Ukubuka Okwezwe
Ukwanda Kwemfucumfucu
Amasosha aqapha umngcele wasePoland athungatha uhlobo olusha lokuhlasela kulezizinsuku—imfucumfucu yakwamanye amazwe. Ngokwe-Washington Post, ngo-1992, iziphathimandla zasePoland zanqanda udoti owawuthunyelwa ongaba ngu-1 332 ukuba ungangeni kulelozwe uvela eNtshonalanga Yurophu iyodwa. Engxenyeni yokuqala ka-1993, inani lokuthunyelwa kwawo lanyuka ngamaphesenti angu-35. Emazweni amaningi aseNtshonalanga, ukulahla imfucumfucu eyingozi sekuye kwaba okubiza kakhulu kangangokuba ukuthuthela lowodoti emazweni angakathuthuki lapho kungase kube nzima khona ngokwengeziwe ukuba imithetho yendawo ezungezile iphoqelelwe kuye kwaba into ekhethwayo ezuzisayo. Ngokwesibonelo, izinkampane zensimbi ezimbili zase-United States zaboshwa ngenxa yokuxuba amathani angu-1 000 othuli olunobuthi oluvela lapho kuncibilikiswa, nomanyolo owawuthunyelwa eBangladesh. Enye imfumcumfucu ize ngisho yenziwe sengathi iyiminikelo yokusiza abaswele. Izikhulu zentela zasePoland zibika ukuthi ngokuvamile zithola impahla ethunyelwayo kuthiwa iyimithi yokusiza abaswele ivela e-Australia, eYurophu, nase-United States okutholakala ukuthi esikhundleni salokho iwudoti ongama-syringe, izingubo zangaphansi, nezinto zasendlini yangasese—konke kusetshenzisiwe futhi kungcolile.
Umagazini Wesehlukaniso
Ebona ithuba lokuzuza imali esilinganisweni esishaqisayo sezehlukaniso, umnyathelisi kamagazini eFrance uye wasungula iphephabhuku elibizwa ngokuthi i-Divorce. Umhleli we-Bulletin yaseSydney, e-Australia, uphawula ukuthi lomagazini uqokomisa “izinhlu zezeluleko zabameli nezazi zokusebenza kwengqondo, ukusikisela ngabesifazane abazama ukuthola umsebenzi wabo wokuqala ngemva komshado, futhi—ngabanesibindi—indlela yokubuyela emdlalweni wokuphola.” Nokho, esinye isihloko lomagazini ngokusobala ongakhulumi ngaso, ukubuyisana kwasemshadweni. Lomhleli uyaphawula: “Noma ubani ofuna iseluleko sokuthi angabuchibiyela kanjani ubuhlobo obunezinkathazo kufanele abheke kwezinye izindawo.” Yebo, funa iseluleko eZwini likaNkulunkulu elingenaphutha, iBhayibheli.
I-hummingbird YaseVenezuela Isengozini
Izinhlobo ezihlukahlukene ezingu-28 zama-hummingbird zisengozini yokuphela eVenezuela. Ezinye zazo azitholakali ndawo emhlabeni. I-hummingbird inyoni yendabuko eNyakatho naseNingizimu Melika, ukusuka e-Alaska ukuya e-Argentina naseChile. Inesisindo esiphakathi kwamagremu amabili kuya kwayisishiyagalolunye, encane kunazo zonke i-bee hummingbird, engamasentimitha angaba mahlanu, futhi enkulu kunazo zonke i-giant hummingbird, engamasentimitha angu-21. Yini eqothula i-hummingbird eVenezuela? Isifo esithile noma idliwa isilwane esithile? Cha. I-Carta Ecológica, iphephandaba elikhishwa inkampane kawoyela eLagovén, lembula ukuthi imbangela yalokhu ukugawulwa kwamahlathi—ukubhujiswa okuhleliwe kwendawo yokuhlala yalenyoni. Lesisidalwa esincane, esithakazelisayo, esinemibala eshintshashintshayo simane nje singesinye sezisulu eziningi zokubhubhisa komuntu ngonya ihlathi lemvula.
Umkhuba Olimazayo Wenqatshelwe Ngokomthetho
Uhulumeni wasePakistan uye wamisa umthetho wokuba amaphakethe e-betel nut kumelwe abhalwe izixwayiso zempilo ezinjengezisemabhokisini kagwayi, kubika umagazini i-Asiaweek. Lomagazini uphawula ukuthi izigidi zabantu e-Asia eseningizimu ziyimilutha ye-pan masala, inhlanganisela ye-betel nut namafutha ahlukahlukene nezinye izithako ezisongwe ngecembe le-betel. Lokhu kuhloselwe ukuhlafunwa. Izwe laseNdiya kakade selibhale izixwayiso emaphaketheni e-betel nut ngoba kubikwa ukuthi ihlangene nomdlavuza womlomo. Futhi kuthiwa izingane zibindwa i-betel nut zize zife. Imithetho emisha yasePakistan iyokwenqabela ukuthi izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ubudala zithengiselwe i-betel nut.
Iyanda Indima Yogogo Nomkhulu
Ukuhlola e-United States kubonisa ukuthi indima yogogo nomkhulu, ikakhulukazi ogogo, isiyanda ekuphileni kwabazukulu babo. Ukuhlola okuqhubekayo kwe-National Institute on Aging kuye kwathola ukuthi amaphesenti angu-69 alabo abazalwa phakathi kuka-1931 no-1941 bangomkhulu nogogo; amaphesenti abo angaba ngu-44 achitha amahora angaphezu kwekhulu ngonyaka enakekela umzukulu wawo oyedwa noma abengeziwe. Ngokwesilinganiso, labogogo nomkhulu bachitha amahora angu-659 nalezizingane, okulingana nezinsuku ezingu-82 ezingamahora ayisishiyagalombili, kuphawula i-Wall Street Journal. Lokhu kuhlola kwathola ukuthi abesifazane babechitha isilinganiso samahora angu-15 kuya kwangu-20 ngesonto benakekela abazukulu futhi kungenzeka izikhathi eziphindwe kabili nengxenye ukuba babe abanakekeli abanjalo kunamadoda.
Obaba Abangakhulumisani Nemikhaya Yabo
Njengasemhlabeni wonke, izibopho zomkhaya eJapane azisekhona ngempela lokho ezake zaba yikho. Muva nje i-Daily Yomiuri ibike ukuthi amadoda aseJapane angaba ngu-481-000 aphoqelelwa ukushintsha imisebenzi ukuba ahlale ngokwehlukana nemikhaya yawo. Lelonani laliphakeme ngamaphesenti angu-15 kunaseminyakeni emihlanu edlule futhi kwakulindeleke ukuba linyuke nangokwengeziwe njengoba izinkinga zokuthola izindlu nezikole ziqhubeka ziba zimbi ngokwengeziwe. Endabeni efanayo, leliphephandaba labika ukuthi ukuhlolwa kwabafundi basesikoleni sabaqalayo nabasesikoleni semfundo ephakathi kwaveza ukuthi amaphesenti angu-43 entsha athi ayengakhulumi nhlobo noyise. Inani elikhulu, amaphesenti angu-18,4, athi ayengaxoxi nonina.
Umkhaya Uyashintsha E-Argentina
Ukuhlola kwamuva kwembula ushintsho oluphawulekayo ezindleleni zokwakheka nokuziphatha ekuphileni komkhaya wase-Argentina, ngokwephephandaba laseBuenos Aires i-Clarín. Ikhuluma ngomkhaya oyisibonelo—omkhulu, onobunye, nohlanganayo ngezinsuku zokungasebenzi noma udle ndawonye ebusuku—leliphephandaba laphawula: “Abaningi namuhla bangathi imikhaya enjalo eyisibonelo imane nje iyisidala, izwe elidlule lasemaphusheni elibonakala emifanekisweni.” Ukubala okuvela encwadini ethi La familia en la Argentina (Umkhaya E-Argentina), kaSusana Torrado, kwabonisa ukuthi eshumini elidlule leminyaka, imikhaya enomzali oyedwa, manje efinyelela ku-1 200 000, iye yanda e-Argentina ngamaphesenti angaba ngu-60 kuya kwangu-80. Kuzalwa izingane ezingamavezandlebe ezingamaphesenti angaphezu kuka-36—okuwukwanda ngamaphesenti acishe abe ngu-30 kusukela ngo-1960. Ngaphezu kwalokho, izingxoxo ziye zabonisa ukuthi ingxenye yesithathu yalabo abaphakathi kweminyaka engu-20 nengu-34 abakholelwa ukuthi isibopho somshado esakho konke ukuphila.
Uhlelo Lolimi Lwezingane
Ukuhlola e-Italy kwembula ukuthi izingane zingase zazi okuningi kakhulu ngamaqiniso angemahle ezwe lanamuhla kunalokho abantu abadala ngokuvamile abathi ziyakwazi. Iqembu elithile lase-National Research Center yase-Italy lahlola izindaba ezingaphezu kuka-5 000 ezabhalwa izingane zesikole ezineminyaka eyisithupha kuya kweyishumi. Ngokwephephandaba i-Repubblica, ukuqhathanisa umtapo wazo wamagama angu-6 000 nezincwadi ezifundwa izingane ezibhalwe abantu abadala kwembula ukuthi “izwe elingenazo izinkinga cishe elingekho ngokoqobo, elinokuthula” elivezwa ezinganeni “alizikhohlisi.” Leliphephandaba liyanezela: “Zikwazi kahle lokho okushiwo ‘izidakamizwa,’ ‘ingculaza’ ‘nokudlwengula.’” Lababacwaningi bathi “izwe elivezwa okubhalwe izingane libonakala lithuthuke ngokwengeziwe futhi lihambisana ngokwengeziwe nezikhathi kunalokho ezikufundayo” okubhalwe abantu abadala, kuphawula i-Corriere della Sera.
Ukuyenga Abantu
Isonto labavangeli eMaryland, e-U.S.A., lathola indlela entsha yokuhehela abantu kulo. Ngolunye usuku lwangeSonto lwamuva nje, ngamunye wabantu abangu-125 abafika kuqala esontweni wanikezwa ama-dollar ayishumi (R36). Kwakumane nje kudingeka bahlale kuze kuphele inkonzo yemizuzu engu-75, eyayiqokomisa idrama nokuhlabelela okwakuphelezelwa iqembu ‘le-rock engenasigqi esinamandla.’ Ngokwe-Associated Press, isekela lomqondisi wezinkonzo zalelosonto lathi: “Abantu abaningi bakhononda ngokuthi abayi esontweni ngoba amasonto afuna imali njalo. Sacabanga, ‘Kungani singaqungi isibindi sibanike imali?’” Abantu abaningi, kusho lombiko, bayamukela imali, nakuba abaningi bathi bayibuyisela kamuva. Abangu-32 bayigcina leyomali.
Amabhokisi Amadala Awusizo
Esikhundleni sokulahla izinto zokuthumela ezinkulu njengensimbi nje ewudoti, inkampane ethumela izimpahla yaseNingizimu Afrika iye yathola ezinye izindlela zokusetshenziswa kwazo ngokuhlakanipha lapho seziguge kakhulu ukuba zingathutha impahla esindayo. Amabili alamabhokisi amakhulu ensimbi, lapho ehlanganiswa, enza ikilasi lesikole elilingene. Njengoba kungalindelwa, olunye uhlangothi lwebhokisi lokuthumela izimpahla kumelwe lususwe, bese kunezelwa amafasitela neminyango ezinhlangothini ezisele. Amabhokisi okuthumela izimpahla amadala angase futhi asebenze njengamakhaya, izitolo, imithola-mpilo, nemitapo yezincwadi. Kwesinye isimo, ngokukamagazini i-African Panorama, “amabhokisi okuthumela izimpahla angu-16 ashintshiwe angamakilasi amakhulu angu-8 ezingane zesikole ezingaphezu kuka-1 000.” Kuze kube manje, amabhokisi okuthwala izimpahla angaphezu kuka-1 000 aye anikezwa imiphakathi eswele yaseNingizimu Afrika. Kodwa inkampane ehilelekile iphelelwa amabhokisi okuthumela izimpahla amadala futhi icela usizo kwezinye izinkampane emazweni wonke anamabhokisi okuthumela izimpahla.
Ukudleka Kobuchopho
Ukuphuza utshwala obuningi nokudla amafutha iminyaka eminingi akwandisi nje kuphela ubuntekenteke bezicubu kodwa futhi kushwabanisa ubuchopho, ngokokuhlola okwenziwa iqembu labacwaningi base-Akita University Medical College yaseJapane. Eminyakeni engu-7 edlule, leliqembu lahlola abantu abangu-960, lisebenzisa i-MRI (Magnetic Resonance Imaging), futhi lathola ukuthi amaphesenti angu-58 alabo abayimilutha yotshwala ayesedleke ubuchopho. Phakathi kwalabo abane-hyperlipemia, izinga eliphakeme lezinhlanganisela ezingamafutha egazini, amaphesenti angu-41 alabo abaseminyakeni engu-40 nengu-50 namaphesenti angu-55 alabo abaseminyakeni engaphezu kuka-60 babebonisa ukudleka okunjalo. Ngokuphambene kakhulu nalokho, amaphesenti amane kuphela alabo abangeyona imilutha yotshwala nabangena-hyperlipemia ababonisa izimpawu zokudleka ubuchopho. Izimpawu zokusangana zaphawulwa phakathi kwamaphesenti angu-80 alabo abadlekile, kubika iphephandaba i-Yomiuri Shimbun. UProfesa oyisekela u-Ikuo Naemura waleliqembu labacwaningi uyeluleka: “Ukudleka kobuchopho kuqala kancane kancane kodwa ngokuqinisekile. Kubalulekile ukugwema ukuphuza utshwala ngokweqile nokudla ngokweqile ukudla okunamafutha.”