Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngiye Emakhonsathini E-rock?
Iqembu elidumile lomculo liza endaweni yakini. Amathikithi athengiswa ubuthaphuthaphu, ngakho kumelwe unqume manje. Ingabe uzokuya?
UMCULO omuhle endaweni efanele ungaba yinto enhle. Phela, uJehova uNkulunkulu wasidala sinekhono lokujabulela umculo, futhi umculo onhlobonhlobo uyamukeleka kuye.
Namuhla intsha ithanda umculo we-rock ngezinhlobo zawo eziningi. Eningi iwuthanda kakhulu lapho udlalwa bukhoma. Nakuba kunjalo, phakathi kwezinye izinto, imibiko yeziyaluyalu nobudlwangudlwangu emakhonsathini e-rock iphakamisa imibuzo engathi sína entsheni eyesaba uNkulunkulu. Eqinisweni kwenzekani emakhonsathini e-rock? Ingabe ukuya kwenye yawo kungaba umqondo omuhle?
Ukuvivinya Umculo
Okokuqala, ake sicabangele umculo ngokwawo. Umculo ungazwakalisa—futhi uvuse—imizwelo ehlukahlukene. Ezikhathini zeBhayibheli, abantu bakaNkulunkulu babevame ukusebenzisa umculo ukuze bazwakalise ukuthanda kwabo uNkulunkulu. (IHubo 149:3; 150:4) Futhi umculo wawusetshenziselwa ukuzwakalisa injabulo, ukwenama, nokudabuka. (Genesise 31:27; AbAhluleli 11:34; 1 Samuweli 18:6, 7; Mathewu 9:23, 24) Nokho, ngokudabukisayo, umculo wawungemuhle ngaso sonke isikhathi ngisho nasezikhathini zeBhayibheli. Kungenzeka ukuthi umculo onobudlwangudlwangu, ovusa imizwa waba nendima ekuyengeni amanye ama-Israyeli ukuba one lapho isizwe sikanise eNtabeni iSinayi.—Eksodusi 32:1-6, 17, 18, 25.
Eqinisweni, umculo omningi we-rock ngokufanayo ukhuthaza izinto ezimbi—ukuziphatha okubi ngokobulili, izidakamizwa, ukuvukela, ukusebenzisa imimoya. Lokhu akusho ukuthi kumelwe ugweme umculo, kodwa iBhayibheli litshela amaKristu ukuthi ‘aqhubeke eqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ (Efesu 5:10) Ngakho kumelwe ube okhethayo futhi oqondayo lapho kuziwa emculweni.a
Lukuthinta kanjani uhlobo lomculo olukhethayo? Ingabe lukwenza ujabule, uzole, noma ube nokuthula? Noma ingabe lukwenza uthukuthele, uvukele, noma ucindezeleke? Indoda ethile engumKristu eDenmark ikhumbula ngesikhathi isewumthandi womculo onesigqi esinamandla, uhlobo oluthile lomculo we-rock. Ithi: “Ngangiwulalela lapho ngisebenza. Futhi uma ngenza iphutha, ngangithukuthela kangangokuba ngangiyiphahlaza into engangiyenza bese ngiyilahla nginesifuthefuthe sentukuthelo!” Omunye osemusha uyavuma: “Ngangilalela kakhulu i-rap nomculo onesigqi esinamandla owawudumisa ubulili nendlela yezwe yokuphila. Lomculo wawondla ingqondo yami, futhi umphumela wawuba ukulangazelela izinto ababecula ngazo.” Uma-ke umculo oqoshiwe ungaba nethonya elinjalo, cabanga ngamandla omculo odlalwa bukhoma!
Futhi cabanga: Umculo uyoba nomsindo ongakanani? Kuyavunywa, abantu bakhetha ngezindlela ezihlukahlukene kulesi sici. Futhi iBhayibheli aliwulahli umculo onomsindo ophakeme ngokusesilinganisweni. Phela, lapho kunikezelwa ithempeli likaSolomoni, abashayi bamacilongo bebodwa babengu-120! (2 IziKronike 5:12) Kumelwe ukuba lokho kwakunomsindo ngendlela eshukumisayo! Nokho, kunomehluko omkhulu phakathi komsindo ophakeme wokudumisa uNkulunkulu nomsindo ovala izindlebe womculo we-rock. Kulokhu kwamuva, umsindo uvame ukusetshenziselwa ukushukumisa isixuku ukuze sibe nomoya wobudlwangudlwangu. Kodwa iBhayibheli liyayilahla “imibuthano exokozelayo,” noma “imibuthano enobudlwangudlwangu.” (Galathiya 5:21; Byington) Futhi ukuhlonipha umzimba wakho kuyokubangela ukuba ungawulaleli umculo ophakeme kangangokuba uzifake engozini yokulimaza izindlebe zakho.—Roma 12:1.
Elinye iphuzu okufanele licatshangelwe litholakala kuJobe 12:11. Lapho iBhayibheli liyabuza: “Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?” Ngokuvumelana nalokhu, kufanele ‘uvivinye’ izosha zengoma! Osemusha othile ongumKristu uyavuma: “Ngaqala ukulalela izosha zezinye zezingoma engangizithanda, futhi ngamangala ukuthola ukuthi zazingafanele ukulalelwa umKristu. Ngakuthola kufanele ukulahla lolo hlobo lomculo.” (1 Korinte 14:20; Efesu 5:3, 4) Futhi, qaphela ukuthi abaculi abaningi basebenzisa amakhonsathi ukuze bagqugquzele umculo wabo abasanda kuwukhipha—umculo ongase uhluke kakhulu kwabawukhipha ngaphambili, mhlawumbe owawumuhle.
Ngaphezu kwalokho, kufanele uqiniseke ukuthi umculo awunakho ukuthambekela kobudemoni—into evelele ezinhlotsheni zomculo onesigqi esinamandla. Amaqembu omculo onesigqi esinamandla adume ngokuzihlobisa wona nezembozo zomculo wawo ngezimpawu zobudemoni nangemicikilisho yobusathane. (Jakobe 3:15) Ukuya ekhonsathini yeqembu elinjalo akunakumjabulisa neze uNkulunkulu, osiyala ukuba ‘simelane noDeveli’!—Jakobe 4:7.
Ukungalawuleki
Yini engase yenzeke ekhonsathini ngokwayo? Intombazane esentsha okuthiwa uStacey yahamba nabangane bayo bayobuka iqembu lomculo ababenomuzwa wokuthi lalidlala umculo omuhle. Kodwa phakathi nekhonsathi, umculi ohamba phambili waleli qembu wenza sengathi usemhlahlweni futhi wamema izibukeli ukuba zihlanganyele ekuzameni ukuxhumana nezwe lemimoya! Ingabe kwakumane kuwumgilingwane nje? Mhlawumbe. Kodwa njengoba iBhayibheli lizilahla zonke izinhlobo zokusebenzisa imimoya, uStacey nabangane bakhe bazizwa bebophekile ukuba baphume.—Levitikusi 19:31; Duteronomi 18:10-13; IsAmbulo 22:15.
Enye intsha engamaKristu iye yaba nokuhlangenwe nakho okudabukisa ngendlela efanayo, ngoba nakuba ukusebenzisa imimoya okuyingcaca kungase kube yivelakancane emakhonsathini e-rock, ubudlwangudlwangu buvamile. Kwenye ikhonsathi iqembu lomculo lashoshozela isiphithiphithi esabangela ukulimala kwabantu abangu-60 nomonakalo ongaphezu kwamaRandi angu-725 000! Kwenye futhi ikhonsathi, abasha abathathu banyathelwa bafa. Yiqiniso, amakhonsathi e-rock amaningi awaphethi ngesiphithiphithi, ukulimala, noma ukufa. Kodwa kunesidingo esisobala sokuqapha. IzAga 22:3 zithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”
Ngakho uma kwenzeka ucabanga ukuya ekhonsathini, thola amaqiniso. Ingabe lelo qembu lomculo linedumela lokushoshozela ukuziphatha okunobudlwangudlwangu? Liheha abantu abanjani lelo qembu lomculo? (1 Korinte 15:33) Busetshenziswa kangakanani utshwala nezidakamizwa? Futhi kuthiwani ngehholo yekhonsathi ngokwalo? Ingabe lake labhekana nezinkinga zokulondeka esikhathini esidlule? Kuyohlalwa kanjani? Lapho kuhlalwa noma ikuphi, ayanda kakhulu amathuba okuba kulimale othile.
Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala kuxhaphakile emakhonsathini e-rock. “Abantu abayeli umculo,” kusho indoda ethile engumKristu esangulukile eyaya ekhonsathini yeqembu le-rock elalithandwa lapho isakhula. “Bayela ukuyodakwa.” Yanquma ukuthi yayigcina ngcí ukuya ekhonsathini ye-rock. Intombazane ethile engumKristu esentsha nayo iyabika: “Ngikhumbula ngiya ekhonsathini lapho kwakudlala khona iqembu ‘elithuthukayo.’ Kwakwesabeka kakhulu! Abantu babebhema insangu. Ulimi lwalulubi, futhi abaningi lapho babebukeka njengabakhulekeli bakaSathane ngenxa yendlela ababegqoke ngayo.” Ngisho nalapho izidakamizwa notshwala kunqatshelwe khona ngokuqinile, akuyona into engavamile ukuba abaningi abayizibukeli bafike sebedakiwe kakade. Kungenzeka yini ukuthi ukuya emcimbini onjalo kuvumelane nomyalo weBhayibheli wokuba “silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo”?—Thithu 2:12.
Amandla Esimo Sendawo
Nokho, ungase ube nomuzwa wokuthi akudingekile ukuba ukhathazeke ngokuthi abaseduze kwakho baziphatha kanjani uma nje wena ungahlanganyeli kuleso siphithiphithi. Nokho, isimo sendawo okuyo siyakuthonya. Kweyabase-Efesu 2:2, iBhayibheli likhuluma ‘ngegunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.’ Phawula ukuthi lelizwe ‘linomoya,’ noma isimo sengqondo esibusayo. Ukuyo yonke indawo, njengomoya ngokwawo. Kodwa qaphela futhi ukuthi lomoya, noma isimo sengqondo, ‘unegunya’—amandla okuguqula imicabango, imizwa, nokuziphatha kwakho—uma uzichaya kuwo! Akunakwenzeka ukuba uphefumule lomoya kodwa ungathonyeki.
Ezimweni eziningi amakhonsathi e-rock achaya umuntu emoyeni wezwe ngezinga eliphakeme. Umuntu angachayeka kalula emoyeni wobushinga ovame ukuba khona—noma ekuklabalaseni nasekuvayizeni okucishe kufane nokudumisa okuwukukhulekela abaculi. Ukudumisa ngokweqile okunjalo kuyaphikisana nokudumisa okufanele uNkulunkulu. Kuwukukhulekela izithombe, into elahlwa ngokusobala emiBhalweni. (1 Korinte 10:14; 1 Johane 5:21) Ingabe uyafuna ukuzibeka engozini yokuhileleka kukho?
Amakhonsathi amaningi e-rock anezingozi ezingaphezu kwanoma iziphi izinzuzo ezingase zitholakale ngokuya kuwo. Yiqiniso, abazali bakho bayonquma ukuthi kufanele uye yini noma ungayi ekhonsathini ethile. Kodwa uma unenkululeko yokuzenzela leso sinqumo, khetha ngokuhlakanipha. Kunezindlela ezinhle eziningi zokuzijabulisa ezingahileli izingozi zokuya emakhonsathini e-rock.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezikhuluma ngomculo ezivela kumagazini i-Phaphama! ka-February 8, February 22, noka-March 22, 1993.
[Isithombe ekhasini 18]
Utshwala, izidakamizwa, nobudlwangudlwangu kuvamile emakhonsathini e-rock