Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 7/22 k. 3
  • Lapho Kugadla Inhlekelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kugadla Inhlekelele
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ingabe UNkulunkulu Unecala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuzamazama Komhlaba Okukhulu—Yini Eyabikezelwa IBhayibheli Mayelana Nakho?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Isibonakaliso Sezikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 7/22 k. 3

Lapho Kugadla Inhlekelele

IKHULU lama-20 liye laphawuleka ngezinhlekelele ezinkulu, futhi eziningi zazo ziye zabangelwa umuntu. Nokho, ezinye azizange zibangelwe umuntu. Ebikezela ngezinsuku zethu, uJesu Kristu wathi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukuswelakala kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:7) Yiqiniso, kumelwe kusolwe umuntu ngezimpi nokuswelakala kokudla, kodwa akanacala ngokuzamazama komhlaba. Ngendlela efanayo, nakuba ezinye izikhukhula eziyinhlekelele ziye zabangelwa imisebenzi yomuntu, akanakusolwa ngokuzamazama komhlaba. Futhi iziphepho noma ukuqhuma kwezintaba-mlilo akulona iphutha lomuntu.

Kungakhathaliseki ukuthi zibangelwa yini, izinhlekelele ezingokwemvelo zibonisa ubuncane bomuntu, ukuntula kwakhe amandla lapho ebhekene namandla asabekayo angokwemvelo. Lomhlaba, ikhaya lethu, ngokuvamile ubonakala ulondekile futhi uqinile. Kodwa lapho undindizeliswa ukuzamazama komhlaba, ugcwala amanzi ezikhukhula, noma ushanelwa imimoya enamandla egadla kanzima njengokungathi ngegalelo lokuqhuma, lowomuzwa wokulondeka uyanyamalala.

Izinhlekelele ezingokwemvelo ziye zabangela umonakalo omkhulu nokulahleka okukhulu kokuphila phakathi nekhulu lama-20. Ingabe lokhu bekungagwenywa? Kukhona yini okungenziwa ukuze kuncishiswe imiphumela eyinhlekelele? Njengabantu ngabanye, yini esingayenza ukuze sizivikele? Ingabe asinakuzisiza ngokuphelele lapho kugadla inhlekelele? Ingabe isintu siyohlale siyizisulu ngalendlela? Izihloko ezilandelayo zizodingida lemibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela