Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 6/22 k. 3
  • Izibikezelo Zokuphela Kwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibikezelo Zokuphela Kwezwe
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kunezixwayiso Zamanga Eziningi Kangaka?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Ukuphela Kwezwe Kuseduze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Okwenza Abaningi Bakholelwe Ukuthi Izwe Lizophela
    I-Phaphama!—1995
  • Ingabe Kufanele Ukwesabe Ukuphela Kwezwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 6/22 k. 3

Izibikezelo Zokuphela Kwezwe

“Sekuyizinkulungwane zeminyaka abaprofethi bobumnyama bebikezela ukuthi izwe selizophela.”—Premonitions: A Leap Into the Future.

NGO-1033, eminyakeni nje engu-1 000 ngemva kokufa kukaKristu, izakhamuzi zaseBurgundy, eFrance, zazinokwesaba okukhulu ngoba kwakubikezelwe ukuthi izwe lalizophela ngalowonyaka. Amathemba embubhiso aqina lapho kuvela inani elingavamile leziphepho ezibhubhisayo ezihambisana nemibani nokuduma nendlala embi. Izixuku ezinkulu zabonisa ukuphenduka obala.

Emashumini ambalwa eminyaka ngaphambi kwalokho, njengoba kwakusondela unyaka wenkulungwane uKristu ezelwe (ngokwendlela yokubala isikhathi eyayamukelwa ngaleso sikhathi), abaningi babekholelwa ukuthi ukuphela kwezwe kwakuseduze. Kuthiwa imisebenzi yobuciko nempucuko emizini yezindela eYurophu yacishe yaphela. U-Eric Russell waphawula encwadini yakhe ethi Astrology and Prediction: “Amazwi athi ‘njengoba ukuphela kwezwe sekusondele’ ayevamile ezincwadini zokwaba ifa ezagcwaliswa phakathi nengxenye yesibili yekhulu leshumi.”

UMartin Luther, owaqala iNguquko YobuProthestani ekhulwini le-16, wabikezela ukuthi ukuphela kwezwe kwakuseduze esikhathini sakhe. Ngokwencwadi ethile, wathi: “Ngokombono wami, ngiyaqiniseka ukuthi usuku lokwahlulela luseduze kakhulu.” Omunye umlobi wachaza: “Ngokuqhathanisa izenzakalo ezingokomlando neziprofetho zeBhayibheli uLuther wakwazi ukumemezela ukusondela kwenhlekelele yokugcina.”

Ekhulwini le-19, uWilliam Miller, ngokuvamile owaziwa ngokusungula iSonto LamaSabatha, wabikezela ukuthi uKristu wayeyobuya esikhathini esithile phakathi kuka-March 1843 no-March 1844. Ngenxa yalokho, abanye ngaleso sikhathi babelindele ukuyiswa ezulwini.

Ezikhathini zamuva, inkolo ezinze e-Ukraine ebizwa ngokuthi i-Great White Brotherhood yabikezela ukuthi izwe laliyophela ngo-November 14, 1993. E-U.S.A., umshumayeli wasemsakazweni, uHarold Camping, wathi ukuphela kwezwe kwakuyofika ngo-September 1994. Ngokusobala, lezi zibikezelo zesikhathi sokuphela kwezwe ziye zaba iphutha.

Ingabe lokhu kuye kwenza abantu bangabe besakholelwa ukuthi izwe lizophela? Ngokuphambene. “Ukusondela kwenkulungwane entsha yeminyaka ngonyaka ka-2000,” kuphawula i-U.S.News and World Report ka-December 19, 1994, “kubangela iziprofetho eziyinqwaba zosuku lwembubhiso.” Lomagazini wabika ukuthi “cishe amaMelika angamaphesenti angu-60 acabanga ukuthi izwe lizophela esikhathini esithile esizayo; cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yalawo icabanga ukuthi lizophela phakathi namashumi ambalwa eminyaka.”

Kungani kuye kwaba nezibikezelo eziningi kangaka ngokuqondene nokuphela kwezwe? Ingabe sikhona isizathu esinengqondo sokukholelwa ukuthi lizophela?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela