Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 3/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Hambani Ngokufanele Ivangeli”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuhlakulela Imikhuba Emihle YobuKristu Ezweni Elingenayo Imikhuba Emihle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Inhlonipho—Yisici Sabantu Abesaba UNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Ingabe Kubaluleke Ngempela Ukuba Nenhlonipho?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 3/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Imikhuba Emibi Ngendlela engikhumbula ngayo, ngake ngabonisa imikhuba emibi. Kwake kwaba ngisho nezikhathi lapho ngangiziqhenya ngenxa yokwehluleka ukusho amazwi esizotha nokucabangela, anjengokuthi “Ngiyabonga,” nokuthi “Ngiyaxolisa.” Khona-ke ngafunda isihloko esithi “Ukuwohloka Kwemikhuba Emihle” nezingxenye zeBhayibheli ezicashunwe lapho. (July 22, 1994) Ngafunda ukuthi ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu unemikhuba emihle lapho esebenzelana nabantu abangaphansi kwakhe, ngokuvamile enezela amazwi athi “ngiyacela” ezicelweni zakhe. Ngabamba ongezansi lapho ngibona lokhu eBhayibhelini. Kuye kwangishukumisela ukuba ngizame ukulingisa uNkulunkulu. Ngibonga ngiyanconcoza.

M. E. J., Nigeria

Ngasijabulela kakhulu lesisihloko. Okuhlobene kakhulu nemikhuba emihle ukuhlonipha amalungelo nempahla yabanye. Ngezinye izikhathi lapho umeme abangane, izingane zabo ziba nomuzwa wokuthi zinenkululeko yokwenza noma yini eziyithandayo—ukungena emakamelweni ahlukahlukene, ukuphequlula emashalofini naseziqandisini, njalo njalo.

G. W., United States

Umusho ngamunye kulesisihloko wawubalulekile. Kwakuyilokho kanye engangikudinga ukuze ngifundise abafana bami ababili. Ngafunda ukuthi kunemininingwane eminingi ngemikhuba emihle engingakayifundisi izingane zami. Manje sengiyayazi lemininingwane ethandekayo nendlela yokuyisebenzisa.

P. H., United States

Imizila YaseMoscow Engaphansi Komhlaba Ngisanda kufunda isihloko esithi “Izigodlo ZaseMoscow Ezikhangayo Zangaphansi Komhlaba.” (June 22, 1994) Bengilokhu ngithanda ukuya phesheya, futhi ngithola ukuthi ukufunda izihloko ezinjengalezi kungenza ngizizwe ngilapho.

J. H., New Zealand

Ngavakashela eMoscow lapho ngiye emhlanganweni wamuva nje woFakazi BakaJehova. Ngachitha isikhathi esiningi ngihamba nge-Metro. Ngalesosikhathi angizange ngiqaphele ukuthi ngangibona omunye wemizila engaphansi komhlaba omuhle nobaluleke kunayo yonke emhlabeni. Ngakho ngasijabulela kakhulu lesisihloko.

P. M., Finland

Amasosha? Esihlokweni esithi “Imibono Yami Njengesazi-mlando Sezempi,” umlobi uchaza ukungena eParis ngemva kokuthola kwayo inkululeko ekupheleni kweMpi Yezwe II. (April 22, 1993) Uthi wadutshulwa amasosha aseJalimane futhi kwakudingeka ukuba ashiye i-jeep yakhe izikhathi eziningana ukuze athole indawo yokukhosela—futhi lokho kwenzeka emgwaqweni odume kunayo yonke eParis! IParis ayizange “ikhululwe” kodwa yanikelwa ngaphandle kokulwa umkhuzi wamabutho aseJalimane owephula iziqondiso, uDietrich von Choltitz.

A. W., Italy

Umlobi wayelandisa okuhlangenwe nakho kwakhe siqu, iqoqo elifakazelwa abanye ofakazi bokuzibonela nezazi-mlando. Ngokwesibonelo, incwadi ethi “Liberation,” yesazi-mlando sezempi uMartin Blumenson, iyavuma ukuthi nakuba uvon Choltitz azishaya indiva iziqondiso zikaHitler zokuba acekele phansi iParis ngomlilo, kwaba khona ukubambana ngezihluthu phakathi kwamasosha aseJalimane kanye nawaseFrance ne-United States ezinsukwini ezingaphambi kokuba acele umaluju. Ngokuphathelene nokulwa eChamps Élysées—“umgwaqo odume kunayo yonke eParis”—nalokhu kuqinisekiswa ezinye izazi-mlando. Bheka ethi “Six Armies in Normandy—From D-Day to the Liberation of Paris,” kaJohn Keegan.—ED.

Impikiswano Yezokwelapha Ngineminyaka engu-12 ubudala. Ngafunda isihloko esithi “Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu.” (May 8, 1994) Ngajabula lapho ngibona umKristu osemusha njengami ebhekana ngesibindi nodokotela basesibhedlela futhi ‘ededa egazini.’—IzEnzo 15:20.

P. M. H., United States

Ngineminyaka engu-19 ubudala. Yeka indlela ukholo lwami oluye lwaqiniswa ngayo ngokufunda okuhlangenwe nakho kukaMercy Uwasi! Kwangenza ngaqaphela iqiniso lokuthi ukwethembeka kuJehova akuxhomekile ebudaleni bomuntu kodwa kuxhomeke othandweni olujulile umuntu analo ngaye. Lokhu kungenze ngazimisela kunanini ngaphambili ukulondoloza ukwethembeka kwami kuJehova.

S. M., South Africa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela