Indlela Ukudla Okunomsoco Okungayithuthukisa Ngayo Impilo Yakho
YEKA injabulo okuyiyo ukubona ingane eyondlekile! Nokho, ingane enempilo ayiveli ngengozi. “Ukudla okuvamile kodwa okunomsoco kwakuyinto eza kuqala ngaso sonke isikhathi emkhayeni wakithi hhayi kuphela emalini esiyibekele kona kodwa futhi nasesikhathini esisetshenziswa ekukuphekeni nasekukujabuleleni ndawonye,” kukhumbula uKate waseCanada ohlala eBrazil. “Ngenxa yokuthi umama wayengasebenzi ngaphandle, usuku ngalunye sasifika ekhaya sihlangatshezwe iphunga elimnandi lokudla kwasemini okuphekiwe mhlawumbe uphaya noma ikhekhe ayelibhakile.”
Nokho, ngokwe-Economist, kunokuba bondliwe ukudla okunomsoco, “abantu abangaba [izigidi] ezingu-780 emazweni ampofu, oyedwa kwabahlanu, akakutholi ukudla okwanele. Abantu abangaba [izinkulungwane eziyizigidi ezimbili] abathola ukudla okwanele nakuba kunjalo bantula amavithamini namaminerali abawadingayo.” Akukhona nje ukuthi ongondlekile uba buthakathaka kodwa futhi akakwazi ukuzuzisa abanye. Ngakho, ngokuqondene nezingane ezingondlekile, isazi sezomnotho u-Eduardo Giannetti da Fonseca saseSão Paulo University, eBrazil, sicashunwa sithi: “Lokhu [kusaphazwa kwengcebo yesintu] kubi kunanoma yini. . . . Nginomuzwa wokuthi phakathi kwalezizingane kunamakhono agcina efihlekile ngenxa yobumpofu. Phakathi kwazo, ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene, kungavela u-Albert Einstein.” Umagazini i-Veja uthi: “Lelizwe liwohlokelwa abantu ngenxa yokungondleki futhi lisaphaza okungaba umthombo wokuhlakanipha, ikhono lokusungula izinto, namandla.” Ngakho, naphezu kwamanani ezinto aphakeme, abazali abahlakaniphile banikeza izingane zabo isisekelo esiqinile ngokulondoloza ngokudla okunomsoco.
Ukulondoloza Ngokuhlakanipha
Elithi “ukulondoloza” lisho “ukusebenzisela inzuzo yesikhathi esizayo.” Ungalondoloza kanjani ngokudla? Uma kudingekile, ungakudela yini ukunethezeka noma izimpahla ezidumile bese usebenzisa imali yakho encane ukuze uthenge ukudla okunomsoco?
“Izinzwa azilindi kuze kube yilapho zishukunyiswa ngokungazelele ngesikhathi sokuzalwa; ubufakazi bubonisa ukuthi isimiso sezinzwa sisebenza kahle ngaphambi kokuzalwa,” kusho i-New Encyclopædia Britannica. Ngakho, indlela enhle yokuqala ukunikeza ingane ukudla okunomsoco iwukuba nomama owondlekile. Isinyathelo esilandelayo—ngemva kokubeletha—siwukuncelisa usana, njengoba ubisi lomuntu lunikeza umsoco ophelele futhi luvikele ngisho nasezifweni ezivamile. I-Facts for Life, incwadi yeZizwe Ezihlangene, ithi: “Ezinyangeni ezimbalwa zokuqala zokuphila kwengane, ubisi lwebele lulodwa luwukudla nesiphuzo okungcono kunakho konke okungatholakala. Izinsana ziyakudinga okunye ukudla, ngaphezu kobisi lwebele, lapho sezinezinyanga ezine kuya kweziyisithupha ubudala.”
Nakuba umzimba womuntu ukwazi ukuzivuselela ngokuphawulekayo, akufanele uthathwe kancane. Kubalulekile ukuwakha ngokudla okunomsoco zisuka nje. I-World Book Encyclopedia ithi: “Lapho umuntu eneminyaka engu-6 ubudala, ubuchopho busuke sebufinyelele isisindo sabo esiphelele esingamaphawundi angaba mathathu (amakhilogremu angu-1,4). Iningi lamangqamuzana obuchopho lisuke selikhona ngesikhathi sokuzalwa, ngakho ukwanda kwesisindo ngokuyinhloko kubangelwa ukukhula kwalamangqamuzana. Phakathi nalenkathi eyiminyaka eyisithupha, umuntu ufunda futhi athole izindlela ezintsha zokuziphatha ngezinga elishesha kakhulu ekuphileni.” Ngakho-ke, ngisho noma ingane ijabulela ukudla okunomsoco ngemva kweminyaka eyisithupha yobudala, ambalwa ngempela amangqamuzana obuchopho azokwakheka. UKate uyaphawula: “Ukudla okunomsoco kungesinye sezipho ezinkulu kunazo zonke abazali abangazinikeza izingane zabo. Ngisho noma okuningi kwalokho okubizwa ngokuthi izidingo zokuphila, ngokuvamile okuyizinto zokunethezeka kuphela, kungase kungatholakali, abazali abalondoloza impilo engokwengqondo nengokomzimba yezingane zabo bazinikeza isiqalo ekuphileni kusuka ebuntwaneni esingasoze sathathelwa indawo.”
Kungani Kumelwe Udle Ukudla Okuhlukahlukene?
Ingane idinga ukudla okunothe ngamaprotheni ukuze ikhule ngokomzimba nangokwengqondo. Ukudla okungenamsoco kwehlisa izinga lokuthuthuka kwengqondo yengane esikoleni, futhi ingane ingase inganaki futhi ibe isidenga, ingakwazi ukugxilisa ingqondo kakhulu noma ukukhumbula okufundiswayo. Okungenani kunezifo ezihlukahlukene ezingu-25 ezibangelwa ukuntuleka kwesinye salezizakhi zokudla eziyinhloko—amaprotheni, amavithamini, amafutha adingekayo, noma izakhi zokudla.
Cabangela indaba kaJoaquim. Uthi: “Umkhaya wakithi wawumpofu. Kodwa sasinensimu esasitshala kuyo cishe konke esasikudla. Njalo ngesikhathi sokudla sasidla ummbila nesinkwa sikakolweni, futhi lokho kwasenza sondleka. Cishe zonke izinsuku umama wayenza isobho lemifino ehlukahlukene, kuhlanganise nobhontshisi, futhi lokhu kwakwenelisa eziningi zezidingo zethu. Sasingayidli kakhulu inyama, kodwa sasiyidla inhlanzi, ikakhulukazi osadinsi, i-cod, ne-herring.” Uyanezela: “Umama wayenezingane ezinhlanu, futhi angikhumbuli namunye kithi egula ngaphandle kokuphathwa umkhuhlane. Ngicabanga ukuthi ukudla kwethu okunomsoco okwabangela lokho.” Unina wezingane ezingu-7 uyachaza: “Kwakudingeka ukuba sibanikeze ukudla okunomsoco ngezindleko eziphansi. Ngakho satshala insimu yemifino, leyo, nakuba yayincane, yayikhiqiza okwanele izidingo zethu.” Uyanezela: “Izingane zethu azikaze zigule ngokungathi sína futhi zaziphumelela ngaso sonke isikhathi emsebenzini wazo wesikole.”
Umzimba wakho udinga izakhi zokudla ezingu-22 phakathi kwezakhi ezingamakhemikhali ezaziwa ngokusemthethweni ezingu-103. Nakuba kungenakwenzeka ukunquma inani ngalinye elinembile lamavithamini, amaminerali, namaprotheni owadingayo, ukudla okunomsoco kuyozinakekela izidingo zakho. Esinye isikhulu sathi: “Isihluthulelo sokondleka kahle siwukudla okuhlukahlukene okuhlanganisa zonke izinhlobo zezakhi zokudla.”
Kuthiwani uma izingane zakho zingakuthandi ukudla okuthile, njengemifino ebabayo? Ngokompheki othile ongumakad’ ebona, abazali kufanele baphake “zonke izinhlobo zemifino etholakala endaweni abakuyo. Abantu abadala abaningi abayidli imifino ngoba abazange bayithole lapho besebancane. Njengoba imifino isinikeza i-fiber namanye amavithamini amaningi esiwadingayo futhi ingabizi, abazali kufanele bayiphakele izingane zabo njalo.” Ngakho kungani ungafundi izindlela ezintsha zokupheka imifino emisha nezithelo, mhlawumbe ephakwa ne-soufflé noma isitshulu esehla esiphundu? Ngokuqondene nama-kilojoule okuthiwa awanamsoco, uyasikisela: “Abazali akufanele babe namaswidi endlini ngaphandle kwalapho kunemikhosi ekhethekile. Uma engekho, [izingane] ngeke ziwadle.”
Nakuba ukudla isilinganiso esifanele sokudla okunomsoco kunciphisa ingozi yokungondleki, abanye abantu bazidonsela amanzi ngomsele ngokudla ngokweqile. Ukudla ngokweqile ama-kilojoule angaphezu kwadingwa umzimba kungabangela ukukhuluphala, okuhlangane nesifo sikashukela nenkinga yenhliziyo.a Njengoba umuthi noma ukuvivinya umzimba kungeke kusithathe isikhundla semikhuba yokudla efanelekile, ukusikisela okuhle kuwukunciphisa ukudla amafutha, amaswidi, usawoti, notshwala. I-encyclopedia ethile ithi futhi “kufanele kuthathwe izinyathelo zokunciphisa indlala, isizungu, ukucindezeleka, isithukuthezi, intukuthelo, nokukhathala, ngakunye okungabangela iziqubu zokudla ngokweqile.”
Umbono Olinganiselayo Ngokudla Nempilo
IBhayibheli aliyona incwadi yokudla; nokho, liyasisiza ukuba silinganisele ezindabeni zempilo. Umphostoli uPawulu waxwayisa ngalabo abayala abanye ukuba ‘bazile ukudla okwadalwa uNkulunkulu ukuze kudliwe ngokubonga yilabo abanokholo nabalazi ngokunembile iqiniso.’ (1 Thimothewu 4:3) UNkulunkulu ufuna saneliswe futhi sikusebenzise ngokunenzuzo lokho okutholakalayo. “Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.”—IzAga 15:16.
Akekho namuhla umuntu ojabulela impilo ephelele. Pho, kungani singabi abacabangelayo, abalalelayo nabangakhathazeki ngokweqile? Ukuba nesithakazelo ngokweqile ezindabeni zokudla noma zempilo kungasibangela ukuba silahlekelwe ukulinganisela.
Naphezu kwemizamo yokunakekela impilo yethu, okwamanje siyaguga futhi ekugcineni sife. Nokho, ngokujabulisayo iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukungondleki nezifo. Nakuba eye ahluleka amacebo omuntu okuqeda indlala, singabheka phambili ezweni elinenala yokudla okunomsoco kwabo bonke.—IHubo 72:16; 85:12.
[Umbhalo waphansi]
a “Abanye ochwepheshe banomuzwa wokuthi ukhuluphele uma udlula isisindo ‘esifiselekayo’ . . . ngobude, ukwakheka nobudala bakho ngamaphesenti angaphezu kwangu-20.”—The American Medical Association Family Medical Guide, ikhasi 501. Bheka ne-Phaphama! ka-May 8, 1994, isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingasehlisa Kanjani Isisindo?” neka-June 8, 1989, isihloko esithi “Ingabe Ukwehlisa Isisindo Kuyimpi Ongeke Wayinqoba?”
[Ibhokisi ekhasini 7]
UKUSIKISELA KOKUSIZA INGANE YAKHO IBE NEMIKHUBA EMIHLE YOKUDLA
◻ Beka isibonelo esihle.
◻ Ungazivumeli izingane ukuba zidle lokho ezikufunayo kuphela.
◻ Gwema ukuba nokudla okungenamsoco noma amaswidi ekhaya.
◻ Qeqesha izingane ukuba zijabulele izinhlobonhlobo zokudla.
◻ Yiba nesikhathi esimisiwe sokudla, kuhlanganise nesokudla kwasekuseni.
◻ Ungazivumeli izikhangiso ze-TV zithonye okudlayo.
◻ Ungazivumeli izingane zizithathele ukudla esiqandisini.
◻ Qeqesha izingane ukuba zisize ekulungiseni ukudla.
◻ Hlakulela ukubonga ngamalungiselelo ansuku zonke.