Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 11/8 k. 18-k. 20 isig. 6
  • Ingabe Ngenze Isono Esingenakuthethelelwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ngenze Isono Esingenakuthethelelwa?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Unembeza Wethu Usikhathaze
  • Ukudabuka Kokwesaba UNkulunkulu
  • Ukuzisola Ngezono Ezincane
  • Imithombo Yosizo Nenduduzo
  • UJehova Wenza Ukuthethelela Kube Kukhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Yisono Esinjani Esingenakuthethelelwa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • UJehova, UNkulunkulu ‘Okulungele Ukuthethelela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ingabe Sikhona Isono Esingenakuthethelelwa?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 11/8 k. 18-k. 20 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ngenze Isono Esingenakuthethelelwa?

“NGANGINGAKAZE ngizizwe ngidumele kangaka. Ngangingasazihloniphi neze, futhi ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayengasoze angithethelele.”—UMarco.a

“Ngangidumele kakhulu. Ngangizisola ngenhliziyo. Ngangicabanga ukuthi ngenze amaphutha angenakuthethelelwa.”—U-Alberto.

“Akukho-muntu ongoniyo,” kusho iBhayibheli. (1 AmaKhosi 8:46) Kodwa ngezinye izikhathi osemusha angase abe nomuzwa wokuthi wenze iphutha elingaphezu kwelivamile. NjengoMarco no-Alberto, angase acindezelwe umuzwa obeleselayo wokuba necala. Angase abe nomuzwa wokuthi akwenzile kunyanyeka kakhulu, kubi kakhulu, kangangokuba uNkulunkulu akasoze amthethelele.

Kuthiwani uma uhlushwa imizwa enjena? Yima isibindi. Likhona ithemba esimweni sakho.

Okwenza Unembeza Wethu Usikhathaze

Kungokwemvelo ukudabuka lapho wenze iphutha lobuwula. Sonke sizalwa sinesici iBhayibheli elisibiza ngokuthi ‘unembeza.’ Siwumuzwa wangaphakathi wokulungile nokungalungile, inhlabamkhosi yangaphakathi evame ukubika lapho senza okuthile okungalungile. (Roma 2:14, 15) Ngokwesibonelo, cabangela iNkosi uDavide. Yaphinga nomfazi wenye indoda. Kamuva, yabangela ukuba umyeni wakhe, u-Uriya, abulawe. (2 Samuweli 11:2-17) Kwamthinta kanjani lokhu uDavide?

UDavide wavuma: “Imini nobusuku isandla [sikaNkulunkulu] sasinzima phezu kwami.” Yebo, wezwa ubunzima bokungavunyelwa kwaphezulu. UDavide wathi futhi: “Akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. . . . Usuku lonke ngihamba ngilila.” (IHubo 32:4; 38:3-6) Unembeza kaDavide waqhubeka umkhathaza kwaze kwaba yilapho eshukumiseleka ukuba athathe isinyathelo esiqondile futhi aphenduke esiphambekweni sakhe.

Ngokufanayo, uma ufundiswe abazali abangamaKristu bese uphambuka ezindinganisweni zeBhayibheli, uzokhathazeka. Lomuzwa wokuzisola ungokwemvelo, unempilo. Ungashukumisela umuntu ukuba alungise noma afune usizo ngaphambi kokuba isiphambeko sibe umkhuba ogxilile. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ophikelelayo esonweni ulimaza unembeza wakhe. Ngokuhamba kwesikhathi uba buthuntu, njengesikhumba esishile. (1 Thimothewu 4:2) Ngokuqinisekile kulandela ukonakala kokuziphatha.—Galathiya 6:7, 8.

Ukudabuka Kokwesaba UNkulunkulu

Khona-ke, akumangalisi ukuthi iBhayibheli likhuluma ‘ngesono sokufa.’ (1 Johane 5:16; qhathanisa noMathewu 12:31.) Isono esinjalo asibona nje ubuthakathaka benyama. Senziwa ngamabomu, ngenkani. Okwenza lesisono singathethelelwa akusona isono ngokwaso kodwa isimo senhliziyo sesoni.

Nokho, iqiniso lokuthi uphatheke kabi futhi ucindezelekile ngenxa yokuziphatha kwakho okungafanele libonisa ukuthi awukenzi isono esingenakuthethelelwa. IBhayibheli lithi “ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka . . . kube-ngukusindiswa.” (2 Korinte 7:10) Ngempela, phawula umyalo onikezwa kuJakobe 4:8-10: “Hlanzani izandla nina-zoni, nihlambulule izinhliziyo nina-bonhliziyombili. Yibani-lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube-ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.”

Yiqiniso, kungenzeka isiphambeko singesingathi sína ngempela. Ngokwesibonelo, uJulie osemusha waphululana nesoka lakhe. Uyavuma: “Ekuqaleni ngazizwa nginecala elikhulu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngakujwayela. Akuzange kuwukhathaze kakhulu unembeza wami.” Ngokuhamba kwesikhathi, izenzo ezingcolile zaholela ebuhlotsheni bobulili. UJulie uthi: “Ngaba lusizi. Unembeza wami wababuthaka kangangokuthi kwenzeka izikhathi eziningana.”

Ingabe alikho ithemba esimweni esinjalo? Akunjalo. Kuthiwani ngoManase, enye yamakhosi akwaJuda? Wenza izono ezinkulu ngempela, kuhlanganise nokusebenzisa imimoya nokwenza imihlatshelo ngabantwana. Nokho, uNkulunkulu wamthethelela ngenxa yokuphenduka kwakhe okuqotho. (2 IziKronike 33:10-13) Kuthiwani ngeNkosi uDavide? Lapho isiphendukile ezenzweni zayo ezimbi, yathola ukuthi uJehova unguNkulunkulu ‘omuhle nothethelelayo.’—IHubo 86:5.

AmaKristu namuhla analesisiqinisekiso: “Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.” (1 Johane 1:9) Umuntu kufanele azivume kubani izono? Ngokuyinhloko, kuJehova uNkulunkulu. “Nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe.” (IHubo 32:5; 62:8) Ungase ukuthole kuwusizo ukufunda ukuvuma kukaDavide izono zakhe ngokuzisola kumaHubo 51.

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuthaza amaKristu awele esonweni esingathi sína ukuba akhulume nabadala bebandla. (Jakobe 5:14, 15) Iseluleko sabo esiqotho nemithandazo kungakusiza ukuba uvuselele ubuhlobo bakho noNkulunkulu futhi uzuze unembeza ohlanzekile. Bangabona umehluko phakathi kobuthakathaka nobubi. Futhi kufanele baqikelele ukuthi uthola usizo oludingekayo ukuze ugweme ukuphinda isiphambeko sakho. UJulie, ngemva kokuba yena ngokwakhe esethathe lesisinyathelo esidinga isibindi, uyatusa: “Ngazama ‘ukuzisola’ ngaze ngacabanga nokuthi kwakusebenza ngandlela-thile. Kodwa ngemva konyaka ngayibona indlela enganginephutha ngayo. Awunakuzixazulula izinkinga ezingathi sína ngaphandle kosizo lwabadala.”

Ukuzisola Ngezono Ezincane

Nokho, ngezinye izikhathi osemusha ‘uthatha isinyathelo esithile okungesona ngaphambi kokuba asiqaphele.’ (Galathiya 6:1, qhathanisa ne-NW.) Noma avumele ukulawulwa ukuthambekela kwenyama. Osemusha okulesisimo angase azizwe enecala elijulile—mhlawumbe azizwe enecala kakhulu kunokufanele isiphambeko ngempela. Kuba khona ukukhathazeka okungadingekile. Imizwa enamandla kanjalo yokuba necala ingase ibangelwe unembeza ophilile kodwa osheshe uthinteke. (Roma 14:1, 2) Khumbula, lapho sona “sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo.”—1 Johane 2:1, 2.

Cabangela futhi indaba kaMarco osemusha, ocashunwe esethulweni sethu. LomKristu osemusha wayeqiniseka ukuthi wayenze isono esingenakuthethelelwa. Wayevame ukuzitshela ukuthi: ‘Ngizazi kahle izimiso zeBhayibheli, kodwa angikwazi ukuyeka ukwenza isono!’ Sasiyini isono sakhe? Inkinga yokushaya indlwabu. UMarco wayevame ukuzibuza: ‘UNkulunkulu angangithethelela kanjani uma ngingawuyeki lomkhuba?’ U-Alberto, naye owayevame ukushaya indlwabu, wathi: “Ngaba nomuzwa wecala ojulile ngoba ngangingakwazi ukugqashula kulesisono.”

Ukushaya indlwabu kuwumkhuba ongcolile. (2 Korinte 7:1) Nokho, iBhayibheli alikuhlanganisi nezono ezingathi sína njengobufebe. Eqinisweni, alikhulumi nhlobo ngakho. Ngakho-ke, ukuwela ekushayeni indlwabu akunakuba okungenakuthethelelwa. Eqinisweni, ukukubheka njengokungenakuthethelelwa kungaba ingozi; osemusha angase acabange ukuthi akunanjongo ukuzama ukunqoba lenkinga. Kodwa izimiso zeBhayibheli zibonisa ukuthi umKristu kufanele enze imizamo yokuzikhandla ukuze alwe nalomkhuba.b (Kolose 3:5) UJehova uyazi ukuthi “sonke siyakhubeka ngokuningi.” (Jakobe 3:2) Uma kwenzeka aphindele kulomkhuba, akudingekile ukuba osemusha azizwe eqalekisiwe.

Kunjalo nangokunye ukushiyeka neziphambeko. UJehova akafuni ukuba sizijezise ngomuzwa wokuba necala ngokweqile. Kunalokho, uyajabula lapho sithatha izinyathelo zokulungisa inkinga.—2 Korinte 7:11; 1 Johane 3:19, 20.

Imithombo Yosizo Nenduduzo

Nokho, cishe uyodinga usizo lomuntu siqu ukuze wenze kanjalo. Abazali abesaba uNkulunkulu bangenza okukhulu ukuze basize futhi basekele abantwana babo. Futhi ibandla lobuKristu linikeza ezinye izindlela zokusekela. UMarco uyakhumbula: “Into eyangisiza ngempela kwakuwukuxoxa nomdala. Kwadingeka ngibe nesibindi sokukhuluma ngokukhululeka ngimthululele isifuba sami. Kodwa wangenza ngamethemba, ngakho ngacela iseluleko sakhe.” No-Alberto wafuna iseluleko kumdala. “Anginakusikhohlwa iseluleko sakhe esikhuthazayo,” kusho u-Alberto. “Wangitshela ukuthi lapho esemncane, naye wayenenkinga efanayo. Kwakunzima ukukukholelwa. Ngamlalela ngokukwazisa ngenxa yokwethembeka kwakhe.” Ngosizo nokusekelwa okunjalo, uMarco no-Alberto bazinqoba izinkinga zabo. Bobabili manje bakhonza ezikhundleni zomthwalo wemfanelo emabandleni abo.

Olunye usizo umthandazo oqotho. NjengoDavide, ungathandazela ukuthola “inhliziyo ehlanzekileyo” kanye ‘nomoya oqinileyo.’ (IHubo 51:10) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu kungomunye umthombo wenduduzo. Ngokwesibonelo, ungase ukuthole kukhuthaza ukuthi nomphostoli uPawulu wayenokuthambekela ayelwa nakho ngaphakathi. Wavuma: ‘Ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle ukuthi kukhona okubi.’ (Roma 7:21) UPawulu waphumelela ekulawuleni ukuthambekela kwakhe okungalungile. Nawe ungaphumelela. Ungase ukuthole kududuza ngempela ukufunda amahubo, ikakhulukazi akhuluma ngentethelelo kaNkulunkulu, njengamaHubo 25, 86, no-103.

Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, gwema ukuzihlukanisa nokuzivumela ukuba ubuswe ukuphelelwa ithemba. (IzAga 18:1) Yenza isihe sikaJehova sisebenze kuwe ngokugcwele. Khumbula, ‘wenza ukuthethelela kube kukhulu’ ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. (Isaya 55:7; Mathewu 20:28) Ungazilulazi iziphambeko zakho, kodwa ungaphethi ngokuthi uNkulunkulu akanakukuthethelela. Qinisa ukholo lwakho nokuzimisela kwakho ukumkhonza. (Filipi 4:13) Ngokuhamba kwesikhathi uyoba nokuthula kwengqondo nenjabulo yangaphakathi ejulile yokwazi ukuthi uthethelelwe.—Qhathanisa neHubo 32:1.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Ukusikisela okuwusizo kunikezwa ezahlukweni 25 no-26 zencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 19]

Ukuxoxa nomKristu ofanelekayo kungakunikeza umbono omusha ngezinto

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela