Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukudlala Ngokuziphatha Okubi Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukudlala Ngokuziphatha Okubi—Iyini Ingozi?” (February 8, 1994) Ngangiphola nomfana othile, futhi wayevame ukungitshela ukuthi uma engangiqabuli noma angithinte, wayengenakukwazi ukubonisa ukuthi ungithanda kangakanani. Sahlobonga, futhi emasontweni amabili kamuva, wachitha amalungiselelo omshado wethu. Ngaphatheka kabi kakhulu—ngazizwa ngixhashaziwe. Ngifisa sengathi ngabe angizange ngibe isiwula kangaka. Ngiyanibonga ngokuveza lezizihloko, ebengizidinga ngempela.
N. R., United States
Ngake ngahileleka ekuphululaneni okuvusa inkanuko, futhi ngangicabanga ukuthi akunangozi kuphela nje uma ngingawelanga ekuhlobongeni. Lesisihloko sangisiza ngaqaphela ukuthi asinakumhleka uNkulunkulu nokuthi wazi zonke izinto.
T. J., Nigeria
Njalo lapho ngihlangana namalungu enkolo yenu, ngithatha ikhophi ye-Phaphama! Kwaba njalo ngomagazini ka-February 8, 1994. Isihloko esikhuluma ngokuziphatha okubi sangihlaba umxhwele. Izincwadi zesonto lethu i-Evangelical Lutheran Church azizihlanganisi izihloko ezinjalo, zikhulumela kakhulu ongqingili besilisa nabesifazane. Komagazini benu nidingida izihloko abanye abazibheka njengezingafanele. Isibindi senu nokholo oluqinile kungihlaba umxhwele.
H. S., Germany
Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kunini Lapho ‘Kuwukweqisa’ Khona?” (October 22, 1993) Ngiphola nensizwa ethile engumKristu. Nakuba ukuqabulana nokuphululana kuvamile emphakathini wakithi, sabekelana imingcele zisuka nje. Akulula ukulandela izindinganiso zikaJehova zokulunga, futhi ngiyaqiniseka ukuthi lesisihloko siyosiza abaningi.
P. S. F., Brazil
Nakuba ngineminyaka engu-26 ubudala, izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ziyigugu kimi. Ngangilokhu ngikhathazwa yilombuzo. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi lesisihloko sikubeka ngokuqinisekile nangokucacile ukuthi kunini lapho kuwukweqisa khona!
V. V., Belgium
Izindawo Ezingamaxhaphozi Ngishukumiseleke ukuba ngibhale ngenxa yesihloko esithi “Izindawo Ezingamaxhaphozi Zomhlaba—Amagugu Endawo Ezungezile Ayahlaselwa.” (January 22, 1994) Izithombe zasiza ekugcizeleleni isibopho sethu sokulondoloza indalo kaJehova nabo bonke ubuhle bayo. Ngiyajabula ngokuthi ngokushesha uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Z. C. B. S., Brazil
Ngingumfana owevile eshumini nambili. Ngafunda lesisihloko ngaqaphela ukuthi imvelo iyancipha ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ngiyabona manje ukuthi nakuba abantu bekhuluma ngokuba nobunye kulokho abakwenzayo, bayahluleka. Ngakho-ke, ngifuna ukwenza okusemandleni ukutadisha iBhayibheli ukuze ngibe sePharadesi likaNkulunkulu lesikhathi esizayo.
Y. K., Japan
Isihloko senu sasiyisibonelo esihle sokuthi injabulo yokufunda i-Phaphama! ayilethwa yilokho ekuqukethe kuphela kodwa futhi ukubukeka kwayo nendlela ebeka ngayo indaba: izithombe zinhle kakhulu, ukuhlelwa kwenziwe ngobunono futhi kucocekile. Ngiyabonga.
M. E., Canada
Owasinda Ekamu Lokuhlushwa Kwangikhuthaza kakhulu okuhlangenwe nakho kukaFeliks Borys okunesihloko esithi “Ngavikelwa Ukuba Nokholo KuNkulunkulu.” (February 22, 1994) Ukukufunda kwangishukumisa imizwelo ngempela, futhi kwadingeka ukuba ngibambe izinyembezi. Kunginikeze amandla okukhuthazela ngaphansi kokuvivinywa.
A. C., Italy
Lesisihloko sangisiza ukuba ngiwaqaphele ngisho nakakhulu amandla kaJehova okuvikela abamethembayo. Yeka indlela okwakushukumisa ngayo ukufunda ngendlela emangalisayo uJehova aphendula ngayo imithandazo kaFeliks Borys!
E. F., Sweden