Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Indlela Ohileleke Ngayo
AMAHLOSI, izimfudu zasolwandle, obhejane, izimvemvane—phela, uhlu lwezinhlobo zezitshalo nezilwane ezisongelwayo kubonakala lungenakuphela! Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi umuntu kumelwe asolwe kakhulu. Kodwa lokhu kukuthinta kanjani wena?
Uma kucatshangelwa isimo esibucayi somnotho wezwe, ingabe kunengqondo ukulindela ukuba abantu abakhathazeke ngenhlalakahle yabo siqu basekele amasu okulondolozwa kwemvelo, kungakhathaliseki ukuthi angase abe mahle kanjani? I-Time iyaphawula: “Kunzima ngempela ukulondoloza imvelo ezingxenyeni eziningi ze-Afrika eseningizimu yeSahara, lapho abantu abayizigidi bebhekene khona nezinxushunxushu zezombangazwe, izimpi zezizwe, indlala nezifo eziwumqedazwe.” Kunjalo nakwezinye izindawo.
Kudingeka kwenziwe izinguquko ezinkulu ukuze kuxazululwe inkinga yezinhlobo zezitshalo nezilwane ezisengozini. Ngokwe-Atlas of Endangered Species, lezi zinguquko “zinkulu kangangokuba zingenziwa ohulumeni kuphela.” Khona-ke iyatusa: “Lapho kukhethwa khona ohulumeni, kuwumthwalo wemfanelo womuntu ngamunye ukuba aqiniseke ukuthi ngonyaka ka-2000 kukhethwa kuphela izazi zezombangazwe ezikhathalela indawo ezungezile.”
Ingabe leli ithemba elingafinyeleleka? Uma sibheka ubufakazi bomlando, kumelwe siphethe ngokuthi ‘umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe’—kanye nokulimala kwezilwane zasendle ngokufanayo. (UmShumayeli 8:9) Ngempela, abalondolozi bemvelo abaningi bakholelwa ukuthi izitshalo nezilwane zomhlaba zisebenza njengezimpawu zendawo ezungezile. Lapho ziba sengozini, nathi bantu siba sengozini. Kodwa lesi akusona isikhathi sokuqala emlandweni wesintu lapho konke okuphilayo emhlabeni kuye kwasongelwa ngokuqothulwa.
Incwadi yomlando endala kunazo zonke inalamazwi: “Mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.” (Genesise 6:17) Nokho, abafanga bonke abantu noma ezinye izinto eziphilayo, ngoba uNkulunkulu wenza indlela yokusinda.
Umkhumbi Wokusinda
Ososayensi bakholelwa ukuthi ikhambi elingcono kakhulu lenkinga yanamuhla yezinhlobo zezitshalo nezilwane ezisengozini lihilela ukulondoloza izindawo zazo zokuhlala. Ngokuthakazelisayo, i-New Scientist ibika ngalokhu bese ibhekisela ekusebenziseni kwabalondolozi bemvelo “isingathekiso soMkhumbi kaNowa.” Umkhumbi kaNowa wawuyiyo kanye indlela abantu nezilwane abasinda ngayo kuZamcolo wosuku lukaNowa.
UNkulunkulu wanikeza uNowa umklamo womkhumbi, ibhokisi elikhulukazi lamapulangwe, elalizontanta emanzini esikhukhula. Leli bhokisi lasindisa uNowa, umkakhe, amadodana abo amathathu nomkawo, kanye nezilwane ezazimelela izilwane ezihlukahlukene, zasendle nezifuywayo—ngempela, ‘inyama yonke okwakukuyo umoya wokuphila.’ (Genesise 7:15) Ingxubevange yezinto eziphilayo ezikhona namuhla ibonisa indlela lowo mkhumbi owayifeza kahle ngayo injongo yawo.
Nokho, phawula ukuthi ukusinda kwakungaxhomekile ngokuyinhloko emizamweni yomuntu. UNowa nomkhaya wakhe kwakudingeka balalele uNkulunkulu, owayenamandla okubalondoloza bephila. UNkulunkulu owaqeda ukuhilizisana, ubudlova, nokuhaha okwakuphawula izwe langaphambi kweSikhukhula.—2 Petru 3:5, 6.
Izilwane Ezweni Elisha
UJehova uNkulunkulu uye wathembisa ukuthi ukulalela imithetho yakhe kungashintsha abantu ekubeni njengezilwane zasendle ezinolaka, bafane nezilwane ezilungile, ezimnene. (Isaya 11:6-9; 65:25) Ngisho namanje, buningi ubufakazi balokhu. Yiya emihlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eduze nawe, uzibonele ngawakho. Uma uJehova engenza izinguquko ezinkulu kangaka kubantu, ngeke yini ahlele ukuba nezilwane ziphile ndawonye ngokuthula nangokulondeka, ngisho noma lokhu kusho ukushintsha izici ezinazo namuhla? Eqinisweni, uyathembisa: “Ngalolosuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, . . . ngibalalise belondekile.”—Hoseya 2:18.
Umphostoli uPetru wabhala ngesikhathi esizayo ‘sosuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:7) Ukungenela okulawulwa uNkulunkulu kuyobhubhisa kuphela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu. UNkulunkulu ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Cabanga ukuthi kuyojabulisa kanjani ukuphila ezweni lapho izidalwa zingeke zisaba ngaphansi kosongo. Yeka ukuthi kuningi kangakanani esiyokufunda ezilwaneni zasendle eziyobe zisizungezile! Yebo, amahlosi, amabhubesi, izindlovu, ziyogcwala ngokungaphazamiseki. Izinto eziphila olwandle ziyoba ziningi, njengoba ziyoba ziziningi nezilwane ezihuquzelayo, izinambuzane, nezinhlobonhlobo zezinyoni, kuhlanganise nama-macaw—konke kusesilinganisweni esifanele. Njengoba isintu esilalelayo siyobe sibuyiselwe ekupheleleni kobuntu ngaphansi koMbuso wobuMesiya, kuyoba nokuphelela emvelweni.