Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 8/8 k. 16-k. 17 isig. 7
  • Ukusinga Esibelethweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusinga Esibelethweni
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ‘Kunabangathintwa’ Esibelethweni?
  • Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukukhishwa Kwesisu—Yini Ekulahlekelayo?
    I-Phaphama!—1987
  • Isilinganiso Esithusayo Sokukhishwa Kwezisu
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 8/8 k. 16-k. 17 isig. 7

Ukusinga Esibelethweni

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA

NAMUHLA ukuhlola okuthuthukisiwe okwenziwa ngaphambi kokubeletha kwenza kube nokwenzeka ngodokotela ukuba babone ngokunembe kakhudlwana ukukhubazeka okuningi, okungokomzimba noma okungokwengqondo, ingane engakazalwa engase ibe nakho. I-ultrasound ne-amniocentesis kuphakathi kwamathuluzi asetshenziswa kakhulu.

I-ultrasound inqubo eyenziwa ngaphandle komzimba esebenzisa amaza omsindo asheshayo angezwakali ukuze kwakhiwe umfanekiso womntwana osesibelethweni nge-computer. I-amniocentesis ihilela ukudonsa ngomjovo ingcosana yoketshezi okuthiwa i-amnion, uketshezi olusekele umntwana esibelethweni, bese luyahlolwa ukuze kutholwe izimpawu zamakhemikhali zokukhubazeka kombungu, njenge-Down’s syndrome.

Lwethulwa emphakathini njengetshe elikhulu liphonswa edanyini, lolu hlobo lobuchwepheshe bezokwelapha, kanye nokukhipha isisu okunemibandela, kubangela isiyaluyalu ezimweni eziyinkimbinkimbi zezimiso zokuziphatha zezokwelapha.a Ngeshwa, indinganiso eyigugu yalelizwe ayisona isisekelo esiqinile okungaxazululelwa kuso izindaba zezokuziphatha futhi ibonakala ifana kakhulu nesihlenga samapulangwe esinhlanhlathayo esintanta emadlambini olwandle olugubhayo.

Kwamanye amazwe ukukhipha isisu okunemibandela, okukhuthazwa ezobuchwepheshe, kuyenziwa nakuba kungakamiswa ngokomthetho. Ekuhloleni okungu-13 okwenziwe e-United States phakathi neminyaka engu-15 yamuva nje, amaphesenti angaguquguquki angu-75 kuya kwangu-78 abantu abaphendula ayekholelwa ukuthi owesifazane okhulelwe kufanele abe nelungelo elingokomthetho lokumbulala umntwana obonisa izimpawu eziqinile zokukhubazeka okungathi sína. Kwamanye amazwe “ukukhubazeka okubikezelwe” kukodwa kuyisizathu esanele sokukhipha isisu.

Muva nje e-Australia, umama othile waphumelela ukumangalela udokotela wakhe ngenjongo yokumhlawulisa ngenxa yokuba ahluleka ukubona i-rubella (isimungumungwana saseJalimane) lapho esanda kukhulelwa. Lesi sifo, lapho singene umuntu osanda kukhulelwa, singaholela ekukhubazekeni okungathi sína kumntwana ongakazalwa. Lomama wamangala ngokuthi ukuhluleka kukadokotela wakhe kwamphuca ithuba lokukhipha isisu.

Lapho ephawula ngemiphumela engokomthetho nengokwezimiso zokuziphatha yaleli cala, umcwaningi wezomthetho uJennifer Fitzgerald, esihlokweni esikuyi-Queensland Law Society Journal yango-April 1995, wathi: “Akudingeki nje kuphela ukuba [owesifazane okhulelwe] anqume ukuthi, ‘Ngiyafuna yini ukuba nengane?’, kodwa kumelwe anqume nokuthi, ‘Hlobo luni lwengane engilufunayo?’” Kodwa uFitzgerald ubuza ukuthi yikuphi ukukhubazeka okunikeza izisekelo ezanele zokukhishwa kwesisu okungokomthetho? “Udebe olufana nolomvundla, ulwanga oluqhekekile, iso eliyinxemu, i-Down’s syndrome, i-spina bifida?” Kwezinye izingxenye zezwe, ubulili bengane, ikakhulukazi uma kungeyesifazane!

Ingabe ‘Kunabangathintwa’ Esibelethweni?

Njengoba amangqamuzana ezici zofuzo omuntu eya eqondakala kososayensi futhi empeleni, izinto ezithuthukisiwe zokuhlola ziba isibonakhulu sesibeletho, uyoba yini umphumela kubantwana abangakazalwa? Ingabe labo abanokukhubazeka okuncane bazokhethelwa ukukhishwa? Ngokuqinisekile, emashumini eminyaka amuva kunokuthambekela kokukhipha izisu okwengeziwe, akunciphi. Bebhekene naleli gagasi elikhulu namagwebu alo amacala ombango awumphumela walokho—njengecala okukhulunywe ngalo ngaphambili—odokotela bakhathazekile. Ngesizathu esizwakalayo, lokhu kungabenza baphoqeleleke ukuba basebenzise indlela yokuzivikela ngokwengeziwe kwezokwelapha, njengokuthi bafune ukwenza ukuhlola okuthile hhayi ngoba becabangela umama nomntwana ngokuyinhloko kodwa ukuze bazivikele. UFitzgerald ubhala ukuthi ngenxa yalokho, “cishe inani lokuhlola okwenziwa ngaphambi kokubeletha lizokwanda, futhi ngenxa yalokho, nenani lokukhishwa kwezisu okunemibandela.” Lapho enezela uthi lokhu kuzoqala “isimiso esifana nesokuhlukaniswa kwabantu ngokwezigaba lapho ‘abangathintwa [isigaba sabantu esiphansi okunenkolelo yokuthi osithintayo uyangcola]’ beba ‘abalahlwayo.’”

Kuthiwani-ke uma umama ethola ingane ekhubazekile lapho eye wanikezwa wonke amathuba—futhi mhlawumbe eye wakhuthazwa nokukhuthazwa—ukuba akhiphe isisu? UFitzgerald uthi: “Mhlawumbe kuyofika isikhathi lapho abazali beyotshelwa khona ukuthi abanakulindela ukusekelwa ekuhlangabezaneni nezidingo zezingane zabo ezikhubazekile ngenxa yokuba bekhethe ukuyithola ingane lapho bebengase bakhiphe isisu.”

Akufanele ushaywe indiva umyalezo ukukhipha isisu okunemibandela okuwudlulisela kubantu abakhubazekile emiphakathini yethu. Lapho umphakathi ulahla umntwana ongakazalwa ngenxa yokukhubazeka, ngeke yini kwenze abantu abakhubazekile bazizwe bewumthwalo kakhulu kwabanye? Ngeke yini kwenze kube nzima nakakhulu ngabo ukuba babhekane nokuntula ukuzethemba okungenzeka banakho kakade?

Iqiniso lokuthi umphakathi wanamuhla ungalahla izingane ezingakazalwa njengoba izisebenzi zilahla izingxenye ezonakele emkhiqizweni eziwenzayo ifanelana kahle nesimo sobuntu iBhayibheli elisichazayo sabantu abaphila “ezinsukwini zokugcina” zalelizwe elibi. Labikezela ukuthi ngezinga elikhulu, abantu babeyontula “ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo.” (2 Thimothewu 3:1-5) Igama lesiGreki elithi aʹstor·goi, elihunyushwe ngokuthi “abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo,” libhekisela esibophweni esingokwemvelo amalungu omkhaya anaso komunye nomunye, njengothando umama analo ngezingane zakhe.

Njengoba ‘bejikijeleka ngapha nangapha sengathi bajikijelwa amagagasi futhi beyiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso,’ ngokuqinisekile abantu balelizwe abangenasiqondiso babonisa ukungefani okuphawulekayo nalabo abalandela iZwi likaNkulunkulu eliqinisekile. (Efesu 4:14) Njengehange lomphefumulo, iBhayibheli lisigcina siqinile futhi siqondile ngokokuziphatha kulolu lwandle oluneziphepho. (Qhathanisa namaHeberu 6:19.) Ngenxa yalokho, nakuba amaKristu ekuqaphela ukuthi owesifazane angase akhiphe umbungu okhubazeke kakhulu ngokuzenzakalelayo, wona kanye umqondo wokulunguza esibelethweni ukuze abone ukuthi umntwana uphile ngokwanele yini ukuba agcinwe, wenyanyeka ngokuphelele kuwo.b—Qhathanisa no-Eksodusi 21:22, 23.

Isithembiso sikaNkulunkulu sesikhathi lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula’ siqinisa isinqumo somKristu sokugcina ubuqotho. (Isaya 33:24; 35:5, 6) Yebo, naphezu kobunzima bamanje ngabakhubazekile nokuzidela okwenziwa yilabo ababanakekelayo, “kuzakuba-kuhle kwabamesaba uNkulunkulu.”—UmShumayeli 8:12.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukukhipha isisu okunemibandela umkhuba wokukhipha isisu ngenxa yokuba umntwana engenazo izici ezifunwa umzali (noma abazali).

b Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi kungaba okungafanelekile ngomKristu ukuba ahlolwe ukuze kutholwe isimo sempilo yomntwana ongakazalwa. Kungase kube nezizathu zokwelapha eziningana ezamukelekayo ngokomBhalo ezenza ukuba udokotela atuse inkambo enjalo. Nakuba kunjalo, okunye ukuhlola kungase kube ingozi kumntwana, ngakho kungaba ukuhlakanipha ukukhuluma nodokotela ngalokhu. Ngemva kwalokho kuhlola, uma kutholakala ukuthi ingane inokukhubazeka okungathi sína, kwamanye amazwe abazali abangamaKristu bangase babhekane nokucindezelwa kokuba bakhiphe isisu. Kungaba ukuhlakanipha ukuba uhlale ukulungele ukumelela izimiso zeBhayibheli.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela