Kungaba Yiliphi Izwe?
Abantu basemazweni athuthukile ngokuvamile babheka ukufumbathisa, inkohlakalo, nobumpofu njengokwasemazweni ase-Afrika naseLatin-America. Ngakho isebenza kuliphi izwe lengcaphuno elandelayo?
“Ongqongqoshe bakahulumeni baqamba amanga, osomabhizinisi baboshelwa inkohlakalo, izisebenzi zikahulumeni zibanjwa zifunjathiswa, ezombangazwe ziyahlazisa, futhi [izazi zezombangazwe] zibhekwa njengezinedumela elibi, ezithithibaliswe utshwala, nezibuswa ubulili. . . . Ezweni lonke, ukuphanga emigwaqweni emikhulu kubuyile. . . . Ubugebengu obuvamile buye bahambisana negagasi lenkohlakalo ezimbonini, kwezezimali, nasemisebenzini eyenzelwa umphakathi. . . . Abantu abayizigidi ezingu-11 manje bantula izidingo eziyisisekelo zokuphila ezintathu noma ngaphezulu, . . . futhi inani labaphila ngobumpofu obukhulu—abantula izinto eziyisisekelo ezingu-7 noma ngaphezulu—liye landa lisuka ezigidini ezingu-2,5 liya ezigidini ezingu-3,5.”—Phillip Knightley, kuyi-Australian Magazine.
Ingabe uqagele kahle? Impendulo ithi iBrithani. Kodwa kuyadabukisa ukusho ukuthi ezikhathini zethu lokhu okungenhla kungasebenza emazweni amaningi. Yeka ukuthi sonke sibudinga kakhulu kangakanani ububusi obuhle, obuthembekile, nobuqotho! Yebo, sidinga ububusi bukaNkulunkulu ngalowo Mbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuthi bawuthandazele bathi, “Umbuso wakho mawuze.”—Mathewu 6:10.