Imvu Yasemanzini Afudumele?
NGOKUVAMILE izimvu zamanzi zikhishwa ezithombeni zamathantala amanzi aneqhwa acwebile ase-Arctic noma e-Antarctic. Kodwa bewazi yini ukuthi ezinye izimvu zamanzi zingaphila esimweni sezulu esithokomele, zithamele ilanga esihlabathini sezingu eziwugwadule?
Ake ubheke imvu yamanzi i-monk yaseMediterranean. Njengoba inobude obungaba amamitha angu-3,5, lemvu yasemanzini afudumele inoboya obufushane, obuhlangene obunamabala amnyama, kanye nesisu nesifuba esimhloshana. Lemibala ephawulekayo, efana nezambatho zamanye amasonto, ingase ichaze igama layo.
Amavesi amaningana eBhayibheli akhuluma ngesikhumba okuthiwa i-taʹchash (ngesiHeberu), esasimboza itabernakele nezitsha endlini engcwele. (Eksodusi 25:5; 26:14; Numeri 4:8) Abanye ochwepheshe basikisela ukuthi elithi taʹchash libhekisela esikhunjeni semvu yamanzi. Kungenzeka yini kube isikhumba semvu yamanzi i-monk yaseMediterranean? Ukutholakala kwalesisilwane emanzini aseMediterranean yasendulo kuqinisekisa lokhu kucabangela.
Amasiko asendulo ayebheka imvu yamanzi i-monk njengenamandla akhethekile. Abanye babekholelwa ukuthi isikhumba sayo singaphambukisa imibani futhi sivimbele ukushaya kwesichotho emasimini alinyiwe. Ngokuvokomala noma ngokulala caba, kwakuthiwa uboya bemvu yamanzi bubonisa ukuqala noma ukuphela okusondelayo kokuduma kwezulu.
Ngenxa yamandla okwakucatshangwa ukuthi inawo, imvu yamanzi i-monk yacishe yaqothulwa abazingeli abanonya. Nokho, muva nje iye yabonakala olwandle ngasempumalanga ephakathi yeSardinia. Lapho ukuzwana phakathi kwabantu nezilwane kumiswa kabusha ezweni elisha likaNkulunkulu, ngokuqinisekile imvu yamanzi i-monk yaseMediterranean iyophinde ihlale ezingwini ezicwathile nezinokuthula, lapho iyokwazi khona ukuthamela ilanga ingesatshiswa abantu abahahayo.—Isaya 11:6-9.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Panos Dendrinos/HSSPMS