Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8
  • Indlela Ongaphila Ngayo Phakade

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongaphila Ngayo Phakade
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Injongo KaNkulunkulu
  • Indlela Yokuphila Phakade
  • Ingabe Kungenzeka Ngempela Ukuphila Phakade?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Singaphila Isikhathi Eside Kangakanani?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8

Indlela Ongaphila Ngayo Phakade

NJENGOBA ngokusobala umzimba womuntu unamandla okuphila isikhathi eside kakhulu kunalokho abantu abakujabulelayo namuhla, abanye bathembele kuyisayensi ukuba ithole indlela esingaphila ngayo phakade. “Njengoba sithola ulwazi olugcwele lwamakhemikhali omzimba nendlela asebenzelana ngayo,” kubhala uDkt. Alvin Silverstein, “siyokwambula umnyombo wokuphila. Siyoyiqonda . . . indlela umuntu aguga ngayo.”

Kuyoba namuphi umphumela? Kuyoholela “enkathini entsha emlandweni wesintu,” kusho uSilverstein. “Ngeke besaba khona abantu ‘abagugile,’ ngoba ulwazi oluyoletha ukunqotshwa kokufa luyoletha nobusha obuhlala phakade.”

Ingabe abantu bayokufeza lokhu? “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza,” kuxwayisa iBhayibheli. “Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:3, 4) Abantu baye bahluleka ukuveza, kungasakhulunywa ngokulungisa, ukushiyeka okuzuzwe njengefa okubangela ukuguga nokufa, njengoba siye sabona. UMdali wethu kuphela ongakwenza lokho.

Nokho, ingabe ngempela kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba abantu baphile phakade emhlabeni?

Injongo KaNkulunkulu

UJehova uNkulunkulu wawubeka ukuba uphile kuphi umbhangqwana wokuqala ongabantu? Kwakusepharadesi lasemhlabeni. Futhi wayalwa ukuba ‘uzale, wande, ugcwalise umhlaba, uwunqobe.’ (Genesise 1:28) Yebo, injongo kaNkulunkulu yayiwukuthi, ngokuhamba kwesikhathi, wonke umhlaba wakhiwe umkhaya wesintu olungile ohlala ndawonye ngokuthula nangenjabulo.—Isaya 45:18.

Nakuba u-Adamu agwetshwa ngokufa ngenxa yokungalaleli kwakhe, injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abantu baphile phakade ePharadesi emhlabeni ayizange iguquke. (Genesise 3:17-19) “Ngikhulumile,” kusho uNkulunkulu, “ngiyakukwenza.” (Isaya 46:11; 55:11) UNkulunkulu wabonisa ukuthi injongo yakhe ngomhlaba yayingaguqukanga lapho ethi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahle kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.

NjengoMdali wethu, uNkulunkulu usesimweni sokulungisa ukukhubazeka okwenza abantu baguge futhi bafe. Ukwenza ngasiphi isisekelo lokhu? Njengoba lokho kukhubazeka kwazuzwa njengefa kumuntu wokuqala, u-Adamu, uNkulunkulu uye walungiselela njengomhlatshelo wesihlengo ukuphila kobuntu okuphelele kweNdodana yakhe, uJesu Kristu, “ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16; Mathewu 20:28.

Ngakho eqinisweni uJesu Kristu uthatha indawo ka-Adamu wokuqala njengobaba wethu, noma umniki-kuphila. Yingakho eBhayibhelini uJesu ebizwa ngokuthi “u-Adamu wokugcina.” (1 Korinte 15:45) Ngakho kunokuba baqalekiselwe ukufa njengabantwana besoni u-Adamu, abantu abalalelayo bangase babhekwe njengabakufanelekele ukuthola ukuphila okumi phakade njengabantwana ‘bakaYise ongunaphakade,’ uJesu Kristu.—Isaya 9:6.

Yiqiniso, ‘iNkosi engunaphakade’ ‘noYise weNkosi yethu uJesu Kristu’ uJehova uNkulunkulu. (1 Thimothewu 1:17; IsAmbulo 15:3; Kolose 1:3) Kodwa uJesu Kristu, ngaphandle kokuba ‘uBaba ongunaphakade’ ‘noMsindisi’ wethu, ‘uyiNkosi Yokuthula’ futhi. (Luka 2:11) Njengommeleli kaYise, uKristu uyosebenzisa igunya lobukhosi ukuze alethe ukuthula emhlabeni.—IHubo 72:1-8; 110:1, 2; Heberu 1:3, 4.

Ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu, iPharadesi lasemhlabeni elalahleka liyophinde lizuzwe. UJesu wathi lokhu kuyokwenzeka “ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo.” (Mathewu 19:28) Abalandeli bakaKristu abakholekile—abangu-144-000 sebebonke—bayobusa kanye naye phezu kwalomhlaba oyiPharadesi. (2 Thimothewu 2:11, 12; IsAmbulo 5:10; 14:1, 3) Izigidi ziyozuza kulokho kubusa kokulunga ngokujabulela ukuphila emhlabeni ePharadesi. Phakathi kwazo kuyoba neselelesi esafela eduze kukaJesu futhi uJesu asithembisa ukuthi: “Uyoba nami ePharadesi.”—Luka 23:43.

Ngakho, ngisho nabafileyo abangalungile bayovuswa futhi bayonikezwa ithuba lokufanelekela ukuphila okumi phakade emhlabeni. (IzEnzo 24:15) IBhayibheli likuchaza kahle ukuqedwa kokugula, ukuguga, nokufa, lithi: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Indlela Yokuphila Phakade

Ngokuqinisekile uyafuna ukuba phakathi kwalabo abayozuza umhlaba futhi bahlale kuwo phakade. Uma kunjalo, kumelwe uhlangabezane nezimfuneko zokuphila phakade ePharadesi. Ethandaza kuYise wasezulwini, uJesu Kristu washo imfuneko eyinhloko, ethi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba ungenise lolu lwazi olunikeza ukuphila. Mane nje ubacele, futhi mahhala, bazokuvakashela ngesikhathi esikulungele futhi baxoxe nawe ngendlela uNkulunkulu ajonge ngayo ukunikeza isintu ukuphelela okungokomoya nokungokomzimba. Qiniseka ngokuthi uMdali wethu onamandla onke ukwazi ngokugcwele ukulungisa ukushiyeka okuzuzwe njengefa okubangela ukuguga nokufa. Isikhathi siyeza, futhi siseduze, lapho ukuphila kungeke kusaba kufushane kangaka. UJehova uyobusisa abantu bakhe ‘ngokuphila kuze kube-phakade.’—IHubo 133:3.

[Isithombe ekhasini 10]

Ngaphansi kokubusa kobukhosi kukaKristu, ukuguga nokufa kuyonqotshwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela