Umbono WeBhayibheli
Okwenza Ukususa Ekuhlanganyeleni Kube Ilungiselelo Lothando
UKUXOSHA ebandleni—wona kanye lombono ubangela ukudideka kubantu abaningi abathanda inkolo.a Abantu abaningi bayavuma ukuthi izinkolo zidinga uhlobo oluthile lwendlela yokujezisa. Kodwa abaningi babheka ukuxosha ebandleni njengomkhuba wesikhathi esidlule—indlela yokujezisa enonya ebakhumbuza ukuzingelwa kwabathakathi nokuqulwa kwamacala ezihlubuki.
Okwandisa lenkinga ithonya lokuyekelela lezwe elingathambekele enkolweni. Ngakho, izinkolo eziningi zeLobukholwa ziye zamukela umbono obekezelela isono. Khona-ke, akumangalisi ukuthi omunye umfundisi we-Episcopal wathi: “Ukuxosha ebandleni kuyingxenye yesiko lethu, kodwa angicabangi ukuthi kuyasetshenziswa kuleli khulu leminyaka.”
Nokho, abantu abaningi bangase bamangale ukuzwa ukuthi phakathi koFakazi BakaJehova, ukususa ekuhlanganyeleni (okufana nokuxosha ebandleni) kuthathwa ngokungathi sína. Yiqiniso, akusona isinyathelo okulula ukusithatha, kodwa kuyilungiselelo lothando. Kanjani?
Kuphakamisa Igama LikaNkulunkulu
UJehova unguNkulunkulu ongcwele. Akakubekezeleli ukona ngamabomu kwalabo abathi bayamkhulekela. Umphostoli uPetru wabhalela amaKristu: “Yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Petru 1:15, 16) Ngakho ukususa ekuhlanganyeleni izoni ezingaphenduki kuphakamisa igama likaNkulunkulu elingcwele; kubonisa ukulithanda lelo gama.—Qhathanisa namaHeberu 6:10.
Ingabe lokhu kusho ukuthi uma umKristu enqotshwa ubuthakathaka noma ewela esonweni esingathi sína, umane axoshwe ebandleni? Lutho neze! UJehova akayena umashiqela ongenazwela. Unesihe nokuqonda. Uyakhumbula ukuthi asiphelele. (IHubo 103:14) UJehova uyaqaphela ukuthi “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) UNkulunkulu uye walungiselela usizo olungokomoya ebandleni ukuze uma umKristu ethatha “isinyathelo okungesona” noma aze enze isono esingathi sína, ‘alungiswe’ ngothando ngomoya wobumnene. (Galathiya 6:1) Ngokwamukela iseluleko seZwi likaNkulunkulu nokubonisa ukudabuka okusuka enhliziyweni nokuphenduka ngobuqotho, umuntu oye waphambuka endleleni yokulunga ‘angaphulukiswa’ ngokomoya.—Jakobe 5:13-16.
Nokho, kuthiwani uma umKristu obhapathiziwe ona ngokungathi sína futhi ingaphumeleli yonke imizamo yokumsiza? Ngamanye amazwi, kuthiwani uma ngenkani enqaba ukulungisa inkambo yakhe yesono?
Kugcina Ibandla Lilondekile
IBhayibheli liyala amaKristu: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umfowethu oyisifebe noma umuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.”—1 Korinte 5:11.
Ingabe lomthetho weBhayibheli unonya futhi uyalulaza? Ake ucabangele lokhu: Lapho isigebengu esinhliziyo lukhuni sivalelwa ejele ngenxa yokwephula umthetho, ingabe lokho kubhekwa njengokunonya noma okungenazwela? Cha, ngoba umphakathi unelungelo lokulondoloza ukuthula nokulondeka komphakathi. Eqinisweni, lesi sigebengu sisuswa emphakathini ogcina umthetho lapho sidonsa ejele.
Ngokufanayo, ibandla lobuKristu kufanelekile ukuba lixoshe abenzi bobubi abangaphenduki phakathi kwalo. Ngani? Ngoba ibandla kumelwe libe indawo eyisivikelo engenazo izoni eziziphethe kabi nabanye abenzi besono bangamabomu.
Eqaphela ukuthi “oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi,” umphostoli uPawulu wayala ayekholwa kanye nabo: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” (UmShumayeli 9:18; 1 Korinte 5:13) Lesi sinyathelo sivimbela isoni singasakazi ukonakala ebandleni, futhi sivikela igama elihle lebandla.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:15.
Isivikelo Kubantu Ngabanye
Ukususa ekuhlanganyeleni kuvikela namalungu ngamanye ebandla. Ngokwesibonelo: Ake ucabange uvuswa ebuthongweni i-hooter noma inhlabamkhosi yemoto. Lomsindo ovala izindlebe kunzima ukuwushaya indiva; empeleni, uyakwethusa! Ngokufanayo, lapho othile exoshwa ebandleni, ngokuqinisekile lesi sinyathelo sidonsa ukunaka kwawo wonke amalungu omhlambi. Sivusa imizwa yawo. Asinakushaywa indiva. Lokhu kungaba kanjani isivikelo?
“Lapho ngiqala ukuzwa eHholo LoMbuso ukuthi othile wayesuswe ekuhlanganyeleni, ngaqale ngashaqeka,” kusho uFakazi othile. “Khona-ke kwangenza ngathobeka. Kwangenza ngaqaphela ukuthi nami ngingawa.” Njengoba kubonisa amazwi akhe, ukususa ekuhlanganyeleni kungashukumisela abanye ukuba bahlaziye ukuziphatha kwabo.—1 Korinte 10:12.
Ngokuzibuza imibuzo enjengokuthi ‘Ingabe zikhona izici zokuphila kwami engingavikelekile kuzo ngokomoya?’ singakwazi ukuhlola ukuma kwethu siqu noNkulunkulu. Ngalendlela singaqhubeka ‘sikhandlekela ukusindiswa kwethu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’—Filipi 2:12.
Ukubuyela KuNkulunkulu
“Nakuba kwakunzima,” kusho umKristu othile owayexoshiwe okwesikhashana, “lokhu kujeziswa kwakudingekile ngempela, futhi kwasindisa ukuphila kwami.” Lokhu kuqokomisa esinye isici esibalulekile sokususa ekuhlanganyeleni. Kungashukumisela izoni ezingaphendukanga ngaphambili ukuba zithathe izinyathelo zokuqala zokubuyela kuNkulunkulu.
Umphostoli uPawulu wathi: “Lowo uJehova amthandayo uyamyala.” (Heberu 12:6) Futhi nakuba kuyiqiniso ukuthi “asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.”—Heberu 12:11.
Yilokho okwenzeka kuRichard. Ngemva kokususwa ekuhlanganyeleni iminyaka engaba mibili, waphenduka, walungisa ukuziphatha kwakhe okuhlazisa uNkulunkulu, futhi wamukelwa ebandleni lobuKristu. Lapho ebheka emuva, uthi ngalokhu okuhlangenwe nakho: “Ngiyaqaphela ukuthi kwakumelwe ngisuswe ekuhlanganyeleni nokuthi engakuthola kwakungifanele ngokugcwele. Kwakudingekile ngempela futhi kwangisiza ukuba ngibone ukuthi inkambo yami yayiyimbi kangakanani nesidingo sokufuna intethelelo kaJehova.”
Kungase kungabi lula ukukhuthazelela isijeziso. Ukuze umuntu asamukele kudingeka ukuzithoba, kodwa labo abafundayo kuso bavuna izithelo eziyinala.
Ngakho-ke, ukususa ekuhlanganyeleni kuyilungiselelo lothando ngoba kuphakamisa igama likaNkulunkulu elingcwele futhi kuvikela ibandla ethonyeni lesono elonakalisayo. Futhi, kubonisa uthando ngomenzi wobubi ngokumkhuthaza ukuba aphenduke futhi ‘aguquke ukuze kusulwe izono zakhe, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova.’—IzEnzo 3:19.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuxosha ebandleni kuyisinyathelo sokujezisa esiphumela ekuxoshweni njengelungu lenkolo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
The New Testament: A Pictorial Archive from Nineteenth-Century Sources, by Don Rice/Dover Publications, Inc.