Okuphwulwa Abafundi Balomagazini
Iminyaka Engu-50 Edlule Ngisanda kuqeda ukufunda uchungechunge oluthi “1945-1995—Yini Esiye Sayifunda?” (September 8, 1995) Ngihlabeke umxhwele ngendlela enihlanganise ngayo yonke leyo mininingwane yomlando endaweni encane kangaka. Ngifunde okuningi; bekungcono kunokufunda incwadi yomlando.
M. V, Philippines
Umthandazo Angisebenzi futhi ngilungiselela ukuthutha. Bengikhathazeke kakhulu—kwaze kwaba yilapho ngifunda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Indima Onayo Emithandazweni Yakho.” (September 8, 1995) Ngiyanibonga ngokunyathelisa lesi sihloko. Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuba ngibonise ukuthi ngilangazelela ukuba imithandazo yami iphendulwe ngokuba ngiphile ngokuvumelana nayo.
D. C, United States
Ukugembula Ngisanda kuthandazela ukuba kube nesihloko esikhuluma ngokugembula, ngoba izihlobo zami ziludinga kakhulu usizo kulendaba. Sekusele kancane nje ukuba zingene ohlwini lwabawile ngokwezimali. Ngithemba ukuthi uchungechunge oluthi “Ukugembula—Ukulutheka Okwandayo” (September 22, 1995) luzozisiza. Zihlupheka kakhulu ngenxa yokulutheka kwazo. Sasivame ukudlala umdlalo wamakhadi njengomkhaya, owawuthatha amahora ayisithupha kuya kwangu-12 isikhathi ngasinye! Ngijabula kakhulu ngokuthi manje senginoJehova ekuphileni kwami.
L. D, United States
Nichaze umshado wami weminyaka engu-20 nendoda ewumlutha wokugembula. Esikhathini esidlule, ngiye ngathola isikhuthazo esikhulu kulabomagazini, kodwa kulokhu ngithole okuthile ebengilokhu ngikulangazelela iminyaka engu-20!
E E., Japan
Ukuzivikela Ngisithande kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza ... Ingabe Kufanele Ngifunde Ukuzivikela?” (September 22, 1995) Lapha e-Ukraine sithola umagazini i-Phaphama! owodwa kuphela inyanga ngayinye, futhi esithi “Intsha Iyabuza ...” asibi khona. Njengoba ngifunda isiNgisi, ngikwazile ukufunda lesi sihloko. Singisizile ukuba ngazi umbono kaNkulunkulu.
V. L, Ukraine
Ngineminyaka engu-12, futhi ngifuna ukunibonga ngezihloko enizinyathelisayo. Isihloko esikhuluma ngokuzivikela ngisithole siwusizo kakhulu. Singenze ngakuqonda kangcono ukuthi kumelwe ngiziphathe kanjani lapho engifunda nabo bengihlupha.
D. C, Italy
Isikole Sase-Afrika Ngingum-Akan oye wazuza kokubili esikoleni sase-Afrika esingokwesiko nasezikoleni zaseNtshonalanga, futhi ngisijabulele isihloko senu esithi “Isikole Sase-Afrika—Sasifundisani?” (September 22, 1995) Ingithinte inhliziyo indlela enikhulume ngayo ngenhlonipho nangesizotha ngalesi sikole sase-Afrika. Kukhona abacabanga ukuthi inkolo yenu iyalidelela isiko lase-Afrika. Lesi sihloko sikwenza kucace ukuthi akunjalo.
S.N.,Ghana
Okuhlangenwe Nakho Nginibonga kakhulu ngokunyathelisa indaba kaKaren Malone, ethi, “Impi Yami Yesikhathi Eside, Nenzima Yokuthola Ukholo Lweqiniso.” (September 22, 1995) Yangenza ngafikelwa izinyembezi zenjabulo.
J. S., Czech Republic
Ngiyingane endala kunazo zonke ekhaya. Ngangivame ukuzizwa ngingajabulile ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukuthola eziningi zezinto engangizifuna. Ngezinye izikhathi sasingabi nayo imali eyanele yokuthenga ukudla. Kodwa ngosizo lukaKaren, manje ngiyaqaphela ukuthi inkonzo yethu kuNkulunkulu ibaluleke kakhulu kunezinto ezibonakalayo.
T.T.,Greece
Kuze kube manje lesi sihloko sengisifunde izikhathi ezine, futhi isikhathi ngasinye besingenza ngikhale. Ngiyakuqonda ukuzimisela kwakhe ukukhonza uJehova lapho ebhekene nokuphikiswa umkhaya nobunzima. Nginethemba lokuthi ngokushesha, ngizoqala ukukhonza njengephayona elivamile, umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele, futhi lesi sihloko singiqinisile ngempela.
D. E, Australia