Ingabe Uyayazisa Inkululeko Engokwenkolo?
Ngumlobeli we-Phaphama! e-Estonia
IPÄRNU iyidolobha eliyitheku nendawo yokuchitha amaholide ezweni elincane laseBaltic i-Estonia, elaliyi-republic yaseSoviet Union. Leli dolobha linabantu abangaphezu kuka-50 000. Abantu manje bajabulela inkululeko yokuqhuba inkolo abayithandayo—inkululeko ababengenayo eminyakeni embalwa edlule. Ngo-June 17, 1995, i-Pärnu Leht, iphephandaba lendawo, laphawula ukuthi kunezinkolo ezingu-11 ePärnu nokuthi leli phepha lalihlela ukunyathelisa uchungechunge lwezihloko ezikhuluma ngazo.
Isihloko sokuqala sachaza: “Siqala ngebandla umsebenzi walo ngokusobala oye wasithinta sonke—oFakazi BakaJehova—manje eliba nemihlangano yalo ehholo lendawo yokuphisa utshwala. . . . AbaFundi BeBhayibheli baqala ukuzibiza ngokuthi bangoFakazi BakaJehova ngo-1931, futhi yilelo gama abanalo kuze kube namuhla. Kunezigidi ezingaphezu kwezinhlanu zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Indlunkulu yoFakazi BakaJehova e-Estonia iseTallinn.”
Lesi sihloko saqhubeka: “Ibandla labamemezeli bakaJehova lamiswa ePärnu onyakeni owodwa nengxenye odlule. Ekuqaleni lalinamalungu angu-25; manje selande laba nangu-120 . . .
“Ukubukeka kwabo kuyakhanga ngempela. Abantu—ikakhulukazi imibhangqwana esemisha—banobungane, bagqoka kahle, futhi bayayamukela imibono yabanye abantu. Kuyamangalisa ukuthi abantwana babengayaluzi, ngoba akulula ukuba umntwana azinze endaweni eyodwa ihora nengxenye—kodwa babekwenza.”
Lichaza indlela oFakazi BakaJehova abahluke ngayo kwezinye izinkolo, leli phephandaba lachaza: “Bagcizelela iPharadesi elizayo. Futhi iyaphawuleka indlela abantu baleli bandla abalazi kahle ngayo iBhayibheli, futhi babhekisela kulo nganoma yisiphi isikhathi.” Ekuphetheni lesi sihloko sathi: “Labo bantu abangu-120, abangabamemezeli bakaJehova, sebesenzile isinqumo sabo; futhi bayaqiniseka ukuthi singesifanele. Ukuphila kwabo kugxile okholweni nasekulumemezeleni.”
Akubona bonke ePärnu abajabula ngalesi sihloko sokuqala kulolu chungechunge olwaluhlongoziwe ngezinkolo zakuleli dolobha. Ngo-July 8, 1995, i-Pärnu Leht yabika: “Sifisa ukunyathelisa isicelo esisithole sivela emasontweni amane mayelana nokuqala kwalengosi entsha.” Lesi sicelo, noma incwadi, esasiya kuleli phephandaba sasisayinwe abameleli beSonto Lobu-Orthodox e-Estonia, i-Estonian Evangelical Lutheran Church, i-Estonian Union of Evangelical Christians and Baptists, ne-Estonian Methodist Church.
Laba bameleli benkolo abane bakhononda: “Kuyasimangalisa ngempela ukuthi niqale lolu chungechunge ngesihloko esikhuluma ngoFakazi BakaJehova.” Ngaphezu kwalokho, bathi: “Mayelana nalolu chungechunge, sifisa ukusho ukuthi sibona kungenakwenzeka ukuba sixoxe ne-Pärnu Leht.”
Laba bameleli benkolo baphetha: “Emphakathini onabaningi abadidekile ngenxa yokucindezela okuvelele kwezinkolo ezintsha namahlelo akhuthaza ‘isimo esingokomoya,’ sibona isidingo sokuba izincwadi zihlole isimo sezinkolo zendawo futhi zikwazi ukuhlukanisa amasonto angokomlando nezinhlangano zamahlelo nezabavukeli. Amalungu oMkhandlu Wamasonto Wase-Estonia, omelela amasonto obuKristu abambisene, kufanele anikeze isiqondiso esicacile ngalokhu.”
Nokho, ngemva kwalencwadi, umlobeli we-Pärnu Leht waveza lemibono esangulukisayo: “Konke esithi kulungile kungenzeka akulungile. Futhi imibono kaNkulunkulu ngamabandla ahlukahlukene kungenzeka ingafani nemibono yalamasonto amane ahloniphekile nemibono yalamasonto ingase ingafani nekaNkulunkulu. Akekho kithi ongalenzi iphutha, ngisho namasonto osekungamakhulu eminyaka ekhona.”
Uzizwa kanjani ngesimo sengqondo esishintshile ngenkolo emazweni ayengama-republic aseSoviet Union? Siyaqiniseka ukuthi abantu abafuna iqiniso kuyo yonke indawo bayayazisa inkululeko engokwenkolo ejatshulelwa lapho.
[Ibalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
FINLAND
Helsinki
Baltic Sea
ESTONIA
Tallinn
Pärnu
LATVIA
Riga
LITHUANIA
Vilnius
RUSSIA
St. Petersburg
Moscow
BELARUS
Minsk
[Izithombe ekhasini 24]
Ibandla Lofakazi Bakajehova Epärnu