Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 12/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • I-shingles—Ukubhekana Nobuhlungu
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Izinto Ezingasisiza Sigweme Ukuhlehlisa Izinto
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 12/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuzindela Isihloko esithi “Ukuzindela—Isela Lesikhathi” (April 8, 1995) sasibhalwe ngendlela esebenzisekayo nesahlaya. Njengoba ngangisifunda, ngazithola ngizihleka, njengoba nginomkhuba omubi kakhulu wokuzindela.

F. B. H., Brazil

Bengilokhu nginomkhuba wokuzindela ingxenye enkulu yokuphila kwami, ngakho lokhu kwakuwukwaziswa okufike ngesikhathi kimi. Kwakubhalwe kahle, futhi ngihlela ukusebenzisa lokhu kwaziswa ukuze kungisize ngihlele isikhathi sami kangcono. Kukaningi ngifuna ukubhala incwadi yokubonga ngezihloko ezihlukahlukene futhi angikaze ngikwenze. Manje ekugcineni sengize ngakufeza lokho!

M. H., United States

Ngangiphenya umagazini lapho ngiqaphela lesi sihloko. Ngafunda isingeniso, ngicabanga ukuthi ngangizofunda ingxenye esele yesihloko kamuva. Kodwa amazwi okuvula ayethi: “Kahle bo! Ungasibeki phansi lesi sihloko!” Manje ngiyaqaphela ukuthi ngiye ngazivumela ukuba ngiphangwe isikhathi ngenxa yokuzindela.

A. E., Italy

Ngingumthungi wezingubo, futhi ukuzindela kwakulokhu kuyindlela yami yokuphila. Ngangingazihluphi ngokwenza izinhlu zomsebenzi, ngikubekela isikhathi esithile, futhi ngihlelela iziphazamiso ezingavela. Kodwa manje sengifunde ukusebenzisa ukusikisela kwenu, futhi ngijabulela izinzuzo zako.

S. N., Nigeria

Izinsuku Zokugcina Njengomvangeli wesikhathi esigcwele, ngithanda ukunibonga ngomagazini bethu. Njengoba ngangifunda uchungechunge lwezihloko ezikumagazini ka-April 22, 1995, oluthi, “Ingabe Lezi Izinsuku Zokugcina?,” ngathi enhliziyweni yami, ‘Yeka ukuthi lezi zihloko zicace kangakanani, ziqondile, futhi zinemifanekiso emihle!’ Indlela ezibekwe ngayo, ukuthwetshulwa kwezithombe okuhle, nezincazelo zazo ziwaveze ngokucacile amaphuzu futhi zenzé izihloko kwaba lula ukuzifunda nokuziqonda. Kwaba okujabulisayo ukuhambisa omagazini abanjena komakhelwane bethu!

J. B., United States

I-Shingles Ngafunda isihloko senu esithi “I-shingles—Ukubhekana Nobuhlungu.” (April 22, 1995) Ngemva kwezinsuku ezintathu ngaqubuka ngendlela efana kakhulu nencazelo ye-shingles esesihlokweni senu. Ngaya kudokotela futhi ngamtshela ukuthi ngicabanga ukuthi kungenzeka ngine-shingles. Ngokuqinisekile, wathi “ngikhaliphile”—engangikuphawulile kwakunembile! Njengoba lesi sifo sasitholwe sisaqala, wathi ngangingeke ngizithole izinhlungu ezinzima iningi labaphethwe i-shingles eliba nazo. Ngiyabonga ngesihloko senu!

K. B., United States

UMatreshka Ngiyabonga ngesihloko esithi “UMatreshka—Yeka Udoli!” (April 22, 1995) Njengoba ngangisifunda, ngahlatshwa umxhwele indlela esasibhalwe ngayo. Izithombe zinhle! Kusukela ngisemncane, bengilokhu ngikhangwa yilodoli, kodwa bengingazi lutho ngemvelaphi yawo. Manje kuzodingeka ngincenge othile ukuba angithengele wona!

M. T., Italy

Ukukhipha Isisu Ngakhangwa isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?” (March 8, 1995) Eminyakeni engu-24 edlule, lapho ngikhulelwa ngineminyaka engu-15 ubudala, ngaba nemizwelo ehlukahlukene amantombazane okukhulunywe ngawo kulesi sihloko abá nayo. Uyise womntwana wangikhuthaza ukuba ngikhiphe isisu, kodwa nganquma ukumbeletha umntanami. Umpristi wami wayefuna ukuba nginikele ngaye ukuze atholwe abanye abantu. Angizange ngiphinde ngilubeke unyawo eSontweni lamaKatolika! Nokho, abazali bami babengisekela. Ngaqala ukucabanga ngokunikeza umntanami ukukhuliswa okuqinile okungokomoya. Lapho kufika oFakazi BakaJehova ekhaya, ngamukela isifundo seBhayibheli futhi ngokushesha ngabhapathizwa. Namuhla ngisemshadweni ojabulisayo. Umfana wami yena? Ukhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova. Ngiyathuthumela lapho ngicabanga ngalokho engangingase ngikukhethe ekuqaleni—ukukhipha isisu. Akulona ikhambi!

G. J., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela