“Okwenza Ngingawugubhi UKhisimusi”
ABANYE bathi izingane zoFakazi BakaJehova ziyaphuthelwa ngoba aziwugubhi uKhisimusi. Kodwa cabangela indaba enesihloko esithi “Okungenza Ngingawugubhi UKhisimusi” eyabhalwa uFakazi oneminyaka engu-11 ubudala waseCalifornia, e-U.S.A., njengesabelo sasekilasini:
“Kubantu abaningi, uKhisimusi usho izinto eziningi—izipho, umkhaya, izipho, ukudla, izipho, ukwabelana, izipho, uthando, izipho, uSanta Claus, izipho, njll. Kodwa namuhla abantu abavamile neze ukucabanga ngalokho okushiwo uKhisimusi noma isizathu sokuba bawugubhe. Uma becabanga ngalokho, bavame ukukholelwa ukuthi uKhisimusi uwusuku lokuzalwa kukaJesu Kristu, isikhathi somkhaya, yebo, nesikhathi sezipho eziningi. Abantu abaningi bayabadabukela oFakazi BakaJehova ngoba bacabanga ukuthi izingane zabo ziyaphuthelwa. Kodwa ingabe kukhona ngempela okusiphuthelayo? Ake sicabangele isizathu esenza oFakazi BakaJehova bangaligubhi leliholide.
“Njengomunye woFakazi BakaJehova, angiwugubhi uKhisimusi ngenxa yezizathu eziningi. Phakathi kokunye, awulona usuku lokuzalwa kukaJesu. IBhayibheli lithi kwakunabelusi emadlelweni nezimvu zabo. EJerusalema lishubisa umnkantsha ebusika futhi ngokuvamile liyakhithika. Akunakwenzeka ngempela ukuthi abelusi babengahlala ngaphandle phakathi nalezizinyanga. . . . Nokho, kunokunye okwengeziwe.
“Akukhona nje ukuthi uKhisimusi wawungelona usuku lokuzalwa kukaJesu kodwa amaKristu ekhulu lokuqala ayengawugubhi. Ususelwa emkhosini iSaturnalia waseRoma lasendulo, owawuqala ngo-Dec. 17 uphele ngo-Dec. 25, ‘usuku lokuzalwa kwelanga elingenakunqotshwa.’ Ekhulwini lesine, esinye isikhulu samaRoma sanquma ukugubha usuku lokuzalwa kukaJesu ngo-Dec. 25, mhlawumbe ukuze kungcweliswe iholide lawo lobuqaba.
“Akumangalisi ukuthi uKhisimusi wenqatshelwa emazweni amaningi ahlukene. Namuhla abanye abantu (njengoFakazi BakaJehova) baye balandela isibonelo sawo. . . .
“Ngangiwugubha uKhisimusi—ngaze ngaba neminyaka emine ubudala. . . . Ngokuqinisekile oFakazi BakaJehova abaphuthelwa. Sithola izipho unyaka wonke. Okuwukuphela kwezinto ezisiphuthelayo yilamaholide obuqaba nemikhosi yawo nayo engeyobuqaba.”
Nakuba ephepheni uthisha aphawula ukuthi, “Akubona bonke abantu abafisa izipho,” wabhala nokuthi, “Wenze kahle kakhulu,” futhi wanikeza lomfundi u-“A.”