Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kunendaba Ukuthi Yini Oyikholelwayo?
“UMUNTU UKHETHA UKUKHOLELWA LOKHO AKUKHETHA NJENGOKUYIQINISO.”—UFRANCIS BACON, 1561-1626, UMLOBI WEZINDATSHANA OYINGISI NESAZI SOKUPHATHWA KWEZWE.
NGOKUPHATHELENE nezimfundiso ezingokwenkolo, abantu abaningi banomuzwa wokuthi uma nje umuntu ekholelwa ngobuqotho ukuthi ‘kunoMuntu laphaya phezulu’ futhi emthanda umakhelwane wakhe, akunandaba ngempela ukuthi yini enye ayikholelwayo. Abanye bangase babheke imiqondo ephikisanayo esekelwa amaqembu enkolo ngokuphathelene noNkulunkulu, injongo yakhe, nendlela yokumkhulekela bese bephetha ngokuthi lokhu kuhluka kumane nje kungokwangaphandle, njengezinhlobo ezihlukahlukene zezambatho ezigqokwa umuntu oyedwa. Bangase babe ngisho nanomuzwa wokuthi labo abenza impikiswano enkulu ngokuhluka okunjalo baye balahlekelwa ngokuphelele umbono wobuKristu beqiniso.
ImiBhalo iyavuma ukuthi akuzona zonke izingxoxo zezimfundiso ezingokwenkolo ezinenzuzo. Ngokwesibonelo, ezincwadini zakhe eziphefumulelwe ezaziya kuThimothewu, umphostoli uPawulu wabhekisela kubantu ababevusa “izimpikiswano ezishisayo ngobala.” UPawulu wabachaza ‘njengabagulayo engqondweni beguliswa imibuzo nayizinkulumo-mpikiswano ngamazwi.’ (1 Thimothewu 6:4, 5) Wayala uThimothewu ukuba ‘ale imibuzo ewubuwula neyokungazi, azi ukuthi iveza ukulwa,’ nokuba ayale amabandla ukuba ‘angalwi ngamazwi, into engenalusizo nhlobo.’ (2 Thimothewu 2:14, 23) Esikhathini sethu okuningi ukuphikisana okungokwenkolo kuye kwayifanela lencazelo futhi kuye kwaba ukuchitha isikhathi okungenangqondo.
Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi zonke izingxoxo zezinkolelo ezingokwenkolo azinangqondo? Phela, besingeke siyeke ngokuphelele ukugqoka izembatho ngenxa nje yokuthi ezinye izembatho azifaneleki ukuba zingagqokwa, akunjalo? Ngakho kungani kumelwe siyiyeke ngokuphelele indaba yezinkolelo ezingokwenkolo njengokungathi ayibalulekile ngenxa nje yokuthi eminye imibuzo ayikufaneli ukucatshangelwa? Umongo wamazwi kaPawulu acashunwe ngenhla ubonisa ukuthi indaba yezimfundiso wayeyibheka njengebaluleke kakhulu. Ngokuphindaphindiwe waxwayisa ngokuthi izimfundiso zamanga zazingaholela ekubeni umuntu asuswe okholweni, futhi wayala uThimothewu ukuba ‘ayale abathile ukuba bangafundisi imfundiso ehlukile.’ (1 Thimothewu 1:3-7; 4:1; 6:3-5; 2 Thimothewu 2:14-18, 23-26; 4:3, 4) Ngokuqinisekile, wayengeke akhulume amazwi anamandla kangaka uma kwakungabalulekile ukuthi yini lawo maKristu okuqala ayeyikholelwa.
Khona-ke, kungani anikeza iseluleko sokuba kwaliwe imibuzo ephathelene nezimfundiso? Kwakungenxa yokuthi osukwini lukaPawulu abantu abathile—abachaza ‘njengabonakalisiwe engqondweni nabaphangwe iqiniso’—babephakamisa izimpikiswano zezimfundiso ngenhloso nje yokuchitha ukholo lwabanye. (1 Thimothewu 6:5) UPawulu waluleka uThimothewu ukuba agweme izingxoxo zezinkolelo zenkolo ngokuphathelene kuphela nemibuzo eyayiphakanyiswa yilabo bantu abonakele.
Ingabe Izinkolelo Ziyakuthonya Ukuziphatha?
Nokho, abanye bangase babuze ukuthi izinkolelo zethu zenkolo zinethonya elikhulu yini ohlotsheni lwabantu esiba yilo—izimfanelo nokuziphatha kwethu komuntu siqu. Bangase babheke izinkolelo nokuziphatha njengezici ezimbili ezihlukene nezingahlobene, njengebhantshi nebhulukwe okungase kube yimibala engahambelani noma ehambelanayo kuye ngokuthanda kwalowo okugqokayo. Nokho, ngokweBhayibheli izinkolelo nokuziphatha kufana nesudi etholakala iyisethi efanisene kuphela.
IBhayibheli lembula ukuhlobana okuqondile phakathi kwalokho esikukholelwayo nohlobo lwabantu esiba yilo. AbaFarisi bosuku lukaJesu ababezibona belungile babeyisibonelo sezinkolelo ezidukile ezithonya ukuziphatha. (Mathewu 23:1-33; Luka 18:9-14) Ngakolunye uhlangothi, eyabaseKolose 3:10 iyayala: “Nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.” Phawula ukuthi amandla okuphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu ahlanganiswa nokuba nolwazi olunembile ngoNkulunkulu.
Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ulwazi olunembile,’ elivela izikhathi ezingu-20 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, libhekisela olwazini oluqondile, olunembile, noma olugcwele. Isazi esingumGreki uNathanael Culverwel silichaza ‘njengokujwayelana kangcono nento ebengiyazi ngaphambili; ukuyibona ngokuqonde ngokwengeziwe into ebengiyibonela kude ngaphambili.’ Ngakho njengoba nje umuntu osebenza ngamatshe ayigugu ehlola itshe eliyigugu ukuze abone izici abese enquma inani lalo, umKristu kumelwe ahlole iZwi likaNkulunkulu ukuze afinyelele olwazini oluqondile, olunembile, nolugcwele ngoNkulunkulu amkhonzayo. Lokhu kuhlanganisa nokufinyelela ekwazini ubuntu bukaNkulunkulu, izinjongo zakhe, izindinganiso zakhe, nazo zonke izimfundiso ezakha “isibonelo samazwi amahle”—okuhluke kakhulu ekukholelweni nje ukuthi ‘kunoMuntu laphaya phezulu.’—2 Thimothewu 1:13.
Isibonelo sohlobo lwezithelo eziba umphumela lapho umuntu emazela kude kuphela uNkulunkulu silotshwe esahlukweni sokuqala sencwadi ephefumulelwe eya kwabaseRoma. Lapho, kubhekiselwa kubantu abathile okwathi, ‘nakuba babemazi uNkulunkulu, bangakwamukela ukubheka uNkulunkulu ngolwazi olunembile.’ Imiphumela yezinkolelo zabo ezinganembile ilandiswa umphostoli uPawulu: “UNkulunkulu wabanikela esimweni sengqondo esingamukeleki, ukuba benze izinto ezingafanele, njengoba nje babegcwele konke ukungalungi, ukukhohlakala, ukukhanuka, ububi, begcwele umona, ukubulala ngokungemthetho, ukuxabana, inkohliso, isimo esibi, bengabahlebayo, izinyevuzi, abazonda uNkulunkulu, abeyisayo, abazidlayo, abazazisayo, abasunguli bezinto ezilimazayo, abangalaleli abazali, abangenakuqonda, abangathembekile ezivumelwaneni, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangenasihe.”—Roma 1:21, 28-31.
Ngokungenakungatshazwa, izinkolelo labo bantu ababenazo zaziwathonya ngokuqondile amandla abo okuphila ukuphila kobuKristu. Ngokufanayo namuhla, izinkolelo nokuziphatha kungase kuqhathaniswe nesembatho esingenamthungo, esilukwe sahlanganiswa ngokungenakuhlukaniswa. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba bonke abafuna ukuthola ukuvunyelwa uNkulunkulu baqiniseke ukuthi izinkolelo zabo ezingokwenkolo ziyiqiniso ngempela, zisekelwe ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu. Ngoba ‘intando [kaNkulunkulu] iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:4.
[Isithombe ekhasini 25]
Ukuzibona komFarisi elungile kwakubonisa izinkolelo zakhe