Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/22 kk. 19-22
  • Ingculaza E-Afrika Linecala Kangakanani ELobukholwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingculaza E-Afrika Linecala Kangakanani ELobukholwa?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkolo—Ingabe Iye Yaba Nengxenye?
  • Indlela I-Afrika Eyaba Ngayo “UbuKristu”
  • Ukusatshalaliswa Kwezokuzijabulisa ZaseNtshonalanga
  • Ikhambi Lalenkinga
  • Kungani IAfrika Ihlupheka Kangaka?
    I-Phaphama!—1992
  • Yimbi Kangakanani Ingculaza EAfrika?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukusiza Abanengculaza
    I-Phaphama!—1994
  • Ingculaza—Inhlekelele Yentsha
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 4/22 kk. 19-22

Ingculaza E-Afrika Linecala Kangakanani ELobukholwa?

Ngumlobeli we-Phaphama! e-Afrika

Igama elithi “eLobukholwa” njengoba lisetshenziswe kulesi sihloko, libhekisela ebuKristwini bokuzisholo, ngokuphambene nobuKristu beBhayibheli.

ELobukholwa

“Lezo zingxenye zezwe lapho iningi labantu lithi likholelwa enkolweni yobuKristu.”—Webster’s New World Dictionary.

Ingculaza

“Isimo sokuntuleka kwamandla omzimba okuzivikela esihlobene nokuhlaselwa kwamangqamuzana esimiso somzimba sokuzivikela yi-retrovirus.”—Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary.

INGCULAZA iwumqedazwe womhlaba wonke. Abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-17 kakade sebene-HIV, igciwane elibangela ingculaza. Futhi isakazeka ngokushesha.

Nakuba kuye kwanakwa kakhulu izindaba zezokwelapha, zezombangazwe, nezingokomzwelo ezihlobene nalomqedazwe, kuncane okuye kwashiwo ngezindaba ezingokwenkolo ezihilelekile. Manje umqondo wokuthi inkolo ihlobene nokusakazeka kwengculaza ungase ubonakale ungenakuba iqiniso kwabanye abafundi. Kodwa akuyona imbudane uma ucabangela isimo esiye saba khona ezwekazini lase-Afrika.

Ingculaza iye yagadla kakhulu ngokukhethekile e-Afrika.a Abanye bathi lelizwekazi liyikhaya lamaphesenti angu-67 abantu abaphethwe ingculaza emhlabeni wonke. EChad inani elabikwa labaphethwe yilesi sifo eminyakeni emihlanu edlule liye laphindeka kayikhulu. Kodwa, kulinganiselwa ukuthi ingxenye eyodwa kuphela kwezintathu yabanalesi sifo eye yabikwa. Ngokombiko we-World Bank, ingculaza iye yaba imbangela evame kakhulu yokufa kwabantu abadala ezindaweni eziningi zase-Afrika ezisemadolobheni.

Inkolo—Ingabe Iye Yaba Nengxenye?

Ngokuqinisekile, ubuKristu—inkolo eyafundiswa uJesu Kristu—abunakubekwa icala ngenxa yalenhlekelele. Nokho, njengoba kuboniswe ngenhla, igama elithi “eLobukholwa” lihlanganisa lawo mazwe anabantu abathi bangamaKristu. Futhi ngokusobala eLobukholwa lihilelekile. Akukhona ukuthi amasonto alibangela noma alisakaza ngokuqondile igciwane lengculaza. Kodwa ingculaza iye yasakazeka e-Afrika ngokuyinhloko ngenxa yezenzo zokuziphatha okuxekethile ngokobulili.b Ngakho ingculaza ingabizwa ngokuthi inkinga engokokuziphatha, futhi njengoba kunjalo, yenza kube nemibuzo ekhathazayo engokwenkolo. Kakade, “ubuKristu” base-Afrika bavela ngokuqondile emazweni aseNtshonalanga. Abaholi bamasonto baqala ukuguqulela abantu base-Afrika ohlotsheni lwabo lwenkolo, bethi lunikeza indlela yokuphila ephakeme kunezindlela ezingokwesiko zase-Afrika. Ingabe ithonya leLobukholwa lakuthuthukisa ngempela ukuziphatha kwabalandeli balo abasha? Inkinga yengculaza ikubonisa ngokucacile ukuthi kwenzeka okuphambene ngokuphelele nalokho.

Ngokwesibonelo, cabangela izwe laseChad. Emadolobheni alo amane amakhulu, amathathu awo anabantu abaningi “abangamaKristu.” Leli elinye idolobha ngokuyinhloko linamaMuslim. Kodwa, kukulamadolobha amazwe amathathu “amaKristu” lapho leli gciwane lidlange khona manje! Kwenzeka okufanayo kulo lonke leli zwekazi. E-Afrika ephakathi neseningizimu, okuyizindawo okuthiwa ezobuKristu, kunezinga eliphakeme kakhulu labanalesi sifo kunaseNyakatho ne-Afrika, lapho iningi labantu lingamaMuslim.

Indlela I-Afrika Eyaba Ngayo “UbuKristu”

Kungani leli gciwane liye lasakazeka ngokushesha kangaka phakathi kwabantu abathi bangabalandeli bakaKristu? Eqinisweni, nakuba abantu abaningi base-Afrika bezibiza ngokuthi bangamaKristu, uma kuqhathaniswa bayingcosana ababambelela ngempela ezindinganisweni zokuziphatha zobuKristu, eziboniswe eBhayibhelini. Lokhu kubonakala kuwumphumela oqondile wendlela izithunywa zevangeli zeLobukholwa “ezaguqula” ngayo abantu base-Afrika.

Ekhulwini le-18 nele-19 leminyaka, izinkolelo ezingokwesiko zeLobukholwa zahlaselwa. Ukucusumbula kwaba okuvamile, kwehlisa iBhayibheli emehlweni abantu abaningi kwalenza laba isiqeshana nje sencwadi yasendulo. Inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo nayo yaqala ukwamukeleka, ngisho naphakathi kwabefundisi. Kwahlwanyelwa imbewu yokungabaza. Ukukholelwa emiBhalweni Engcwele kwangatshazwa. Esimweni esinjalo akumangalisi ukuthi imizamo yeLobukholwa “yokuguqula” abantu base-Afrika yagxila kakhulu ezindabeni zezwe. Izithunywa zevangeli zamasonto zashumayela ivangeli lezenhlalo, zigxila ngokwengeziwe ekwenzeni izenzo ezithuthukisa inhlalakahle kunokusiza labo abaguqukile ukuba benze ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli zokuziphatha. Mhlawumbe zingaqondile, izithunywa zevangeli eqinisweni zasiza ekululazeni isimiso sokuziphatha esasikhona.

Ngokwesibonelo, isithembu sasilokhu siyisiko emiphakathini eminingi yase-Afrika. Nokho, ukuziphatha okuxekethile ngokobulili kwakungavamile, ngoba izizwana eziningi zazinemithetho eqinile ngokuphathelene nokuphinga. UJoseph Darnas, uthisha wesikole osethathe umhlala-phansi, owaziwa kakhulu eChad, watshela i-Phaphama! ukuthi ngaphambi kokufika kwezithunywa zevangeli zamasonto, “kwakucatshangwa ukuthi ukuphinga kwakuletha ishwa.” Ngenxa yalokho, “abanecala babejeziswa kanzima ngokubeka kwabo umphakathi engozini—ngokuvamile babebulawa.” Yinkolelo-ze? Yebo, kodwa izinkolelo ezinjalo zakunciphisa ukuziphatha okuxekethile.

Kwabe sekufika izithunywa zevangeli zeLobukholwa. Zashumayela ngokumelene nesithembu kodwa azenzanga lutho ukuze zikhuthaze ukugcinwa kwezimiso zokuziphatha zeBhayibheli. Nakuba iBhayibheli lithi izifebe neziphingi ezingaphenduki kufanele zixoshwe ebandleni lobuKristu, amasonto eLobukholwa awavamile ukuthatha isinyathelo sokujezisa izaphul’amthetho. (1 Korinte 5:11-13) Kuze kube manje, abantu abaningi abavelele kwezombangazwe e-Afrika baziwa kakhulu ngokuhileleka ekuziphatheni okubi, kodwa baqhubeka bengamalungu esonto anokuma okuhle. Ukuthembeka emshadweni akuvamile phakathi kwamaKristu okuzisholo ase-Afrika.

Ngaphezu kwalokho kunesibonelo esibi esibekwa amalungu esigaba sabefundisi ngokwawo. Kuleli siko elithambekele ekubeni nomkhaya, kungokuvamile ukushada nokuba nabantwana abaningi. Mhlawumbe yingakho inani elimangalisayo labapristi bamaKatolika linomuzwa wokuthi linegunya lokungazinaki izifungo zalo zobumsulwa nokungashadi. I-New York Times ka-May 3, 1980 yabika: “Ezingxenyeni eziningi zehlathi, . . . abapristi nababhishobhi banesithembu.”

Ngokuvamile, imishado enjalo ayibhalisiwe ngokomthetho, futhi “abafazi,” eqinisweni, bayizancinza nje. Ukuziphatha okungafanele okunjalo ngeke kushaywe indiva njengokungabalulekile. Ngokwe-Times, “umfundisi wamaKatolika ovelele” uyavuma ukuthi “umpristi wase-Afrika uyisibonakaliso segunya, umfanekiso wamandla kunokuba abe isikhonzi sikaJesu Kristu.” Isigijimi esivela “kulemifanekiso yamagunya” kubonakala sengathi sithi, “Yenza njengoba ngisho kodwa hhayi njengoba ngenza.”

Ukusatshalaliswa Kwezokuzijabulisa ZaseNtshonalanga

Okunye okungamelwe kunganakwa, yintilibathwa yezinto zokuzijabulisa ezinokuziphatha okubi ngokobulili ezigelezele e-Afrika eminyakeni yamuva. EChad izindawo zokubuka ama-video zomphakathi ezingaqondiswa ezinalezo zinto zokuzijabulisa ziye zaqhibuka njengamakhowe kuyo yonke indawo—emakhaya, emagalaji, futhi ngokuvame kakhulu, emagcekeni ngemva kokuhlwa. Lemibukiso ayibizi kakhulu, iyimali encane engaba ama-franc angu-25 (amasenti angu-18, S.A.). Izingane ezincane ziyaya. Zivelaphi lezi zinto? Eziningi zazo zivela e-United States—izwe ngokuyinhloko elithi liwubuKristu!

Kodwa ingabe lokhu kusatshalaliswa kwempucuko yaseNtshonalanga kube nemiphumela yangempela ezibukelini? Esinye isithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova, esinokuhlangenwe nakho kweminyaka engu-14 e-Afrika Ephakathi, sithi: “Ngaphandle kwalokho abakubona emakhasethini e-video, abantu bendawo ngokuvamile banokuxhumana okuncane kakhulu nezwe laseNtshonalanga. Bafuna ukuba njengabantu baseNtshonalanga abababona kulamafilimu. Angikaze ngiyithole imiphumela yokuhlola eqinisekile ukuze ngifakazele lokhu, kodwa kubonakala kusobala kubantu abaningi lapha ukuthi lezi zinto zokuzijabulisa ziyakukhuthaza ukuziphatha okubi ngokobulili.”

Yeka ukuthi kungokuphambene kanjani ukuthi lapho izikhulu zezempilo zizama ngokusemandleni ukuvimbela ukuqhubekela phambili kwalesi sifo esibulalayo esidluliselwa ngobulili, izizwe okuthiwa ezamaKristu zikhiphe inkulumo-ze ekhuthaza ukuziphatha okubi, okuyingozi kakhulu! Nakuba amasonto engazange enze lutho ukuze anqande leli gagasi phakathi ezweni noma phesheya, abanye ohulumeni base-Afrika, njengeChad neCameroon, baye bazama ukunqabela noma okungenani ukulinganisela ukungena kwezinto ezinezithombe zobulili ezingcolile emazweni abo. Kodwa imizamo yabo ngokuvamile iye yabonakala ingenampumelelo.

Umphumela wakho konke lokhu uye waba ukwehla kokuziphatha okusakazeke kabanzi phakathi “kwamaKristu” ase-Afrika. Izimo zezomnotho ezingezinhle nazo ziye zaba nomphumela olimazayo. Ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, amadoda ngokuvamile aphoqeleka ukuba ashiye imikhaya yawo izinyanga eziningi zilandelana eyofuna umsebenzi. Amadoda anjalo ayizisulu ezisobala zezifebe zendawo. Nokho, izifebe ngokwazo ngokuvamile ziyizisulu zobumpofu. Esinye isici siba abazali abafuna ilobolo elimb’eqolo. Abesilisa abaningi abashadi ngenxa yokuthi bayehluleka ukuthola imali edingekayo yelobolo. Ngakho-ke abanye bagcina sebephila ukuphila kokuba namashende amaningi. Esimweni esinjalo sokuziphatha nesezomnotho, ingculaza iye yasakazeka ngokushesha.

Ikhambi Lalenkinga

Ngokusobala, eLobukholwa alinakuthwala lonke icala lenkinga yengculaza e-Afrika. Kodwa kukhanya ngokudabukisayo ukuthi lithwala ingxenye enkulu yalo. Lokhu kubaluleke ngokungathi sína kubantu abafuna ukuba phakathi kwalabo uJesu ababiza ngokuthi “abakhulekeli beqiniso.”—Johane 4:23.

Nakuba linecala, yini engenziwa ukuze kunqandwe lomqedazwe wengculaza? Ohulumeni base-Afrika baye baqala imikhankaso yokuvimbela ingculaza, bekhuthaza ukusetshenziswa kwama-condom. Kodwa uDkt. Samuel Brew-Graves, omelele iNigeria kuyi-World Health Organization eNigeria, wavuma ngobuqotho: “Umuntu ngamunye kumelwe amukele indlela yokuphila enempilo . . . , kuyilapho umkhaya kumelwe . . . ugweme ukuziphatha okuxekethile ngokobulili.”

Kudala ngaphambi kokuba abantu bazi ngengculaza, iBhayibheli lakulahla ukuziphatha okuxekethile futhi lakhuthaza ubumsulwa, ukuzithiba, nokuthembeka emshadweni. (IzAga 5:18-20; 1 Korinte 6:18) Amakhulu ezinkulungwane oFakazi BakaJehova e-Afrika anganikeza ubufakazi bawo mathupha bokuthi ukulandela lezi zimiso kunikeza isivikelo esikhulu ekungenweni ingculaza nezinye izifo ezidluliselwa ngobulili. Ukunamathela kwawo ezimisweni zeBhayibheli kulibeka icala ngempela eLobukholwa. LamaKristu eqiniso aye futhi abeka nethemba lawo ezweni elisha elizayo ‘okuyohlala kulo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Kubantu bokholo, leli ikhambi eliyinhloko lenkinga yengculaza.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka uchungechunge olunesihloko esithi “INGCULAZA EAfrika—Iyophela Kanjani?” kumagazini wethu ka-August 8, 1992.

b Lesi sifo singasakazwa nangokumpompela igazi nangokuhlanganyela izinaliti ezisetshenziselwa ukujova izidakamizwa emthanjeni. Amanye amaKristu amsulwa aye athola lesi sifo kubangane bawo bomshado abaye baziphatha kabi ngokobulili noma basebenzisa izidakamizwa.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

“Ezingxenyeni eziningi zehlathi, . . . abapristi nababhishobhi banesithembu.”—The New York Times

[Isithombe ekhasini 20]

Isibonelo esibi sabefundisi beLobukholwa siye sakhuthaza umqedazwe wokuziphatha okuxekethile kobulili e-Afrika

[Isithombe ekhasini 21]

Intsha iboniswa izinto zokuzijabulisa ezinokuziphatha okubi ezithunyelwa izizwe “ezingamaKristu”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela