaneni angasogwini. Ukuvama kwezindawo zokuhlamba nakho kungabangela izinkinga. Izinhlambi ezingamadlabha zingawalimaza kalula nje amadwala ama-coral athambile.”
Sekuyiminyaka eminingi nitadisha amadwala ama-“coral” oLwandle Olubomvu. Iziphi ezinye izinto enizifundile?
“Siye sathola ukuthi izinhlanzi zinezimiso zazo zokudla. Ezinye ziqala ukudla ngehora lesikhombisa ekuseni, zithathe amahora amathathu, zihlabe ikhefu, bese zidla amanye amahora amathathu ntambama. Ezinye zidla ebusuku kuphela. Lezizimiso zibalulekile. Ukube izinhlanzi ezincane bezizingelwa usuku lonke, bezingeke zikwazi ukudla. Izinhlanzi, njengabantu, ziyakukhetha ukudla. Ngokwesibonelo, i-grouper enamabala aluhlaza iwathanda kakhulu ama-basslet amahle, ayindathane oLwandle Olubomvu. Nezinhlanzi esizigcine endaweni yezilwane zasemanzini zinokudla ezikuthandayo—ezinye zithanda ama-tuna, kuyilapho ezinye zithanda usadinsi.
“Ungase ucabange ukuthi enhlanzini, bonke abantu bayafana, kodwa akunjalo. Izinhlanzi ngisho nezinye izilwane ezingenamgogodla ziyafunda ukubona abantu. Ngikhumbula enye i-octopus eyake yamukulwa esinye isisebenzi sizidlalela. Ayizange ikuthande ukumukulwa, futhi ayizange iphinde ikwamukele ukudla ekunikezwa yilowomuntu. Ngokuzenzakalelayo, siye sathola ukuthi abantu abamnene basebenzelana kahle kakhulu nezinhlanzi, kuyilapho umuntu onolaka noma ongenasineke ezenza zithuke.”
Okuhlaba inhlambi eyimfundamakhwelo umxhwele ubuhle nemibala enhlobonhlobo.
“Ush’ entshweni, izinhlanzi ezimibalabala zihlaba umxhwele. Kodwa abaningi abakuqapheli ukuthi ezinye izinhlanzi zisebenzisa imibala yazo njengezimpawu, ngandlela-thile njengoba nathi sisebenzisa izibani zendlela. Ngokwesibonelo, lapho i-grouper ebomvu izingela, kunokuba nje igade okwenzeka endaweni yayo, umbala wayo uba bubende. Inhlanzi i-clown, ewukudla kwe-grouper, ingabona ngombala we-grouper uma ‘isishayisile.’ Phakathi nalezizikhathi zokulondeka, i-clown izoyixosha ngesibindi i-grouper ehlasela indawo yayo.”
Ngokuqinisekile, ubuhle obungaphezu kobuvamile bendalo kaNkulunkulu bungatholakala ezindaweni eziningi ezifihlekile. Ukuphila kwami kwacetshiswa ngokuhlola ingxenyana nje yalobubuhle. Lokho kuvakasha okufushane endaweni engaphansi kwamaza kwajulisa ukwazisa kwami ngamagugu emvelo aqukethwe iplanethi yethu.—Inikelwe.
[Isithombe ekhasini 26]
I-“lionfish” ezizulelayo, ingakhathazekile ngabazingeli. Abasondeli, njengoba amaphiko ayo ahlabayo enoshevu onamandla
[Isithombe ekhasini 26]
Inhlanzi i-“clown” ayizuleli kude nasekhaya, eliphakathi kwezimponjwana ze-“anemone” enkulu. Ayibanjwa yona njengoba isiza ekugcineni indawo yayo ihlanzekile
[Isithombe ekhasini 26]
Izinhlanzi ama-“butterfly” zinemibala enhlobonhlobo. Imizimba yazo ezacile yayibhakuza, ingikhumbuza uvemvane
[Isithombe ekhasini 26]
Inhlanzi i-“Picasso,” enemithende emibalabala nalokho okwakubukeka njenge-“lipstick” ephuzi ngokugqamile, yangikhumbuza umfanekiso womdwebi ocatshangelwayo
[Isithombe ekhasini 26]
Inhlanzi i-“emperor angelfish” inejazi elinemibala eminingi elishintsha umbala nokwakheka lapho ikhula