Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 10/8 k. 20-k. 21 isig. 8
  • Isithelo Somhlaba Wonke Esehl’ Esiphundu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isithelo Somhlaba Wonke Esehl’ Esiphundu
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uphayinaphu Nesitshalo Sawo
  • Utshalwa Kanjani?
  • Wehl’ Esiphundu Ngempela
  • Isithelo Esincane Esinoboya SaseNew Zealand
    I-Phaphama!—1992
  • “Niqhubeke Nithela Izithelo Eziningi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ubhanana—Isithelo Esiphawulekayo
    I-Phaphama!—1994
  • Ukuvuselela Uhlaza Lwehlathi Lase-Amazon
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 10/8 k. 20-k. 21 isig. 8

Isithelo Somhlaba Wonke Esehl’ Esiphundu

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

CISHE uChristopher Columbus neqembu lakhe babengabantu bokuqala baseYurophu abasinambitha phakathi nokuhlola kwabo iWest Indies ngo-1493. Sathunyelwa enkosini yaseSpain, futhi nayo yakujabulela ukunambitheka kwaso. Amatilosi asenza sathandwa kuwo wonke amazwe aseMelika, futhi ngo-1548, asiyisa eziQhingini zasePhilippines ukuze siyotshalwa khona.

Kamuva, cishe ngo-1555, lesi sithelo esehl’ esiphundu sadlulela eFrance. Ngawo-1700, kakade kwase kuhlotshiswa ngaso ematafuleni amakhosi aseYurophu njengesithelo sekhethelo. Sathandwa kakhulu kangangokuba kamuva sadlulela kulo lonke elaseYurophu nase-Asia nase-Afrika. Njengamanje, sitshalwa ngokuyinhloko eBrazil, eHawaii, eMexico, ePhilippines, eThailand, nakwamanye amazwe ambalwa anesimo sezulu nenhlabathi efanelekayo.

Ngakho ngemva kweminyaka engu-500 yokuhamba, sesiye safinyelela ezindaweni eziqhelelene kakhulu neMelika, izwe laso lendabuko. Ingabe uyasazi lesi sithelo esikhuluma ngaso? Uphayinaphu owehl’ esiphundu.

EMexico wawaziwa ngokuthi i-matzatli, eCaribbean ngokuthi i-ananá, kanti eMelika Ephakathi neseNingizimu ngokuthi i-nana. Kubonakala sengathi abaseSpain yibona abawuqamba ngokuthi i-piña ngenxa yokufana kwawo nesithelo sesihlahla sikaphayini. Namuhla ngeSpanishi waziwa ngokuthi i-piña noma i-ananás, kuyilapho ngesiZulu waziwa ngokuthi uphayinaphu. Kungakhathaliseki ukuthi yiliphi igama lawo, labo abake bawudla bayavuma ukuthi wehl’ esiphundu.

Uphayinaphu Nesitshalo Sawo

Ubukeka kanjani uphayinaphu? Ufana nesiyingelezi futhi ukhula enkabeni yesitshalo. Lesi sithelo sinegobolondo eliqinile, futhi esihlokweni, sinomqhele wamaqabunga amaningi amancane aluhlaza, athé ukuqinaqina. Isithombo sikaphayinaphu ngokwaso, sinamaqabunga amade anjengenkemba akhula abheke ezindaweni ezihlukene. Lesi sitshalo sikhula sibe amasentimitha asukela kwangu-60 kuya kwangu-90 ubude, futhi isisindo sesithelo singaba ngamakhilogremu asukela kwamabili kuya kwamane.

Lapho sisesincane, sifana nesithelo somuthi kaphayini, futhi isikhumba sihlala sinombala onsomi. Siba luhlaza lapho sesilungele ukuvunwa, futhi lapho sesivuthiwe ngokuvamile siba nombala ophuzi ngokuluhlaza, oluhlaza ngokusawolintshi, noma obomvu. Lapho ubuthumbu baso sebuvuthiwe, bunoshukela—bunephunga elimnandi futhi buconsis’ amathe.

Utshalwa Kanjani?

Uwutshala kanjani uphayinaphu? Okokuqala, kudingeka inhlabathi efana naleyo yasezindaweni ezishisayo—enesihlabathi, evunde kakhulu, ene-asidi, futhi enosawoti omncane, nomswakama omningi. Khona-ke, kudingeka utshale elinye lamahlumela amancane amila ngasesiqwini sesithelo futhi elisala esitshalweni lapho isithelo sesivuniwe. Noma kunganqunywa futhi kutshalwe wona kanye umqhele kaphayinaphu. Nokho, umuntu kumelwe abe nesineke ukuze akwazi ukujabulela izithelo zawo, njengoba uthatha isikhathi esingaphezu konyaka ukuvuthwa futhi ukhiqize isivuno.

U-Antonio, osekuyiminyaka engaphezu kuka-25 etshala uphayinaphu, uchaza isu elithile elisetshenziswayo: “Kudingeka ufake ingcosana ye-calcium carbide enkabeni yesiqu ngaphambi kokuba lesi sithelo siqale ukumila. Lokhu kwenzelwa ukuba zonke izithelo zikaphayinaphu zivunwe ngesikhathi esisodwa, ngoba uma zingase ziyekwe ukuba zizikhulele ngokwemvelo, ezinye ziyokhula ngokushesha kunezinye bese kuba nzima kakhulu ukuvuna.”

Lapho uphayinaphu usulungele ukuvunwa kodwa ungakavuthwa, kumelwe umbozwe ukuze ungafuswa ilanga. Wembozwa ngephepha noma ngamahlamvu esitshalo sawo. Ngemva kokudlula kwesikhathi esidingekayo, uphayinaphu usukulungele ukuvunwa. Sika igobolondo, bese uwudla uyizingcezu! Kodwa qaphela. Ukudla indeni yalesi sithelo kungabangela ukushoshozela kolimi. Kungenxa yaleso sizathu abanye abantu bedla ubuthumbu kuphela bese beyilahla indeni yaso.

Uma ufuna ukunambitha uphayinaphu omnandi futhi oconsisa amathe, ungathonywa ukubukeka kwawo kwangaphandle. Lapho esibonisa omunye wawo, u-Antonio uyachaza: “Abanye abantu bakhetha uphayinaphu ngendlela obukeka ngayo, ukuthi uluhlaza noma uphuzi yini. Kodwa lesi sithelo singavuthwa ngisho noma igobolondo laso liluhlaza. Kumelwe usishaye ngeminwe yakho. Uma sizwakala sengathi asinalutho, ubuthumbu baso buyobe bumhlophe futhi buduma. Kodwa uma sizwakala siqinile, sengathi sigcwele amanzi, khona-ke sikulungele ukudliwa—sinoshukela futhi siconsis’ amathe.” Kunezinhlobo eziningana zalesi sithelo, kodwa oluthandwa kakhulu yilolo olubizwa ngokuthi i-Cayenne ebushelelezi (Cayena).

Wehl’ Esiphundu Ngempela

Ngaphandle kokujabulela isiphuzo esimnandi salesi sithelo noma ukudla izingcezu zaso, ungase usithole kusulubha, otholakala emathinini kwamanye amazwe. Futhi uphayinaphu uqukethe izakhi zokudla ezithile ezinjengama-carbohydrate, i-fiber, namavithamini, ngokuyinhloko u-A no-C.

EMexico ungajabulela isiphuzo esiqabulayo esenziwe ngamakhasi kaphayinaphu. Uma ufuna ukuzenzela, gcina amakhasi esitsheni sengilazi esinamanzi anoshukela izinsuku ezimbili noma ezintathu. Lapho lokhu sekubilile, ungakuphuza njengesiphuzo esibandayo. Kuyisiphuzo esiqabula ngempela esibizwa ngokuthi i-tepache futhi sinoshukela nobumuncu. Ungathanda yini ukusiphuza? EPhilippines, uphayinaphu uyatshalwa ukuze kutholwe i-fiber emaqabungeni awo. Asetshenziswa ekwenzeni indwangu emhlophe ngokuphaphathekile, futhi ethambe kakhulu. Isetshenziswa ekwenzeni amaduku, amathawula, amabhande, amayembe, nezingubo zabantwana nezabesifazane.

Kuleminyaka engamakhulu ambalwa edlule, uphayinaphu uye wathunyelwa emazweni amaningi lapho ungatshalwa khona. Bonke labo abajabulela ukunambitheka kwawo banethemba lokuthi uyoqhubeka nohambo lwawo lokujikeleza umhlaba, ujabulisa isintu.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]

Above: Pineapple. Century Dictionary

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela