Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 5/8 k. 20-k. 22
  • Ingabe Wake Wazibuza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wake Wazibuza?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpendulo ZeBhayibheli
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UJehova Wamupha Umusa Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • “Bheka! Incekukazi KaJehova!”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wasinda Enkembeni Yosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 5/8 k. 20-k. 22

Ingabe Wake Wazibuza?

LITHINI ngempela iBhayibheli ngoMariya. unina kaJesu? AmakhoIwa amaningi kweLobukholwa abambelele emfundisweni yokuthi uYise unguNkulunkulu, iNdodana nguNkulunkulu, noMoya Ongcwele nguNkulunkulu nokuthi noma kunjalo ababona onkulunkulu abathathu, kodwa bathathu koyedwa. Ngamanye amazwi, uZiqu-zintathu. Ngenxa yalokho, ezingxenyeni ezinkulu zeLobukholwa (ubuKatolika, iSonto LaseSheshi, nobu-Orthodox), lemfundiso yaholela ngokuqondile enkolelweni yokuthi uMariya, unina kaJesu, ‘unguNina kaNkulunkulu.’ Ingabe lokho kunjalo ngempela? UJesu wayembheka kanjani unina? Abafundi babembheka kanjani? Ake sibone ukuthi iBhayibheli liphendula kanjani:

1. Kunini lapho kukhulunywa khona ngoMariya okokuqala ngqa eBhayibhelini?—Mathewu 1:16.

2. UMariya wayeqhuba yiphi inkolo ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu?—Luka 2:39, 41.

3. Ingabe uMariya wawenza umnikelo ngenxa yezono zakhe?—Luka 2:21-24; qhathanisa noLevitikusi 12:6, 8.

4. Ingabe uMariya wayeyincasakazi lapho ekhulelwa uJesu? Kungani lokhu kwakubalulekile?—Mathewu 1:22, 23, 25; Luka 1:34; Isaya 7:14; Heberu 4:15.

5. Wakhulelwa kanjani uMariya?—Luka 1:26-38.

6. Wasabela kanjani uMariya ezimweni zakhe eziyingqayizivele?—Luka 1:46-55.

7. Wabonisa kanjani uMariya ukuthi wayengumama okhathalelayo?—Luka 2:41-51.

8. Ingabe uMariya wabuye waba nabanye abantwana?—Mathewu 13:55, 56; Marku 6:3; Luka 8: 19-21; Johane 2:12; 7:5; IzEnzo 1:14; 1 Korinte 9:5.

9. Sazi kanjani ukuthi abafowabo nodadewabo bakaJesu babengebona ngempela abazala bakhe? —Qhathanisa uMarku 6:3; Luka 14:12; neyabaseKolose 4:10.

10. Ingabe uJesu wabheka uMariya ‘njengoNina kaNkulunkulu’?—Johane 2:3, 4; 19:26.

11. Ingabe uMariya wazibheka ‘njengoNina kaNkulunkulu’?—Luka 1:35; Johane 2:4, 5.

12. Ingabe kukhona yini ukudumisa noma ukuhlonipha okukhethekile uJesu akunika unina?—Marku 3:31-35; Luka 11:27, 28; Johane 19:26.

13. UMariya wayeyibheka kanjani indima yakhe ezinjongweni zikaJehova?—Luka 1:46-49.

14. Ingabe uMariya ungumlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu?—1 Thimothewu 2:5.

15. Kukwezingaki zezincwadi ezingu-66 zeBhayibheli okukhulunywa kuzo ngoMariya?

16. Ingabe ababhali abangamaKristu bamphakamisa uMariya ezincwadini zabo?—Johane 2:4; 2 Korinte 1:1, 2; 2 Petru 1:1.

17. Kukhulunywa kangaki ngoMariya ezincwadini ezingu-21 ezabhalwa uPawulu, uPetru, uJakobe, uJohane, noJuda?

18. Laliyini ithemba likaMariya njengomlandeli kaJesu?—1 Petru 2:5; IsAmbulo 14:1, 3.

19. Ingabe uMariya ungowesifazane okubhekiselwe kuye kuGenesise 3:15 nakusAmbulo 12:3-6?—Isaya 54:1, 5, 6; Galathiya 4:26.

20. UMariya unasiphi isikhundla manje?—2 Thimothewu 2:11, 12.

Izimpendulo ZeBhayibheli

1. “UJakobe waba uyise kaJosefa umyeni kaMariya, azalwa nguye uJesu, obizwa ngokuthi uKristu.”—Mathewu 1:16.

2. “Lapho sebefeze zonke izinto ngokomthetho kaJehova, baphindela eGalile baya eNazaretha emzini wakubo siqu. Manje abazali bakhe babejwayele ukuya eJerusalema unyaka nonyaka ngenjongo yomkhosi wephasika.” (Luka 2:39, 41) NjengamaJuda, babelandela uMthetho kaMose.

3. “Lapho izinsuku zokubahlanza ngokomthetho kaMose ziphelela, bamnyusela eJerusalema ukuba bamethule kuJehova, njengoba nje kulotshiwe emthethweni kaJehova ukuthi: ‘Bonke abesilisa abavula isibeletho kumelwe kuthiwe bangcwele kuJehova.’” (Luka 2:22, 23) “Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe-ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe-ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi. Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe-ngumnikelo wokushiswa, elinye libe-ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.”—Levitikusi 12:6, 8.

4. “[UJosefa] akabanga nabuhlobo bobulili naye waze wabeletha indodana; futhi wayiqamba igama lokuthi uJesu.” (Mathewu 1:25) “UMariya wathi engelosini: ‘Lokhu kuyokwenzeka kanjani, njengoba ngingabi nabuhlobo bobulili nendoda?’” (Luka 1:34) “INkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi ulmanuweli.” (Isaya 7: 14) “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.”—Heberu 4:15.

5. “Ingelosi . . . yathi kuye: ‘Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho, futhi amandla oPhezukonke akusibekele. Ngenxa yalesosizathu futhi lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu. . . KuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.’”—Luka 1:35, 37.

6. “UMariya wathi: ‘Umphefumulo wami uyambabaza uJehova, futhi umoya wami awukwazi ukugwema ukuchichima injabulo ngoNkulunkulu uMsindisi wami . . . Lowo onamandla ungenzele izenzo ezinkulu, futhi lingcwele igama lakhe.’”—Luka 1:46, 47, 49.

7. “Manje lapho bembona bakhexa, futhi unina wathi kuye: ‘Mntwana, usiphatheleni ngalendlela? Bheka mina noyihlo besikufuna sicindezelekile ngokwengqondo.’ Kodwa wathi kubo: ‘Kungani kuye kwadingeka ukuba nihambe ningifuna? Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?’”—Luka 2:48, 49.

8. “Lena akuyona yini indodana yombazi? Unina akabizwa yini ngokuthi uMariya, nabafowabo ngokuthi oJakobe noJosefa noSimoni noJuda? Futhi odadewabo, abekho yini bonke kanye nathi?” (Mathewu 13:55, 56) “Yena nonina nabafowabo [ngesiGreki, a·del·phoi’] nabafundi [ngesiGreki, ma·the·tai’] bakhe behlela eKapernawume, kodwa abazange bahlale lapho izinsuku eziningi.” —Johane 2:12.

9. Kunamagama esiGreki ahlukene asho umfowenu nomzala. “‘Lona umbazi indodana kaMariya nomfowabo [ngesiGreki, a·del·phos’] kaJakobe noJosefa noJuda noSimoni, akunjalo? Futhi odadewabo [ngesiGreki, a·del·phai’] bakanye nathi lapha, akunjalo?’ Ngakho baqala ukukhubeka ngaye.” (Marku 6:3) “Ungabizi . . . izihlobo [ngesiGreki, syg·ge·neis’] zakho.” (Luka 14:12) ‘UMarku umzala [ngesiGreki, a··ne··psi··os’] kaBarnaba . ..’ (Kolose 4:10)—Bheka i- Interlinear Translation of the Greek Scriptures.

10. “UJesu wathi kuye: ‘Ngihlangene ngani nawe, sifazane? Ihora lami alikafiki.’” “UJesu ebona unina nomfundi ayemthanda emi lapho, wathi kunina: ‘Sifazane, bheka! Indodana yakho!’” (Johane 2:4; 19:26) Ukusebenzisa kukaJesu igama elithi “sifazane” kwakungekhona ukungahloniphi ngokwendlela elalisetshenziswa ngayo ngaleso sikhathi.

11. Awukho umbhalo weBhayibheli osebenzisa inkulumo ethi ‘uNina kaNkulunkulu.’

12. “Owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi lakhe wathi kuyo: ‘Siyajabula isibeletho esakuthwalayo namabele owawancelayo!’ Kodwa yona yathi: ‘Cha, kunalokho, Bayajabula labo abezwa izwi likaNkulunkulu nabaligcinayol’”—Luka 11:27, 28.

13. “UMariya wathi: ‘Umphefumulo wami uyambabaza uJehova ... ngoba uye wabheka isikhundla esiphansi sentombazane yakhe eyisigqila. Ngoba, bheka! kusukela manje kuqhubeke zonke izizukulwane ziyothi ngiyajabula.’”—Luka 1: 46, 48.

14. “Ngoba kukhona uNkulunkulu oyedwa, nomlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu, uKristu Jesu.”—1 Thimothewu 2:5.

15. Zinhlanu—uMathewu, uMarku, uLuka, uJohane, nezEnzo. Uvela ngokuthi “uMariya” izikhathi ezingu-19, ngokuthi “unina” kaJesu izikhathi ezingu-24, nangokuthi “owesifazane” kabili.

16. Ngaphandle kwababhali bamaVangeli abane, akukaze kukhulunywe ngoMariya—ngisho nasezingenisweni zezincwadi zabaphostoli. “UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu . . . Kwangathi ningaba nomusa ongafaneIwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.” (2 Korinte 1:1, 2)“ USimoni Petru, isigqila nomphostoli kaJesu Kristu, . . . ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu.”—2 Petru 1:1.

17. Ngisho nakanye.

18. “Nani ngokwenu njengamatshe aphilayo niyakhiwa nibe indlu engokomoya ngenjongo yokuba nibe ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo engokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.” (1 Petru 2:5) “Ngabona, bheka! iWundlu limi phezu kweNtaba yaseZiyoni, futhi kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo. Futhi bayahlabelela, behlabelela njengokungathi ingoma entsha phambi kwesihlalo sobukhosi . . . , futhi akekho owakwazi ukuyazi kahle leyongoma ngaphandle kwabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, abathengwe emhlabeni.”—IsAmbulo 14:1, 3.

19. “Jabula wena-nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga-namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda, usho uJehova. Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova-Sebawoti igama lakhe; oNgcwele kaIsrayeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.” (Isaya 54: 1, 5) “IJerusalema eliphezulu likhululekile, futhi lingumama wethu.” (Galathiya 4:26) Owesifazane kaNkulunkulu ongokomfanekiso, iZiyoni lasezulwini, inhlangano kaJehova yasezulwini, ufaniswa nomfazi nomama, futhi ‘ungowesifazane’ okulemibhalo.

20. “Likholekile lelizwi: Ngokuqinisekile uma safa kanye naye, siyophila futhi kanye naye; uma siqhubeka sikhuthazela, siyobusa futhi kanye naye njengamakhosi; uma siphika, naye uyosiphika.” (2 Thimothewu 2:11, 12) Uma uMariya azibonakalisa ekholekile kwaze kwaba sekufeni, manje ubusa ezulwini kanye nabanye babangu-144 000 ababusa noKristu.—IsAmbulo 14:1, 3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela